Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ngenhla, ingxenye yencwadi ka-Isaya ethathwe eMiqulwini YasoLwandle Olufile, ngezansi ingxenye yencwadi ka-Isaya ehunyushelwe olimini lwesi-Arabhu sanamuhla. Umyalezo oseZwini LikaNkulunkulu awuzange ushintshe

Ingabe IZwi LikaNkulunkulu Elilotshiwe Lishintshiwe?

Ingabe IZwi LikaNkulunkulu Elilotshiwe Lishintshiwe?

Abanye abantu bayazibuza ukuthi kungenzeka yini ukuthi iZwi LikaNkulunkulu elilotshiwe lishintshiwe. Umprofethi u-Isaya wathi izwi likaNkulunkulu “liyokuma kuze kube nini nanini.” (Isaya 40:8) Singaqiniseka kanjani ukuthi izithembiso zikaNkulunkulu zilondolozwe ngokunembile?

UNkulunkulu unamandla okulondoloza iZwi lakhe nokulivikela ekonakalisweni. Endulo, lapho kwenziwa amakhophi abhalwe ngesandla abakopishi abacophelelayo babebala zonke izinhlamvu ezisemibhalweni engcwele ukuze baqikelele ukuthi akukho lutho olunezelwayo, olushintshwayo noma olweqiwayo. Nakuba kunjalo, abantu bayawenza amaphutha futhi abanye abakopishi bawenza amaphutha amancane.

SINGAQINISEKA KANJANI UKUTHI IMIBHALO ENGCWELE ESINAYO NAMUHLA ISAPHETHE UMYALEZO KANKULUNKULU WOKUQALA?

Kunezinkulungwane zamakhophi asendulo abhalwe ngesandla, emiBhalo Engcwele. Ngokuqhathanisa amakhophi ahlukahlukene, kungaba lula ukuthola iphutha uma likhona.​—Ukuze ufunde okwengeziwe bheka isihloko esithi “Ingabe Okubhalwe EBhayibhelini Kuye Kwashintshwa?” ku-jw.org/zu.

Ngokwesibonelo, cabanga ngeMiqulu YasoLwandle Olufile yasendulo eyatholwa abantu ababehlala ogwadule, emigedeni eseduze noLwandle Olufile ngo-1947. Le mibhalo yasendulo iqukethe izingxenye zemiBhalo Engcwele, ezineminyaka engaphezu kuka-2 000 ubudala. Ochwepheshe baqhathanisa le mibhalo yesandla yasendulo nemiBhalo Engcwele esinayo namuhla. Batholani?

Izazi zathola ukuthi umyalezo oseZwini LikaNkulunkulu esinawo namuhla, uyafana nalokho okusemibhalweni yokuqala. * Lapho kuhlolwa ngokucophelela imibhalo yesandla emidala, kutholakala ubufakazi bokuthi lokho esikufunda emiBhalweni Engcwele kuwumyalezo wokuqala ovela kuNkulunkulu. Singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uye walondoloza ngokucophelela ukunemba kwemiBhalo Engcwele ukuze kuzuze thina namuhla.

Ngakho singalifunda iZwi LikaNkulunkulu, siqiniseka ngokuphelele ukuthi linembile. Sinalokho engqondweni, ake sihlole ukuthi yini esingayifunda ngoNkulunkulu kubaprofethi bakhe.

^ par. 7 Kuthathwe encwadini ethi The Complete Dead Sea Scrolls in English, ebhalwe nguGeza Vermes, ekhasini 16.