Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ukuganana Makuhlonishwe Yibo Bonke”

“Ukuganana Makuhlonishwe Yibo Bonke”

“Ukuganana Makuhlonishwe Yibo Bonke”

“Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, umbhede ungabi-nasisihla.”—HEBERU 13:4.

1. Yini abantu abaningi abaye bayifunda mayelana nomshado ophumelelayo?

IZIGIDI zabantu, ngisho nakulenkathi lapho ukwehlukanisa kulula khona, zijabulela imishado eqinile. Ziye zathola indlela yokufinyelela impumelelo, naphezu kokungafani kobuntu nesizinda. Imishado enjalo itholakala phakathi koFakazi BakaJehova. Ezimweni eziningi lemibhangqwana iyovuma ukuthi iye yaba nazo izikhathi ezinhle nezimbi, ngisho nezizathu zokukhononda ngomunye nomunye. Nokho, iye yafunda ukubekezelela ubunzima obuncane bomshado futhi yagcina umkhumbi womshado wayo uhamba. Yiziphi ezinye zezici eziye zayisiza ukuba iqhubeke?—Kolose 3:13.

2. (a) Yiziphi ezinye izici ezinhle ezenza umshado uhlale njalo? (b) Yiziphi ezinye izici eziphambene ezingonakalisa umshado? (Bheka ibhokisi ekhasini 14.)

2 Ukukhulumela okwenziwa abathile imishado yabo yobuKristu eye yaba ejabulisayo nehlala njalo kwembula okuningi. Enye indoda esineminyaka engu-16 ishadile yathi: “Noma nini lapho kuphakama inkinga, ngempela siye senza umzamo wokulalela lapho omunye eveza umbono wakhe.” Lokhu kuqokomisa esinye sezici eziqinisa imishado eminingi—ukukhulumisana ngokukhululekile, nangokungagwegwesi. Owesifazane, oseshade iminyaka engu-31, wathi: “Ukubambana ngezandla nokwenza izinto ezijabulisayo ukuze sihlale sithandana kuye kwaba okuza kuqala ngaso sonke isikhathi.” Futhi lokho kungesinye isici sokukhulumisana. Omunye umbhangqwana, osushade cishe iminyaka engu-40, wagcizelela ukubaluleka kokuba namahlaya, kokukwazi ukuzihleka wona siqu nokuhlekana. Wathi futhi kuye kwawusiza ekubeni ukwazi ukubona okuhle kakhulu nokubi kakhulu komunye nomunye kodwa ubonisane uthando oluqotho. Umyeni waphawula ukuzimisela ukuvuma amaphutha bese uxolisa. Lapho kunomoya wokuzithoba, umshado uyokwazi ukuzivumelanisa nezimo kunokuba uwohloke.—Filipi 2:1-4; 4:5, Kingdom Interlinear.

Isimo Esishintshayo

3, 4. Yikuphi ukushintsha kwesimo sengqondo okuye kwenzeka ngokuphathelene nokwethembeka emshadweni? Ungazinikeza izibonelo?

3 Emashumini eminyaka ambalwa adlule, emhlabeni wonke, imibono iye yashintsha ngokuphathelene nokwethembeka emshadweni. Abanye abantu abashadile bakholelwa ukuthi akukho lutho olubi ngokuba nomakhwapheni, inkulumo yesimanje ehloniphisa ukuphinga, ikakhulukazi uma omunye umngane ekwazi futhi ekwamukela.

4 Omunye umbonisi ongumKristu waphawula ngalesisimo: “Izwe cishe selilahle wonke umzamo wokuphila ngendinganiso yokuziphatha. Ukuziphatha okumsulwa sekuye kwabhekwa njengokuyisidala.” Abantu abavelele bezombangazwe, bezemidlalo, nabezokuzijabulisa bazeqa obala izindinganiso zeBhayibheli zokuziphatha okuhle, futhi abantu abanjalo bayaqhubeka benikezwa udumo. Cishe noma yiluphi uhlobo lokwenza okubi ngokuziphatha noma ukuziphatha okuphendukezelwe alusabhekwa njengehlazo. Ukwazisa ubumsulwa nobuqotho kuye kwaba yivela kancane emphakathini okuthiwa ungowesigaba esiphezulu. Khona-ke, ngokwesimiso sokuthi ‘okwenzeka komunye kuyenzeka nakomunye,’ uquqaba lulandela lesosibonelo futhi luvumela lokho uNkulunkulu akulahlayo. Kunjengoba uPawulu akubeka: “Abathi bebuthuntu, bazinikela emanyaleni, ukuze basebenze ukungcola konke ngokuhuheka.”—Efesu 4:19; IzAga 17:15; Roma 1:24-28; 1 Korinte 5:11.

