Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izibusiso Ezicebile EMihlanganweni YesiGodi “Yabaphathi Bokukhanya”

Izibusiso Ezicebile EMihlanganweni YesiGodi “Yabaphathi Bokukhanya”

Izibusiso Ezicebile EMihlanganweni YesiGodi “Yabaphathi Bokukhanya”

EMINYAKENI engaba ngu-2 700 edlule, umprofethi uIsaya wabhala: “Bheka, ubumnyama buyasibekela umhlaba, nesigayegaye abantu.” (Isaya 60:2) Yeka indlela lawomazwi aye abonakala eyiqiniso ngayo! Nokho, ithemba likhona, ngoba uJehova uye wabangela ukuba ukukhanya kukhanye. Ngonyaka odlule, labo abathanda ukukhanya kukaNkulunkulu bamenywa ngokufudumele ukuba babe khona eMhlanganweni WesiGodi “Wabaphathi Bokukhanya.”

Isimiso salomhlangano saqhutshwa okokuqala ngo-June eNyakatho Melika. Phakathi nezinyanga ezalandela, siye saqhutshwa eMpumalanga naseNtshonalanga Yurophu, eMelika Ephakathi neseNingizimu, eAfrika, eAsia, naseziqhingini zezilwandle. Abaye baba khona balinganiselwa ezigidini. Futhi yeka idili elingokomoya elicebile abaye balijabulela!

“Niyemukelwa, Nonke Nina Baphathi Bokukhanya!”

Ezindaweni eziningi lomhlangano waqala ngoLwesihlanu futhi waphela ngeSonto ntambama. Njengoba ababeze emhlanganweni bebezinza ezihlalweni zabo ngoLwesihlanu ekuseni, bajabulela ukuzwa inkulumo emfushane ngendlela ukukhanya kukaJehova okuye kwakhanya ngayo kakhulu kunanini phakathi nalezinsuku zokugcina. Kamuva usihlalo womhlangano waya endaweni yesikhulumi. Wagcizelela ukuthi amaKristu eqiniso kufanele abe abaphathi bokukhanya futhi ngokufudumele wathi: “Niyemukelwa, nonke nina baphathi bokukhanya!” Isimiso somhlangano sasizosiza izihambeli ukuba ziqhubeke zibonisa ukukhanya kukaJehova.

Inkulumo eyisihluthulelo yaveza okwakuqukethwe yiwo wonke umhlangano. Isikhulumi sakhumbuza ababeze emhlanganweni ukuthi izibani zacimela isintu emuva ensimini yase-Edene. Kusukela ngalesosikhathi, uSathane uye waphuphuthekisa abantu ekuboneni ukukhanya kweqiniso. (2 Korinte 4:4) Nakuba kunjalo, uJesu uye weza ‘njengokukhanya kwabezizwe.’ (Isaya 42:1-6) Wadalula amanga enkolo, waveza imisebenzi engalungile yobumnyama, waphakamisa ubukhosi bukaJehova, futhi washumayela izindaba ezinhle zoMbuso. Abalandeli bakaJesu benza okufanayo—futhi basakwenza! (Mathewu 28:19, 20) Ngendlela eshukumisayo isikhulumi sathi: ‘NjengoJesu, nathi singaba ngabaphathi bokukhanya. Awukho omunye umsebenzi obaluleke ngaphezu kwalona osukwini lwethu. Futhi alikho ilungelo elikhulu kunaleli.’

Njengoba ingxenye yokuqala yesimiso somhlangano yayisondela ekupheleni kwayo, kwenzeka okwakungalindelekile. Usihlalo womhlangano waphindela endaweni yesikhulumi futhi wamemezela ukukhululwa kwelokuqala ochungechungeni lwamapheshana amane amasha. Ihlombe lentshiseko lahalalisela lokhu kukhululwa, futhi isihambeli ngasinye esasikhona sanikezwa ikhophi yalelipheshana.

