Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwelusa Kanye NoMdali Wethu OMuhle

Ukwelusa Kanye NoMdali Wethu OMuhle

Ukwelusa Kanye NoMdali Wethu OMuhle

“UJehova ungumalusi wami, angiyikuswala. Ubuyisa umphefumulo wami; uyangihola ezindleleni zokulunga ngenxa yegama lakhe.”—IHUBO 23:1, 3.

1. Yikuphi ukuqabuleka kothando uJehova akunikezayo?

IHUBO lama-23, “ihubo likaDavide,” liye laletha ukuqabuleka emiphefumulweni eminingi ekhathele. Liye layikhuthaza ukuba ibe nokuqiniseka okuvezwe evesini 6: “Impela okuhle nomusa kuyakungilandela imihla yonke yokuphila kwami; ngiyakuhlala phakade endlini kaJehova kuze kube-phakade.” Ingabe leso isifiso sakho, ukuhlala endlini kaJehova yokukhulekela, unobunye nabantu bakhe manje abaaoawa bevela kuzo zonke izizwe zomhlaba? “UMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu,” uMdali wethu oMuhle, uJehova uNkulunkulu, uyokusiza ukuba ufinyelele lowomgomo.—1 Petru 2:25.

2, 3. (a) UJehova ubalusa kanjani abantu bakhe ngothando? (b) “Umhlambi’ kaJehova uye wanda kanjani ngokumangalisayo?

2 UMdali ‘wamazulu amasha nomhlaba omusha’ unguMhleli noMbonisi Ophakeme webandla lobuKristu, ‘indlu kaNkulunkulu.’ (2 Petru 3:13; 1 Thimothewu 3:15) Unesithakazelo esijulile ekwaluseni abantu bakhe, njengoba uIsaya 40:10, 11 esho ngokucacile: “Bhekani, iNkosi uJehova iyeza ngamandla; ingalo yayo iyakumbusela; bhekani, umvuzo wayo inawo, inkokhelo yayo iphambi kwayo. Iyakwalusa umhlambi wayo njengomelusi, ibuthe amawundlu ngemikhono yayo, iwagone esifubeni sayo, ihole kahle izindlezane.”

3 Ngomqondo obanzi, ‘lomhlambi’ uhlanganisa labo abaye bahamba isikhathi eside eqinisweni lobuKristu futhi “amawundlu” yilabo abaye baqoqwa ezikhathini zamuva impela—njengamanani amakhulu manje abhapathizwayo eAfrika naseMpumalanga Yurophu. Ingalo kaJehova enamandla, evikelayo, ibaqoqela esifubeni sakhe. Nakuba babenjengezimvu ezilahlekile, manje baye baba nobuhlobo obuseduze noNkulunkulu wabo othandekayo nonguMelusi.

UMelusi Okanye NoJehova

4, 5. (a) Ungubani “umalusi omuhle,” futhi isiprofetho sabhekisela kanjani kuye? (b) Yimuphi umsebenzi wokwahlukanisa uJesu awengamelayo kube namuphi umphumela ovelele?

4 Njengoba ekhonza ngasesandleni sokunene sikaYise ezulwini, “umalusi omuhle,” uJesu Kristu, naye uzinakekela ngesihawu “izimvu.” Wadela ukuphila kwakhe ukuze kuzuze okokuqala ‘umhlambi omncane’ wabagcotshiwe futhi kamuva, namuhla, isixuku esikhulu ‘sezinye izimvu‘ zakhe. (Luka 12:32; Johane 10:14, 16) UMelusi Omkhulu, uJehova uNkulunkulu, ukhuluma nazo zonke lezimvu, ethi: “Bhekani, mina ngiyakwahlulela phakathi kwezimvu nezimvu. Ngiyakumisa umalusi phezu kwazo, azaluse: inceku yami uDavide; uyakuzalusa abe-ngumalusi wazo. Mina-Jehova ngiyakuba-nguNkulunkulu wazo, inceku yami uDavide ibe-yisikhulu phakathi kwazo; mina-Jehova ngikhulumile.”—Hezekeli 34:20-24.