5. (a) Siyini isimo sikaNkulunkulu ngokuphinga? (b) Yini ehlanganisiwe ngokusebenzisa kweBhayibheli igama elithi “ubufebe”?

5 Izindinganiso zikaNkulunkulu azikashintshi. Kuwumbono wakhe ukuthi ukuhlala ndawonye ngaphandle komshado kuwubufebe. Ukungathembeki emshadweni kusewukuphinga. * Umphostoli uPawulu wakubeka ngokukhanyayo: “Kepha kanazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa. Nazifebe, nabakhonza isithombe, naziphingi, nazihlobongi, nabesilisa abalalanayo . . . abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu. Babenjalo abanye kini, senahlanzwa, senangcweliswa, senalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.”—1 Korinte 6:9-11.

6. Yisiphi isikhuthazo esingasithola emazwini kaPawulu kweyoku-1 Korinte 6:9-11?

6 Iphuzu elikhuthazayo kulowombhalo amazwi kaPawulu, “Babenjalo abanye kini, kepha senahlanzwa.” Yebo, abaningi ababehamba “ngamanyala” esikhathini esidlule baye basanguluka, bamukela uKristu nomhlatshelo wakhe, futhi bahlanzwa. Baye bakhetha ukujabulisa uNkulunkulu ngokuphila ukuphila kokuziphatha okuhle futhi ngenxa yalokho bajabula ngokwengeziwe.—1 Petru 4:3, 4.

7. Yikuphi ukushayisana okukhona ekuqondeni “ukuziphatha okubi, futhi uyini umbono weBhayibheli”?

7 Ngakolunye uhlangothi, incazelo yezwe yesimanje yokuziphatha okubi ilula kangangokuba ayivumelani nombono kaNkulunkulu. Isichazamazwi sichaza “ukuziphatha okubi” “njengokuphambene nokuziphatha okuhle okwamukelekayo.” “Ukuziphatha okuhle okwamukelekayo” kwanamuhla, okuvumela ubulili ngaphambi komshado nobulili ngaphandle komshado kanye nobungqingili, yilokho iBhayibheli elikulahla njengokuwukuziphatha okubi. Yebo, ngokombono weBhayibheli, kuwukweqa okubi kakhulu indinganiso kaNkulunkulu yokuziphatha.—Eksodusi 20:14, 17; 1 Korinte 6:18.

Ibandla LobuKristu Liyathinteka

8. Ukuziphatha okubi kungabathinta kanjani labo abasebandleni lobuKristu?

8 Ukuziphatha okubi namuhla kudlangé kangangokuba kungacindezela ngisho nakulabo abasebandleni lobuKristu. Kungabathonya ngezinhlelo ze-TV ezonakalisayo, ezisakazeke yonke indawo, ama-video, kanye nokwaziswa okufundwayo okunezithombe ezingcolile. Nakuba kuyingxenye encane kuphela yamaKristu ethintekayo, kufanele kuqashelwe ukuthi iningi lamacala okususwa ekuhlanganyeleni noFakazi BakaJehova ngenxa yokuziphatha kokungaphenduki okungamfanele umKristu ahlobene nohlobo oluthile lokuziphatha okubi ngokobulili. Ngasohlangothini oluhle, ingxenye enkulu yalabo abasuswayo ekugcineni iyawabona amaphutha ayo, iqalise kabusha indlela ehlanzekile yokuphila, futhi ngokuhamba kwesikhathi iyabuyiselwa ebandleni.—Qhathanisa noLuka 15:11-32.

9. USathane ubayenga kanjani abangaqaphile?

9 Akungabazeki ukuthi uSathane uhamba njengebhubesi elibhodlayo, ulungele ukugwinya ongaqaphile. Unyaka ngamunye amaqhinga akhe, noma “izenzo zobuqili,” ayenga amaKristu angaqaphile. Umoya wezwe lakhe ohlale ukhona ungowobugovu, uqokomisa injabulo ekuphileni, futhi ugcwele inkanuko. Wanelisa izifiso zenyama. Ulahla ukuzithiba.—Efesu 2:1, 2; 6:11, 12, umbhalo waphansi weNW; 1 Petru 5:8.

