IPharadesi Noma INdawo Yemfucumfucu—Yikuphi Okukhethayo?
IPharadesi Noma INdawo Yemfucumfucu—Yikuphi Okukhethayo?
AKEKHO ngephutha owayengacabanga ukuthi ungenye into ngaphandle kwalokho ayeyikho: umbuki wamazwe waseYurophu owayedinga ukuphumula futhi owayenogqozi lokuyojabulela ukushisa kwelanga esiqhingini esifana nepharadesi. Njengoba ayenqamula izindunduma ezinkulu zesihlabathi eziwumngcele wogu lolwandle, wayehamba ekhetha amabala ngokucophelela emfucumfucwini yamabhodlela alahliwe, amathini, izikhwama zepulasitiki, intshungama, namaphepha okusonga amaswidi, amaphephandaba, nomagazini. Ngokusobala ecasukile, wazibuza ukuthi yilona yini leli ipharadesi abeza kulo.
Ingabe wake waba nakho okuhlangenwe nakho okufanayo? Kungani abantu bephupha ngokuchitha iholide labo endaweni efana nepharadesi, kodwa uma sebelapho, babonakale benganqikazi ukuguqula leyondawo ibe yindawo engokoqobo yemfucumfucu?
Akukhona Nje ‘EPharadesi’ Kuphela
Lokhu kunganakwa okusobala kobuhle, ukuhleleka, nokuhlanzeka akukho nje “ezindaweni ezifana nepharadesi” kuphela ababuki bamazwe abaningi abathutheleka kuzo. Umphakathi wanamuhla uhlushwa ukungcola cishe kuyo yonke indawo. Amabhizinisi amaningi abangela ukungcola ngesilinganiso esikhulu ngokwenza amathani amaningi emikhiqizo elahlwayo. Imikhiqizo enoshevu engalahlwanga neze ngendlela efanelekile nokuchitheka kukawoyela okwenzeka ngengozi kusongela ngokubhubhisa izindawo ezinkulu zomhlaba wethu, kuzenze zingafanelekeli ukuba kuphilwe kuzo.
Izimpi nazo ziyangcolisa. Njengoba umhlaba wawubukele ngokwesaba, impi yasePersian Gulf ka-1991 yanezela isilinganiso esisha. Amabutho aseIraqi okhela imithombo kawoyela engaba ngu-600 ngomlilo ngamabomu, eguqula iKuwait “eyenza umbono wesihogo wesAmbulo,” njengoba iphephandaba laseYurophu lakuchaza kanjalo. Umagazini waseJalimane i-Geo wabiza lesihogo ngokuthi “inhlekelele enkulu kunazo zonke eyake yenziwa umuntu endaweni ezungezile.”
Ngemva kokuphela kwempi, kwasungulwa iqembu labahlanzi ngokushesha. Ukucisha nje imithombo kawoyela evuthayo kwahilela izinyanga eziningi zomsebenzi onzima. I-World Health Organization yabika ukuthi ukungcola osekwandile eKuwait kungase kubangele ukuba isilinganiso sabafayo lapho sinyuke ngamaphesenti ayishumi.
Aziyona Ingozi Kangako Kodwa Zicasula Kakhulu
Kuzo zonke izibonelo ezivelele nezimbi kakhulu zokungcoliswa kwendawo ezungezile ngezinga elikhulu, kunezinkulungwane zezibonelo eziyingcolisa ngezinga elincane. Abantu abalahla izibi nomaphi ‘nezingcweti’ ezenza imidwebo ezindaweni zomphakathi bangase bangabi nangozi kangako ekungcoliseni, kodwa nakuba kunjalo banesandla ekuphuceni leplanethi enguMhlaba amandla ayo okuba yipharadesi.
Kwezinye izindawo lemidwebo ivame kakhulu kangangokuthi izakhamuzi ziye zaba “yizimpumputhe ngokuqondene nalemidwebo,” azisayiqapheli neze. Isezimotweni ezihamba kujantshi ngaphansi komhlaba, ezindongeni zezakhiwo, nasezigxotsheni zocingo. Lemidwebo ayisekho nje ezindongeni zezindlu zangasese zomphakathi kuphela.
Amanye amadolobha agcwele izakhiwo esezibhidlikile nesezingasahlalwa muntu. Izindawo ezihlala abantu zonakaliswa amakhaya namagceke angcolile. Izimoto eziphukile, imishini elahliwe, nezingcezwana zezinto ezingasasebenzi kubangela imfucumfucu emagcekeni amapulazi abengase akhange ngokujabulisayo uma bekungenjalo.
Kwezinye izindawo abantu babonakala bengakhathazekile ngokuba nemizimba engahlanzekile nengahlelekile. Ukuhamba ugqoke futhi uzilungise ngokungazinaki kungase kungabi okwamukelekayo nje kuphela kodwa kungaba ngisho nasemfashinini. Labo abazisa ubunono nokuhlanzeka babhekwa njengabayisidala esingenangqondo.
Yeka Umsebenzi Omkhulu!
Yeka umkhankaso omkhulu wokuhlanza ongadingeka ukuze kuguqulwe izingu zezilwandle, amahlathi, nezintaba zekhaya lethu eliwumhlaba kube yizindawo ezifana nemifanekiso yepharadesi esezembozweni zomagazini abakhangayo bababuki bamazwe—ingasaphathwa eyalokho okungadingeka kwenziwe emadolobheni amakhulu, namancane, nasemapulazini kanye nakubantu ngokwabo!
Umbuki wamazwe okukhulunywe ngaye ngaphambili wajabula ukubona iqembu labahlanzayo lihamba kuleyondawo ntambama ngalolosuku lisusa izingcezu ezinkulu zemfucumfucu. Nokho, uma sibala, lashiya ngemuva izingcezu zezingilazi eziphukile, izivalo zamabhodlela, izivalo zamathini, nezinqamu eziningi zikagwayi. Ngakho ngisho nangemva kokuhlanza, kwakusenobufakazi obuningi bokuthi leyondawo yayihlobene kakhulu nendawo yemfucumfucu kunepharadesi.
Ukuhlanzwa kwembulunga yonke ukuze kuvikelwe leplanethi enguMhlaba ekubeni yindawo yemfucumfucu yembulunga yonke kuyodinga ukuba kususwe zonke izinsalela ezinjalo zalokhu kungcola. Ingabe akhona amathemba okuthi ukuhlanza okunjalo kuyoba khona? Uma kuyoba khona, kanjani? Obani abayokufeza? Nini?