Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Uyohlwithelwa Ezulwini?

Ingabe Uyohlwithelwa Ezulwini?

Ingabe Uyohlwithelwa Ezulwini?

ABANTU abaningi bakholelwa ukuthi bayoya ezulwini lapho befa. Kodwa abanye bacabanga ukuthi bayohlwithelwa ezulwini ngalokho abakubiza ngokuthi ukuhlwithwa. Ingabe yilokho okulindele?

Ukuhlwithwa “ukunyamalala ngokungazelele kwezigidi ngezigidi zabantu ngaphandle kwanoma yimuphi umkhondo wokuthi bayephi!” Washo kanjalo omunye umshumayeli ongumProthestani. Ngokwe-Evangelical Dictionary of Theology, igama elithi “ukuhlwithwa” libhekisela “ekuhlanganisweni kwesonto noKristu ekubuyeni kwakhe kwesibili.”

Abanye bakuthola kubaphazamisa ukucabanga ngokushiya emuva abangane namalungu omkhaya ukuze bayohlangabeza uJesu Kristu. Nokho, abaningi bakholelwa ukuthi ukuhlwithwa kumelwe kwenzeke. Ingabe kuyokwenzeka? Uma kunjalo, nini?

Imibono Ehlukahlukene Ngokuhlwithwa

IBhayibheli libonisa ukuthi ngaphambi kokuqala kokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane kukaKristu okuthenjisiwe, kuyakuba khona inkathi ebizwa ngokuthi “usizi olukhulu.” UJesu wathi: “Lapho kuyakuba-khona usizi olukhulu olungazange lube-khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube-manje nolungasayikuba-khona.” (Mathewu 24:21; IsAmbulo 20:6) Abanye bathi ukuhlwithwa kuyokwenzeka ngaphambi kosizi olukhulu. Abanye balindele ukuba kwenzeke phakathi nalesosikhathi. Abanye futhi bacabanga ukuthi ukuhlwithwa kuyokwenzeka ngemva kwalolosizi olungenakuqhathaniswa.

Umqondo wokuthi ukuhlwithwa kuyokwenzeka ngemva kosizi olukhulu wawuvame kakhulu kwaze kwaba sekuqaleni kwekhulu le-19 leminyaka. Khona-ke, eNgilandi kwasungulwa inhlangano eyayiholwa owayengumfundisi weSonto laseIreland, uJohn Nelson Darby. Yena namanye amaSheshi anomqondo ofana nowakhe baziwa ngokuthi ama-Brethren. Esuka esontweni lakhe elalimiswe ePlymouth, uDarby wahamba wayoshumayela eSwitzerland nakwezinye izindawo eYurophu. Wagomela ngokuthi ukubuya kukaKristu kwakuyokwenzeka izikhawu ezimbili. Kwakuyoqala ngokuhlwithwa okuyimfihlo, lapho “osanta” beyakuhlwithwa ngaphambi kokuba inkathi yeminyaka eyisikhombisa yosizi olukhulu ibhubhise umhlaba. Khona-ke uKristu uyobe esevela ngokubonakalayo, ephelezelwa ‘yilabosanta,’ futhi bayobusa ndawonye emhlabeni iminyaka eyinkulungwane.

UDarby wagcizelela isidingo sokuba ngohlukile ezweni, futhi labo abanemibono efana neyakhe ekugcineni baziwa ngokuthi ama-Exclusive Brethren. UB. W. Newton wayehola iqembu elihlukile elalikholelwa ekuhlwithweni kodwa hhayi okuyokwenzeka ngaphambi kosizi olukhulu. Osekela ukuhlwithwa kwangemva kosizi olukhulu uAlexander Reese wabambelela ekutheni “izimfundiso zokuHlwithwa Okuyimfihlo ziwusongo ethembeni loKuza KukaKristu.”

Abakholelwa ekuhlwithweni kwangaphambi kosizi olukhulu bakholelwa ukuthi lokhu kungafani kwemibono kungokungathi sína ngokwanele ukuba kuthinte “uhlobo lwethemba [labo] ngokuphathelene nokuza kukaKristu.” Abanye babeka ithemba “emfundisweni yokuhlwithwa okuyingxenye,” bekholelwa ukuthi labo abathembeke kakhulu kuKristu bayakuhlwithwa kuqala bese kuthi labo abathambekele kakhulu ezintweni zezwe balandwe kamuva.

Amaqembu amaningi abashumayeli amemezela ukuhlwithwa okusondela ngokushesha kwamaKristu athembekile. Nokho, ngokuphathelene nemibono engafani, incwajana eyanyatheliswa yiSonto Likamoya likaElim laseBrithani ithi: “Nakuba sikholelwa ezenzakalweni eziningi ezihlobene nokubuya kweNkosi uJesu . . . , kunenkululeko yokuchaza isiprofetho ngokuvumelana nokholo lomuntu. Abaningi bamukela isimo sokungaphoqeleli izimfundiso zabo, ngokubekezela belindela izenzakalo ngokwazo ukuba zembule uhlelo lwesiprofetho.”

IZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe, iBhayibheli, liyindinganiso okudingeka silinganise ngayo ukuba yiqiniso kwazo zonke izinkolelo. (2 Thimothewu 1:13; 3:16, 17) Ngakho-ke, lithini ngokuhlwithwa?