Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izithembiso Ezizogcwaliseka

Izithembiso Ezizogcwaliseka

Izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu zishunyayelwa emhlabeni wonke, njengoba uJesu aprofetha. (Mathewu 24:14) Incwadi yeBhayibheli kaDaniyeli isitshela ukuthi lo Mbuso uwuhulumeni kaNkulunkulu. Isahluko sesibili sencwadi kaDaniyeli sikhuluma ngokulandelana kohulumeni babantu, kusukela embusweni waseBhabhiloni kuze kufike emibusweni ekhona namuhla. Ivesi 44 lisitshela lokho okuzokwenzeka maduze:

“UNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. Futhi lowo mbuso ngeke udluliselwe kwabanye abantu. Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.”

Lesi siprofetho seBhayibheli nezinye, zibonisa ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uzoyiqeda yonke imibuso ekhona, ulethe ukuhleleka emhlabeni wonke. Kuyoba njani ukuphila emhlabeni uma sekubusa uMbuso kaNkulunkulu? Nazi ezinye izithembiso ezijabulisayo ezizogcwaliseka maduze.

  • IZIMPI ZIZOPHELA

    IHubo 46:9: “[UNkulunkulu] uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba. Umnsalo uyawuphula anqamule umkhonto ube yizicucu; izinqola uzishisa ngomlilo.”

    Cabanga ukuthi bekuyoba njani emhlabeni ukube imali namakhono asetshenziswayo ukuze kwakhiwe izikhali, bekusetshenziselwa ukuzuzisa abantu kunokuba kubabulale! Lokho kuzokwenzeka lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu.

  • IZIFO ZIZOPHELA

    Isaya 33:24: “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”

    Cabanga ngomhlaba ongenabo abantu abaphethwe isifo senhliziyo, umdlavuza, umalaleveva kanye nezinye izifo. Ngeke sisazidinga izibhedlela nemithi. Abantu abaphila emhlabeni bazobe bengasaguli.

  • NGEKE SIKUSWELE UKUDLA

    IHubo 72:16: “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.”

    Umhlaba uzokhiqiza ukudla okwanele futhi wonke umuntu uyokwazi ukukuthola. Ngeke kuphinde kube khona abantu abalambayo nabangondlekile.

  • UBUHLUNGU, UKUDABUKA NOKUFA KUZOPHELA

    IsAmbulo 21:4: “[UNkulunkulu] uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”

    Lokhu kusho ukuthi abantu bazophila phakade emhlabeni oyipharadesi sebengenaso isono! Yilokho uMdali wethu onothando, uJehova uNkulunkulu, asithembisa kona.

“LIYOPHUMELELA NGOKUQINISEKILE”

Ingabe kunzima ukukukholwa konke lokhu? Nakuba abantu abaningi bekulangazelela ukubona izithembiso eziseBhayibhelini zigcwaliseka, abanye bakuthola kunzima kakhulu ukucabanga ukuthi umuntu angaphila phakade. Akumangazi lokho ngoba akekho ongase asitshele ukuthi kunjani ukuphila phakade, ngoba akekho umuntu owake waphila phakade.

Abantu baye bagqilazwa isono, ukufa, ubuhlungu nokuhlupheka kangangokuthi abaningi sebebheka lezi zinto njengendlela yokuphila evamile. Kodwa lokhu kuhluke kakhulu kulokho uMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, ayekuhlosile ngabantu.

Ukuze asisize sizikholelwe izithembiso zakhe, uNkulunkulu washo lokhu mayelana nezwi lakhe: “Ngeke libuyele kimi lingabanga namiphumela, kodwa ngokuqinisekile liyokwenza lokho engikujabulelayo, futhi liyophumelela ngokuqinisekile kulokho engilithumele kona.”—Isaya 55:11.

EBhayibhelini uJehova uchazwa njengoNkulunkulu “ongenakuqamba amanga.” (Thithu 1:2) Njengoba esithembise zonke lezi zinto ezinhle, kuwukuhlakanipha ngathi ukuba sizibuze le mibuzo: Kungenzeka ngempela yini ukuba abantu baphile phakade emhlabeni oyipharadesi? Yini okufanele siyenze ukuze sizithole izinto uNkulunkulu asithembise zona? Ezihlokweni ezilandelayo uzothola ulwazi olungakusiza ukwazi ukuphendula le mibuzo.