Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kuzelwe Indalo Entsha!

Kuzelwe Indalo Entsha!

Kuzelwe Indalo Entsha!

INKOSI ehlakaniphile uSolomoni yake yathi: “Akukho okusha phansi kwelanga.” (UmShumayeli 1:9) Lokho kuyiqiniso ngezwe elingokoqobo esiphila kulo, kodwa kuthiwani ngombuso omkhulu wezidalwa zikaJehova ezingokomoya? Kulowombuso, lowo omkhulu kunoSolomoni, yebo, owayengumuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila, waba yisidalwa esisha esiphawulekayo. Kwenzeka kanjani lokhu?

Ngonyaka ka-29 weSikhathi sethu Esivamile, umuntu ophelele, uJesu, wazibonakalisa ukuze abhapathizwe uJohane eMfuleni iJordani. “UJesu esebhapathiziwe wakhuphuka masinyane emanzini; bheka, izulu lavuleka, wabona uMoya kaNkulunkulu ehla njengejuba, eza phezu kwakhe. Bheka, kwavela izwi ezulwini lithi: Lo uyiNdodana yami ethandekayo engithokozile ngayo.” (Mathewu 3:16, 17) Kanjalo, umuntu uKristu Jesu waba owokuqala endalweni entsha, owagcotshelwa ukwenza intando kaNkulunkulu. Kamuva, ngesisekelo sokufa kwakhe komhlatshelo, uJesu waba uMlamuleli wesivumelwano esisha phakathi kukaNkulunkulu neqembu elikhethiwe labantu. Ngamunye walaba uye waba “isidalwa esisha,” esizelwe ngomoya kaNkulunkulu ukuba sibe nethemba lasezulwini, benethemba lokubusa noJesu eMbusweni wakhe wasezulwini.—2 Korinte 5:17; 1 Thimothewu 2:5, 6; Heberu 9:15.

Kuwo wonke lamakhulu eminyaka, lamaKristu agcotshiwe, azelwe ngomoya aye ahlanganiselwa ebunyeni noKristu njengebandla lobuKristu leqiniso, nalo ngokwalo eliyindalo entsha. UNkulunkulu walibiza ukuba liphume kulelizwe ngenjongo, njengoba umphostoli uPetru esho: “Nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo, ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.” (1 Petru 2:9) NjengoJesu Kristu, isidalwa sikaNkulunkulu esisha sokuqala, lendalo entsha elandelayo inesibopho esiyinhloko sokushumayela izindaba ezinhle. (Luka 4:18,19) Amalungu ayo, ngamanye, ekugcineni aba yinani labayizi-144 000, kumelwe ‘embathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.’ (Efesu 4:24; IsAmbulo 14:1, 3) Lokhu kudinga ukuba ahlakulele aizithelo zikaMoya,” ezichazwe kweyabaseGalathiya 5:22, 23, futhi ngokwethembeka anakekele akuphathisiwe.—1 Korinte 4:2; 9:16.

Kuthiwani ngalendalo entsha ezikhathini zanamuhla? Ngonyaka ka-1914, njengoba uhlu lokulandelana kwezenzakalo zeBhayibheli lubonisa, amazwi esAmbulo 11:15 agcwaliseka: “Umbuso wezwe usungoweNkosi yethu [uJehova] nokaKristu wayo; iyakubusa kuze kubephakade naphakade.” Isenzo sikaKristu sokuqala njengeNkosi esanda kumiswa sasiwukukhipha uSathane nezingelosi zakhe ezingamademoni ezulwini baphonselwe phansi emhlabeni. Lokhu kwaletha ‘umaye emhlabeni,’ usesimweni sempi yezwe yokuqala nokucindezeleka okwaba umphumela wayo.—IsAmbulo 12:9, 12, 17.

