Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubikezela Ikusasa

Ukubikezela Ikusasa

Wake wazibuza yini ukuthi ikusasa likuphatheleni wena nomndeni wakho? Ingabe uzoceba noma uzohlupheka? Uzothola uthando noma uzobulawa isizungu? Uzophila isikhathi eside noma uzosheshe ufe? Sekuyizinkulungwane zeminyaka abantu bezibuza le mibuzo.

Namuhla izazi zihlola lokho okwenzekayo emhlabeni, bese zibikezela lokho ezicabanga ukuthi kuzokwenzeka esikhathini esizayo. Nakuba okunye kwalokho ezikubikezelayo kuye kwenzeke, okunye akwenzeki. Ngokwesibonelo, ngo-1912 uGuglielmo Marconi owasungula enye yezindlela zokuxhumana ngaphandle kwezintambo zocingo, wathi: “Njengoba sesikwazi ukuxhumana ngaphandle kokusebenzisa izintambo zocingo, izimpi ngeke zisaba khona.” Kanti omunye owayesebenzela inkampani yokurekhoda okuthiwa iDecca Record Company, owenqaba ukurekhoda iqembu lomculo okuthiwa iBeatles ngo-1962, wayekholelwa ukuthi amaqembu omculo adlala isiginci ayengeke esathandwa umphakathi.

Abaningi baye bafune ukwazi ngekusasa besebenzisa amandla angaphezu kwawemvelo. Abanye bafuna izeluleko kubantu ababhula ngokufunda izinkanyezi komagazini nasemaphephandabeni avame ukuba nengxenye ekhuluma ngezinkanyezi. Abanye baya kubabhuli abathi bakwazi “ukufunda” ikusasa ngokubuka amakhadi, izinombolo noma imigqa esesandleni.

Endulo, abanye abantu ababefuna ukwazi ngekusasa babeya kubapristi besilisa nabesifazane ababethi bakwazi ukudlulisa imiyalezo evela konkulunkulu babo. Ngokwesibonelo kuthiwa inkosi yaseLidiya, uCroesus, yathumela izipho zenani elikhulu kumbhuli waseDelphi eGrisi ngoba ifuna ukwazi umphumela wempi eyayizoba phakathi kwayo noKoresi wasePheresiya. Umbhuli wayitshela ukuthi uma ilwa noKoresi, umphumela wawuyoba ukunqotshwa “kombuso omkhulu.” Eqiniseka ngokuthi uzonqoba, uCroesus waya empini kodwa kwaba owakhe umbuso omkhulu owanqotshwa!

Isibikezelo salo mbhuli asibanga usizo ngoba sasizoba iqiniso kungakhathaliseki ukuthi ubani phakathi kwabo owayeyogcina enqobile. UCroesus walahlekelwa yikho konke ayenakho ngenxa yokukhohliswa yilo mbhuli. Labo abasebenzisa izindlela zesimanje zokubikezela ikusasa, bakwazile yini bona ukubikezela into enembile?