Imibuzo Evela Kubafundi
Imibuzo Evela Kubafundi
Yini umKristu angayenza lapho engamtholi umngane womshado ofanelekayo?
Nakuba singamaKristu azinikezele, sisengakhathazeka lapho ngobuqotho sinethemba lokuthile okungenzeki. Imizwa yethu ivezwe kahle kuzAga 13:12, ezithi: “Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo.” Yilendlela amanye amaKristu aye azizwa ngayo lapho enesifiso sokushada kodwa engamtholi umngane ofanelekayo. Lokhu kunjalo ngokukhethekile ngalabo umphostoli uPawulu abachaza ngokuthi ‘bashiswa yinkanuko.’—1 Korinte 7:9, NW.
UJehova wafaka kubantu isifiso sokuthola umphelelisi wangempela kothile wobulili obuhlukile. Ngakho-ke, akumangalisi ukuthi amaKristu amaningi angashadile ayizwa ngokunamandla imizwelo enjalo. (Genesise 2:18) Lemizwelo engokwemvelo ingase yenziwe ibe namandla amasiko agcizelela kakhulu ukushada (noma ukushada lapho ufinyelela ubudala obuthile) noma lapho amaKristu angashadile ezungezwe yimibhangqwana eshadile ejabulayo ebandleni. Nokho, akulungile ukuvumela ukukhathazeka ukuba kuqhubeke isikhathi eside. Ngakho amaKristu aqotho angabhekana kanjani nalesimo ngaphandle kokukhathazeka ngokweqile?
Ukubhekana nalesimo akulula, futhi akufanele abanye babheke lendaba njengokungathi imane nje iyihaba noma imane iwukungaphatheki kahle okuthile okuncane. Kodwa ngezinga elikhulu, ikhono lokubhekana noma lokuxazulula lesimo lixhomeke ezinyathelweni umuntu ongashadile angazithatha.
Sithola isihluthulelo kulesimiso esisebenzayo seBhayibheli: “Kubusisekile ukupha kunokwamukela.” (IzEnzo 20:35) Lokho kwashiwo umuntu owayengashadile uJesu Kristu, futhi wayekwazi ayekukhuluma. Ukwenzela abanye izinto ngesisusa esingesona esobugovu kuyindlela enhle yokusiza noma ubani kithina ukuba anqobe imizwa ebangelwa yithemba elilitshazisiweyo. Kusho ukuthini lokhu ngokuphathelene nomKristu ongashadile?
Zenze utholakale ukuba wenzele umkhaya wakho siqu nabanye ebandleni izenzo zomusa, futhi wandise umsebenzi wakho enkonzweni. Leseluleko asiyona nje indlela yokuthi, ‘Zigcine umatasa, futhi uyokhohlwa ukuthi ufuna ukushada.’ Cha. Uma uzigcina umatasa kulemisebenzi yobuKristu enenzuzo, ungase uthole ukuthi uba ‘ngoqinile enhliziyweni, ongacindezelwa lutho’ futhi ungasebenzisa izimo zakho zamanje ngendlela ezuzisayo.—1 Korinte 7:37.
Abanye abaye bakufisa kakhulu ukushada baye bavumela lesifiso ukuba sibe yinto abayikhathalela ngokweqile ebadlela isikhathi. Baye beqisa kangangokuba baze bafaka nezimemezelo zabangane bomshado emaphephandabeni. Nokho, yeka ukuthi kungcono kangakanani ukugxila ngokwengeziwe ekuqapheleni izinzuzo ezingatholakala esikhathini sokuba ongashadile.—Siza ubheke izihloko ezithi “Ukuba Ongashadile Kodwa Ophelele Ngenxa Yenkonzo KaNkulunkulu” nesithi “Ukungashadi—Yindlela Yokuphila Enomvuzo” kuNqabayokulinda kaNovember 15, 1987, nesithi “Ingabe Umshado Uwukuphela Kwesihluthulelo Senjabulo?” kuNqabayokulinda kaMay 15, 1992.
Thandaza kuJehova ucele usizo lokubekezela kulesimo sokungashadi. (Filipi 4:6, 7, 13) AmaKristu amaningi angashadile aye athola ukuthi ngokusebenzisa isikhathi sawo ekubeni atadishe futhi azindle ngeZwi likaNkulunkulu futhi abe khona ahlanganyele emihlanganweni yobuKristu, aye ajabulela ‘ukuphunyuzwa okwengeziwe kwemiphefumulo yawo,’ njengoba uJesu athembisa kulabo abamlandelayo. (Mathewu 11:28-30) Lokhu kuye kwawasiza ukuba akwazi ukuthuthukisa ingokomoya, ukuze abe amadoda nabafazi abangcono uma kwenzeka ngokuhamba kwesikhathi ethola umngane ofanelekayo.
Ungalokothi ukhohlwe ukuthi uJehova uyasiqonda isimo sabo bonke abantu abangashadile abamkhonzayo. Uyazi ukuthi ungase ungabi nomuzwa wokuthi izimo zakho zamanje ziyilokho obungakuthanda. UBaba wethu wasezulwini onothando uyakwazi futhi lokho okuyoba yinzuzo ehlala njalo kuwe, kokubili ngokomoya nangokomzwelo. Nawe futhi ungaqiniseka ngalokhu: Ngokulindela uJehova ngokubekezela nangokusebenzisa izimiso zeZwi lakhe ekuphileni kwansuku zonke, ungaqiniseka ngokuthi uyokwanelisa izidingo zakho ezibaluleke kakhulu ngendlela eyokuzuzisa phakade.—Qhathanisa neHubo 145:16.