Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UNkulunkulu Akalukhohlwa ‘Uthando Enalubonakalisa Ngakulo Igama Lakhe’

UNkulunkulu Akalukhohlwa ‘Uthando Enalubonakalisa Ngakulo Igama Lakhe’

UNkulunkulu Akalukhohlwa ‘Uthando Enalubonakalisa Ngakulo Igama Lakhe’

“UNKULUNKULU kasiye ongalungile ukuba akhohlwe umsebenzi wenu nothando enalubonakalisa ngakulo igama lakhe, lokhu nibakhonzile abangcwele, nisabakhonza.” (Heberu 6:10) Lamazwi omphostoli uPawulu ayiqiniso koFakazi BakaJehova eMpumalanga Yurophu. Bekhonza ngokwethembeka ngenxa yegama likaNkulunkulu, amashumi eminyaka baye basebenza kanzima isikhathi eside ngaphansi kwemingcele eyayibekwe ohulumeni ababelawulwa yizwe elaliyiSoviet. UJehova uyayikhumbula imisebenzi yabo emihle futhi ubathululela izibusiso zoMbuso. Ngokwesibonelo, ake sibheke umbiko wonyaka wenkonzo odlule ovela nje kwezintathu zalezozindawo.

Amasimu Asezweni ElaliyiSoviet Union

Amasimu ezwe elaliyiSoviet Union abika ukuthi phakathi nonyaka wenkonzo ka-1992, inani eliphakeme labamemezeli boMbuso landa ngamaphesenti angu-35—lisuka ku-49 171 liya ku-66 211! Kodwa akupheleli lapho, ngoba labo bamemezeli bebematasa kakhulu, njengoba kuboniswa ukwanda; okuhle kwezincwadi zeBhayibheli ezihanjisiwe, kuhlanganise nomagazini. Baye bazisebenzisa kahle izincwajana ezingangomagazini nezincwajana futhi, bahambisa ezingu-1 654 569. Lokho kungaphezu kwenani langonyaka odlule elingu-477 235 liphindwe kathathu! Abantu baye basabela kanjani kulezincwadi ezihanjisiwe? Inani lezifundo zeBhayibheli zasekhaya liye laphindeka kabili. Manje kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingu-38 484.

Futhi, ukuhlangsnyela enkonzweni yamaphayona asizayo kwaphakama ngamaphesenti angu-94. Lokhu ngokusobala kuye kjnengxenye enanini elivelele labafundi abasanda kubhapathizwa, elingu-26 986, uma liqhathaniswa nelangonyaka odlule elingu-4 570, ukwanda okumangalisayo kwamaphesenti angu-311!

Kwenzeka kanjani ukuba abanye abasanda kubhapathizwa babe nesithakazelo ezindabeni ezinhle? Ngezinye izikhathi ukukhathalela okujulile kukaFakazi oqhuba isifundo kwaba yimbangela. Umbonisi owengamele waseMoldova uyalandisa:

“Mina nomkami savakashela owesifazane ngaphambili owayebonise isithakazelo eqinisweni leBhayibheli. Kwaqaliswa naye isifundo seBhayibheli. Nokho, umyeni wakhe wayengenaso nhlobo isithakazelo. Ngolunye usuku sasisendleleni siyomvakashela ukuze siqhubeke nesifundo, isimo sezulu sasibanda futhi likhithika. Kwakungekho muntu emgwaqweni, kodwa safika ekhaya lakhe ngaso kanye isikhathi esasimisiwe. Watshela umyeni wakhe: ‘Uyabona ukuthi labantu basikhathalela kangakanani? Bafika ngesikhathi nakuba likhithika.’ Lesenzakalo sabangela umyeni wakhe ukuba acabange. Waguqula ingqondo yakhe futhi wahlanganyela esifundweni, futhi manje yena nomkakhe bangoFakazi ababhapathiziwe.”

