Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuthokoza NgoMdali Wethu OMuhle

Ukuthokoza NgoMdali Wethu OMuhle

Ukuthokoza NgoMdali Wethu OMuhle

“UIsrayeli makathokoze ngowamEnzayo, abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo.”—IHUBO 149:2.

1. Naphezu kwezimemezelo ezithi “inkululeko ekugcineni,” siyini isimo sangempela sesintu?

IZWE lanamuhla lihlushwa “imihelo.” Lawo amazwi uJesu awasebenzisa esiprofethweni sakhe esiphathelene ‘nesiphelo sesimiso sezinto,’ inkathi eyinhlekelele eyaqala ngempi yezwe yokuqala ngo-1914. (Mathewu 24:3-8, qhathanisa neNW.) Izazi zezombangazwe eziningi zibona nje ikusasa elifiphele kuphela. Naphezu kwezimemezelo ezithi “inkululeko ekugcineni” eMpumalanga Yurophu, owake waba umongameli kuleyondawo wachaza isimo ngamafuphi lapho ethi: “Ukwanda kwabantu okungalawuleki nokushisa okubabazekayo, izimbobo kuyi-ozone nengculaza, usongo lobuphekula benuzi negebe elanda ngokwesabekayo phaka thi kwamazwe acebile asenyakatho nampofu aseningizimu, ingozi yendlala, ukuncipha kwendawo enezinto eziphilayo emhlabeni nemithombo yokusansimbi yaleplanethi, ukwanda komphakathi obuswa yithelevishini yezentengiselwano kanye nosongo olwandayo Iwezimpi zezifunda—konke lokhu, kuhlangene nezinkulungwane zezinye izici, kumelela usongo oluvamile esintwini.” Awukho umbuso womuntu ongasusa lolusongo Iwenhlekelele ebulalayo.—Jeremiya 10:23.

2. Ubani onekhambi elihlala njalo ezinkingeni zesintu, futhi yisiphi isinyathelo aseye wasithatha kakade?

2 Nokho, singajabula ngokuthi uMdali wethu oMuhle unekhambi elihlala njalo. Esiprofethweni sikaJesu ‘isiphelo salesimiso sezinto’ sihlobene ‘nokuba khona’ kwakhe okungabonakali. (Mathewu 24:3, 37-39, qhathanisa neNW.) Ukuze adale “amazulu amasha,” uJehova uye wabeka uJesu esihlalweni sakhe sobukhosi njengeNkosi yobuMesiya, njeba ubufakazi obungokwesiprofetho bubonisa ukuthi lesenzakalo esibalulekile emlandweni senzeka emazulwini ngonyaka ka-1914. * (2 Petru 3:13) Njengombusi okanye neNkosi enguMbusi uJehova, uJesu manje wabelwe ukuba ahlulele izizwe nokuba ahlukanie abantu bomhlaba abathobekile, abanjengezimvu, kubantu abanenkani abanjengezimbuzi. “Izimbuzi“ ezingamesabi uNkulunkulu zilindelwe ‘ukujeziswa okuphakade’ futhi “izimvu” zilindelwe ukuphila okuphakade endaweni yoMbuso yasemhlabeni.—Mathewu 25:31-34, 46.

3. Yisiphi isizathu so}ujabula amaKristu eqiuiso anaso?

3 Insali kaIsrayeli ongokomoya emhlabeni, manje ehlangene nesixuku esikhulu salezimvu ezilalelayo, inazo zonke izizathu zokujabula ngoJehova, iNkosi yaphakade, njengoba eletha izinjongo zakhe ezinhle emvuthwandaba ngoMbuso weNdodana yakhe. Bangase bathi: “Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova, umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso . . . Njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo, nanjengensimu ehlumisa okutshalwe kuyo, kahjalo iNkosi uJehova iyakuveza ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.” (Isaya 61:10, 11) Lokhu ‘kuveza’ kubonakala ezigidini manje eziqoqwayo ezizweni ukuze zihlabelele izindumiso zikaJehova.

