Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Singayinqoba Inzondo!

Singayinqoba Inzondo!

Ingabe uke waba isisulu senzondo?

Uma kungenjalo, kungenzeka uye wayibona ngandlela-thile. Izindaba zigcwele imibiko yobandlululo, ukuzondwa kwezitabane nokucwaswa kwabantu bokufika—siye sibone noma sizwe abantu becwaswa ngenxa yohlanga, ubulili nobuzwe. Ngenxa yalokho, ohulumeni abaningi babeke imithetho emelene nobugebengu obuhlobene nenzondo.

Kalula nje, inzondo izala inzondo. Ngokuvamile, izisulu zenzondo ziyaziphindiselela futhi zibhebhezele ukuzondana okungapheli.

Mhlawumbe uke wabandlululwa, wahlotshaniswa neqembu elithile, wenziwa inhlekisa, wathukwa noma wesatshiswa. Ngokuvamile inzondo ihamba ibanga elide. Izikhathi eziningi iholela ezenzweni ezinonya, ukuxhaphaza abanye, ukucekela phansi impahla, ukuhlasela, ukudlwengula, ukubulala ngisho nokuqothulwa kohlanga.

Lo magazini uzobonisa ukuthi singayinqoba kanjani inzondo, uphinde uphendule le mibuzo elandelayo:

  • Kungani kunenzondo engaka?

  • Kungaqedwa kanjani ukuzondana okungapheli?

  • Ingabe siyoke sibe khona isikhathi lapho inzondo iyobe ingasekho ngokuphelele?