Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Abantu Bengasahloniphani?

Kungani Abantu Bengasahloniphani?

KUNGANI KUBALULEKILE UKUHLONIPHA ABANYE?

Ukuhlonipha abanye kubhula umlilo, kwenze isimo esibi singabi sibi kakhulu.

  • Isaga seBhayibheli sithi: “Impendulo emnene iyakunqanda ukufutheka, kodwa izwi elihlabayo libangela ulaka.” (IzAga 15:1) Ukukhuluma nokwenza ngokwedelela kubhebhethekisa umlilo, ngokuvamile, okwenza isimo esibi sibe sibi nakakhulu.

  • UJesu wathi: “Umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Mathewu 12:34) Ukwedelela kungaveza inkinga enkulu ekhona—indlela esizizwa ngayo ngabantu bolunye uhlanga nobuzwe noma abakhuliswe ngendlela ehlukile kweyethu.

    Ocwaningweni lwakamuva, olwenziwe kubantu abangaphezu kuka-32 000 emazweni angu-28, abantu abangamaphesenti angu-65 kubo bathi, abantu abasenabo ubuntu ngezinga elikhulu kunakuqala.

SINGABABONISA KANJANI ABANYE INHLONIPHO?

Noma ngabe usesikoleni noma emsebenzini, hlonipha bonke abantu—ngisho noma ngabe imibono yenu ayifani. Thola izinto eningavumelana ngazo. Lokho kuzokusiza ungabagxeki futhi ubahlulele abanye.

“Yekani ukwahlulela ukuze ningahlulelwa.”—Mathewu 7:1.

Phatha abanye ngendlela ongathanda ukuphathwa ngayo. Uma ubacabangela abantu futhi ungakhethi, cishe bayokwenza okufanayo nakuwe.

“Leyo ndlela enifuna abantu benze ngayo kini, yenzani kanjalo nani kubo.”—Luka 6:31.

Thethelela. Ungacabangi ukuthi abantu bakulimaza ngamabomu kodwa zama ukungawanaki amazwi abuhlungu nezenzo ezikuphatha kabi.

“Ukuqondisisa komuntu nakanjani kuyaludambisa ulaka lwakhe, futhi kungubuhle kuye ukushalazelela ukoniwa.”—IzAga 19:11.

YINI OFAKAZI BAKAJEHOVA ABAYENZAYO NGOKUPHATHELENE NENHLONIPHO?

OFakazi BakaJehova bayabahlonipha abanye, la behlala khona nalapho besebenza khona.

Sifundisa abathandayo iBhayibheli mahhala kodwa asibaphoqi ukuba bamukele izinkolelo zethu nemibono yethu. Kunalokho, sizama ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli ngokuxoxa nabo “ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.”—1 Petru 3:15; 2 Thimothewu 2:24.

Asibandlululi muntu futhi emihlanganweni yethu samukela abantu abavela kuzo zonke izizinda, abafuna ukuthola lokho iBhayibheli elikufundisayo. Siyabekezelelana futhi ‘sihlonipha zonke izinhlobo zabantu.’—1 Petru 2:17.

Siyalihlonipha igunya lohulumeni abasiphethe. (Roma 13:1) Sihlonipha umthetho sikhokhe nentela. Ngisho noma singaluthathi uhlangothi kwezepolitiki, siyawahlonipha amalungelo abanye okuzenzela izinqumo uma kuziwa ezindabeni zezepolitiki.