5 Isiqu esithi “inceku yami uDavide” sibhekisela ngokwesiprofetho kuKristu Jesu, “imbewu,” ozuza ifa lesihlalo sobukhosi sikaDavide. (IHubo 89:35, 36, qhathanisa neNW.) Kulolusuku lokwahlulelwa kwezizwe, uMelusi neNkosi ekanye noJehova, uKristu Jesu, iNdodana kaDavide, uyaqhubeka ehlukanisa “izimvu” zesintu kulabo abangase bathi ‘bayizimvu’ kodwa eqinisweni ‘beyizimbuzi.’ (Mathewu 25:31-33) ‘Lomalusi’ umiselwe futhi ukuba ondle izimvu. Yeka ukugcwaliseka okukhazimulayo kwalesiprofetho esikubonayo namuhla! Lapho abezombangazwe bekhuluma ngokuhlanganisa isintu ngohlelo lwezwe elisha, loMelusi uzihlanganisa ngokoqobo izimvu zazo zonke izizwe ngomkhankaso wokufakaza ngezilimi eziningi owenziwa yinhlangano kaNkulunkulu yasemhlabeni kuphela.

6, 7. “Inceku ethembekileyo neqondayo” iye yaqikelela kanjani ukuba kutholakale “ukudla ngesikhathi sakho’ ezimvini?

6 Njengoba isigijimi soMbuso siqhubeka sisakazekela emasimini amasha, “inceku ethembekileyo neqondayo” yamaKristu agcotshiwe, njengoba ithunywe yiloMelusi, iyaqikelela ukuthi kwenziwa wonke amalungiselelo ukuze kunikezwe “ukudla ngesikhathi sakho.” (Mathewu 24:45) Amaningi emagatsheni eWatch Tower Society angu-33 anyathelisayo emhlabeni wonke andisa umkhiqizo ukuze ahlangabezane nesidingo esikhulayo sezincwadi zeBhayibheli nomagazini okwengeziwe futhi okungcono.

7 INdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova yenza konke engakwenza ukuze ithuthukise izinga lokuhumusha ngezilimi ezingaba ngu-200 nokuqalisa ukuhumusha ngezilimi ezengeziwe njengoba kudingeka ukuze kuhlangamswe yonke insimu yomhlaba. Lokhu kusekela umsebenzi uJesu awunika abafundi bakhe kuzEnzo 1:8: “Nizakwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, ni ngofakazi bami . . . kuze kube-sekugcir komhlaba.” Ngaphezu kwalokho, iNew World Translation of the Holy Scriptures, kakade esinystheliswe ngezilimi ezingu-14 iyonke noma ingxenye, manje ihunyushelwa kwezinye izilimi ezingu-16 zaseYurophu, eAfrika, nasemazweni aseMpumalanga.

Ukujabulela “Ukuthula KukaNkulunkulu”

8. Izimvu ziye zabusiswa kanjani ngokucebile ngesivumelwano sokuthula uJehova aye wasenza nazo?

8 NgoMelusi wakhe, uKristu Jesu, uJehova wenza ‘isivumelwano sokuthula’ nezimvu zaKhe ezondleke kahle. (Isaya 54:10) Njengoba zibonisa ukholo egazini likaJesu elathululwa, lezimvu zenziwa zikwazi ukuhamba ekukhanyeni. (1 Johane 1:7) Zijabulela ‘ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke futhi okulondoloza izinhliziyo zazo nemicabango yazo kuKristu Jesu.’ (Filipi 4:7) Njengoba uHezekeli 34:25-28 eqhubeka echaza, uJehova walusa izimvu zakhe uziyisa epharadesi elingokomoya, isimo esijabulisayo sokulondeka, sokuchuma okuqabulayo, nesithelayo. LoMelusi onothando uthi ngezimvu zakhe: “Zazi ukuthi nginguJehova, lapho sengaphulile izikeyi zejoka lazo, ngazophula esandleni salabo ezenziwa izikhonzi yibo. Azisayikuba-yimpango yabezizwe . . . kepha ziyakuhlala zilondekile, zingesatshiswa-muntu.”

9. Yimaphi amathuba aye avulekela abantu bakaNkulunkulu ‘ngokwaphulwa kwezikeyi’?

9 Kakade, eminyakeni yamuva, oFakazi BakaJehova emazweni amaningi baye babona ukwephulwa ‘kwezikeyi zejoka labo.’ Bakhululekile ukuba bashumayele kunanini ngaphambili. Futhi kwasengathi sonke, kuwo wonke amazwe, singakusebenzisa kahle ukulondeka uJehova akunikezayo njengoba siqhubeka sifeza lomsebenzi. Yeka isiqinisekiso uJehova asinikezayo njengoba sisondela esikhathini sosizi olukhulu kunalo lonke isintu esiyoke silubone!—Daniyeli 12:1; Mathewu 24:21, 22.

10. Obani uJehova aye wabalungiselela ukuba basize uMelusi Omuhle, uKristu Jesu, futhi umphostoli uPawulu wakhuluma kanjani nabanye balaba?