Ngezinye izikhathi ukuba nomusa kukaFakazi kungase kuvuse isithakazelo ezindabeni ezinhle. Umdala, naye ongowaseMoldova, waba nalokhu okuhlangenwe nakho:

“Owesilisa engamvakashela ensimini engangishumayela kuyo wayengenaso isithakazelo koFakazi BakaJehova. Wathi wayeyilungu lobuOrthodox, njengoyise nomkhulu wakhe. Ngakho wangicela ukuba ngiphume ngiphele emagcekeni. Nokho, ngaphambi kokuba ngihambe, wanginikeza ithuba lokuba ngimtshele isizathu sokuvakasha kwami. Ngakhomba kuMathewu 28:19, othi: ‘Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele.’ Khona-ke ngabe sengimnikeza ikheli lendawo yethu yokuhlanganyela futhi ngahamba. Okwangimangaza, ukuthi sekuphele isonto elilodwa kamuva lendoda yafika emhlanganweni wethu webandla! Yahlala isimiso saze saphela. Yachaza ukuthi isonto lonke, yayikade inomuzwa wokuzisola ngenxa yokungabi nabungane kimina. Isifundo seBhayibheli saqalisa ngokushesha, futhi manje isingomunye wabafowethu.”

Esinye isici esivelele salonyaka wenkonzo kuye kwaba ukusabela okumangalisayo ezidingweni zabazalwane bethu kuleyondawo. Phakathi nobusika buka-1991 no-1992, ukudla okungaba amathani angu-400 nokokwembatha okuningi kwabesilisa, abesifazane, nezingane kwathunyelwa kulabo abaswele. Lamalungiselelo athunyelwa cishe kuzo zonke izingxenye zensimu yezwe elaliyiSoviet Union, kuze kuyofinyelela ngisho naseIrkutsk eSiberia naseKhabarovsk, eduze neJapane. Ngempela kuwuphawu oluhlaba umxhwele ukuthi uJehova akalukhohliwe uthando abazalwane bethu abaye balubonakalisa ngakulo igama lakhe! Lokhu kubonakaliswa kothando lobuzalwane olwashukunyiswa umoya kaJehova nako kuye kwaba nomphumela wokubahlanganisa nomkhaya wabo womhlaba wonke. Ngokwesibonelo, omunye udade eUkraine wabhalela ihhovisi legatsha:

“Usizo enasinikeza lona Iwazithinta ngokujulile izinhliziyo zethu. Sakhala futhi sabonga uJehova uNkulunkulu ngokungasikhohlwa. Yiqiniso, manje sinobunzima bezinto ezibonakalayo, kodwa ngenxa yosizo olwafika luvela kubazalwane bethu baseNtshonalanga, salulama ngokwezinto ezibonakalayo. Manje, ngenxa yosizo lwenu, umkhaya wethu uzokwazi ukunikela isikhathi esengeziwe enkonzweni kaJehova. Uma kuyintando kaJehova, mina nendodakazi yami siyongenela ubuphayona obusizayo ezinyangeni zasehlobo.”

Ngaphezu kwalokho, imizamo yokunikeza usizo yanikeza ubufakazi kubantu bangaphandle ngoba ababukelayo babebona ukuthi oFakazi babonisa uthando ngezenzo zabo. Umkhaya othile wakwelinye ibandla wabhala: “Sathola usizo Iwezinto ezibonakalayo olwaluhlanganisa ukudla nokokwembatha. Kuningi kakhulu! Ukusekela kwenu nesikhuthazo kuyisifundo kithi sokuthi nathi kufanele senze okuhle kwabanye. Lesenzo sothando abazange bangasiphawuli abangakholwa, ngisho nabantu abathakazelayo nemikhaya yabo; siye saba ubufakazi obukhulu bobuzalwane beqiniso.”

Imihlangano yesigodi emihlanu nomhlangano owodwa wezizwe zonke eyayingoJune nangoJuly odlule, eyayinesihloko esithi “Abaphathi Bokukhanya,” yayingobunye ubufakazi besibusiso sikaJehova emsebenzini wokuzikhandla woFakazi bakhe nothando abaye balubonakalisa ngokwenza igama lakhe laziwe. Kulemihlangano kwakunabantu abangu-91 673, futhi kwabhapathizwa abangu-8 562. Abantu abaningi kakhulu babeseSt. Petersburg, lapho kwakukhona umhlangano wezizwe zonke, lapho abangu-46 214—kuhlanganise nezihambeli zomhlangano ezivela emazweni acishe abe ngu-30 emhlabeni wonke—bahlangana eNkundleni Yezemidlalo eKirov.

ESiberia owesilisa othile oneminyaka yobudala engaba ngu-60 wafika ezinkundleni zomhlangano eIrkutsk ukuba nje azobukela. Wathi: “Zonke izihambeli zomhlangano zigqoke kahle, zinobuso obumomothekayo, futhi zinomusa komunye nomunye. Labantu banjengomkhaya owodwa onobunye. Umuntu uyabona ukuthi bangabangane hhayi kuphela enkundleni kodwa futhi nasekuphileni kwansuku zonke. Ngithole izincwadi zeBhayibheli ezinhle kakhulu futhi ngifunde kangcono kakhulu ukuthi lenhlangano iwuhlobo luni Iwenhlangano. Ngifuna ukuhlala ngithintana noFakazi BakaJehova futhi ngitadishe iBhayibheli nabo.”