Lokhu futhi kwasebenza njengesixwayiso kwabasasele emhlabeni bendalo entsha sokuthi kumelwe bahlanganyele ekugcwaliseni isiprofetho sikaJesu: “Lelivangeli lombuso [omisiwe] liyakushunyayelwa ezweni lonke, kube ngubufakazi ezizweni zonke; andukuba kufike ukuphela.” Kuyini lokho “kuphela”? Wesu uyaqhubeka echaza: “Lapho kuyakuba-khona usizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube-manje nolungasayikuba-khona. Uma lezozinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe-muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezozinsuku ziyakufinyezwa.”—Mathewu 24:3-14, 21, 22.

Umoya kaJehova washukumisa labo abagcotshiwe bendalo yakhe entsha ukuba babe matasa emkhankasweni omkhulu wokushumayela owake waba khona kulomhlaba. Lisuka ezinkulungwaneni ezimbalwa ngo-1919, inani lalabamemezeli boMbuso abashisekayo landa laba abalinganiselwa ku-50 000 phakathi nawo-1930. Njengoba kwaprofethwa, “izwi labo liphumele emhlabeni wonke, nokusho kwabo kuye nasemikhawulweni yelakhiweyo.”—Roma 10:18.

Ingabe abasele bendalo entsha kuyoba yibo kuphela abaqoqelwa ukusindiswa? Akunjalo, ngoba isiprofetho sasithe izingelosi zikaNkulunkulu ziyobamba imimoya yosizi olukhulu kuze kube yilapho ukuqoqwa sekuphelelisiwe hhayi nje okwalamaIsrayeli angokomoya aya ezulwini kuphela kodwa futhi nokwabanye, “isixuku esikhulu ebesingenakubalwa-muntu, sivela kuzo zonke izizwe, nemindeni, nabantu, nezilimi.” Kukuphi lapho siyoya khona? Phela, siyophuma singenamyocu “osizini olukhulu” ukuze sijabulele ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi!—IsAmbulo 7:1-4, 9, 14.

Ngokujabulisayo, lesixuku esikhulu, esiqoqwe emazweni angaba ngu-229, siye sanda saba oFakazi abashisekayo abacishe babe ngu-4 500 000. Kunabaningi ngokwengeziwe abezayo, njengoba kuboniswa yinani labangu-11 431 171 ababekhona eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu ngoApril 17 ngonyaka odlule. Kuzo zonke lezigidi, bangu-8 683 kuphela, abathi bangabaseleyo emhlabeni bendalo entsha, abahlanganyela ezifanekiselweni zeSikhumbuzo. Labo abakuleliqembu elincane, bebengeke, ngamandla abo, bawufeze umsebenzi omkhulu wanamuhla wokushumayela. Izigidi ezakha isixuku esikhulu manje zisebenza ngokubambisana nabo ekufezeni lomsebenzi. (Zefaniya 3:9) Ngaphezu kwalokho, amalungu esixuku esikhulu aqeqeshwe kahle manje enza imisebenzi yokwengamela neminye ebalulekile ekanye neNdikimba Ebusayo egcotshiwe kaIsrayeli ongokomoya, njengoba nje amaNethini angewona amaIsrayeli asebenza nabapristi elungisa izindonga zeJerusalema.—Nehemiya 3:22-26.

Indalo ‘Yamazulu Amasha Nomhlaba Omusha’

Yeka injabulo ehambisana nalokhu kuqoqwa! Kunjengoba nje uJehova atbi kwakuyoba njalo: Bheka, ngiyadala izulu elisha nomhlaba omusha; izinto zakuqala aziyikukhunjulwa, zingene enhliziyweni. Kepha jabulani, nethabe kuze kube-phakade ngengikudalayo, ngokuba bheka, ngilidala iJerusalema libe-ngukwethaba, nabantu balo babe-yinjabulo. Ngiyakwethaba nge-Jerusalema, ngijabule ngabantu bami, kungabe kusezwakala izwi lokulila nezwi lokukhala.” (Isaya 65:17-19) Amazulu amasha endalo kaJehova ekugcineni ayokwakhiwa uKristu Jesu namalungu avusiwe angu-144 000 endalo entsha aye athengwa esintwini emakhulwini eminyaka angu-19 adlule. Akhazimula kakhulu kunanoma yimuphi uhulumeni wasemhlabeni owabusa eJerusalema elingokoqobo, ngisho nalowo wosuku lukaSolomoni. Ahlanganisa iJerusalema Elisha, umuzi wasezulwini, ochazwe ngabo bonke ubuhle bawo obukhazimulayo kusAmbulo isahluko 21.