10 Ekulungiseleleni lolosuku lwempindiselo yakhe kwababi, uJehova uye walungiselela abelusi abangaphansi ukuze basize uMelusi Omuhle, uKristu Jesu, ekunakekeleni umhlambi. Laba bachazwa kusAmbulo 1:16 njengesibalo esiphelele ‘sezinkanyezi eziyisikhombisa’ ezisesandleni sokunene sikaJesu. Ekhulwini lokuqala leminyaka, umphostoli uPawulu wakhuluma nendikimba emelela labelusi abangaphansi, ethi: “Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe-ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe.” (IzEnzo 20:28) Namuhla, kunabelusi abangaphansi abangaba ngamashumi ezinkulungwane abakhonza emabandleni angu-69 558 emhlabeni wonke.

Abelusi Abangaphansi Bayahola!

11. Abanye abelusi baye bahola kanjani ngokuphumelelayo emasimini ahlanganiswa njalo?

11 Ezindaweni eziningi labelusi kumelwe bahole emasimini aye ahlanganiswa ngokuphindaphindiwe phakathi nalezinsuku zokugcina. Bangayigcina kanjani intshiseko yomhlambi isezingeni eliphakeme? Labelusi bebenza ngendlela etuseka kakhulu, futhi enye yezindlela abaye baphumelela ngazo iwukukhuthaza ukwenziwa komsebenzi wamaphayona asizayo navamile. Abelusi abaningi bona ngokwabo baye bahlanganyela kulenkonzo, futhi ngisho nalabo bamemezeli abangakwazi ukwenza kanjalo baye babonisa umoya wobuphayona, bekhonza ngokujabula okusiza ekunqobeni ukunganaki kwabantu ensimini. (IHubo 100:2; 104:33, 34; Filipi 4:4, 5) Ngakho-ke, njengoba ububi nesiyaluyalu esikubonayo kugubuzela umhlaba, abantu abaningi abanjengezimvu baqasheliswa ithemba loMbuso.—Mathewu 12:18, 21; Roma 15:12.

12. Iyiphi inkinga engathi sina ekhona emasimini akhula ngokushesha, futhi lokhu kusingathwa kanjani ngezinye izikhathi?

12 Enye inkinga iwukuthi ngokuvamile abekho abelusi abanele abafanelekayo bokunakekela umhlambi. Lapho kunokwanda okusheshayo khona, njengaseMpumalanga Yurophu, kunamabandla amaningi amasha angenabo kwanhlobo abadala abamisiwe. Izimvu ezizimisele zithwala lomthwalo, kodwa azinakho okuhlangenwe nakho, futhi kudingeka usizo lokuqeqesha izimvu ezithutheleka emabandleni. Emazweni afana neBrazil, iMexico, neZaire, lapho ukwanda kushesha kakhulu khona, uma kuqhathaniswa kudingeka kusetshenziswe oFakazi abasebasha ekuhleleni inkonzo nasekuqeqesheni abanye abasanda kuhlanganyela. Amaphayona anikeza usizo oluhle kakhulu, futhi lona umkhakha odade abangaqeqesha ngawo odade abasanda kuhlanganyela. UJehova ngomoya wakhe ubusisa imiphumela. Ukwanda kuyaqhubeka.—Isaya 54:2, 3.

13. (a) Njengoba ukuvuna kukukhulu kangaka yini bonke oFakazi okufanele bayithandazele? (b) Yaphendulwa kanjani imithandazo yabantu bakaNkulunkulu ngaphambi kwempi yezwe yesibili naphakathi nayo?

13 Emazweni lapho umsebenzi wokushumayela usimeme kahle, emazweni lapho imingcele iye yasuswa khona muva nje, nasemasimini asanda kuvuleka, amazwi kaJesu akuMathewu 9:37, 38 asasebenza: “Ukuvuna kukhuIu, kodwa izisebenzi ziyingcosana; ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.” Kudingeka futhi sithandazele ukuba uJehova avuse abelusi abengeziwe. Ubonisile ukuthi angakwenza lokhu. Ngaphambi kweMpi Yezwe II naphakathi nayo, omashiqela abanonya abafana nabaseAsiriya bazama ukuqeda oFakazi BakaJehova. Kodwa ekuphenduleni imithandazo yabo, uJehova wayicwengisisa inhlangano yabo, eyenza ibe engokwasezulwini ngempela, futhi walungiselela “abelusi” abadingekayo. * Lokhu kwakuvumelana nalesiprofetho: “Lapho umAsiriya engena ezweni lakithi, anyathele ezindlini zethu zobukhosi, siyakumvusela abelusi abayisikhombisa nezikhulu zabantu eziyisishiyagalombili”—ngisho nangaphezu kwabadala abanele abazinikezele bokuhola.—Mika 5:5.

