Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Abantu Bengasakuhloniphi Ukuphila?

Kungani Abantu Bengasakuhloniphi Ukuphila?

KUNGANI KUBALULEKILE UKUHLONIPHA UKUPHILA?

Uma wenza izinto ezilimaza impilo yakho noma ezibeka ukuphila kwabanye engcupheni, kubonisa ukuthi awuyihloniphi impilo yakho neyabanye.

  • Ukubhema ugwayi kubangela umdlavuza, bese kuba nzima ngamasosha omzimba ukulwa nawo. Cishe amaphesenti angu-90 abantu ababulawa umdlavuza basuke bebhema noma behlala eduze komuntu obhemayo.

  • Unyaka ngamunye abantu bayacindezeleka ngenxa yezigemegeme zokudutshulwa kwabantu abaningi. Enye iNyuvesi ibika ukuthi: “Ucwaningo lubonisa ukuthi ngisho nalabo abasindayo lapho kuhlaselwa izikole basala bephazamisekile engqondweni futhi becindezelekile ngisho noma sekudlule iminyaka eminingi.”

  • Abantu abashayela bephuzile noma bedle izidakamizwa bafaka ukuphila kwabantu abashayelayo nabahamba ngezinyawo engcupheni. Lapho abantu bengenandaba nokuphila, kulimala abantu abangenacala.

ONGAKWENZA

Vikela impilo yakho. Usengakwazi ukuyeka imikhuba elimazayo enjengokubhema, ukubhema i-vape, ukuphuza ngokweqile nokudla izidakamizwa. Imikhuba enjalo ingalimaza impilo yakho futhi ibonisa ukuthi awunandaba nalabo abasondelene nawe, okuhlanganisa nomndeni wakho.

“Masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama.”—2 Korinte 7:1.

Cabangela ukuphepha kwakho nokwabanye. Ukuze ugweme izingozi, unakekele kahle umuzi wakho. Shayela ngokuphepha, ugcine imoto yakho isesimweni esihle. Ungavumi abanye bakwenzise izinto ezingakulimaza noma zifake impilo yakho engcupheni.

“Uma wakha indlu, kumelwe wenzele nophahla lwakho udonga olufushane, ukuze ungalethi icala legazi endlini yakho ngoba umuntu ewe kuyo.”—Duteronomi 22:8. a

Yiba nomusa kwabanye. Ukuhlonipha ukuphila kuhlanganisa indlela esibheka ngayo abantu abavela kuzo zonke izinhlanga, amazwe, abacebile nabampofu, abafundile nabangafundile. Kungani indlela esibabheka ngayo ibalulekile? Kungenxa yokuthi ubandlululo nenzondo kuyimbangela enkulu yezimpi nodlame emhlabeni.

“Susani kini yonke inhlobo yenzondo, intukuthelo, ulaka, ukuklabalasa nenkulumo elimazayo nayo yonke into elimazayo. Kodwa bonisanani umusa.”—Efesu 4:31, 32.

YINI OFAKAZI BAKAJEHOVA ABAYENZAYO NGOKUPHATHELENE NENHLONIPHO?

OFakazi BakaJehova bafundisa abantu ukuba baphile ngendlela engeke ibalimaze. Izinhlelo esinazo zokufundisa iBhayibheli sezisize abantu abaningi bayeka ukuba yimilutha, bayeka nemikhuba elimazayo.

Sizilandela ngokucophelela iziqondiso zokuphepha emisebenzini yethu yezokwakha. Amavolontiya asiza ekwakheni izakhiwo esihlangana kuzo, nezinye izakhiwo ezisetshenziselwa ukufundisa ngeBhayibheli ayaqeqeshwa ukuze kugwenywe izingozi. Sihlale sizihlola izakhiwo zethu ukuze siqiniseke ukuthi ziyahambisana nemithetho yezokuphepha yendawo.

Siyasiza lapho kunezinhlekelele. Ngonyaka odlule, sisize ezinhlekeleleni ezingaba ngu-200 emhlabeni wonke, sachitha imali enikeliwe eyizigidi ezingu-224 zamaRandi ukuze sisize abathintekile.

Lapho isifo i-Ebola siqala ukuqothula abantu eNtshonalanga ye-Afrika (ngo-2014) naseDemocratic Republic of Congo (ngo-2018), safundisa abantu indlela yokuvimbela ukusabalala kwaleli gciwane elibi. Sathumela abameleli boFakazi BakaJehova ukuba bakhulume namaqembu abantu ngesihloko esithi “Ukulalela Kusindisa Ukuphila.” Sabeka iziteshi zokugeza izandla eminyango yezindawo zethu zokukhulekela, saphinde sagcizelela ukubaluleka kokugeza izandla nokwenza ezinye izinto ezivimbela ukusakazeka kwamagciwane.

Isiteshi somsakazo saseSierra Leone, sancoma oFakazi BakaJehova ngokusiza oFakazi nabantu abangebona oFakazi ukuze bagweme ukungenwa yigciwane le-Ebola.

Isiteshi sokugeza izandla eHholo LoMbuso ngesikhathi kuqubuke i-Ebola ngo-2014 eLiberia

a Lo mthetho owawusebenza kudala eMpumalanga Ephakathi, wawubonisa ukuthi kubaluleke kakhulu ukukhathalela ukuthi amanye amalungu omndeni aphephile.