IJerusalema Elisha liwumlobokazi kaKristu ongokomoya, abalandeli bakhe abagcotshiwe abangu-144 000, abahlangana noMyeni wabo ezulwini ngemva kokufa kwabo nokuvuswa okungokomoya. KusAmbulo 21:1-4 bachazwe ‘njengabehla bevela ezulwini kuNkulunkulu,’ okusho ukuthi basetshenziswa nguye ekuletheni izibusiso esintwini lapha emhlabeni. Ngalendlela isiprofetho siyagcwaliseka: “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe-ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe-nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikubakhona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”

Yeka ukuthi singabonga kangakanani ngendalo kaNkulunkulu yalawomazulu amasha! Ngokungafani nemibuso yesikhashana, eyonakele eye yahlupha isintu isikhathi eside kangaka, lelilungiselelo likaNkulunkulu likahulumeni liyohlala njalo. Indalo entsha nenzalo yayo, isixuku esikhlllu, iyajabula ngesithembiso sikaNkulunkulu esengeziwe: “Ngokuba njengokuba izulu elisha nomhlaba omusha engiyakukwenza kuyakuma phambi kwami, usho uJehova, kanjalo kuyakuma inzalo yakho negama lakho.”—Isaya 66:22.

‘Umhlaba omusha’ uqaliswa ngalenzalo yabagcotshiweyo bendalo entsha. Iwumphakathi wesintu omusha, owesaba uNkulunkulu emhlabeni. Inzondo, ubugebengu, ubudlova, ukonakala, nokuziphatha okubi emphakathini wesintu namuhla ngokuqinisekile kuqokomisa isidingo sokushintshela ngokuphelele emphakathini omusha womhlaba, osebenza ngaphansi kwesiqondiso samazulu amasha amnene. Yilokho udehova akuhlosile. Njengoba nje eye wadala amazulu amasha, ngokufanayo udala umhlaba omusha ngokuhlanganisa isixuku esikhulu njengengxenye eyinhloko yomphakathi wezwe elisha onokuthula. Yilomphakathi kuphela oyosinda uphila ‘osizini olukhulu.’—IsAmbulo 7:14.

Yini esingayilindela ngemva kosizi olukhulu? Ekhuluma nabaphostoli bakhe, abokuqala balabo abakha amazulu amasha ayobusa umhlaba omusha, uJesu wathembisa: “Ngiqinisile ngithi kini: Nina eningilandeleyo, ngokuphindukuzalwa lapho iNdodana yomuntu isihlezi esihlalweni senkazimulo yayo, nani niyakuhlala ezihlalweni zobukhosi eziyishumi nambili.” (Mathewu 19:28) Bonke abangu-144 000 baleliJerusalema Elisha bayohlanganyela noJesu ekwahluleleni isintu. Khona-ke uthando luyothatha isikhundla sobugovu nenzondo njengesisekelo umphakathi wesintu owakhelwe kuso. Izinkinga zezizwej ubuhlanga, nobuzwe kuyoqedwa. Uvuko luyobuyisa abathandekayo kancane kancane. Isintu esithembekile ngozigidi zaso siyoba umkhaya owodwa omkhulu, onobunye, ophakanyiselwe ekuphileni okuphakade emhlabeni oguqulwe waba yipharadesi.

Lokhu kuyoba ngaphezu kwezwe lasemaphusheni okuthiwa konke kulihambela kahle. Kuyoh yindalo ehlala njalo—‘amazulu amasha nomhhba omusha esikulindele ngesithembiso sakhe, okukhona kuwo ukulunga’! (2 Petru 3:13) Ngokuqini8ekile, leli yithemba elimangalisayo; isithembiso esihle kakhulu salowo owathi, “Bheka, ngenza konke kube kusha,” futhi owanezela lamazwi ashukumisa ukholo: “Lawamwi athembekile aqinisile.”—IsAmbulo 21:5.