NgoLwesihlanu ntambama, isimiso somhlangano sagxila eselulekweni esiyisisekelo kumaKristu aphethe ukukhanya. Izinkulumo ezimbili zokuqala zanikeza isiqondiso esihle ngendlela yokugwema ukungcoliswa ubumnyama bezwe. Njengoba uSathane engase abonakale eyingelosi yokukhanya, kubalulekile ukulondoloza isimo sengqondo esingokomoya ukuze singadukiswa izinto ezingcolile zezwe. (2 Korinte 11:14) UPawulu waluleka: “Ningalingisi lelizwe, kodwa niguqulwe isimo ngokwenziwa ibentsha ingqondo yenu, ukuze nibe-nokuhlolisisa okuyintando kaNkulunkulu, okuhle, nokuthandekayo, nokupheleleyo.” (Roma 12:2) Izihambeli zomhlangano zezwa ukuthi ukuguquka komKristu kuyinqubo eqhubekayo. Izingqondo zethu zihlanzeka futhi zilolongeka ngokuqhubekayo njengoba sitadisha iZwi likaNkulunkulu futhi sisebenzisa lokho esikufundayo. Ngaleyondlela, siya sifana noJesu ngokwengeziwe, ‘owayegcwele umusa neqiniso.’—Johane 1:14.

Abaphathi Bokukhanya Abasebasha

Ingxenye yesibili yangoLwesihlanu ntambama yayiqondiswe entsheni. Inkulumo yokuqala (“Basha—Yini Eniyiphishekelayo?”) yatusa amaKristu asemasha ayisibonelo esihle sokwethembeka. Kodwa yawakhumbuza ukuthi ayizisulu eziyinhloko zikaSathane. Ngisho nomgijimi oqeqeshwe kahle uyamdinga umqondisi. Ngendlela efanayo, intsha idinga usizo lwabazali bayo nolwebandla ukuze iqhubeke ihamba ekukhanyeni.

Lokhu kwagcizelelwa yidrama enhle kakhulu eyayithi Ukwenza Okulungileyo Emehlweni KaJehova, eyaphetha isimiso sangoLwesihlanu. Kwaqokonyiswa isibonelo seNkosi uJosiya. Ngisho nangenkathi esengumfana omncane, wayezimisele ukukhonza uJehova. Kwakunamathonya amabi ayemzungezile, kodwa ngesiqondiso sompristi omkhulu uHilikiya nangenxa yothando lwakhe siqu ngoMthetho kaNkulunkulu, uJosiya wenza okwakulungile emehlweni kaJehova. AmaKristu amaningi asemasha namuhla enza ngendlela efanayo.

Makukhanye Ukukhanya

Ngemva kokuphumula kwakusihlwa, izihambeli zeza emhlanganweni ngoMgqibelo ekuseni zilungele iseluleko esingokomBhalo esengeziwe esakhayo. Zazingajabhile. Ngemva kwengxoxo yetekisi losuku, isimiso saqhubeka nochungechunge olwabonisa izindlela ezihlukahlukene umKristu angenza ngazo ukukhanya kwakhe kukhanye. (Mathewu 5:14-16) Ukushumayela kungenye indlela ebalulekile, futhi ukuziphatha okuhle nakho kunengxenye ebalulekile. Njengoba isikhulumi sasho, “ukushumayela kutshela abanye lokho esikukholelwayo, kodwa ukubonisa uthando kubonisa lokho esikukholelwayo.”

Ngemva kwalokho kwalethwa ekunakekeleni kwababeze emhlanganweni usizo olubalulekile ekushumayeleni—amapheshana. Njengoba zazisasikhumbula kahle isaziso sosuku olwandulelayo, izihambeli zezwa okuhlangenwe nakho okubonisa indlela lamathuluzi amancane anamandla ngayo. Izihambeli zakhuthazwa ukuba zihlale zinamapheshana ngazo zonke izikhathi, zilungele noma yisiphi isimo.

Ngokulandelayo ukunakekela kwadonselwa kumaphayona, labo bamemezeli boMbuso besikhathi esigcwele abazikhandlayo ekuphatheni ukukhanya. Yeka indlela esiwazisa ngayo amaphayona ethu azikhandlayo! Futhi inani lawo liyanda. Ngisho nasemazweni asanda kunikezwa inkululeko yokukhulekela, izinhlu zamaphayona ziyanda. Amaphayona akhuthazwa ukuba azise ilungelo lawo. Labo abangakaphayoni bakhuthazwa ukuba bacabangele isimo sabo. Mhlawumbe nabo bangahlela izindaba zabo ukuze benze ukukhanya kwabo kukhanye enkonzweni yesikhathi esigcwele.