‘Ukukusheshisa’

4, 5. (a) Kwabikezelwa kanjani ukuqoqwa kwabantu bakaNkulunkulu? (b) Yikuphi ukwanda okuphawulekayo okuye kwaba khona phakathi nonyaka wenkonzo ka-1992?

4 Ukuqoqa kuyashesha njengoba ukuphela kwesimiso sikaSathane kusondela UMdali wethu oMuhle uyamemezela: “Abantu bakho bayakuba-ngabalungileyo bonke . . . , igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuba ngidunyiswe. Omncane uyakuba-yinkulungwane, ophansi abe-yisizwe esinamandla; mina nginguJehova, ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.“ (Isaya 60:21, 22) Lokhu kusheshisa kuboniswa ngendlela emangalisayo eMbikweni Wonyaka Wenkonzo Ka-1992 WoFakazi BakaJehova Emhlabeni Wonke, okhishwe emakhasini 12 kuya ku-15 alomagazini.

5 Okuvelele kulombiko inani elisha eliphakeme labamemezeli boMbuso abangu-4 472 787, ukwanda ngabantu abangu-193 967—amaphesenti angu-4,5 ngaphezu konyaka odlule. Inani eliphakeme labangu-301 002 lababhapathizwe phakathi no-1992 nalo libonisa iqiniso lokuthi izixuku zamukela iqiniso leBhayibheli. Yeka indlela esithokoza ngayo ngokuthi ‘kulolusuku lobumnyama nolwesigayegaye, kukhona abantu abaningi abanamandla,’ njengesikhonyane, abasakaza ubufakazi boMbuso akuze kubesekugcineni komhlaba”! (Joweli 2:2, 25; IzEnzo 1:8) Kusukela eAlaska egcwele iqhwa—lapho indiza yeWatch Tower Society iye yavakashela khona izindawo ezivinjezelwe yiqhwa izikhathi ezingaphezu kuka-50—kuze kufinyelele ezingwadule ezishisayo zaseMali naseBurkina Faso naseziqhingini ezisakazekile zaseMicronesia, izinceku zikaJehova zikhanya ‘njengokukhanya kwabezizwe, ukuze insindiso [yakhe] ifinyelele emkhawulweni womhlaba.’—Isaya 49:6.

6, 7. Yikuphi ukushintsha kwesimo okungalindelekile okuye kwabonakala eminyakeni yamuva, futhi ziye zasabela kanjani izinceku zikaJehova kukho?

6 UJehova ubenjengenqaba enamandla ekuvikeleni nasekulondolozeni abantu bakhe. Ezingxenyeni eziningi zomhlaba, oFakazi BakaJehova kuye kwadingeka bakhuthazelele ukucindezelwa konya nokushushiswa okwathatha amashumi eminyaka. (IHubo 37:39, 40; 61:3, 4) Kodwa muva nje, njengokungathi ngesimangaliso, ukubekelwa imingcele nezithiyo kuye kwasuswa emazweni angaba ngu-21, ukuze manje abantu bakaNkulunkulu bakwazi ukumemezela ngokukhululekile ukuthi uMdali wethu oMuhle uye wamisa uKristu njengeNkosi phezu komhlaba.—IHubo 2:6-12.

7 Ingabe abantu bakaJehova bayisebenzisa kahle inkululeko yabo abasanda kuyithola? Phawula eshadini ukwanda kwaseBulgaria, eRomania, nalapho kwakuyiSoviet Union khona eMpumalanga Yurophu nokwaseAngola, eBenin, naseMozambique eAfrika NaseZaire, ukwanda kungokuphawulekayo. Bejabula ngokusuka ezinhliziyweni, abafowethu abakhululiwe basabela obizweni: “Bongani uJehova, ngokuba muhle . . . , [yena] engoyedwa owenza izimangaliso ezinkulu, ngokuba umusa wakhe umi phakade.” (IHubo 136:1, 4) Lokhu kubonga kuboniswa ngenkonzo yentshiseko ekuqoqeleni abanye abantu abanjengezimvu ngasohlangothini loMbuso.

