Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungabasiza yini abanye ngaphandle kokubheka ubudala, ubuzwe, noma inkolo yabo?

Izibusiso Ezitholwa Yilabo Abasiza Abanye

Izibusiso Ezitholwa Yilabo Abasiza Abanye

Abantu abaningi emhlabeni baswele ukudla nendawo yokuhlala. Abanye bamane nje badinga ithemba ngekusasa. Imizamo yethu yokusiza abantu abanjalo, iyosilethela kanjani ukwamukelwa uNkulunkulu nesibusiso sakhe?

OKUSHIWO IMIBHALO ENGCWELE

“Ombonisa umusa ophansi uboleka uJehova, futhi Yena uyombuyisela ngempatho yakhe.”​—IZAGA 19:17.

KUSHO UKUTHINI UKUSIZA OMUNYE UMUNTU?

UJesu waxoxa indaba yendoda eyahlaselwa yizigebengu, zacishe zayibulala. (Luka 10:29-37) Kwaqhamuka umuntu owayengayazi le ndoda eyayilimele kabi, wafike wayisiza. Lokhu wakwenza nakuba ayengowohlanga oluhlukile.

Lo muntu akagcinanga nje ngokuyibopha amanxeba le ndoda eyayilimele nokuyinika izinto eyayizidinga, kodwa futhi wayiduduza ebunzimeni eyayibhekene nabo.

Sifundani kule ndaba? UJesu wayefundisa ukuthi kufanele sisize labo abadinga usizo. (IzAga 14:31) ImiBhalo Engcwele ifundisa ukuthi maduze uNkulunkulu uzobuqeda ubumpofu nokuhlupheka. Nokho, singase sizibuze ukuthi uNkulunkulu uyokwenza kanjani futhi nini lokhu. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngezibusiso uMdali wakho onothando akugcinele zona.