14. Yisiphi isidingo esiphawulekayo esikhona enhlanganweni, futhi yisiphi isikhuthazo abazalwane abasinikezwayo?

14 Kunesidingo esiphawulekayo sokuba bonke oFakazi besilisa ababhapathiziwe balwele ukufanelekela amalungelo engeziwe. (1 Thimothewu 3:1) Lesimo siyaphuthuma. Ukuphela kwalesimiso kusondela ngokushesha. UHabakuki 2:3 uthi: “Umbono usengowesikhathi esimisiweyo, uphuthuma ekupheleni, awuyikukhohlisa; . . . uyakufika nokufika, awuyikwephuza.” Bazalwane, ingabe ningakulwela ukufanelekela amalungelo engeziwe kulomsebenzi wokwelusa—ngaphambi kokuba ukuphela kufike?—Thithu 1:6-9.

Ukwelusa Okungokwasezulwini

15. Kungayiphi indlela abantu bakaJehova bengokwasezulwini?

15 Ukuze bahlanganyele ngokugcwele ekwandeni kwenhlangano kaJehova, abantu bakhe kudingeka babheke izinto ngomqondo ongokwasezulwini. Bangakwenza kanjani lokhu? Nokho, lisho ukuthini igama elithi “ngokwasezulwini”? IWebster’s New Twentieth Century Dictionary ichaza igama elithi “umbuso wasezulwini” ngokuthi “ukubuswa kombuso nguNkulunkulu.” Kungalomqondo “isizwe esingcwele” sabantu bakaJehova siwumbuso ongokwasezulwini. (1 Petru 2:9; Isaya 33:22) Njengamalungu noma abangane balesosizwe esingokwasezulwini, amaKristu eqiniso kumelwe aphile futhi akhonze ngokulalela iZwi likaNkulunkulu nezimiso zalo.

16. Singazibonakalisa kanjani, ngokuyisisekelo, ukuthi singabantu abangokwasezulwini?

16 Umphostoli uPawulu uchaza ngokucacile indlela amaKristu okumelwe abe angokwasezulwini ngayo. Okokuqala, uthi ‘kumelwe embathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.’ Ubuntu bomKristu kumelwe bulolongwe ngokuvumelana nezimiso zikaNkulunkulu zokulunga ezibekwe eZwini lakhe. Kumelwe athembeke kuJehova nasemithethweni yaKhe. Ngemva kokubonisa indlela lokhu okungase kwenziwe ngayo, uPawulu uyanxusa: “Yibani-ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo.” (Efesu 4:245:1) Njengabantwana abalalelayo, kumelwe silingise uNkulunkulu. Lokho kuwubufakazi bokusebenza kwangempela kombuso wasezulwini, okubonisa ukuthi ngempela sibuswa uNkulunkulu!—Bheka neyabaseKolose 3:10, 12-14.

17, 18. (a) Iyiphi imfanelo kaNkulunkulu evelele amaKristu angokwasezulwini ayilingisayo? (b) Emazwini akhe kuMose, uJehova wayigcizelela kanjani imfanelo yaKhe eyinhloko, futhi yisiphi isixwayiso asinezela?

17 Iyiphi imfanelo kaNkulunkulu eyinhloko okufanele siyilingise? Umphostoli uJohane uyaphendula kweyoku-1 Johane 4:8 lapho ethi: “UNkulunkulu uluthando.” Emavesini ayisishiyagalombili kamuva, evesini 16, uphinda lesimiso esibalulekile: “UNkulunkulu uluthando, nohlala othandweni uhlala kuNkulunkulu, noNkulunkulu uhlala kuye.” UMelusi Omkhulu, uJehova, uwuthando olwenziwe-samuntu. Abelusi abangokwasezulwini bamlingisa ngokubonisa uthando olujulile ngezimvu zikaJehova—Qhathanisa neyoku-1 Johane 3:16, 18; 4:7-11.

18 LoMbusi Omkhulu Wasezulwini wazembula kuMose ngokuthi “NguJehova! NguJehova! NguNkulunkulu ogcwele isihe, onomusa, ophuza ukuthukuthela, novame ubumnene neqiniso, ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.” (Eksodusi 34:6, 7) Ngakho uJehova ugcizelela izici ezihlukahlukene zemfanelo yakhe evelele engokwasezulwini, uthando, kuyilapho exwayisa ngokuqinile ukuthi uyokhipha isijeziso lapho sifanelekile ngenxa yeziphambeko.