10. Obani abasengozini yesilingo, futhi ngani?

10 Obani ebandleni abangaba sengozini yezilingo zokuziphatha okubi? AmaKristu amaningi, kungakhathaliseki ukuthi angabadala ebandleni akulo, ababonisi abajikelezayo, izikhonzi zaseBethel, amaphayona ashumayela amahora amaningi inyanga ngayinye, abazali abamatasa abanomkhaya, noma intsha ebhekene nokucindezela kontanga. Isilingo esingokwenyama sikhona kubo bonke. Inkanuko yobulili ingaqala lapho kungalindelekile khona. Ngakho uPawulu wayengabhala: “Osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi. Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu.” Kuyadabukisa, kodwa amanye amaKristu anemithwalo yemfanelo aye avumela lokhu kuyenga kokuziphatha okubi.—1 Korinte 10:12, 13.

Ukuyengwa Kanye Nokuhuheka

11-13. Yiziphi ezinye izimo eziye zaholela ekuziphatheni okubi?

11 Yiziphi izilingo nezimo eziye zaholela abanye enkambweni ewubuwula yokuphinga nokuhlobonga? Ziningi futhi ziyinkimbinkimbi futhi zingase zihlukahluke kuye ngezwe noma isiko. Nokho, kunezimo ezithile eziyisisekelo ezivelayo emazweni amaningi. Ngokwesibonelo, kubikwa ukuthi abanye baye bahlela imicimbi lapho uphuzo oludakayo lutholakala ngokukhululekile. Abanye bakhangwa umculo nomdanso wezwe ovusa inkanuko. Kwezinye izindawo zase-Afrika, kunamadoda anothile—angakholwa—anezancinza; abanye besifazane baye balingeka ukuba bafune ukulondeka okungokomnotho esimweni esinjalo ngisho nakuba kuhilela ukuziphatha okubi. Kwezinye izindawo amadoda angamaKristu aye ashiya imikhaya yawo ukuze athole imali yokuziphilisa ezimayini noma kwezinye izindawo. Khona-ke ukuthembeka kwawo kuvivinywa ngezinga noma ngezindlela obekungenakwenzeka ngazo emuva ekhaya.

12 Emazweni athuthukile abanye baye bawela ogibeni lukaSathane ngokuba njalo babe nowobulili obuhlukile futhi engekho umuntu wesithathu—njengalapho umuntu eyedwa emotweni nomuntu omfundisa ukushayela. * Abadala abenza ukuhambela kokwelusa nabo badinga ukuqapha ukuze bangabi bodwa nodade lapho bemeluleka. Izingxoxo zingavusa imizwelo futhi ziphumele esimweni esidumazayo kubo bobabili.—Qhathanisa noMarku 6:7; IzEnzo 15:40.

13 Izimo eziphawulwe ngenhla ziye zaholela amanye amaKristu ekubeni ayeke ukuba ngaphapheme futhi enza izenzo zokuziphatha okubi. Njengoba nje kwenzeka ekhulwini lokuqala, aye azivumela ukuba ‘ayengwe futhi ahuhwe ngezawo izinkanuko,’ okuye kwaholela esonweni.—Jakobe 1:14, 15; 1 Korinte 5:1; Galathiya 5:19-21.

14. Kungani ubugovu buyisici esiyinhloko emacaleni okuphinga?

14 Ukucabangela ngokucophelela amacala okususwa ekuhlanganyeleni kubonisa ukuthi izenzo zokuziphatha okubi zinezici ezithile eziyinhloko ezifanayo. Ezindabeni ezinjalo kunohlobo oluthile lobugovu. Kungani sisho kanjalo? Ngoba ezindabeni zokuphinga, umuntu noma abantu abathile abangenacala bazolimala. Kungase kube umngane womshado osemthethweni. Ngokuqinisekile kuyoba yizingane, uma zikhona, ngoba uma ukuphinga kuphumela esahlukanisweni, izingane, ezifisa ukulondeka komkhaya onobunye, zingase zihlupheke kakhulu. Isiphingi ngokuyinhloko sicabanga ngenjabulo noma ngenzuzo yaso siqu. Lokho kuwubugovu.—Filipi 2:1-4.

15. Yini okungenzeka yaba izimbangela ezaholela ekuphingeni?

15 Ngokuvamile ukuphinga akusona isenzo esingalindelekile sobuthakathaka. Kuye kwaba khona ukuwohloka okungaqondakali okwenzeka kancane kancane emshadweni ngokwawo. Mhlawumbe ukukhulumisana kuye kwaba okokugcina icala noma okungathakazelisi. Kungenzeka bese kungasekho ukukhuthazana. Kungase kwenzeke ukuthi baye bahluleka ukubonisa ukwazisana. Kungenzeka abangane bomshado bebengasanelisani ngokobulili isikhathi esithile. Ngokuqinisekile lapho ukuphinga kwenzeka, kusuke sekunciphe nobuhlobo noNkulunkulu. UJehova akasabhekwa ngokukhanyayo njengoNkulunkulu ophilayo owazi yonke imicabango nezenzo zethu. Kungase kwenzeke ngisho nokuthi engqondweni yesiphingi, “uNkulunkulu” umane abe igama nje, umuntu ongekho ongeyona ingxenye yokuphila kwansuku zonke. Khona-ke kuba lula ngokwengeziwe ukona kuNkulunkulu.—IHubo 51:3, 4; 1 Korinte 7:3-5; Heberu 4:13; 11:27.

