Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ikhambi elisebenzayo kumelwe lelaphe izimpawu zokugula; likwazi nokuqeda izimbangela zako

OKUDINGEKA KWENZIWE

Ukuthola Imbangela Yezinkinga Zethu

Ukuthola Imbangela Yezinkinga Zethu

Ucabanga ukuthi abantu bangazixazulula izinkinga ezisiqeda ukuthula nokulondeka, nezisenza singaqiniseki ngekusasa lethu? Ukuze sikwazi ukuzixazulula, kufanele sithole ukuthi zibangelwa yini.

Nasi isibonelo: Indoda okuthiwa uTom yagula, yagcina ishonile. Yabulawa yini? Udokotela osebenza esibhedlela uTom aya kuso ngaphambi kokuba afe, wabhala: “Lapho uTom eqala ukugula, akekho owazihlupha ukuthola imbangela yokugula kwakhe.” Kubonakala sengathi abantu ababenakekela uTom ekuqaleni, bamane bamnika izinto zokudambisa izinhlungu.

Ingabe nabantu benza okufanayo lapho bezama ukuxazulula izinkinga zomhlaba? Ngokwesibonelo, ukuze ohulumeni balwe nobugebengu, babeka imithetho, bafake amakhamera, bandise namaphoyisa. Nokho, nakuba lezi zinto zisiza ngokwezinga elithile, aziyiqedi imbangela yobugebengu. Ukuziphatha kwabantu kubonisa indlela abacabanga ngayo, izifiso zabo nalokho abakukholelwayo.

Nakhu okushiwo uDaniel ohlala edolobheni eliseNingizimu Melika, elinesimo somnotho esingesihle: “Ngaphambili izinto zazihamba kahle. Sasingenalo uvalo lokuthi sizobanjwa inkunzi. Kodwa manje ayisekho indawo ephephile ezweni lethu. Ukuwa komnotho kuveze ubuntu obungathandeki kubantu, njengobugovu, ukungakuhloniphi ukuphila kwabanye nezinto zabo.”

Indoda esizoyibiza ngokuthi u-Elias yabalekela izimpi eMpumalanga Ephakathi, kamuva yatadisha iBhayibheli. Ithi: “Edolobheni lakithi, izinsizwa eziningi zazikhuthazwa imindeni yazo, abezepolitiki nenkolo yazo ukuba ziye empini ukuze zibe amaqhawe. Nalabo ababeseqenjini okwakuliwa nalo babekhuthazwa ukuba benze okufanayo. Konke lokhu kwangibonisa imiphumela edabukisayo eba khona lapho sithembela kubaholi abangabantu.”

Incwadi yakudala enamazwi ahlakaniphile ithi:

  • “Izifiso nemicabango yenhliziyo yomuntu kubi kusukela ebusheni bakhe kuqhubeke.”—Genesise 8:21.

  • “Inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi iyingozi. Ubani ongase ayazi?”—Jeremiya 17:9.

  • “Enhliziyweni kuphuma imicabango emibi: ukubulala, . . . ukuziphatha kabi ngokocansi, ukweba, ubufakazi obungamanga.”—Mathewu 15:19.

Abantu bahlulekile ukuthola indlela yokususa ububi obusezinhliziyweni zethu. Empeleni, njengoba kuboniswe esihlokweni sokuqala, kubonakala sengathi lobo bubi buyanda. (2 Thimothewu 3:1-5) Lokhu kuyaqhubeka kwenzeka nakuba sesinolwazi oluningi futhi sesinezindlela eziningi zokuxhumana nabanye! Sihlulwa yini ukwenza umhlaba wethu ube yindawo ephephile nelondekile? Ingabe sifuna ukwenza into esingenawo amandla okuyenza? Ingabe sifuna ukwenza into engenakwenzeka?

INGABE SIFUNA UKWENZA INTO ENGENAKWENZEKA?

Ngisho noma besinendlela yokususa ububi obusezinhliziyweni zabantu, besingeke sikwazi ukwenza umhlaba ube indawo ephephile nelondekile. Kungani? Asinawo amandla okukwenza lokho.

Iqiniso liwukuthi: “[Umuntu] akalinikiwe igunya ngisho nelokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Njengoba sasingadalelwanga ukuphila ngaphansi kwamanzi noma emkhathini, ngendlela efanayo sasingadalelwanga ukubusa abanye abantu!

Njengoba sasingadalelwanga ukuphila ngaphansi kwamanzi, ngendlela efanayo sasingadalelwanga ukubusa abanye abantu

Cabanga ngalokhu: Ngokuvamile, ingabe abantu bayathanda ukutshelwa ukuthi benzeni? Bayathanda yini ukutshelwa ukuthi kufanele babe namuphi umbono ngokukhipha isisu, isigwebo sentambo noma ukuthi kufanele bazikhulise kanjani izingane zabo? Lezi ezinye zezinto abantu abaphikisanayo ngazo. Ngakho nakuba kungase kube nzima ukukwamukela lokho okushiwo iBhayibheli, kodwa kuyiqiniso. Asinalo igunya noma ikhono lokubusa abanye abantu. Pho, singalutholaphi usizo?

Into okuwukuhlakanipha ukuba siyenze, ukuphendukela kuMdali. Nguye owasidala! Nakuba abantu bethi uNkulunkulu usikhohliwe, empeleni akunjalo. Ukuhlakanipha okutholakala eBhayibhelini kubonisa ukuthi uyasithanda. Lapho sesiyiqonda kahle le ncwadi, siyokwazi ukuziqonda kahle nathi. Sizoqonda nokuthi kungani umlando wabantu ugcwele izinkinga kangaka. Isazi sefilosofi esingumJalimane sake sathi, “Abantu kanye nohulumeni abakaze bafunde kulokho okwenzeka emlandweni, ngenxa yalokho abayishintshi indlela abenza ngayo.”

UKUHLAKANIPHA OKUSEBHAYIBHELINI KUYASIVIKELA!

Njengoba indoda ehlakaniphile yake yasho, “ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yibo bonke abantwana bako,” noma imiphumela yakho. (Luka 7:35) Isibonelo salokho kuhlakanipha sitholakala kuyiHubo 146:3, elithi: “Ningabeki ithemba lenu ezikhulwini, noma endodaneni yomuntu.” Leso seluleko esihle sisisiza ukuba singathembeli entweni engasoze yenzeka. UKenneth ohlala edolobheni eliseNyakatho yeMelika eligcwele udlame, uthi: “Abezepolitiki benza izithembiso zokuthi bazokwenza izinto zibe ngcono, kodwa bayehluleka ukuzifeza lezo zithembiso. Ukwehluleka kwabo kubonisa ukuthi kuyiqiniso lokho okushiwo iBhayibheli.”

UDaniel esikhulume ngaye ekuqaleni, uthi: “Usuku ngalunye ngithola ubufakazi obengeziwe bokuthi abantu abakwazi ukubusa kahle. . . . Imali oyiqongelele ebhange noma kwenye indawo ayisona isiqinisekiso sokuthi uzophila kahle lapho usuthathe umhlalaphansi. Ngiye ngabona abantu abaningi bedumazeka lapho beqaphela ukuthi akwenzeki kanjalo.”

IBhayibheli lisisiza ukuba sigweme ukuthembela entweni engeke yenzeke. Liphinde lisinikeze nethemba, njengoba sizobona ezihlokweni ezilandelayo.