Emhlanganweni ofanayo eIrkutsk, lapho kwakukhona abangu-5 051, owesifazane othile othakazelayo waseRepublic yaseYakut, eSiberia, waphawula: “Ngibuka abantu, futhi ngifune ukukhala ngenxa yenjabulo. Ngibonga kakhulu kuJehova ngokuthi wangisiza ukuba ngazi abantu abanjena. Lapha emhlanganweni, ngithole izincwadi, futhi ngifuna ukukhuluma nabanye ngazo. Ngifuna ngempela ukuba umkhulekeli kaJehova.”

Umqondisi weCentral Stadium eAlma Ata, eKazakhstan, lapho kwakukhona abantu abangu-6 605 emhlanganweni, washo lokhu okulandelayo: “Isimo senu sengqondo singihlaba umxhwele. Manje ngiyaqiniseka ngokuthi nonke, abancane nabadala, ningabantu abahloniphekayo. Ngeke ngisho ukuthi ngiyakholelwa kuNkulunkulu, kodwa ngiyazikholelwa izinto ezingcwele ezidluliswa ubuzalwane benu, nesimo senu sengqondo ngezinto ezibalulekile ezingokomoya nezibonakalayo.”

Esinye isikhulu samaphoyisa emhlanganweni eAlma Ata saphawula: “Sengiye ngasebenzelana nani kabili, isikhathi ngasinye nisemhlanganweni. Kujabulisa kakhulu ukusebenza noFakazi BakaJehova.”

IRomania

UJehova akalukhohliwe uthando abazalwane baseRomania abaye balubonakalisa ngakulo igama lakhe. Kulonyaka wenkonzo odlule kwenzeke izenzakalo eziningi ezijabulisayo koFakazi. Okokuqala, kwaphinda kwamiswa ihhovisi legatsha eBucharest. Umsebenzi wokugcina owawugunyazwe ngokomthetho waphela ngo-1949. Lelihhovisi linabazalwane nodade abangaba ngu-20 abasebenza ezakhiweni ezintsha. Lelihhovisi legatsha likhonza abamemezeli abangu-24 752—inani eliphakeme kunawo wonke elimelela ukwanda ngamaphesenti angu-21 ngaphezu kwesilinganiso sangonyaka odlule.

Ngemva kweminyaka yokushumayela ngomshosha-phansi, abamemezeli bazijwayelanisa kangcono nomsebenzi wokushumayela obala endlini ngendlu. Okuhlangenwe nakho okuvela eSifundeni saseMure kubonisa indlela abanye oFakazi abalisebenzisa kahle ngayo noma yiliphi ithuba lokushumayela kwabanye, ngisho noma besendleleni. Ihhovisi legatsha liyabhala:

“Ummemezeli othile wanquma ukushumayela egunjini ngalinye lesitimela. Abantu ngokuvamile basabela kahle, kodwa egunjini lokugcina, kwaphakama izinkinga ezithile. Akekho noyedwa umuntu owayefuna ukwamukela ikhophi kamagazini wethu. Ekugcineni, indoda ethile, icasukile ngempela, yasukuma futhi yamemeza: ‘Ngizobalahla ngewindi bonke labomagazini bakho! Kungani usihlupha kangaka ngenkolo yakho?’ Ngomusa lommemezeli waphendula ngokuthi ngisho noma ayengabalahla omagazini, othile wayengazuza esenzweni sakhe—labo ababezobacosha labomagazini. Iphawula ukuba nesizotha kommemezeli, lendoda yahlabeka umxhwele kangangokuba yathatha omagazini futhi yaqala ukubahambisa yona ngokwayo kwabanye ababekuleligumbi. Ngokumangalisayo, bonke bawuthatha umagazini. Ngemva kokubahambisa, lendoda yayingasenawo amakhophi ayo siqu. Ngakho-ke, lommemezeli wayibuza: ‘Mnumzane, ingabe awufuni ukuzitholela abakho omagazini?’ Lapho esho lokho lendoda yahlwitha umagazini owodwa kothile owayenamakhophi amabili futhi yathi: ‘Manje senginayo ikhophi eyodwa!’”

