Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Abantu Abaningi Bengasazihloniphi?

Kungani Abantu Abaningi Bengasazihloniphi?

KUNGANI KUBALULEKILE UKUZIHLONIPHA?

Abantu abazihloniphayo bakwazi ukubhekana kangcono nezinkinga zokuphila. Abasheshi ukuphonsa ithawula.

  • Ucwaningo lubonisa ukuthi abantu abazibona bengelutho basemathubeni amaningi okukhathazeka, bacindezeleke futhi babe nezinkinga zokudla. Kulula nokuba baphuze ngokweqile futhi basebenzise izidakamizwa.

  • Abantu abazihloniphayo bayakugwema ukuziqhathanisa nabanye, okwenza kube lula ukuba bazwane nabantu abasondelene nabo futhi bakhe ubungani obuhlala njalo. Ngakolunye uhlangothi, abantu abangazihloniphi bavame ukugxeka abanye okulimaza ubungani babo nabanye.

  • Ngisho benezinkinga, abantu abazihloniphayo bahlala beqinile, akuthi lapho bebhekene nobunzima bahlehle emigomweni yabo. Kanti labo abangazihloniphi kuthi lapho bebhekene nezinkinga ezincane kube sengathi kukhulu okubehlele.

YINI ONGAYENZA UKUZE UZIHLONIPHE KAKHUDLWANA?

Khetha abangani abazokukhuthaza. Hlala nabantu abahlonipha abanye, abanendaba nenhlalakahle yakho futhi abakukhuthazayo.

“Umngani weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi futhi uba umfowenu ngesikhathi sosizi.”—IzAga 17:17.

Siza abanye. Uma unomusa, wenzela abanye izinto—kuhlanganise nalabo abangeke bakwazi ukukubuyisela—uyothola injabulo yangempela ngenxa yokupha. Uyojabula ngisho noma abanye bengayiboni imisebenzi emihle oyenzayo.

“Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

Siza izingane zakho zifunde ukuzihlonipha. Enye indlela yokwenza lokho, ukuziyeka zizixazululele zona izinkinga zazo, lezo ezikwazi ukuzixazulula. Lokho kusiza izingane zikwazi ukubhekana nobunzima, zizixazulule izinkinga. Uma zenza kanjalo, ziyokwazi ukuzihlonipha manje nalapho sezikhulile.

“Qeqesha ingane ngendlela okufanele ihambe ngayo; ngisho nalapho ikhula ngeke isuke kuyo.”—IzAga 22:6.

OFAKAZI BAKAJEHOVA BABASIZA KANJANI ABANTU BAZIHLONIPHE?

Imihlangano nohlelo lokutadisha iBhayibheli loFakazi BakaJehova lusiza abantu bathuthukise ukuphila kwabo bese bezihlonipha nakakhudlwana.

IMIHLANGANO YETHU YAMASONTO ONKE

Emihlanganweni yamasonto onke sithola izinkulumo ezisekelwe eBhayibhelini ezivame ukusinikeza amacebiso asisiza sizihloniphe. Noma ubani angeza emihlanganweni yethu, kungenwa mahhala. Ngokwesibonelo, emihlanganweni yethu uzofunda ukuthi . . .

  • kungani ubalulekile kuNkulunkulu?

  • iyini injongo yokuphila?

  • ungaba kanjani nobungani obuqinile nabantu nobungapheli?

Uzothola abangani bangempela ‘abanakekelanayo.’—1 Korinte 12:​25, 26.

Ukuze uthole okwengeziwe ngemihlangano yethu, funa ividiyo ethi Kwenziwani EHholo LoMbuso? eku-jw.org.

ISIFUNDO SETHU SEBHAYIBHELI

Siqhubela abantu izifundo zeBhayibheli mahhala sisebenzisa incwadi ethi Phila Kuze Kube Phakade! Le ncwadi yokufundisa inemibhalo eyinhloko, ichaza izinto ngendlela ecacile, inemibuzo esiza umfundi, inamavidiyo athinta inhliziyo nezithombe ezinhle. Isifundo sethu seBhayibheli sisiza abantu babone ukuthi bayigugu, siphinde sithuthukise nokuphila kwabo.

Uma ufuna ukubona ukuthi kuzokusiza ngani ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, ngena ku-jw.org ubheke ividiyo ethi Kungani Kufanele Utadishe IBhayibheli?