Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMdali Wethu Onothando Unendaba Nathi

UMdali Wethu Onothando Unendaba Nathi

1. UMDALI WETHU USINIKEZA ILANGA

Cabanga nje ukuthi bekungaba njani ukuphila emhlabeni ukube belingekho ilanga? Ilanga linikeza izihlahla amandla okukhiqiza amaqabunga, izimbali, izithelo, amakinati nezinhlamvu. Lenza nokuba izihlahla zimunce amanzi emhlabathini ngezimpande, adlulele emaqabungeni bese ephumela emoyeni esewumhwamuko.

2. UMDALI WETHU UNISA IMVULA

Imvula iyisipho esiyigugu esivela kuNkulunkulu esenza ukuba umhlaba ukhiqize ukudla esikudlayo. UNkulunkulu usinika izimvula ezivela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, asanelise ngokudla, agcwalise nezinhliziyo zethu ngenjabulo.

3. UMDALI WETHU USINIKA UKUDLA NEZINGUBO ZOKUGQOKA

Obaba abaningi bayakhathazeka ngokutholela imindeni yabo ukudla okwanele nezingubo zokugqoka. Phawula lokho okushiwo yimiBhalo: “Qaphelisisani izinyoni zezulu, ngoba azihlwanyeli mbewu noma zivune noma zibuthele ezinqolobaneni; nokho uYihlo osezulwini uyazondla. Anibalulekile yini nina ngaphezu kwazo?”​—Mathewu 6:25, 26.

“Fundani eminduzeni yasendle, indlela ekhula ngayo . . . ; kodwa ngithi kini ngisho noSolomoni [iNkosi] enkazimulweni yakhe yonke wayengavunule nanjengowodwa wayo. Manje, uma uNkulunkulu ezigqokisa kanjalo izimila zasendle . . . , ngeke yini nina anigqokise nakakhulu?”​—Mathewu 6:28-30.

Njengoba uNkulunkulu ekwazi ukusinika ukudla nezingubo zokugqoka, nakanjani angasisiza sithole nezinye izinto esizidingayo ekuphileni. Uma sizimisele ukwenza intando kaNkulunkulu, angayibusisa imizamo yethu yokulima noma asisize ukuba sithole umsebenzi ukuze sikwazi ukuthola izinto esizidingayo.​—Mathewu 6:32, 33.

Ngempela, sinezizathu ezizwakalayo zokumthanda uNkulunkulu lapho sicabanga ngelanga, imvula, izinyoni nezimbali. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngendlela uMdali wethu ayisebenzisile ukuze axhumane nabantu.