Ukuba umphathi wokukhanya ngokuvamile kuhilela ukuzidela, futhi lokhu kwaqokonyiswa enkulumweni eyalandela, “Ukukhonza UJehova Ngomoya Wokuzidela.” UPawulu wanxusa: “Ninikele imizimba yenu ibe-ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu.” (Roma 12:1) Umoya wokuzidela uboniswa yilabo abakhuthazelela ushushiso. Amaphayona azidela nsuku zonke ukuze ahlale enkonzweni yesikhathi esigcwele. Empeleni, wonke amaKristu eqiniso ayazidela, eba matasa enkonzweni kaJehova kunasekuphishekeleni kobugovu izinto ezibonakalayo zalelizwe. Inkambo enjalo iphumela ezibusisweni ezicebile ezivela kuJehova.

Leyonkulumo yaba isethulo esifanelekayo salokho okwalandela—inkulumo yobhapathizo. Labo ababhapathizwa eMhlanganweni WesiGodi “Wabaphathi Bokukhanya” ngempela ngeke bayikhohlwe lenkulumo. Ubhapathizo lwabo luyohlala luyinto evelele ekuphileni kwabo. Bakhunjuzwa ukuthi babelandela isibonelo sikaJesu Kristu, owabhapathizwa eneminyaka engu-30 ubudala. Ngaphezu kwalokho, ababezobhapathizwa bajabula lapho bekhumbula ukuthi ‘babelahle imisebenzi yobumnyama’ nokuthi babenze isinqumo ‘sokukhonza uJehova.’ (Roma 12:11; 13:12) Ngenjabulo bama phambi kwesixuku sababeze emhlanganweni futhi benza ukuvuma kwasobala okuzwakalayo ngaphambi kokuyobhapathizwa. (Roma 10:10) Sithandazela isibusiso sikaJehova kubo bonke abaye babonakalisa ukuzinikezela kwabo ngokubhapathizwa emanzini phakathi neMihlangano YesiGodi ‘Yabaphathi Bokukhanya.’

UMgqibelo ntambama wawuyisikhathi sezinye izixwayiso eziqotho. Lezixwayiso zeza ngezinkulumo ezazinezihloko ezithi “Gwema Izingibe Zobugovu,” “Ingabe Kukhona Owonakalisa Imikhuba Yakho Emihle?” “Gwema Ukukhonza Izithombe Kwanoma Yiluphi Uhlobo.” Lezinkulumo ezintathu zaveza amanye amacebo asetshenziswa uSathane ukuze enze umKristu abe buthakathaka. UJuda Iskariyothe wayengumphostoli, kodwa wakhaphela uJesu ngenxa yemali. USamuweli osemusha wakhulela phakathi esikhungweni sesizwe sokukhulekela uJehova, kodwa wayechayeke ngokungenakugwenywa kubantu abathile ababi kakhulu. (1 Samuweli 2:12, 18-20) Ukukhonza izithombe kungahlanganisa izinto ezinjengokuziphatha okubi ngokobulili nokuhaha. (Efesu 5:5; Kolose 3:5) Yebo, ukuhaha, abangane ababi, nokukhonza izithombe kuyingozi futhi kumelwe kugwenywe.

Khona-ke isimiso somhlangano kwaba sengathi sesigaya ngomunye umhlathi. Inkulumo eyalandela yaphakamisa imibuzo eminingi yeBhayibheli ethakazelisayo futhi yayiphendula. Ngokwesibonelo, ingabe ungachaza ukuthi abantu abangalamukeli iqiniso futhi bafe ngaphambi kosizi olukhulu bayovuswa yini? Yini umKristu okumelwe ayenze lapho engamtholi umngane womshado ofanelekayo? Ukuze zijulise ulwazi lwazo lweBhayibheli, izihambeli zakhuthazwa ukuba zisebenzise ngokugcwele i-Watch Tower Publications Index, ikakhulukazi ngaphansi kwesihloko esithi “Questions From Readers.”

