INDLELA YOKUQEDA UKUZONDANA OKUNGAPHELI
1 | Ungakhethi
IBhayibheli Lithi:
“UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke [wonke] umuntu omesabayo nowenza okulungile uyamukeleka kuye.”—IZENZO 10:34, 35.
Lokho Okukushoyo:
UJehova * uNkulunkulu akasahluleli ngokobuzwe bethu, uhlanga, ibala lesikhumba noma ngokwesiko lethu. Kunalokho ugxila kokubaluleke kakhulu—lokho esiyikho ngaphakathi. Kuyiqiniso, “umuntu ubona okubonakala emehlweni, kodwa uJehova ubona okusenhliziyweni.”—1 Samuweli 16:7.
Lokho Ongakwenza:
Nakuba singeke sikwazi ukufunda izinhliziyo, singazama ukulingisa uNkulunkulu sibheke abanye ngokungakhethi. Kunokubheka abantu njengeqembu zama ukubona umuntu ngamunye ngokwalokho ayikho. Uma uzwa sengathi unemizwa engemihle ngabanye—mhlawumbe labo bolunye uhlanga noma ubuzwe—thandaza kuNkulunkulu umcele akusize ukuba uyisuse leyo mizwa. (IHubo 139:23, 24) Uma umcela ngobuqotho uJehova ukuba akuphe amandla okungakhethi, ungaqiniseka ngokuthi uzowulalela umthandazo wakho futhi akusize.—1 Petru 3:12.
^ par. 6 UJehova igama likaNkulunkulu.—IHubo 83:18.
“Ngangingakaze ngihlale ngokuthula nomlungu . . . Manje ngase ngiyingxenye yobuzalwane bangempela bomhlaba wonke.”—UTITUS