8. Abadumisi bakaJehova abasanda kuhlanganyela baye beza kanjani “bendiza njengefu” eMpumalanga Yurophu? eAfrika?

8 Phakathi nehlobo elidlule laseYurophu, imihlangano yesigodi yabantu bakaJehova eyaqhutshelwa emazweni ayengawobuKhomanisi iye yaba namanani amangalisayo ababekhona. Okumangalisa ngisho nangokwengeziwe yizibalo zababhapathizwa kulawomazwe. Ngokufanayo, eTogo, eAfrika, ukuvinjelwa kwasuswa ngoDecember 10, 1991. Enyangeni elandelayo, kwaqhutshwa umhlangano wezwe lonke. Uma kuqhathaniswa nesilinganiso sanyanga zonke abamemezeli abangu-6 443 ensimini, inani lababekhona kulomhlangano lenyuka lafinyelela ku-25 467, kwabhapathizwa abangu-556—amaphesenti angu-8,6 enani labamemezeli. Njengoba uIsaya 60:8 ebonisa, abadumisi bakaJehova abasanda kuhlanganyela “bandiza njengefu, nanjengamajuba aya ezidlekeni zawo” beza emabandleni abantu bakaJehova.

9. Yimaphi amalungiselelo aye enziwa ukuze amaKristu ‘adle futhi aneliseke’ emazweni asanda kukhululeka?

9 Indlala yokudla okungokomoya eMpumalanga Yurophu naseAfrika nayo iyaqedwa. Amafekthri eWatch Tower Society eJalimane, eItaly, naseNingizimu Afrika aye athumela amaloli amaningi egcwele izincwadi, ngezilimi eziningi, emazweni alambayo ngokomoya. Ngaphambili, oFakazi abaningi kwakudingeka bashintshane ngomagazini asebesetshenzisiwe, kodwa manje bathola inala yokudla okungokomoya. Bayathokoza ngokuhlanganyela ekugcwalisekeni kwalesiprofetho: “Niyakudla nokudla, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo.”—Joweli 2:26.

Ukunakekela Ukwanda Okuqhubekayo

10. Uma kucatshangelwa inani eliphakeme lababekhona eSikhumbuzweni, yisiphi isimemo esidluliselwa kubo bonke abathakazelayo?

10 Okumangalisa ngempela isibalo sababekhona eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu emhlabeni wonke, abangu-11 431 171, ukwanda ngabantu abangu-781 013, noma amaphesenti angu-7,3 ngaphezu konyaka odlule. Niyemukelwa, nonke nina enisanda kuhlanganyela! Yeka indlela obekungaba kuhle ngayo ukuba bonke labantu abasanda kuthakazela bebejabulela inzuzo yesifundo seBhayibheli sasekhaya nomunye woFakazi BakaJehova! (Bheka uIsaya 48:17.) UMbiko Wonyaka Wenkonzo ubonisa ezingu-4 278 127 zalezifundo ezaqhutshwa inyanga ngayinye, ukwanda okuhle kwamaphesenti angu-8,4. Nokho, abaningi ngokwengeziwe bangazenza batholakalele lenkonzo. OFakazi BakaJehova bayakujabulela ukubavakashela njalo abathakazelayo ukuze baqhube isifundo seBhayibheli samahhala ekhaya, ngaleyondlela besiza laba ukuba baqhubeke behamba endleleni eyisa ekuphileni okuphakade. (Johane 3:16, 36) Kungani ungaceli ukuba uqhutshelwe isifundo esinjalo? Futhi khumbula, ukwamukelwa okufudumele kuhlala kukulindele eHholo LoMbuso!—IHubo 122:1; Roma 15:7.

11, 12. (a) Yiziphi izinkinga okuhlangatshezwana nazo kwamanye amazwe? (b) Kungayiphi indlela kuba khona “ukulingana” phakathi kwamazwe acebe kakhudlwana nampofu?

