Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | INDLELA YOKUNCIPHISA AMATHUBA OKUTHOLA IZIFO

Zivikele Ezifweni

Zivikele Ezifweni

IMIZI eminingi yasendulo yayivikelwe ngezindonga ezinkulu. Uma isitha sasibhodloza ingxenyana yodonga, umuzi wonke wawuba sengozini. Umzimba wakho unjengomuzi onezindonga. Indlela onakekela ngayo isimiso sokuzivikela somzimba wakho ihlobene nempilo yakho. Cabanga ngezici ezinhlanu ezingakuchaya ezifweni nendlela ongazivikela kangcono ngayo.

1 AMANZI

USONGO: Izilokazane eziyingozi zingangena kalula emzimbeni wakho ngamanzi angcolile.

INDLELA ONGAZIVIKELA NGAYO: Indlela engcono kakhulu yokuzivikela iwukuvikela amanzi akho angangcoli. Uma wazi noma usola ukuthi amanzi akho angcolile, ungawahlanza ekhaya ukuze kuphephe ukuwasebenzisa. * Amanzi okuphuza wagcine esitsheni esivalekile, futhi uwakhe ngesitsha esihlanzekile noma kumpompi. Uma kungenzeka, kufanele uzame ukuhlala endaweni lapho indle ilahlwa ngendlela efanele ukuze ingangcolisi izindawo okukhiwa kuzo amanzi.

2 UKUDLA

USONGO: Izilokazane eziyingozi zingatholakala ekudleni kwakho.

INDLELA ONGAZIVIKELA NGAYO: Ukudla okunamagciwane kungabukeka kusekusha futhi kunempilo. Ngakho, zijwayeze ukugezisisa zonke izithelo nemifino. Qinisekisa ukuthi izitsha zokudla, indawo osebenzela kuyo ekhishini nezandla zakho kuhlanzekile lapho wenza ukudla noma lapho uphaka. Ezinye izinhlobo zokudla kufanele ziphekwe ngezinga elithile lokushisa ukuze kubulawe izilokazane eziyingozi. Kuqaphele ukudla osekushintshe umbala noma osekunephunga elingelihle​—izimpawu zokuthi kunebutho lezilokazane okungenzeka zikucuthele. Kufake esiqandisini ngokushesha ngangokunokwenzeka ukudla okungasebenzanga. Kugweme ukwenzela abanye ukudla lapho ugula. *

3 IZINAMBUZANE

USONGO: Ezinye izinambuzane zingakufakela izifo ngamagciwane aphila ngaphakathi kuzo.

INDLELA ONGAZIVIKELA NGAYO: Nciphisa amathuba okutholwa izinambuzane ezinezifo ngokuhlala endlini lapho zidlangile noma ngokugqoka izingubo zokuzivikela, njengezinto ezinemikhono emide namabhulukwe amade. Lala ngaphansi kwamanetha anomuthi wokuvimbela izinambuzane futhi kwawena usebenzise into yokuzixosha. Susa izitsha ezinamanzi amile ezingaba yindawo yomiyane yokuzalela. *

4 IZILWANE

USONGO: Izilokazane eziphila ngaphakathi ezilwaneni ngokungenabungozi zingaba usongo empilweni yakho. Uma ulunywa noma uklwejwa isilwane esifuywayo noma sasendle noma uthinta indle yaso, ungaba sengozini.

INDLELA ONGAZIVIKELA NGAYO: Abanye abantu bakhetha ukuzigcina phandle izilwane abazifuyile ukuze banciphise amathuba okuthintana nazo. Geza izandla ngemva kokuthinta isilwane esifuywayo futhi kugweme ngokuphelele ukuthinta izilwane zasendle. Uma sikulumile noma sakuklwebha, ligezisise inxeba bese uthola usizo lukadokotela. *

5 ABANTU

USONGO: Amanye amagciwane angahlasela umzimba wakho ngokungena ngamaconsi amathe lapho othile ekhwehlela noma ethimula. Angasakazeka nangokuthintana ngesikhumba, njengokwangana noma ukuxhawulana. Amagciwane asuka kwabanye abantu angasalela nasezintweni ezinjengezibambo zezicabha, izinsimbi zokubambelela, izingcingo, ama-remote control noma izikrini nama-keyboard e-computer.

INDLELA ONGAZIVIKELA NGAYO: Ungazisebenzisi izinto zomunye umuntu ezinjengezinsingo, izixubho noma amathawula. Kugweme ukuthinta okusaketshezi okuphuma ezilwaneni noma kwabanye abantu, kuhlanganise negazi nezinto ezenziwe ngalo. Ungazideleli nezinzuzo zokugezisisa izandla zakho njalo. Cishe kuyindlela esebenza kahle kunazo zonke yokunqanda ukusakazeka kwezifo.

Uma kungenzeka, hlala ekhaya lapho ugula. I-U.S. Centers for Disease Control and Prevention itusa ukuba ukhwehlelele noma uthimulele kuyi-tissue noma emkhonweni, kodwa hhayi esandleni.

Isaga sasendulo sithi: “Unokuqonda lowo oboné inhlekelele wabe esecasha.” (IzAga 22:3) Yeka ukuthi ayiqiniso kangakanani lawo mazwi namuhla kuleli zwe eligcwele izifo ezingaba yingozi! Ngakho zifundise ngokuvakashela izikhungo zabezempilo zangakini futhi uzivikele ezingozini ngokuzijwayeza imikhuba emihle yenhlanzeko. Kukhuthalele ukuzivikela futhi unciphise amathuba okuthola izifo!

^ isig. 6 I-World Health Organization itusa izindlela eziningana zokuthuthukisa isimo samanzi ekhaya, ezihlanganisa ukuwafaka i-chlorine, ukusebenzisa i-solar disinfection, ukuwacwenga nokuwabilisa.

^ isig. 9 Ukuze uthole okwengeziwe mayelana nokuphepha kokudla, bheka i-Phaphama! ka-June 2012, amakhasi 3-9.

^ isig. 12 Ukuze uthole izindlela zokuzivikela kumalaleveva ngokukhethekile, bheka i-Phaphama! ka-July 2015, amakhasi 14-15.

^ isig. 15 Amanxeba okulunywa izilwane ezinesihlungu ngokuvamile adinga usizo oluphuthumayo lwezokwelapha.