Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungazijabulela Izibusiso Zaphakade Ezivela KuNkulunkulu Onothando

Ungazijabulela Izibusiso Zaphakade Ezivela KuNkulunkulu Onothando
  • Uyawulangazelela yini umhlaba ongenazo izimpi, udlame nezingxabano?

  • Uyafisa yini sengathi ngabe akusekho ukugula, ukuhlupheka nokufa?

  • Ingabe uyafisa ukuphila ngaphandle kokukhathazeka?

  • Uyafisa yini ukuphila endaweni engahlushwa yizinhlekelele zemvelo?

UNkulunkulu wethu onothando, uMdali womhlaba wethu omuhle, uthembise ukuthi uzonika abantu ukuphila okuphakade ngaphansi kwezimo ezinokuthula nezijabulisayo. Leli akulona iphupho nje.

Kulezi zihloko ezilandelayo, sicela ukuba uhlole:

  • Indlela uMdali wethu azizwa ngayo ngabantu

  • Lokho esikutshelwa yiZwi LikaNkulunkulu elilotshiwe

  • Lokho abaprofethi bakaNkulunkulu abakusho ngezibusiso azithembisile

  • Esingakwenza ukuze sijabule manje, sithole nezibusiso zaphakade esikhathini esizayo

Asiqale ngokuhlola izinto uMdali azenzile ukuze abonise ukuthi uyabathanda abantu.