Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMdali Wethu OMuhle Nemisebenzi Yakhe

UMdali Wethu OMuhle Nemisebenzi Yakhe

UMdali Wethu OMuhle Nemisebenzi Yakhe

YEKA indlela ezinhle ngayo! Izimpophoma ezidumayo i-Iguacu noma iNiagara, izihosha ezinkulu zaseArizona noma eHawaii, umngenela omuhle wolwandle ophahlwe amawa waseNorway noma eNew Zealand—yeka ukwazisa lezimangaliso zemvelo ezikubangelayo! Kodwa ingabe zimane nje ziyimikhiqizo evele ngenhlanhla yalokho okubizwa ngokuthi uNina Wemvelo? Cha, zingaphezulu kakhulu kwalokho! Ziyimisebenzi esabekayo yoMdali Omuhle, uBaba wasezulwini onothando iNkosi uSolomoni eyabhala lokhu ngaye: “Wenzile konke kube-kuhle esikhathini sakho, ubekile nokuphakade ezinhliziyweni zabo; nokho umuntu angefumane umsebenzi awenzile uNkulunkulu kwasekuqaleni kuze kube-sekupheleni.” (UmShumayeli 3:11) Ngempela, kungadinga isikhathi esiphakade ngabantu ukuba bayihlole yonke imisebenzi ekhazimulayo uMdali wethu aye wayigcwalisa endaweni yonke.

Yeka uMdali Omuhle esinye! Futhi yeka indlela esijabula ngayo ngokuthi loNkulunkulu onamandla onke “ekugcineni kwalemihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe-yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe.” (Heberu 1:2) LeNdodana, uJesu Kristu, yazazisa izinto ezinhle zendalo kaYise. Yayibhekisela kuzo njalo lapho ibonisa izinjongo zikaYise nalapho ikhuluma amazwi akhuthazayo ezilalelini zayo. (Mathewu 6:28-30; Johane 4:35, 36) “Ngokukholwa” abaningi baye baqonda ukuthi izimangaliso zendalo ‘zahlelwa ngezwi likaNkulunkulu.’ (Heberu 11:3) Ukuphila kwethu kwansuku zonke kufanele kubonise ukholo olunjalo.—Jakobe 2:14, 26.

Zinhle ngempela izinto ezidalwe uNkulunkulu wethu. Zibonisa ngendlela emangalisayo ukuhlakanipha kwakhe, amandla akhe, ukulunga kwakhe, nothando Iwakhe. Ngokwesibonelo, wawumisa watsheka umhlaba wethu futhi wawenza ukuba uzungeze ilanga ukuze indalo yakhe yesikhathi esizayo, umuntu, ikwazi ukujabulela ukulandelana okujabulisayo kwezinkathi zonyaka. UNkulunkulu wathi: “Umhlaba usekhona, ukutshala nokuvuna, amakhaza nokufudumala, ihlobo nobusika, imini nobusuku akuyikunqamuka.” (Genesise 8:22) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu wenza ukuba umhlaba wethu ugcwale okusansimbi okuyigugu. Ikakhulukazi, walungiselela amathantala amanzi, kamuva ayeyoba yisakhi esibalulekile nesisekelo sakho konke ukuphila kwasemhlabeni.

Ngokulandelana okuhlelekile ‘kwezinsuku zokudala’ eziyisithupha, ngalunye luyizinkulungwane zeminyaka ubude, ‘umoya kaNkulunkulu’ waqhubeka ulungiselela umhlaba ukuze ube yindawo yomuntu yokuhlala. Ukukhanya okusenza sikwazi ukubona, umoya esiwuphefumulayo, umhlaba owomileyo esihlala kuwo, uhlaza, ukulandelana kwemini nobusuku, izinhlanzi, izinyoni, izilwane—konke kwadalwa uMdali wethu oMuhle ngokulandelana ukuze kukhonze umuntu futhi kumjabulise. (Genesise 1:2-25) Ngokuqinisekile, singahlanganyela nomhubi ekubabazeni: “Jehova, yeka ubuningi bemisebenzi yakho; yonke uyenzile ngokuhlakanipha; umhlaba ugcwele izidalwa zakho.”—IHubo 104:24.