11 Lawomabandla anamaHholo OMbuso amahle abusiswa ngokucebile. Isimo singesihlukile emazweni lapho oFakazi abathembekile beye bakhuthazela iminyaka eminingi ngaphansi kokuvinjelwa, behlangana ngasese ngamaqembu amancane. Ezindaweni eziningana ezinjalo, manje bakhululekile kodwa banamaHholo OMbuso ambalwa. Ngokwesibonelo, kwelinye izwe laseAfrika elinamabandla angu-93, kunamaHholo oMbuso amathathu nje kuphela. Ngakho imihlangano yebandla ngokuvamile iqhutshelwa ezindaweni ezinkulu ezivulekile. Ibandla elinabamemezeli abangu-150 lingase libe nabantu abafinyelela ku-450 ababa khona njalo kulemihlangano.

12 EMpumalanga Yurophu ngokuvamile kunzima ukuthenga indawo noma ukwakha, kodwa kwenziwa intuthuko ethile. Ukunikezelwa kwesakhiwo segatsha esihle esisha kwakuhlelelwe uNovember 28, 1992, ePoland. Iminikelo yokupha yomsebenzi womhlaba wonke woFakazi BakaJehova iyasetshenziswa ukuba isize ekwakheni amahholo nezinye izakhiwo. Ngaleyondlela, kuba khona “ukulingana” ngokuthi ukupha kwabazalwane abanikelayo ‘bethatha enaleni’ yezinto zabo ezibonakalayo kusiza ekulungiseleleni izidingo ezingokomoya zamabandla asemazweni ahluphekayo.—2 Korinte 8:13, 14.

Amahora Ayizigidi Eziyizinkulungwane!

13. Mangaki amahora asetshenziswe ekushumayelenasekufundiseni ngo-1992, futhi yimizamo yobani eboniswa kulelinani?

13 Yini obungayenza ngamahora ayizigidi eziyizinkulungwane? Bonke abafinyelela ekuphileni okuphakade bayokwazi ukusebenzisa amahora amaningi kangako, ngisho nangaphezuIu, enkonzweni ekhiqizayo neyanelisayo eya kuJehova. Kodwa ake ucabange uhlanganisa amahora amaningi kangako ngonyaka owodwa! Yilokho oFakazi BakaJehova abakufezile phakathi no-1992. Lapho sihlanganisa ndawonye imibiko ngaminye yabo bonke abamemezeli boMbuso, sithola inani elisha eliphakeme lamahora angu-1 024 910 434 asetshenziswe ngendlela engcono kakhulu amahora angase asetshenziswe ngayo—ekudumiseni uMdali wethu oMuhle, ‘sifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu.’ (IzEnzo 20:20) Ngokwesilinganiso, kwakubika oFakazi abangu-4 289 737 inyanga ngayinye. Bavela kuzo zonke izindlela zokuphila. Abanye banesikhathi esilinganiselwe abangasinikela emsebenzini woMbuso. Laba bahlanganisa izinhloko zemikhaya, okumelwe zinakekele imikhaya; abantu abakhulile; nabaningi abanezinkinga zempilo; kanye nezingane ezisese6ikoleni. Nokho, umbiko owenziwa umuntu ngamunye uwukubonakaliswa okuyigugu kothando ngoJehova.—Qhathanisa noLuka 21:2-4.

14. Intsha ‘imkhumbula kanjani uMdali wayo oMuhle’?

14 Isizukulwane sabantu abaseba6ha sikhulela enkonzweni kaJehova, futhi ngokujabulisayo iningi lalaba li6ebenzi6a amazwi kaSolomoni akumShumayeli 12:1: “Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho.” Bayazikhandla emsebenzini wabo wesikole, futhi bayaqeqeshwa ezintweni ezingokomoya ngabazali abazinikele. Kuye kwaba yinjabulo ukubona inani elikhulu kakhulu lentsha eyeve eshumini nambili lima emihlanganweni yezigodi yamuva, lizinikela ukuba libhapathizwe. Kuyinjabulo futhi ukwazi ukuthi abaningi, ngokufunda umsebenzi noma ikhono lomsebenzi othile, benza amalungiselelo awusizo okuphayona lapho beqeda esikolweni. Ngaleyondlela, bayokwazi ukuzinakekela, njengoba kwakwenza umphostoli uPawulu ngezikhathi ezithile ngokuthunga amatende.—IzEnzo 18:1-4.