19. Ngokungafani nabaFarisi, abelusi abangamaKristu kufanele bazenze kaniani izinto ngendlela engokwasezulwini?

19 Kusho ukuthini ukuba ngokwasezulwini kulabo abanezikhundla zomthwalo wemfanelo enhlanganweni? UJesu wathi ngababhali nabaFarisi bosuku Iwakhe: “Babopha imithwalo enzima, bayibeke emablombe abantu; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo.” (Mathewu 23:4) Yeka ukucindezela nokntula uthando! Umbuso wasezulwini weqiniso, noma ukubusa kukaNkulunkulu, kudinga ukuba kweluswe umhlambi ngokusebenzisa izimiso zothando zeBhayibheli, hhayi ngokuthwesa izimvu imithetho, engapheli eyenziwe umuntu. (Qhathanisa noMathewu 15:1-9.) Ngesikhathi esifanayo, abelabangokwasezulwini kumelwe balinge uNkulunkulu ngo kunezeh othandyveni Iw‘‘uqina kokulo ndoloza ubumsulwa bebandla.—Qhathanisa neyabaseRoma 2:11; 1 Petru 1:17.

20. Yimaphi amalungiselelo okuhlela aqashelwa abelusi abangokwasezulwini?

20 Abelusi beqiniso bayaqapheh ukuthi phakathi nalezinsuku zokugcina, uJesu uye wamisa inceku yakhe ethembekileyo neqondayo phezu kwakho konke anakho nokuthi umoya ongcwele uye waqondisa lenceku ekumiseni abadala bokwalusa izimvu. (Mathewu 24:3, 47; IzEnzo 20:28) Ngakho, ukuba ongokwasezulwini kuhilela ukuba nenhlonipho ejulile ngalnceku, ngamalungiselelo okuhlela aye amiswa yilenceku, nangelungiselelo labadala ebandleni.—Heberu 13:7, 17.

21. Yisiphi isibonelo esihle uJesu asibekela abelusi abangaphansi?

21 UJesu ngokwakhe wabeka isibonelo esihle, njalo ebheka kuJehova neZwi laKhe ukuze athole isiqondiso. Wathi: “Mina ngingenze-lutho ngokwami; ngahlulela njengalokho engikuzwayo; ukwahlulela kwami kulungile, ngokuba ngingafuni eyami intando kepha intando yongithumileyo.” (Johane 5:30) Abelusi abangaphansi beNkosi uJesu Kristu kufanele bahlakulele isimo sengqondo esifanayo sokuthobeka. Uma umdala ngaso sonke isikhathi ephendukela eZwini likaNkulunkulu ukuze athole isiqondiso, njengoba uJesu enza, khona-ke ungumuntu ongokwasezulwini ngempela.—Mathewu 4:1-11; Johane 6:38.

22. (a) Kungayiphi indlela bonke kumelwe balwele ukuba ngokwasezulwini? (b) Yisiphi isimemo somusa uJesu asinikeza izimvu?

22 Nina besilisa ababhapathiziwe, lwelani ukufanelekela amalungelo ebandleni! Nonke nina zimvu ezithandekayo, yibani nomgomo wokuba ngabantu abangokwasezulwini, nilingisa uNkulunkulu noKristu ekuboniseni uthando! Kwangathi abelusi nomhlambi ngokufanayo bangajabula ngoba baye basabela esimemweni sikaJesu: “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza. Bekani ijoka lami phezu kwenu, nifunde kimi, ngokuba ngimnene, ngithobile ngenhliziyo; khona imiphefumulo yenu iyakufumana impumuzo. Ngokuba ijoka lami lihle, nomthwalo wami ulula.”—Mathewu 11:28-30.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 13 Bheka izihloko zeNqabayokulinda yesiNgisi ezithi “Organization,” komagazini bakaJune 1, no-15, 1938.

Ingabe Ungachaza?

□ Uyini “umhlambi” kaJehova, futhi uhlanganisa obani?

□ UJesu waba kanjani ‘njengomelusi omuhle’ ekhulwini lokuqala, nanamuhla?

□ Iyiphi indima eyinkhloko abelusi abangaphansi abanayo ekunakekeleni umhlambi?

□ Iyini incazelo eyisisekelo yegama elithi “umbuso wasezulwini”?

□ UmKristu—ikakhulukazi umelusi ongaphansi—kufanele enze kanjani ukuze abe ongokwasezulwini?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 20]

Njengomelusi ozinikele, uJehova uyawunclkekela umhlambi wakhe

[Isithombe ekhasini 23]

Ukulingisa imfanelo yothando kaJehova uNkulunkulu kuwubufakazi bokusebenza kombuso waszulwini