Okuhle Nokubi: Kufanele Sikhethe
Ukuthi siyajabula yini ekuphileni noma cha kuyoncika ekutheni sikhetha ukuphila okunjani. UJehova uNkulunkulu naye uyakwazi lokho. Yingakho efuna siphile ngemithetho yakhe.
UJehova ufuna siphile ukuphila okunokuthula nokujabulisayo.
“Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okuqondisa endleleni okufanele uhambe ngayo. Ukube nje ubuyoyilalela imiyalo yami! Ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle ahlale egubha.”—Isaya 48:17, 18.
UNkulunkulu uyayazi indlela engcono kakhulu okufanele siphile ngayo ngoba unguMdali wethu. Ufuna silalele imithetho yakhe ngoba izosisiza. Uma siyilalela, ngeke kudingeke sikhathazeke ngokuthi izinqumo zethu ziyoba nomphumela omuhle yini noma cha. Siyohlale senza izinqumo ezifanele ezisenza sibe nenjabulo nokuthula.
UJehova akasiceli ukuba senze into esingeke sikwazi ukuyenza.
“Lo myalo engikuyala ngawo namuhla awulukhuni kuwe futhi ungakwazi ukuwufinyelela.”—Duteronomi 30:11.
UJehova uthembisa ukubasiza labo abakhetha ukuphila ngemithetho yakhe.
“Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambe isandla sakho sokudla, Mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza.’”—Isaya 41:13.
Singakwazi ukuphila ngemithetho kaNkulunkulu ngoba uyosisiza. Angasebenzisa iZwi lakhe, iBhayibheli, elisinikeza isikhuthazo nethemba.
Izigidi zabantu emhlabeni zithole ukuthi ukuphila ngemithetho kaNkulunkulu kwenze ukuphila kwazo kwaba ngcono. Funda okwengeziwe ukuze uthole ezinye izeluleko eziseBhayibhelini. Ungaqala ngokufunda incwajana esekelwe eBhayibhelini ethi Phila Kuze Kube Phakade! etholakala mahhala ku-jw.org. Inalezi zihloko:
-
Lingakusiza Kanjani IBhayibheli?
-
IBhayibheli Linikeza Ithemba
-
Ungalethemba Yini IBhayibheli?
Njengoba uqhubeka utadisha iZwi likaNkulunkulu, uzothola ukuthi aliphelelwa isikhathi; ‘lihlala lithembekile manje naphakade.’ (IHubo 111:8) Ukulandela imithetho etholakala eBhayibhelini kuyindlela engcono kunazo zonke esingaphila ngayo. Kodwa uNkulunkulu ngeke asiphoqe ukuba siyilalele. (Duteronomi 30:19, 20; Joshuwa 24:15) Kufanele sizikhethele thina.