Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ubani Noma Yini UDeveli?

Ubani Noma Yini UDeveli?

Ubani noma yini uDeveli?

UBUNGATHI uDeveli . . .

  • Yisidalwa somoya?

  • Uphawu lobubi olungaphakathi kumuntu?

  • Into ecatshangwa abantu?

LOKHO OKUSHIWO IBHAYIBHELI

UDeveli wakhuluma noJesu futhi ‘wamlinga.’ (Mathewu 4:1-4) Ngakho uDeveli akayona nje into ecatshangwayo noma uphawu lobubi. Uyisidalwa somoya esibi.

YINI ENYE ESINGAYIFUNDA EBHAYIBHELINI?

  • Ekuqaleni uDeveli wayeyingelosi engcwele, kodwa “akazange ame aqine eqinisweni.” (Johane 8:44) Waba umqambimanga futhi wavukela uNkulunkulu.

  • Ezinye izingelosi zahlanganyela noSathane ekuvukeleni.—IsAmbulo 12:9.

  • UDeveli wenza abantu abaningi bakholelwe ukuthi ekekho.—2 Korinte 4:4.

Ingabe uDeveli angakwazi ukulawula abantu?

ABANYE ABANTU BATHI kuwukuzikhohlisa ukukholelwa ukuthi uDeveli angakulawula, kuyilapho abanye bekusaba ukulawulwa imimoya emibi. Wena ucabangani?

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

“Lonke izwe lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19) UDeveli unalo ithonya kubantu, kodwa akalawuli bonke abantu.

YINI ENYE ESINGAYIFUNDA EBHAYIBHELINI?

  • UDeveli usebenzisa inkohliso ukuze adukise abaningi.—2 Korinte 11:14.

  • Ngezinye izikhathi imimoya emibi ingabalawula abantu.—Mathewu 12:22.

  • Ngosizo lukaNkulunkulu, ‘ungamelana noDeveli’ ngokuphumelelayo.—Jakobe 4:7.