Kungani Imindeni Ingasahloniphani?
KUNGANI KUBALULEKILE UKUBA UMNDENI UHLONIPHANE?
Uma wonke amalungu omndeni ehloniphana kuba nokuthula ekhaya.
-
Incwadi ethi The Seven Principles for Making Marriage Work ithi, uma abantu abashadile behloniphana, “babonisana uthando ngezindlela ezincane nezindlela ezinkulu nsuku zonke.”
-
Ucwaningo lubonisa ukuthi izingane ezifunda ukuhlonipha abantu zizithemba kakhudlwana, zibe nobudlelwane obuhle nabazali bazo futhi mancane kakhulu amathuba okuba zibe nezinkinga zokuphazamiseka kwengqondo.
UNGAWUBONISA KANJANI UMNDENI WAKHO UKUTHI UYAWUHLONIPHA?
Njengomndeni, xoxani ngale ndaba. Qalani nithole ukuthi wonke umuntu uyaqonda yini ukuthi “inhlonipho” isho ukuthini. Okwesibili, bhalani phansi indlela umuntu ngamunye okufanele aziphathe ngayo nendlela okungamele aziphathe ngayo. Okwesithathu, xoxani ngokuthi umuntu ngamunye emndenini uyazi yini ukuthi angaqalaphi.
Yiba isibonelo. Uyawugxeka yini umndeni wakho lapho wenza amaphutha, uhlekise ngemibono yawo, uwuzibe noma uwungene emlonyeni lapho ukhuluma nawe? Khumbula ukuthi kufanele kube nguwe kuqala obonisa banye inhlonipho.
Icebiso: Zama ukubheka inhlonipho njengento oyikweleta umuntu oshade naye nezingane zakho, hhayi njengento okudingeka bayisebenzele.
Mhloniphe omunye ngisho noma ungavumelani naye. Lapho usho indlela ozizwa ngayo, gwema ukusho izinto ezinjengokuthi “wena uhlezi u. . . ” noma “awukaze u. . . ” Ukusho izinto ezinjalo kungawalimaza noma kuwazwise ubuhlungu amalungu omndeni wakho, kwenze ukungaboni ngaso linye okungatheni kuphenduke ingxabano enkulu.
YINI OFAKAZI BAKAJEHOVA ABAYENZAYO UKUZE BASIZE IMINDENI?
OFakazi BakaJehova basiza imindeni ukuba ihloniphane. Babhala izihloko ezikhuluma ngenhlonipho, izincwadi, izincwajana namavidiyo, okutholakala mahhala.
OKUNGASIZA ABASHADILE: Uchungechunge lwezihloko oluthi Usizo Lomndeni lungasiza abayeni namakhosikazi ukuba . . .
-
babe izilaleli ezinhle
-
bagweme ukungakhulumisani
-
bayeke ukuqophisana
(Funa ingxenye ethi, “Usizo Lomndeni” ku-jw.org)
OKUNGASIZA ABAZALI: Uchungechunge lwezihloko oluthi Usizo Lomndeni lungasiza abazali baqeqeshe izingane zabo ukuba . . .
-
zilalele
-
zisize ngemisebenzi yasekhaya
-
zifunde ukuthi “ngiyacela” nokuthi “ngiyabonga”
(Funa ingxenye ethi “Ukukhulisa Izingane” nethi “Ukukhulisa Intsha” ku-jw.org)
Bheka nesithasiselo esithi, “Imibuzo Ebuzwa Abazali,” encwadini ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo ezisebenzayo, Umqulu 1. (Funa nesihloko esithi “Imibuzo Ebuzwa Abazali” ku-jw.org)
OKUNGASIZA INTSHA: Ingxenye ethi Intsha & Izinsizwa Nezintombi eku-jw.org inezihloko, amavidiyo nekhasi lemisebenzi lentsha okungasiza intsha ukuba . . .
-
izwane nabazali bayo nabafowabo nodadewabo
-
ikhulume ngenhlonipho nabazali bayo ngokuphathelene nemithetho ebekelwa yona ekhaya
-
yenze abazali bayo bayethembe
(Funa ingxenye ethi “Intsha & Izinsizwa Nezintombi” ku-jw.org)
Ungena mahhala ku-jw.org. Awukhokhi lutho, akudingeki nokuba ufake imininingwane yakho.