15, 16. Amaphayona kanye nezinye izinceku zesikhathi esigcwele baye banikela kanjani entuthukweni yomsebenzi woMbuso, futhi yiziphi izibusiso abanye babo abaye bazijabulela?

15 Yeka umnikelo omkhulu owenziwa amaphayona kanye nezinye izinceku zesikhathi esigcwele ekuthuthukeni komsebenzi woMbuso! Izibalo zamaphayona ziye zanda zafinyelela enanini eliphakeme lika-931 521 ngalonyaka odlule. Njengoba lamaphayona eshumayela nsuku zonke endlini ngendlu futhi eqhuba izifundo zeBhayibheli emakhaya abantu, aba ngaphumelela kakhulu ekukhulumeni ngemiBhalo. Ngaphezu kwalokho, amaningi aye afanelekela ukuba khona eSikolweni SeNkonzo Samaphayona samasonto amabili, esiwasiza ukuba ahlakulele ikhono elengeziwe nenjabulo ekwenzeni umsebenzi kaNkulunkulu.

16 Ngalinye lalamaphayona athembekile lingavumelana namazwi akuIsaya 50:4: “INkosi uJehova inginikile ulimi lwabafundi ukuba ngazi ukuvuselela oyethileyo ngamazwi ahlumelelayo.” Kunabantu abaningi namuhla abakhathele yizwe elonakele elibazungezile kodwa abathola ukuqabuleka ngezwi elikhulunywa amaphayona athembekile esinawo.—Qhathanisa nezAga 15:23; Hezekeli 9:4.

Uhlelo Olukhulu Lokwakha

17. Ngaphezu kokwakha okungokomoya, yikuphi ukwakha okungokoqobo okuye kwaba khona eminyakeni yamuva?

17 Ukuchuma okungokomoya koFakazi BakaJehova emhlabeni wonke kudinga futhi ukuba kube nokwanda okungokoqobo. Ukwandiswa kwezakhiwo zokunyathelisa, amahhovisi, namakhaya aseBethel nokwakhiwa kwamaHholo OMbuso namaHholo OMhlangano kuba okudingekile. Ngakho oFakazi BakaJehova kudinge ka babe abakhi ngendlela engokooqobo. Ukwkha okufanayo kwenzeka ngosuku lweNkosi uSolomoni. USolomoni wakha ithempeli lokukhulekela uJehova ngokuvumelana ‘nesifanekiso,’ uJehova ayesinike uyise, iNkosi uDavide. (1 IziKronike 28:11, 12) Ngaleyondlela, uSolomoni akazange nje akhe izilaleli Mkhe ngamazwi ahlakaniphile ayigugu kodwa futhi waqondisa ukwakhiwa kwesakhiwo esingokoqobo esinobuhle obukhulu izwe elingakaze libufinyelele.—1 AmaKhosi 6:1; 9:15,17-19.

18, 19. (a) Yimiphi imisebenzi yokwakha eqhubeka ngokushesha eyenziwa yinhlangano kaJehova? (b) Umoya kaJehova uye wabonakala kanjani ekwakheni okungokoqobo nokungokomoya?

18 Namuhla, oFakazi BakaJehova abakhi ngamapulani adwetshwe ngokuphefumlelwa kwaphezulu, kodwa banawo umoya kaNkulunkulu. Njengasezinsukwini zikaIsrayeli, lokhu kubashukumisela ukuba bakhe ngendlela ebamangalisayo abantu bezwe. (Zakariya4:6) Isikhathi sifushane. AmaHholo OMbuso nezinye izakhiwo kudingeka ngokushesha. Kwamanye amazwe amaHholo OMbuso akhiwa ngokushesha avame kakhuIu. Ngokwesibonelo, eminyakeni eyishumi edlule iCanada ibika ukuthi yakhe amahholo angu-306, ngalinye lakhiwe ngezinsuku ezingaphansi kwezimbili. Ngenxa yokwanda okusheshayo komsebenzi kaJehova emhlabeni wonke, ingqikithi yezakhiwo zamagatsha ezingu43 ezintsha noma zokwandiswa kwamagatsha ziyakhiwa kwamanje noma zihlelelwa ukwakhiwa. Ngaphezu kwalokho, isakhiwo sokuhlala esinezitezi ezingu-30, esingahlalisa izisebenzi zokuzithandela zaseBethel ezingaba yinkulungwane, sesizophela eBrooklyn. Futhi eNew York State, ePatterson, ukwakhiwa kwesikhungo semfundo yeBhayibheli, okungumsebenzi omkhulu kunayo yonke iWatch Tower Society eyake ya‘wefiza, kuhamba phambili kakhulu kunesimiso esasihlelwe.