Ukuba Khona Nokwambulwa KukaKristu

Ingxenye yokuphetha yesimiso sangoMgqibelo yagxilisa ukunakekela esiprofethweni ngochungechunge olwalunesihloko esithi “Ukukhanyisa Ukuba Khona Nokwambulwa KukaKristu.” Kwabukezwa izici ‘zesibonakaliso’ ezifakazela ukuba khona kukaJesu Kristu. (Mathewu 24:3) Engxenyeni yesibili, kwaxoxwa ngemisebenzi yosuku lwanamuhla ‘yenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45-47) Kwavezwa ukuthi kusukela ngo-1919 isigaba senceku ngokwethembeka siye saqalisa umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso. Kamuva isixuku esikhulu saqoqwa sivela kuzo zonke izizwe ukuze sihlanganyele kanye namaKristu agcotshiwe ekuboniseni ukukhanya kukaJehova. Isikhulumi saphetha ngokuthi: “Sonke masiqhubeke ngentshiseko sisekela inceku ethembekileyo neqondayo. Kungokwenza lokhu kuphela lapho ngolunye usuku oluseduze kakhulu bonke abanjengezimvu beyokuzwa lamazwi ajabulisayo: ‘Zanini nina enibusisiwe nguBaba, nidle ifa lombuso eniwulungiselweyo selokhu kwasekelwa umhlaba.’ ”—Mathewu 25:34.

Isikhulumi sokugcina saxoxa ngencazelo kanye nokushiwo ukwambulwa kukaJesu Kristu. (1 Korinte 1:7) Yeka okuhlangenwe nakho lesosambulo esiyoba yikho! IBabiloni Elikhulu liyobhujiswa. Impi enkulu phakathi kwezwe likaSathane noJesu nezingelosi zakhe iyophela ngokubhujiswa kwalesimiso. Ekugcineni, uSathane ngokwakhe uyofakwa kwalasha futhi abe sesimweni sokungasebenzi. Kodwa ngomshado weWundlu ezulwini nokulethwa komhlaba omusha, abantu bakaNkulunkulu bayokhululeka. Isikhulumi sajabulisa izilaleli zaso ngokukhulula incwajana entsha ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela? Yeka usizo oluhle leyoncwajana eyoba yilo kubantu abathobekile abafuna ukwazi ngoMdali wethu okhathalelayo nezinjongo zakhe ngathi!

Imikhaya YamaKristu

ISonto, usuku lokugcina lomhlangano, manje lase lifikile. Nokho, okuningi kwakusazonikezwa. Ngemva kwengxoxo yetekisi losuku, kwabhekiselwa ukunakekela emkhayeni wamaKristu ngochungechunge oluthi “Ukukhathalelana Emkhayeni WamaKristu.” Ingxenye yokuqala yasiza ababeze emhlanganweni ukuba baqaphele isihluthulelo sokuba nomkhaya wamaKristu ophumelelayo: ukubeka izinto ezingokomoya kuqala. Ingxenye yesibili yakhuthaza imikhaya ukuba yenze izinto ndawonye, kungakhathaliseki ukuthi kuhilela ukuba khona emihlanganweni, inkonzo yasensimini, isifundo somkhaya, noma ukuzilibazisa. Futhi ingxenye yesithathu yaloluchungechunge yakhumbuza izihambeli ngelungelo lazo nomthwalo wemfanelo wokunakekela asebegugile. “Abafowethu nodadewethu asebekhulile bayinzuzo ebandleni,” kwasho isikhulumi. Masikwazise okuhlangenwe nakho kwabo futhi silingise ubuqotho babo.

Ngokulandelayo kwaxoxwa ngencazelo yenkulumo ethi “ukuhluzeka kwengqondo.” (1 Petru 4:7, NW) Umuntu ohluzekile engqondweni uyalinganisela, unengqondo, uthobekile, futhi uyacabanga. Uyakwazi ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi, iqiniso namanga. Ngaphezu kwalokho, ulwela ukulondoloza impilo enhle engokomoya.

