Indlela Uthando LukaNkulunkulu Olungakusiza Ngayo
UNkulunkulu udale imizimba yethu ngendlela yokuthi ikwazi ukuzelapha. Lapho umzimba womuntu ophile kahle usikeka, uhuzuka noma uhlatshwa okuthile, “wenza indlela yokuzelapha.” (I-Johns Hopkins Medicine) Ngokushesha, umzimba wenza okuthile ukuze uvimbe ukopha, ulaphe isilonda futhi uqinise isikhumba.
CABANGA NGALOKHU: Uma uMdali wethu enze imizimba yethu yakwazi ukuzelapha, akufanele yini simethembe ukuthi uzosenza silulame nalapho siphatheke kabi? Umhubi wabhala: “Uphulukisa abanenhliziyo eyaphukile, abophe izindawo zabo ezibuhlungu.” (IHubo 147:3) Uma ucindezelekile ngenxa yokuthile okwenzeka esikhathini esidlule noma okwenzekayo manje, ungaqiniseka kanjani ukuthi uJehova uzobopha amanxeba akho akwenze ube ngcono manje nasesikhathini esizayo?
ESIKUFUNDA EBHAYIBHELINI NGOTHANDO LUKANKULUNKULU
UNkulunkulu uyasithembisa: “Ungesabi, ngoba nginawe. Ungaqalazi ngapha nangapha, ngoba nginguNkulunkulu wakho. Ngizokuqinisa. Impela ngizokusiza.” (Isaya 41:10) Umuntu owaziyo ukuthi uthandwa nguNkulunkulu uba nokuthula kwengqondo namandla okubhekana nezinkinga ezihlukahlukene. Umphostoli uPawulu wabiza lokhu kuthula kwangaphakathi ngokuthi “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.” Waphinde wathi: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Filipi 4:4-7, 9, 13.
ImiBhalo isisiza ukuba sibe nokholo ezithembisweni zikaJehova mayelana nekusasa. Ngokwesibonelo, umBhalo wesAmbulo 21:4, 5 usitshela ukuthi yini uNkulunkulu azoyenza, usinike nesizathu sokukholelwa ukuthi uzokwenza ngempela.
-
“Uyosula zonke izinyembezi“ emehlweni abantu. UJehova uyoqeda zonke izinkinga nezinto ezisikhathazayo, ngisho noma zibonakala ziyizinto ezingathi shu kwabanye.
-
“Ihlezi esihlalweni sobukhosi” enkazimulweni yasezulwini, iNkosi uMninimandla Onke eyadala zonke izinto isebenzisa amandla ayo negunya layo ukuze iqede ukuhlupheka futhi isinikeze usizo esiludingayo.
-
UJehova usiqinisekisa ngokuthi izithembiso zakhe ‘zithembekile futhi ziyiqiniso.’ Lokhu kusho ukuthi akushoyo uyokufeza ukuze abonise ukuthi unguNkulunkulu weqiniso.
“‘Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’ Lowo ohlezi esihlalweni sobukhosi wathi: ‘Bheka! Ngenza konke kube kusha.’ Wathi futhi: ‘Loba, ngoba la mazwi athembekile ayiqiniso.’”—IsAmbulo 21:4, 5.
IBhayibheli nezinto ezidaliwe emhlabeni nasezulwini, kusibonisa ubuntu bukaBaba wethu osezulwini. Izinto ezidaliwe zisenza sifune ukwazi uNkulunkulu futhi sibe abangane bakhe. IBhayibheli lona lisimema ngokuqondile ukuba sibe abangane bakhe, lithi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) IzEnzo 17:27 zithi: ‘Akakude kulowo nalowo kithi.’
Njengoba uzinika isikhathi sokumazi kangcono uNkulunkulu, uzoqiniseka nakakhulu ukuthi ‘uyakukhathalela.’ (1 Petru 5:7) Kuzokusiza ngani ukwethembela kuJehova?
Cabanga ngalokho okwenzeka kuToru waseJapane. Wakhuliswa umama ongumKristu, noma kunjalo wajoyina iqembu lezigelekeqe elinodlame laseJapane okuthiwa i-yakuza. Uthi, “Ngangikholelwa ukuthi uNkulunkulu uyangizonda, futhi lapho kufa abantu engibathandayo ngangizitshela ukuthi kwakuyindlela engangijeziswa ngayo.” UToru uthi ngesikhathi esaphila lokho kuphila futhi ecabanga ngaleyo ndlela, “inhliziyo yakhe yayingasazweli.” Uma ekhuluma ngalokho ayekufisa uthi: “Kwakuyisifiso sami ukufa ngisemncane kodwa ngangifisa ukuqale ngibulale umuntu odumile kunami ukuze ngaziwe.”
befunde iBhayibheli, uToru washintsha ukuphila kwakhe nombono wakhe ngezinto. UHannah uthi: “Ngazibonela ngawami umyeni wami eshintsha indlela ayephila ngayo.” Manje uToru usho ngokuqiniseka: “Ukhona uNkulunkulu futhi usithanda sonke. Akafuni ukuba kufe ngisho umuntu oyedwa, futhi uzimisele ukuthethelela labo abaphendukayo ezonweni zabo. Ulalela izinto esingeke sikwazi ukuzitshela omunye umuntu, futhi okungekho muntu ongaziqonda ngaphandle kwakhe. Esikhathini esizayo uJehova uzoqeda zonke izinkinga, ukuhlupheka kanye nobuhlungu. Ngisho namanje usisiza ngezindlela esingazilindele. Uyasithanda futhi uyasisiza lapho sibona sengathi akekho onendaba nathi.”—IHubo 136:23.
Noma kunjalo, ngemva kokuba uToru nomkakhe uHannahNjengoba lokho okwenzeka kuToru kubonisa, ukwazi ukuthi maduze uNkulunkulu uzoqeda zonke izinkinga futhi asule izinyembezi emehlweni ethu, kusinikeza ithemba kuphinde kusisize sijabulele ukuphila kwamanje. Impela, nakuba uphila ezweni eligcwele usizi ungazuza othandweni lukaNkulunkulu.