Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Umhlaba ngokuqinisekile uyothela umkhiqizo wawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyosibusisa.”​—IHUBO 67:6

Ungazithola Izibusiso Zaphakade Ezivela KuMdali Wethu

Ungazithola Izibusiso Zaphakade Ezivela KuMdali Wethu

UNkulunkulu wathembisa umprofethi u-Abrahama ukuthi omunye enzalweni yakhe wayeyoletha izibusiso kuzo “zonke izizwe zomhlaba.” (Genesise 22:18) Kwakuyoba ubani leyo nzalo?

Eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule, uNkulunkulu wanika uJesu, owayeyinzalo ka-Abrahama amandla okwenza izimangaliso ezinkulu. Lezo zimangaliso zabonisa ukuthi izizwe zaziyothola isithembiso esasenziwe ku-Abrahama ngoJesu.​—Galathiya 3:14.

Izimangaliso ezenziwa uJesu zenza kwabonakala ukuthi nguye okhethwe nguNkulunkulu ukuze abusise isintu, zabonisa nokuthi uNkulunkulu uzosebenzisa yena esikhathini esizayo lapho eselethela isintu izibusiso zaphakade. Phawula ukuthi izimangaliso ezenziwa uJesu zizibonisa kanjani ezinye zezimfanelo zakhe ezinhle.

Ububele​—UJesu welapha abagulayo.

Ngesinye isikhathi, umuntu owayenochoko wancenga uJesu ukuba amelaphe. UJesu wamthinta wathi: “Ngiyathanda.” Ngaso leso sikhathi, uchoko lwanyamalala.​—Marku 1:40-42.

Ukupha​—UJesu wapha ababelambile ukudla.

UJesu wayengafuni abantu balambe. Izikhathi ezingaphezu kwesisodwa, wapha izinkulungwane zabantu ukudla ngokuyisimangaliso, ngokwandisa izinkwa ezimbalwa nezinhlanzi ezincane ezimbalwa. (Mathewu 14:17-21; 15:32-38) Bonke badla basutha, kwasala ukudla okuningi.

Uzwela​—UJesu wavusa abafile.

‘Ngenxa yesihawu,’ uJesu wavusa ekufeni indodana okwakuwukuphela kwayo yomfelokazi owayengenabani.​—Luka 7:12-15.