Isihluthulelo Sokumelana Nakho

16. UmKristu angamelana kanjani nesilingo sokungathembeki?

16 Uma noma yimuphi umKristu engazithola elingelwa endleleni yokungathembeki, yiziphi izici okufanele zicatshangelwe? Okokuqala, kufanele kucatshangelwe lokho okushiwo uthando lobuKristu, olusekelwe ngokuqinile ezimisweni zeBhayibheli. Akufanele uthando lwenkanuko luvunyelwe lulawule imizwelo yomuntu futhi lubangele ukuwela ebugovwini, obuletha ukuhlupheka kwabanye. Kunalokho, isimo kufanele sibhekwe ngombono kaJehova. Kufanele sibhekwe ngokwephuzu lebandla kanye nesihlamba lokho kuziphatha okubi okuyosiletha ebandleni nasegameni likaJehova. (IHubo 101:3) Umonakalo ungase ugwenywe ngokuthola umqondo kaKristu ngendaba bese senza ngokuvumelana nawo. Khumbula, uthando olufana nolukaKristu olungenabugovu alupheli.—IzAga 6:32, 33; Mathewu 22:37-40; 1 Korinte 13:5, 8.

17. Yiziphi izibonelo ezakhayo zokwethembeka esinazo?

17 Isihluthulelo sokumelana nalokhu siwukuqinisa ukholo lwakho nombono wethemba elingaphambili. Lokhu kusho ukwazisa ngokujulile izibonelo ezivelele zobuqotho lezo amadoda nabesifazane abathembekile basendulo, noJesu ngokwakhe, abaye bazishiya. UPawulu wabhala: “Ngalokho-ke nathi, lokhu sinefu elingaka lawofakazi elisihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhukuncintisana esikumiselweyo, sibhekile kuJesu, umqalisi nomphelelisi wokukholwa kwethu, owathi esikhundleni sentokozo ayibekelweyo wathwala [isigxobo sokuhlushwa, NW] engalinaki ihlazo, wahlala ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi sikaNkulunkulu. Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali, niphele amandla emiphefumulweni yenu.” (Heberu 12:1-3) Kunokuphula umkhumbi womshado, umuntu ohlakaniphile uyocabanga ngezindlela zokulungisa noma yimuphi umonakalo ukuze abuyisele umshado esimweni sawo, ngaleyondlela agweme ugibe lokumbuluza nobuqili.—Jobe 24:15.

18. (a) Kungani ukumbuluza kungelona igama elinamandla kakhulu lokuchaza ukuphinga? (b) UNkulunkulu ukubheka kanjani ukufezwa kwezifungo?

18 Ingabe elithi ukumbuluza, elisho ukuba imbuka, liyigama elinamandla kakhulu ngokuphathelene nokuziphatha okubi? Ukuba imbuka kuwukungathembeki. Ngokuqinisekile isifungo somshado sihilela ukwethembana nesithembiso sokuthanda kanye nokwazisa, kumnyama noma kubomvu, ezikhathini ezinhle nezimbi. Kuhilela okuthile abaningi abakubheka njengesidala ezikhathini esiphila kuzo—izwi lomuntu lokwethembeka elishiwo esifungweni somshado. Ukungathembeki kuwukwenza uhlobo oluthile lobumbuka kumngane wakho womshado. Umbono kaNkulunkulu ngezifungo ubekwe ngokucacile eBhayibhelini: “Lapho wenza isithembiso phambi kukaNkulunkulu, ungalibali ukusifeza, ngokuba akathokozi ngeziwula: feza lokhu okwethembisayo.”—UmShumayeli 5:4.

19. Kuphambene nokujabula kobani ukujabula kukaSathane lapho uFakazi ehluleka?

19 Makungabikho kungabaza ngakho. Njengoba nje kukhona ukujabula okukhulu ezulwini ngokusindiswa kwesoni esisodwa, kanjalo kunokujabula okukhulu emhlabeni phakathi kwamaviyo kaSathane, abonakalayo nangabonakali, lapho omunye woFakazi BakaJehova ehluleka ukugcina ubuqotho bakhe.—Luka 15:7; IsAmbulo 12:12.