Emazweni amaningi umsebenzi wokushumayela woFakazi BakaJehova ngezinye izikhathi uye wavusa ukuphikisa kwabefundisi beLobukholwa. ERomania, abapristi beSonto lobuOrthodox ngokuvamile bayabathukuthelela oFakazi. Kodwa lokhu akunakumvimbela uJehova ukuba abusise abantu bakhe ngenxa yothando abaye balubonakalisa ngakulo igama lakhe. Umbonisi othile wesifunda uyabhala:

“Sikanye nebandla lendawo, saya enkonzweni emaphandleni. Kwakunabazalwane abayikhulu. Saqasha ibhasi elasihambisa amakhilomitha angu-50 ukuya emaphandleni, edolobheni elincane. Samemela abaningi enkulumweni yeningi eyayizoba sehholo iCultural Home. Ngokushesha lapho umhlangano usuqalile, umpristi wesonto lobuOrthodox wafika ukuze aphazamise umhlangano wethu. Izikhulu zamaphoyisa zazama ukunqanda lompristi. Nakuba kunjalo, wanqaba ukuzithoba. Waphumelela ukumisa umhlangano lapho ephihliza ingilazi yesicabha sendawo eyinhloko yokungena. Nokho, abantu abaningi abazange bavumelane nhlobo nesenzo sompristi. Khona-ke kwanikezwa ubufakazi obukhulu kubo bonke ababekhona, futhi kwahanjiswa izincwadi eziningi.”

Ngeshwa, kwezinye izingxenye zezwe, kunoFakazi abambalwa kakhulu. Lapho iphayona elivamile lifika okokuqala esifundeni saseOlt, lathola abazalwane abayisishiyagalolunye kuphela ensimini enkulu ababezoshumayela kuyo esifundeni sonke. Ngemva konyaka inani loFakazi lakhula laba ngu-27, abayisihlanu babo kwakungabamemezeli ababevuselelwe. Leliphayona lathola indawo yokuhlala edolobheni laseCorabia, lapho babengekho nhlobo oFakazi. Ngemva kokuba oFakazi belapho izinsuku ezingu-45 kuphela, umpristi wendawo oqondisa lesifunda waphikisa umsebenzi wabo emsakazweni waseCraiova. Wathi “babehlasele” idolobha laseCorabia ngezimfundiso zabo, bezama ukwenza abantu bashintshe inkolo yabo. Lokuhlasela kwaqhubeka, ngenhloso yokumisa umsebenzi nokonakalisa idumela loFakazi kuleyondawo. Konke kwafinyelela umvuthwandaba lapho abazalwane bendawo beseBucharest emhlanganweni wesigodi. Lompristi wesifunda wobuOrthodox waseCorabia wenza isimemezelo esinamandla ngemva kwenkonzo yesonto lakhe: “Kufanele sonke sibhikishe emgwaqweni ukuze senze amaphoyisa athathe izinyathelo ngokumelene noFakazi, asebonakalise yonke lendawo ngezincwadi zabo futhi banikeza abantu ushevu.” Kodwa ngabo kanye ubusuku bangaphambi komhlangano, kwenzeka into engavamile. Iqembu lamahlongandlebe labhubhisa isonto nehholo leDolobha iCultural Home. Ngakho-ke, umhlangno wokubhikisha awuzange ube khona!

Amasimu Ezweni ElaliyiYugoslavia

Unyaka wenkonzo ka-1992 uye waba unyaka onzima kakhulu ngabazalwane endaweni yaseYugoslavia. Nokho, ngesikhathi esifanayo, baye baba nokuhlangenwe nakho okujabulisayo. Siyabonga ngokuthi uJehova akawukhohlwa umsebenzi wabo nothando abaye balubonakalisa ngakulo igama lakhe.

Impi yaqala eSlovenia, kamuva yaba seCroatia, naseBosnia naseHerzegovina. Ungakapheli unyaka, kuyirepublic eyodwa, amaZwe amasha ayisihlanu ayezama ukuzimisela eyawo siqu imingcele, imithetho, kanye nezimali. Amakhulu amaningi oFakazi kwadingeka abaleke emakhaya awo futhi aphephela kubazalwane bawo kwezinye izindawo. Kungokufanayo nakwamanye amazwe eMpumalanga Yurophu, emadolobheni amakhulu kwamiswa amakomiti okubhekana nezimo eziphuthumayo, anakekela izindawo zokuhlala, ukudla, nokokwembatha kwabazalwane bethu abaswele. Phakathi nonyaka wenkonzo, amathani angaba ngu-55 okudla athunyelwa kubazalwane abasemabandleni asezindaweni ezikhungethwe yizinkinga. Kuye kwamukelwa izincwadi eziningi zokwazisa.

