Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isethulo

Isethulo

Abantu abaningi emhlabeni wonke, bahlushwa izinkinga ezihlobene nezifo zengqondo. Abantu abasha nasebekhulile bangase babhekane nezimpawu zokucindezeleka kungakhathaliseki ukuthi izimo zabo zomnotho zimi kanjani, bafunde kangakanani, bavela kuluphi uhlanga nokuthi bakhonza kuyiphi inkolo. Yiziphi izinhlobo zezifo zokuphazamiseka kwengqondo ezikhona futhi zibahlupha kanjani abantu? Lo magazini uzokhuluma ngokuthi kubaluleke kangakanani ukufuna usizo olufanele kwabezokwelapha nokuthi iBhayibheli lingabasiza kanjani labo abahlushwa izinkinga zengqondo.