Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INKINGA

Asiphephile Futhi Asilondekile

Asiphephile Futhi Asilondekile

“Namuhla abantu bajabulela intuthuko kwezobuchwepheshe nezesayensi, futhi sekunezindlela ezintsha zokwenza nokulondoloza imali . . . Naphezu kwentuthuko ebonakalayo, sekuseduze kakhulu ukuba sicekele phansi umhlaba wethu.”​I-The Global Risks Report 2018, World Economic Forum.

KUNGANI ABANTU ABANINGI ABANOLWAZI BEKHATHAZEKILE NGEKUSASA LETHU NELOMHLABA? CABANGA NGEZINYE ZEZINKINGA ESIBHEKENE NAZO.

  • UBUGEBENGU OBENZIWA NGE-INTHANETHI: Iphephandaba i-The Australian lithi: “Sekuyingozi kakhulu ukusebenzisa i-inthanethi namuhla. I-inthanethi igcwele abantu abahlukumeza izingane ngokocansi, iziqhwaga, abathumela imiyalezo ehloselwe ukudala izingxabano kanye nabakhwabanisi. Ukwebiwa kwemininingwane yabantu kuyanda kakhulu emhlabeni namuhla. . . . I-inthanethi ingelinye ithuluzi elenza abantu baveze ubuntu babo obungathandeki.”

  • UKUNGALINGANI NGOKOMNOTHO: Umbiko wakamuva we-Oxfam International, uthi: “Umnotho wabantu abangu-8 abacebe kunabo bonke emhlabeni ulingana nomnotho wengxenye yabantu abahluphekayo emhlabeni. Ezomnotho ezingahlelekile zenza ukuba umnotho uvune labo asebevele becebile, bese kuthi labo abahluphekayo bahlupheke nakakhulu, iningi labo okungabesifazane.” Abanye bayesaba ukuthi lokhu kungalingani ngokomnotho kungadala izinxushunxushu emphakathini.

  • IMIBANGO NOKUHLUKUNYEZWA: Umbiko we-United Nations Refugee Agency wango-2018, wathi: “Manje sesinyuke kakhulu kunanini ngaphambili isibalo sabantu ababalekayo ezindaweni zabo zokuhlala.” Kudingeke ukuba abantu abangaphezu kwezigidi ezingu-68 bashiye imizi yabo, imibango noma ukuhlukunyezwa kube yimbangela eyinhloko yalokhu. Lo mbiko uthi: “Ngemizuzwana emibili, kuba nomuntu oyedwa ophoqeleka ukuba ashiye endaweni ahlala kuyo.”

  • UKULIMALA KWEMVELO: I-The Global Risks Report 2018 ithi, “Izinhlobo eziningi zezitshalo nezezilwane zincipha ngokushesha, futhi ukungcoliswa komoya nolwandle kusongela impilo yabantu.” Kanti nezinambuzane ziyancipha kwamanye amazwe. Ngenxa yokuthi yizinambuzane ezithutha imbewu eyenza kube nezitshalo ezintsha, ososayensi baxwayisa ngokuthi imvelo ingase ishabalale ngokuphelele. Izitshalo ezingaphansi kolwandle nazo zisenkingeni. Ososayensi balinganisela ukuthi kule minyaka engu-30 edlule kufe uhhafu wazo zonke izitshalo ezingaphansi kolwandle.

Kukhona yini esingakwenza ukuze umhlaba ube yindawo ephephile nelondekile? Abanye bacabanga ukuthi imfundo ingasiza. Uma kunjalo, hlobo luni lwemfundo oludingekayo? Izihloko ezilandelayo zizoyiphendula le mibuzo.