Izilingo Esibhekana Nazo Sonke

20. Singamelana kanjani nesilingo? (2 Petru 2:9, 10)

20 Ingabe ukuziphatha okubi kungokungenakugwenywa ngezinye izikhathi? Ingabe inyama kanye noSathane kunamandla kangangokuthi amaKristu awanakukwazi ukumelana nakho futhi agcine ubuqotho bawo? UPawulu unikeza isikhuthazo ngalamazwi: “UNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe-namandla okukuthwala.” Kulelizwe lanamuhla singase singakwazi ukusigwema ngokuphelele isilingo, kodwa ngokuphendukela kuNkulunkulu ngomthandazo, ngokuqinisekile singakhuthazelela futhi sinqobe noma yisiphi isilingo.—1 Korinte 10:13.

21. Yimiphi imibuzo ezophendulwa esifundweni sethu esilandelayo?

21 Yini uNkulunkulu asinikeza yona ukuze asisize sikhuthazelele izilingo futhi sibe ngabanqobayo? Yini thina ngabanye esiyidingayo ukuze sivikele imishado yethu, imikhaya yethu, kanye nedumela legama likaJehova nelebandla? Isihloko sethu esilandelayo sizophendula leyomibuzo.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 5 “‘Elithi ubufebe’ ngomqondo obanzi, nanjengoba lisetshenziswe kuMathewu 5:32 no-19:9 (NW), ngokusobala libhekisela ezinhlotsheni eziningi zobuhlobo bobulili obungemthetho noma bokuziphatha okubi ngaphandle komshado. Elithi porneia [igama lesiGreki elisetshenziswe kuleyomibhalo] lihilela ukusetshenziswa okubi kakhulu kwezitho zokuzala okungenani zomuntu oyedwa (kungakhathaliseki ukuthi ngokwemvelo noma ngendlela ephendukezelwe); futhi, kumelwe kube khona omunye kulokho kuziphatha okubi—umuntu wanoma yibuphi ubulili, noma isilwane.” (INqabayokulinda, September 1, 1983, ikhasi 30) Ukuphinga: “Ubuhlobo bobulili bokuzithandela phakathi komuntu oshadile kanye nomngane othile ongeyena umyeni wakhe noma umkakhe osemthethweni.”—The American Heritage Dictionary of the English Language.

^ par. 12 Ngokusobala, kuyoba nezimo ezifanele lapho umzalwane eyogibelisa khona udade emotweni, futhi izimo ezinjalo akufanele ziqondwe kabi.

Ingabe Uyakhumbula?

□ Yiziphi ezinye zezici ezisiza ekuqiniseni umshado?

□ Kungani kufanele sigweme umbono wezwe wokuziphatha?

□ Yiziphi ezinye izilingo nezimo ezingaholela ekuziphatheni okubi?

□ Yisiphi isihluthulelo esiyinhloko sokumelana nesono?

□ UNkulunkulu usisiza kanjani ezikhathini zokulingwa?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ibhokisi ekhasini 14]

IZICI EZITHOLAKALA EMISHADWENI EHLALA NJALO

□ Ukunamathela ngokuqinile ezimisweni zeBhayibheli

□ Bobabili abangane bomshado banobuhlobo obuqinile noJehova

□ Indoda ihlonipha umkayo, imizwa yakhe nemibono yakhe

□ Ukukhulumisana okuhle nsuku zonke

□ Ukufuna ukujabulisana

□ Ukuba namahlaya; ukukwazi ukuzihleka wena siqu

□ Ukuvuma amaphutha ngokukhululekile; ukuthethelela ngokukhululekile

□ Ukugcina uthando luvutha

□ Ukuba munye ekukhuliseni nasekuyaleni izingane

□ Ukuthandaza ndawonye njalo kuJehova

IZICI EZIPHAMBENE EZONAKALISA UMSHADO

□ Ubugovu nenkani

□ Ukwehluleka ukwenza izinto ndawonye

□ Ukungakhulumisani

□ Ukuntuleka kokubonisana okwanele phakathi kwabangane bomshado

□ Ukuphathwa kabi kwemali

□ Ukwehluka kwezindinganiso ekusebenzelaneni nezingane noma nezingane ongazazi

□ Indoda esebenza kuze kwephuze noma engawunaki umkhaya ngenxa yeminye imisebenzi

□ Ukwehluleka ukunakekela izidingo zomkhaya ezingokomoya

[Isithombe ekhasini 15]

Ukugcina umshado uhloniphekile kuletha injabulo ehlala njalo