Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Lapho Kwenzeka Inhlekelele

Lapho Kwenzeka Inhlekelele

“Savele saphelelwa amandla. Izikhukhula nodaka kwakucekele phansi yonke into esasinayo.”—U-Andrew, eSierra Leone.

“Ngemva kwesiphepho, sabuyela ekhaya. Kwakungasekho lutho. Savele sashaqeka. Indodakazi yami yaguqa, yakhala.”—UDavid, eVirgin Islands.

UMA nawe wake wehlelwa inhlekelele, uzoyiqonda le mizwa abanye ababa nayo: ukuthuka, ukungakholwa, ukudideka, ukukhathazeka nokuba namaphupho amabi. Abantu abaningi abasinde ezinhlekeleleni bavame ukuphelelwa yithemba, bangabe besafisa ukuqhubeka nokuphila.

Uma nawe ulahlekelwe yizinto zakho eziningi ngenxa yenhlekelele, ungase uzizwe ucindezeleke kakhulu. Kungenzeka ucabange nokuthi azisekho izizathu zokuqhubeka uphila. Nokho, iBhayibheli lisitshela ukuthi zikhona izizathu zokuqhubeka nokuphila, futhi ungaba nethemba lokuthi izinto zisazoba ngcono.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI KUSINIKEZA ITHEMBA

UmShumayeli 7:8 uthi: “Kungcono ukuphela kwendaba kunokuqala kwayo.” Lapho kusanda kuvela inhlekelele, ungase ungabi nalo ithemba. Kodwa uma uba nesineke futhi uzama ukubuyela ekuphileni kwakho okuvamile, izinto ziyaba ngcono.

IBhayibheli lisitshela ukuthi kuza isikhathi lapho ‘kungeke kuphinde kuzwakale umsindo wokulila noma wokukhala ngenxa yosizi.’ (Isaya 65:19) Lokhu kuzokwenzeka lapho sekubusa uMbuso kaNkulunkulu, futhi umhlaba usuyipharadesi. (IHubo 37:11, 29) Ngaleso sikhathi, ngeke ziphinde zibe khona izinhlekelele. Izinkumbulo ezibuhlungu nobuhlungu bomzimba nobenhliziyo ngeke kusaba khona, ngoba uNkulunkulu uMninimandla Onke usithembisa ukuthi: “Izinto zesikhathi esidlule ngeke zikhunjulwe, ngeke zifike nasenhliziyweni.”—Isaya 65:17.

Cabanga nje: UMdali uhlele ‘ukukunika ikusasa elihle nethemba,’ okuwukuphila okunokuthula ngaphansi kokubusa kwakhe. (Jeremiya 29:11) Ingabe ukwazi lokhu kuyisizathu esanele sokuba uqhubeke uphila? USally esike sakhuluma ngaye ekuqaleni uthi, “Ukuzikhumbuza zonke izinto ezinhle uMbuso kaNkulunkulu ozosenzela zona maduzane kungakusiza ungagxili ezintweni ezibuhlungu ezakwehlela kudala nalezo ezenzekayo manje.”

Kungani ungaziniki isikhathi sokufunda ngalokho uMbuso kaNkulunkulu ozosenzela kona maduze? Ukwenza kanjalo kungakusiza uqiniseke ngokuthi nakuba uye wavelelwa inhlekelele, zikhona izizathu zokuqhubeka uphila njengoba ulindele isikhathi lapho izinhlekelele zizobe zingasekho. Okwamanje, izeluleko zeBhayibheli zingakusiza ubhekane nemiphumela yenhlekelele eye yakwehlela. Nazi ezinye izibonelo.