Indalo KaNkulunkulu Ewubuciko

Njengoba “usuku” Iwesithupha lokudala Iwalusondela ekupheleni, uNkulunkulu wenza indoda kamuva wenza umsizi wayo, owesifazane. Yeka umvuthwandaba owubuciko endalweni yasemhlabeni, omangalisa kakhulu ukwedlula yonke indalo ebonakalayo eyayenziwe ngaphambili! IHubo 115:16 liyasitshela: “Izulu liyizulu likaJehova, kepha umhlaba wawunika abantwana babantu.” Ngokufanelekile, uJehova wasiklama thina miphefumulo engabantu ngendlela yokuba sikwazi ukujabulela nokusebenzisa indalo yakhe ayenze ngaphambidlana emhlabeni. Yeka indlela okufanele sibonge ngayo ngenxa yamehlo ethu—ayinkimbinkimbi ukwedlula umshini wokuthwebula izithombe omuhle kakhulu—angase akwazi ukubona izwe elinemibalabala ehlukahlukene elisizungezile! Sinezindlebe—ezingcono kunanoma yisiphi isimiso sesound esenziwe umuntu—zokusisiza ukuba sijabulele ingxoxo, umculo, nomculo omtoti wezinyoni. Sinesimiso sokukhuluma esakhelwe ngaphakathi, kuhlanganise nolimi olunemisebenzi eminingi. Izinzwa zolimi zokunambitha, kuhlanganise nenzwa yethu yokunuka, nazo zibangela injabulo yokujabulela izinhlobonhlobo ezingapheli zokudla. Futhi yeka indlela esikwazisa ngayo ukuthinta kwesandla esinothando! Ngokuqinisekile, singambonga uMdali wethu, njengoba kwenza umhubi owathi: “Ngiyakukubonga, ngokuba ngenziwa ngokwesabekayo nangokumangalisayo; imisebenzi yakho iyamangalisa; umphefumulo wami uyakwazi kahle.”—IHubo 139:14.

Umusa Wothando WoMdali Wethu

Umhubi wabhala: ‘Bongani uJehova, ngokuba muhle, yena engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe [wothando, NW] umi phakade.’ (IHubo 136:1-4) Lowomusa wothando manje umshukumisela ukuba enze izinto ezimangalisayo ezinhle kakhulu ukwedlula yonke indalo esisanda kuyichaza. Yebo, ngisho nakuba ephumule ekudaleni izinto ezibonakalayo, uyadala ngezinga elingokomoya. Lokhu ukwenza njengempendulo enseleleni embi ayibekelwa ngokuqondile. Kanjani?

Indoda nowesifazane bokuqala babebekwe epharadesi elikhazimulayo, e-Edene. Nokho, ingelosi eyimbuka, uSathane, yazimisa njengonkulunkulu futhi yaholela lowombhangqwana ongabantu ekubeni uvukele uJehova. Ngokufanelekile, uNkulunkulu wabanika isigwebo sokufa, okwaphumela ekubeni abantwana babo, lonke uhlanga lwesintu, bazalelwe esimweni sokuba nesono nokufa. (IHubo 51:5) Ukulandisa kweBhayibheli okuphathelene noJobe kubonisa ukuthi uSathane wabekela uNkulunkulu inselele, ethi akekho umuntu ongagcina ubuqotho kuYe ngaphansi kovivinyo. Kodwa uJobe wabonisa ukuthi uSathane ungumqambimanga omubi, njengoba kuye kwenza ezinye izinceku zikaNkulunkulu eziningi ezithembekile ezikhathini zeBhayibheli kuze kufike nasosukwini lwethu. (Jobe 1:7-12; 2:2-5, 9, 10; 27:5) Wesu, njengomuntu ophelele, wanikeza isibonelo sokugcina ubuqotho okungenakulinganiswa.—1 Petru 2:21-23.

Ngakho, uJesu wayengase athi “Umbusi wezwe [uSathane], . . . akanalutho kimi.” (Johane 14:30) Nokho, kuze kube namuhla, uizwe lonke lisemandleni omubi.” (1 Johane 5:19, qhathanisa neNW) Njengoba engabaze ukufaneleka kobukhosi bukaJehova, uSathane uye wanikezwa iminyaka engaba ngu-6 000 ukuze abonise ukuthi ukubusa kwakhe isintu kungaphumelela yini. Yeka ukuthi uye wahluleka ngokudabukisa kanjani, njengoba izimo zezwe eziwohlokayo ziqhubeka zikufakazela! UNkulunkulu wethu onothando, uJehova, ngokushesha uzosusa lomphakathi wezwe owonakele, amise ubukhosi bakhe obufanele phezu komhlaba. Yeka ukukhululeka okujabulisayo lokho okuyokulethela abantu abalangazelela ukubusa okunokuthula, nokokulunga!—IHubo 37:9-11; 83:17, 18.

Nokho, akupheleli lapho! Umusa wothando kaNkulunkulu uyoqhubeka uboniswa ngesisekelo samazwi kaJesu akuJohane 3:16: “UNkulunkulu walithanda izwe [lesintu] kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe-nokuphila okuphakade.” Lokhu kubuyiselwa kwethuba lokuphila okuphakade esintwini emhlabeni kuhilela ukudala izinto ezintsha. Ziyini lezinto? Zisizuzisa kaniani isintu esibubulayo? Isihloko sethu esilandelayo sizobonisa.