Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Imibuzo Evela Kubafundi

Uma umKristu egula noma esohambweni futhi kanjalo engakwazi ukuba semkhosini weSikhumbuzo, ingabe kufanele awugubhe ngenyanga elandelayo?

Kwa-Israyeli wasendulo iPhasika laligujwa minyaka yonke ngosuku lwe-14 lwenyanga yokuqala, okwakuthiwa uNisan (noma, uAbibi). Kodwa sithola ilungiselelo elikhethekile kuNumeri 9:10, 11: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: Uma umuntu wakini noma owezizukulwane zenu engcoliswa yisidumbu noma esekuhambeni, ekude, uyakulenza nokho iphasika kuJehova; ngenyanga yesibili [okwakuthiwa ulyyar, noma uZivi], ngosuku lweshumi nane ngakusihlwa bayakulenza; bayakulidla nesinkwa esingenamvubelo nemifino ebabayo.”

Phawula ukuthi lokhu akuzange kumise izinsuku ezimbili ezingafani zePhasika (uNisan 14 noma uZivi 14), umIsrayeli noma umkhaya owawungazikhethela kuzo kuye ngokuthi yiluphi oluvumelana nezimo zawa. Ilungiselela lesidla sePhasika ngenyanga yesibili lalilinganiselwe. KwakungelomIsrayeli owayengcolile ngokwesiko ngoNisan 14 noma ekude kakhulu nendawo umkhosi owawugujelwa kuyo ngokuvamile.

Okuwukuphela kwesibonelo esilotshiwe sokusetshenziswa kwalokhu kabanzi kwakungesikhathi lapho iNkosi ethembekile uHezekiya ivuselela ukugujwa koMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo. Sasingekho isikhathi sokuzilungiselela ngenyanga yokuqala (abapristi bengakalungi nabantu bengakabuthani), ngakho lagujwa ngosuku lwe-14 lwenyanga yesibili.—2 IziKronike 29:17; 30:1-5.

Ngaphandle kwezimo ezinjalo ezingavamile, amaJuda ayegcina iPhasika ngosuku olwalumiswe uNkulunkulu. (Eksodusi 12:17-20, 41, 42; Levitikusi 23:5) UJesu nabafundi bakhe bagubha lomkhosi njengoba kwakufunwa wuMthetho, bengaluthathi kalula lolusuku. ULuka uyabika: “Lwase lufika usuku lwesinkwa esingenamvubelo okumelwe ukuba kuhlatshwe ngala iphasika. Wathuma oPetru noJohane, wathi: Hambani niye ukusilungisela iphasika ukuba sidle.”—Luka 22:7, 8.

Kulesosenzakala uJesu wamisa umkhasi waminyaka yonke amaKristu awazi njengeSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Ukubaluleka kokuba khona kwamaKristu kulesosidlo akunakugcizelelwa ngokweqile. Lesi isenzakalo esibaluleke kakhulu onyakeni koFakazi BakaJehova. Amazwi kaJesu abonisa isizathu, wathi: “Yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” (Luka 22:19) Kanjala, ngamunye woFakazi BakaJehova kufanele ahlele kusasele izinyanga ukuba agcine usuku lwalomkhosi lukhululekile kunoma yimaphi amanye amalungiselelo. ISidlo SeNkosi Sakusihlwa siyogujwa ngaLwesibili, ngoApril 6, 1993, ngemva kokushona kwelanga endaweni yakini.

Ezimweni ezingavamile izima ezithile ezingalindelekile, ezinjengokugula noma ukwephuza kwezinto zokuhamba, zingase zivimbele umKristu ekubeni khona njengoba ebehlelile. Yini okufanele yenziwe esimweni esinjalo?

Phakathi nalomkhosi kudluliswa isinkwa esingenamvubelo newayini elibomvu, futhi labo abaye bagcotshwa ngomoya ongcwele kaNkulunkulu futhi bakhethwa ukuba bayaphila ezulwini bayadla. (Mathewu 26:26-29; Luka 22:28-30) Uma umuntu obelokhu edla minyaka yonke kulonyaka evaleleke ekhaya noma esibhedlela ngenxa yokugula, abadala bebandla lakuleyondawo bayohlela ukuba omunye wabo ayise isinkwa newayini kogulayo, axoxe ngemibhalo yeBhayibheli efanelekile eqondene nalendaba, bese emnikeza izifanekiselo. Uma umKristu ogcotshiwe engekho ebandleni lakubo, kufanele ahlele ukuba aye ebandleni elisendaweni ayobe ekuyo ngalolosuku.

Ngenxa yalokhu, kuyoba ngaphansi kwezimo ezingavamile ngempela kuphela lapho umKristu ogcotshiwe kuyomelwe agubhe khona iSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngemva kwezinsuku ezingu-30 (inyanga eyodwa egcwele), ngokuvumelana nomyalo okuNumeri 9:10, 11 nesibonelo esikweye-2 IziKronike 30:1-3, 15.

Labo besigaba ‘sezinye izimvu’ zikaJesu, abanethemba lokuphila okuphakade epharadesi emhlabeni, abekho ngaphansi komyala wakuhlanganyela esinkweni nasewayinini. (Johane 10:16) Kubaluleke ngempela ukuba babe khona kulamkhosi waminyaka yonke, kodwa abahlanganyeli ezifanekiselweni. Ngakho uma omunye wabo egula noma esohambweni futhi kanjalo angabibikho kunoma yiliphi ibandla ngalababusuku, angazifundela ngasese imibhala efanelekile (kuhlanganise nendaba kaJesu emisa lamkhosi) futhi athandazele isibusiso sikaJehova kulesenzakalo emhlabeni wonke. Kodwa kulokhu asikho isidingo sanoma yimaphi amalungiselelo engeziwe omhlangano noma ingxoxo ekhethekile engokweBhayibheli ngemva kwenyanga.