Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isethulo

Isethulo

Izinto Ezingu-12 Ezenza Imindeni Iphumelele

Sivame ukuzwa ngezinto eziningi ezibangela ukuba imindeni ingaphumeleli. Kodwa ikhona imindeni ejabulayo. Yini eyenza iphumelele?

  • Phakathi kuka-1990 no-2015 laphindeka kabili inani labantu abaneminyaka engaphezu kwengu-50 abadivosa e-United States. Kanti elabaneminyaka engaphezu kwengu-65 laphindeka kathathu.

  • Abazali badidekile: Abanye ochwepheshe bathi kufanele abazali bazincome njalo izingane zabo, kanti abanye bathi akufanele.

  • Intsha ikhula ingenawo amakhono ewadingayo ukuze iphumelele ekuphileni.

Noma kunjalo, iqiniso liwukuthi . . .

  • Umshado ungajabulisa futhi uhlale njalo.

  • Abazali bangafunda ukuyala izingane zabo ngendlela enothando.

  • Intsha ingawafunda amakhono ezowadinga lapho isikhulile.

Kanjani? Le Phaphama! izixoxa ngezinto ezingu-12 ezenza imindeni iphumelele.