Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Georgette Douwma/Stone via Getty Images

LISEKHONA YINI ITHEMBA NGOMHLABA?

Izilwandle

Izilwandle

IZILWANDLE azigcini nje ngokukhiqiza ukudla esikudlayo kodwa zisinikeza nezithako eziningi zokwenza imithi. Izilwandle zikhiqiza umoya-mpilo omningi kanti futhi zimunca umoya ongcolile obangelwa izinto ezenziwa abantu, ngaphezu kwalokho, izilwandle zilawula isimo sezulu.

Izinto Ezidala Umonakalo Olwandle

Ukushintsha kwesimo sezulu kulimaza amakhorali, ama-shellfish nezinye izinto eziphila olwandle. Ososayensi bathi cishe zonke izimila ezisolwandle ezisekela ingxenye engaphansi kukahhafu yezinto eziphila olwandle zisengozini yokushabalala eminyakeni engu-30 ezayo.

Ochwepheshe bathi zilinganiselwa emaphesentini angaphezu kuka-90 izinyoni ezidla izinto ezisolwandle esezidle opulasitiki futhi bacabanga nokuthi kunezigidi zezilwane zasolwandle ezifayo minyaka yonke ngenxa yokudla opulasitiki.

Ngo-2022, uNobhala-jikelele weNhlangano Yezizwe u-António Guterres wathi, “Siyithathe kancane indaba yokunakekela ulwandle kodwa manje sesibhekene nalokho esikubiza ngokuthi ‘inhlekelele yolwandle.’”

Umhlaba Wethu Wenziwe Ngendlela Yokuthi Ukwazi Ukuzivuselela

Ulwandle nalokho okuphila kulo kwenziwe ngendlela yokuthi kukwazi ukuzihlanza futhi kuhlale kusesimweni esihle uma kungonakalisiwe ngabantu. Incwadi ethi Regeneration: Ending the Climate Crisis in One Generation ichaza ukuthi “uma abantu bengalungcolisi ulwandle luyakwazi ukuqhubeka luzihlanza.” Cabanga ngalezi zibonelo ezimbalwa:

  • Uhlaza oluntantayo olungabonakali emehlweni olubizwa ngokuthi i-Phytoplankton lusebenzisa futhi lugcine isikhutha, okuwumoya ngokuyinhloko okukholelwa ukuthi ubangela ukufudumala kwembulunga yonke. Lolu hlaza olusezilwandle lulodwa lugcina isikhutha esicishe silingane naleso esigcinwa izihlahla, utshani nezinye izitshalo ezisemhlabeni zihlangene.

  • Amabhaktheriya adla izikhumba namathambo ezinhlanzi ezifile obekungase kungcolise ulwandle, kamuva wona la mabhaktheriya adliwa ezinye izilwane eziphila olwandle. Iwebusayithi okuthiwa i-Smithsonian Institution Ocean Portal ithi, “le nqubo igcina ulwandle luhlanzekile.”

  • Lapho indalo eningi esolwandle idla, iguqula amanzi ane-acid asolwandle—angalimaza amakhorali, ama-shellfish nenye indalo —abe amanzi ahlanzekile.

Imizamo Eyenziwayo Ukuze Kuxazululwe Le Nkinga

Uma sisebenzisa izikhwama namabhodlela amanzi okusebenziseka kaningi singanciphisa izinto ezenziwe ngopulasitiki ukuba zingene olwandle.

Uma kungekho ukungcola okungena olwandle, ulwandle alubi nankinga. Ngakho, ochwepheshe bakhuthaza abantu ukuba basebenzise izikhwama, amathuluzi nezitsha ezisetshenziswa kaningi kunokusebenzisa izinto zikapulasitiki ezisetshenziswa kanye bese ziyalahlwa.

Usemningi umsebenzi okudingeka wenziwe. Muva nje, ngonyaka owodwa inhlangano yezemvelo iqoqe amathani angu-9 200 emfucuza osebeni lolwandle, eyakhishwa amagagasi emazweni angu-112. Nokho, lowo udoti omncane kakhulu ongena olwandle unyaka ngamunye.

I-National Geographic ibike ukuthi “umonakalo odalwe i-acid ezilwandle cishe awusenakulungiseka. Abantu baye bashisa izinto ezingcolisa ulwandle kangangokuthi izilwane ezihlala olwandle azisakwazi ukugcina ulwandle luhlanzekile ngendlela okwakuklanywe ngayo.”

Okushiwo YiBhayibheli—Isizathu Sokuba Nethemba

“Umhlaba ugcwele izinto ozidalile. Nalu ulwandle, lukhulu futhi lubanzi, kulo kukhona izinto eziphilayo ezingenakubalwa, ezincane nezinkulu.”—IHubo 104:​24, 25.

UMdali wethu udale izilwandle waphinde wazenza ngendlela yokuba zikwazi ukuzihlanza. Cabanga ngalokhu: Uma uMdali edale ulwandle nazo zonke izinto eziphila kulo, angahluleka yini ukulungisa umonakalo osezilwandle? Bheka isihloko esithi “UNkulunkulu Uthembisa Ukuthi Lisekhona Ithemba Ngomhlaba,” ekhasini 15.