Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Yimuphi umthwalo wemfanelo amaKristu anawo ekunciphiseni ukungcoliswa kwendawo yethu esizungezile—izwe, ulwandle, nomoya?

NjengoFakazi BakaJehova, sikhathazeke ngokujulile ngezinkinga eziningi zendawo manje ezithinta ikhaya lethu elingumhlaba. Ngaphezu kwabantu obaningi kakhulu, siyaqonda ukuthi umhlaba wawudalelwe ukuba ube yikhaya elihlanzekile, elinempilo lomkhaya wabantu abaphelele. (Genesise 1:31; 2:15-17; Isaya 45:18) Futhi sinesiqinisekiso sikaNkulunkulu sokuthi ‘uyobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Ngakho kufanelekile ukwenza imizamo elinganiselayo, nenengqondo ukuze sigweme ukwenezela ngokungadingekile ekonakaliseni komuntu okuqhubekayo imbulunga yethu. Nokho, phawula, igama elithi “ngokunengqondo”. Kuyafaneleka futhi nangokomBhalo ukuba siqaphele singavumeli izindaba eziphathelene nendawo esizungezile nemikhuba ukuba zibe yizinto esikhathazeka ngazo ngokweqile.

Ngisho nokuphila komuntu okuvamile kuyalubangela ukungcola. Ngokwesibonelo, ukukhulisa ukulingisa, nokudla imikhiqizo yokudla ngokuvamile kubanla ukungcola, nakuba okuningi kwakho kungase kuphinde kusetshenziswe ngokunenzuzo. (IHubo 1:4; Luka 3:17) Inhlanzi ethosiwe leyo uJesu ovusiwe ayenzela abafundi bakhe cishe yenza intuthu ethile, umlotha, nokungcola kwamanthambo enhlanzi. (Johane 21:9-13) Kodwa izimiso zezinto eziphilaya noma ezingaphili noma imijikelezo yomhlaba iklanyelwe ukukwazi ukusingatha izinto ezinjalo.

Abantu bakaNkulunkulu akufanele babe abangazinaki izindaba zendawo ebazungezile. UJehova wayefuna ukubo abantu bakhe basendulo bathathe izinyathelo zokulahla ukungcola, izinyathelo ezazinokubaluleka kwendawo ebazungezile kanye nokuhlanzeka. (Duteronomi 23:9-14) Futhi njengoba siwazi umbono wakhe ngalabo ababhubhisa umhlaba, ngokuqinisekile akufanele singazinaki izinto esingazenza ukuze sigcine indawo esizungezile ihlanzekile. Lokhu singakubonakalisa ngokulahla imfucumfucu noma ukungcola ngendlela efanele, ikakhulukazi izinta ezinoshevu. Ngenxa kanembeza siyabambisana nemizamo yokwenza izinto ukuba ziphinde zisetshenziswe, sinesizathu esengeziwe sokwenza kanjalo uma lokhu kuyiziyalezo zikaKesari. (Roma 13:1, 5) Futhi abanye abantu bathola ukwaneliseka ngokuthatha izinyathelo ezengeziwe, njengokukhetha ukusebenzisa imikhiqizo engabuye isetshenziswe ngokunenzuzo kunabyo enganezela enqwabeni yokungcola ezweni nangaphansi kwezilwandle.

Nokho, izinga umKristu ayokwenza ngala lokhu kuyindaba yomuntu siqu ngaphandle uma kudingwa umthetho. Ngokwemithombo yezindaba kusabala ukuthi abantu abongaphehle bawela kalula agibeni lokuba abeqisayo. Iseluleko sikaJesu ngokuqinisekile sifanelekile: “Ningahluleli ukuvba ningahlulelwa . . . Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfawenu, kepha ugongolo olusesweni lakho awuluboni, na?” (Mathewu 7:1, 3) Ukugcina lokhu engqondweni kungasisiza ukuba singalahlekelwa umbono wezinye izici ezibalulekile.

Umprofethi uJeremiya wabhala: “Ngiyazi, Jehova, ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo; akukuyo indoda ukuba ihambe, iqondise izinyathelo zayo.” (Jeremiya 10:23) Ukungasinaki lesimiso kuye kwenza isintu sabhekana ‘nezikhothi ezinzima,’ njengoba kuphawulwe kweyesi-2 Thimothewu 3:1-5. Futhi lokho uNkulunkulu akwenza ukuba kulotshwe kusAmbulo 11:18 kubonisa ukuthi imizamo yabantu yokususa emhlabeni izinkinga ezinkulu zendawo esizungezile, kuhlanganise nokungcola, ngeke iphumelele ngokugcwele. Ingase ibe khona intuthuko ethile lapha nalaphaya, kodwa okuwukuphela kwekhambi eliyohlala njalo lidinga ukungenela kukaNkulunkulu.

Ngenxa yalesizathu sigxilisa imizamo yethu nezimali ekhambini laphezulu, kunokuzama ukususa izimpawu ezingaphandle. Kulokhu silandela isibonelo sikaJesu, owasebenzisa ingxenye enkulu yenkonzo yakhe ‘efakazela iqiniso.’ (Johane 18:37) Esikhundleni sokupha izwe ukudla noma asuse izifo zomphakathi ezazisakazeke yonke indawo—kuhlanganise nokungcola—uJesu wakhomba ekhambini eliphelele lezinkinga ezikhathaza isintu.—Johane 6:10-15; 18:36.

Nakuba uthando ngomakhelwane lusishukumisela ukuba sigweme ukungcolisa ngokungadingekile izwe, umoya, namanzi, siyaqhubeka sifakazela iqiniso. Lokhu kuhilela ukufundisa abantu ukuba basebenzise iqiniso leBhayibheli futhi ngaleyondlela bagweme ukonakalisa imizimba yabo ngentuthu, utshwala obuningi ngokweqile, noma izidakamizwa ezilimazayo. Njengoba izigidi zabantu abasha ziye zaba abafundi, ziye zafunda imikhuba yokuhlanzeka neyokucabangela abanye. Ngakho umsebenzi wokushumayela uye waba nengxenye engokoqobo ekuncishisweni kwezinkinga ezivamile zokungcola namuhla. Kodwa okubalubke ngokwengeziwe, abafundi abongamaKristu balwela ukuguqula ubuntu babo nemikhuba manje ukuze bafanelekele ukuphila emhlabeni oyiPharadesi ohlanzekile lowo uNkulunkulu ngokushesha azowulethela abokhulekeli bakhe beqiniso.