Inkulumo yokugcina esimisweni sangeSonto ekuseni yakhulumela ukuzithoba kwethu kuNkulunkulu noKristu. Isikhulumi sathi, “Ukubaluleka kokuzithoba ngokwethembeka kuJehova uNkulunkulu naseNdodaneni yakhe, uJesu Kristu, akunakugcizelelwa ngokweqile.” Saqhubeka sibonisa indlela lokhu okuthonya ngayo isici ngasinye sokuphila kwethu. Yini eyosisiza ukuba siqhubeke sizithoba? Yizimfanelo ezine: uthando, ukwesaba uNkulunkulu, ukholo, nokuthobeka.

NgeSonto Ntambama

Ngokuphazima kweso, kwase kuyiSonto ntambama futhi kuyisikhathi sengxenye yokugcina yesimiso somhlangano. Kwabaningi, kwaba sengathi umhlangano wawusanda kuqala, kanti wase usondela esiphethweni sawo.

Inkulumo yeningi yayinesihloko esithi “Landela Ukukhanya Kwezwe.” Ababekhona bajabulela ukuzwa incazelo ethakazelisayo yendima efezwa ukukhanya okungokoqobo ekulondolozeni ukuphila. Kamuva isikhulumi sabonisa ukubaluleka okukhulu kokukhanya okungokomoya. Ukukhanya okungokoqobo kusigcina siphila amashumi ambalwa eminyaka, kodwa ukukhanya okungokomoya kungasigcina siphila kuze kube phakade. Okwakuvelele kulenkulumo kwakuwukuchazwa kwevesi ngalinye kuJohane 1:1-16, lapho uJesu evezwe khona njengokukhanya kwezwe. Namuhla, eminyakeni yokugcina yalesimiso esibi, kubaluleke kakhulu kunanini ukulandela uJesu kulomsebenzi.

Ngemva kokubukezwa kweSifundo SeNqabayokulinda esasabelwe lelosonto, kwase kuyisikhathi senkulumo yokuphetha. Ngokujabulisayo, isikhulumi sabonisa ukuthi kwakunezinto eziningi okungabhekwa phambili kuzo ezinsukwini ezizayo. Ngokwesibonelo, samemezela ikhasethi elisha, idrama ethi Ukwenza Intando KaNkulunkulu Ngentshiseko. Futhi kwakungapheleli lapho. Kwakuzoba nochungechunge lwamakhasethi e-video anesihloko esithi The Bible—A Book of Fact and Prophecy, elokuqala lawo lalizoba nesihloko esithi The Bible—Accurate History, Reliable Prophecy.

Ekugcineni, isikhulumi samemezela ukuthi ngo-1993 kuyoba nemihlangano yesigodi yezinsuku ezine, kuhlanganise nemihlangano ekhethekile yezizwe zonke eAfrika, eAsia, eYurophu, naseNingizimu Melika. Ngisho nakuba uMhlangano WesiGodi “Wabaphathi Bokukhanya” wawuphela, izihambeli zazingaqala ukwenza amalungiselelo onyaka olandelayo.

Manje kwase kuyisikhathi sokuba izihambeli zomhlangano ziphindele emakhaya. Ngempela, zazizimisele ngokwengeziwe kunanini ukuqhubeka zibonisa ukukhanya kulelizwe elimnyama. Ngemva kwezinsuku ezintathu ezigcwaliswe ngezinto ezinhle ezingokomoya, amazwi ombhalo wokugcina owacashunwa enkulumweni yokuphetha ayebaluleke kakhulu: “UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele. . . . Bongani uJehova, ngokuba muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade.”—IHubo 118:27, 29.

[Isithombe ekhasini 15]

Isimiso somhlangano ngesiRashiya

[Izithombe ekhasini 16, 17]

Amalungu eNdikimba Ebusayo aba nengxenye emihlanganweni eminingi

Izihambeli zaseJapane zaziphakathi kwalabo ababehlangene eSt. Petersburg, eRussia

Idrama yeBhayibheli eshukumisayo yagcizelela isidingo sokwenza okulungileyo emehlweni kaJehova

Abaphathi bokukhanya abasanda kuhlanganyela babonakalisa ukuzinikezela kwabo kuJehova ngokubhapathizwa

Ababeze emhlanganweni bagxilise ukunakekela esimisweni eSt. Petersburg

[Isithombe ekhasini 18]

Izihambeli zakujabulela ukwamukela incwajana entsha ethi “Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?”