19 Lemisebenzi iqhubeka‘ ngempumelelo nangezinga lomsebenzi elimangaza izinkampane zezwe ezinolwazi lokwakha. Ngani? Ngenxa yeminikelo emikhulu eyenziwa oFakazi BakaJehova abazinikezele. Umoya wakhe ubashukumisela ukuba bangasekeli nje ngezinto ezibonakalayo kuphela kodwa futhi banikele ngesikhathi namandla abo ngenhliziyo yonke. Iziza zokwakha zigcwala izisebenzi eziqeqeshiwe, ezizinikele. Azikho iziteleka zezisebenzi, futhi akukho ukulova emsebenzini. Umoya kaJehova uyashukumisa, njengoba nje washukumisa abakhi betabernakele ngesikhathi sikaMose nalabo abakha ithempeli ezinsukwini zikaSolomoni. Ingokomoya liyimfanelo evelele efunekayo kulezisebenzi.—Qhathanisa noEksodusi 35:30-35; 36:1-3; 39:42, 43; 1 AmaKhosi 6:11-14.

20. (a) Zisazoshunyayelwa kuze kufike kuliphi izinga izindaba ezinhle? (b) Yiliphi ithemba elibusisiwe elilindele abantu bakaJehova?

20 USolomoni waqhubeka nohlelo lwakhe lokwakha ngemva kokuqeda ithempeli. (2 IziKronike 8:1-6) Ukuthi kuyokwanda kuze kufike kuliphi izinga ukufakaza kosuku lwanamuhla—njengoba ngesikhathi esifanayo kunesidingo sokwakha amahholo nezinye izakhiwo—asazi. Nokho, siyazi ukuthi lapho lezindaba ezinhle zoMbuso sezishunyayelwe ngezinga uJehova ayale ngalo, khona-ke ukuphela, “usizi olukhulu,” kuyofika. (Mathewu 24:14, 21) Emhlabeni oyobe ungasonakaliswa abantu abanobugovu, ilungiselelo likaJehova ‘lamazulu amasha nomhlaba omusha’ ngalesosikhathi liyolethela isintu izibusiso ezingenakulinganiswa. Ngakho-ke, kwangathi ‘singajabula, sethabe kuze kube-phakade ngalokho uNkulunkulu akudalayo,’ sinikeze uMdali wethu oMuhle lonke udumo!—Isaya 65:17-19,

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Bheka incwadi ethi “Let Your Kingdom Come,” eyanyatheliswa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc., amakhasi 105-16, 186-9.

Ungachaza?

□ Yiziphi izizathu esinazo zokujabula ngoMdali wethu oMuhle?

□ Yikuphi ukwanda okubikiwe phakathi nonyaka wenkonzo ka-1992?

□ Emazweni lapho ukufakaza kwakuvinjelwe khona ngaphambili, yiziphi izibusiso ezicebile eziye zabikwa?

□ Intsha namaphayona baye banikela kanjani ekwandeni enhlanganweni kaJehova?

□ Abantu bakaJehova baye baba kanjani matasa emisebenzini yokwakha engokoqobo nengokomoya?

[Imibuzo Yesifundo]

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 17]

Ngonyaka odlule kwasetshenziswa amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane emsebenzini wokushumayela nokufundisa

[Ishadi ekhasini 12-15]

UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-1992 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE

(See bound volume)

[Isithombe ekhasini 10]

Amakhulu ez;nkulungwane ababebhapathizwa ngonyaka oolule abonisa isibusiso sikaJehova emsebenzini wokushumoyela nokufundisa

[Isithombe ekhasini 16]

Abasha abaningi ‘bakhumbula uMdali wabo oMuhle