Abazalwane baseDubrovnik balandisa ngendlela abalwazisa ngayo usizo abalunikezwa. Njengoba omunye udade ayeya ekhaya nephasela lakhe lokudla, umakhelwane wambuza ukuthi wayewathengephi amaqanda. Udade wamtshela ukuthi ayethunyelwe abafowabo abangokomoya abakwenye indawo. Lomakhelwane wamangala. Kwesinye isenzakalo indoda ethile engaziwa yaseSlovenia yashayela umdala ucingo futhi yathi: “Ngiye ngezwa ukuthi oFakazi BakaJehova bakwaba ngendlela efanele ukudla abakuthola kuvela kubafowabo. Ngiye ngathumela amaphasela amaningana kubantu; nokho, awazange afike lapho ayeya khona. Ingabe ngingazithumela izimpahla zokusiza ezinjalo kinina, futhi nizabe?” Amaphephandaba nemisakazo nakho kwabika kahle ngomsebenzi wethu wokunikeza usizo.

Umzalwane owabhapathizwa emhlanganweni wezizwe zonke eZagreb ngo-1991 wayebuqaphela ubunzima obandayo futhi wathenga sonke isitolo sokudla. Wathatha ukudla wakuyisa ekhaya lakhe eliseduze nendawo okuliwa kuyo. Njengoba ukuntuleka kokudla kwakuba kubi ngokwengeziwe, lokhu kudla kwaba yisibusiso sangempela kubazalwane.

Sasikwazi ukuthola imvume yokuba iloli elikhulu liyise ukudla okuyisisekelo kubazalwane abavinjezelwe eSarajevo. Siyajabula ukusho ukuthi lokhu kuthutha kwenziwa ngempumelelo.

Ukulwa kuye kwaba nemiphumela emibi ezakhamizini. Ngokudabukisayo, ngasekupheleni konyaka wenkonzo, abazalwane bethu nodade abayisithupha kanye nabantu ababili abathakazelayo babelahlekelwe ukuphila kwabo, futhi abanye babelimele.

Nokho, okuhlangenwe nakho okuningi kubonisa ukuthi ngokuyinhloko, kuyisivikelo ukuba omunye woFakazi BakaJehova. Kwesinye isenzakalo abazalwane babeya emhlanganweni wesigodi eBelgrade lapho ibhasi limiswa amasosha, ebabuza ukuthi ayekhona yini amalungu enkolo ethile phakathi kwabo. Abazalwane baphendula ngokuthi ayengekho. Kwadingeka baveze omazisi babo, futhi abanye babo babenamagama ayebonisa ukuthi babengaba abaleyonkolo. Amasosha ababeka icala lokuqamba amanga, kodwa abazalwane babephethe incwadi yokusula amagama abo esontweni; bachaza ukuthi ngisho nakuba babezalelwe kuleyonkolo, manje base bengoFakazi BakaJehova, baya emhlanganweni wabo. Ngemva kokusho lokhu amasosha abadedela bahamba.

Amaphayona aqhubeka nenkonzo yawo ngentshiseko engancishisiwe, futhi lokhu kuye kwaba yisici sangempela esithuthukisa umsebenzi. INqabayokulinda, nezembozo zayo ezinhle ezinemibala egqamile, ihunyushwa kanye kanye ngezilimi eziyinhloko zalesifunda. Ngaso sonke isikhathi inikeza abathandi beqiniso nokulunga ‘isabelo sabo sokudla okungokomoya ngesikhathi sakho.’ (Luka 12:42) Phakathi nonyaka wenkonzo ka-1992, kwabhapathizwa abazalwane nodade abasha abangu-674.

Ngokuqinisekile, uNkulunkulu akawukhohliwe umsebenzi wabazalwane eMpumalanga Yurophu nothando abaye bakubonakalisa ngakulo igama lakhe. Ngaphezu kwalokho, uIisa ukuba bonke abakhulekeli bakhe, kungakhathaliseki ukuthi bahlalaphi, balandele iseluleko esihle uPawulu asinikeza, kumaHeberu 6:11, athi: “Sinxanela ukuba yilowo nalowo kini abonakalise lokhokukhuthalela, lize liphelele ithemba kuze kube-sekupheleni.”