Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukukhipha Ukungcola Enhliziyweni Nasengqondweni

Ukukhipha Ukungcola Enhliziyweni Nasengqondweni

Ukukhipha Ukungcola Enhliziyweni Nasengqondweni

UJEHOVA akazange anikeze abantu ukulangazelela ukungcola noma ukungahleleki. Leplanethi eyikhaya labo yayiklanyelwe ukuba ibe yipharadesi lokuhlanzeka, ukuhleleka, nobuhle. UNkulunkulu wayengahlosile ukuba yonakale ibe yindawo yemfucumfucu engabukeki.—Genesise 2:8, 9.

Nokho, ngemva kokuba abantu benqabe isiqondiso saphezulu, baqala ukuzakhela uhlobo lwabo siqu lohlelo lwezwe. Bengenalo usizo lokuhlakanipha kwaphezulu futhi bentula okuhlangenwe nakho, baphoqeleka ukuba bafunde ngokuzama izindlela ezihlukahlukene nangamaphutha abo. Umlando wezwe uqinisekisa iqiniso leBhayibheli lokuthi abantu abanakuzibusa ngokuphumelelayo; izinkulungwane zeminyaka ‘umuntu ubusé omunye kwaba-ngukulimala kwakhe.’ (UmShumayeli 8:9; Jeremiya 10:23) Lenkinga yanamuhla yokungcola, ngazo zonke izinhlobo zayo, iwumphumela wokubusa kabi komuntu.

Ukwamukela Umbono KaNkulunkulu

Abantu abafisa ukuthokozisa uNkulunkulu bazama kanzima ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zoMdali zokuhlanzeka. Kanjalo, oFakazi BakaJehova babebhekene nenkinga lapho umhlangano wezizwe zonke wawuhlelelwe ukuba ube sePrague, eCzechoslovakia, phakathi no-1991. * Kwakuyoba khona abantu abalinganiselwa ku-75 000, isixuku iNkundla Yezemidlalo yaseStrahov eyayingasihlalisa kahle. Kodwa lenkundla yezemidlalo yayingazange isetshenziswe iminyaka emihlanu. Yase yonakele, iyisisulu esingabukeki sesimo sezulu. OFakazi BakaJehova abangaba ngu-1 500 bachitha amahora angaphezu kuka-65 000 beyivuselela futhi beyipenda kabusha. Ngesikhathi somhlangano lomkhankaso wokuhlanza wawenze lenkundla yezemidlalo yaba yindawo efanelekayo okungakhulekelwa kuyo uNkulunkulu weqiniso, uJehova.

Yini eshukumisa oFakazi BakaJehova ukuba bahluke, kuyilapho izwe ngokuvamile lingakubonisi ukwazisa okunjalo ngokuhlanzeka nokuhleleka? Ukwazisa iseluleko seBhayibheli sokuthi amaKristu kufanele akhiphe izici ezimbi, ezinjengobugovu, ukungacabangeli, ukuhaha, nokuntula uthando. “Nikhumule umuntu omdala kanye nezenzo zakhe,” kusho iBhayibheli. Esikhundleni sakhe ‘nembathe omusha, owenziwa-musha abe-nokwazi ngokomfanekiso walowo owamdalayo.’ Ubuntu obunemfanelo yothando ngenhlanzeko, ukuhleleka, nobuhle abunayo indawo yokuthambekela okungcolisayo.—Kolose 3:9, 10; 2 Korinte 7:1; Filipi 4:8; Thithu 2:14.

Ubuntu obusha budinga ukuba amaKristu akhathazeke ngokungcola, angangcolisi ngamabomu noma ngobuhlongandlebe ayishaye indiva imithetho yokuvimbela ukungcola ohulumeni abayimisayo. Buyawasiza ukuba agweme isimo sengqondo sokulahla, ubugovu, nesokuvilapha esiholela ekusakazeni ukungcola. Ngokuhlakulela inhlonipho ngempahla yabanye, buyakwenqabela ukwenza imidwebo ezindaweni zomphakathi njengendlela yokuveza imizwa yakho, njengomdlalo omsulwa, noma njengolunye uhlobo lobungcweti bokudweba. Budinga ukuba amakhaya, izimoto, izingubo, nemizimba kugcinwe kuhlanzekile.—Qhathanisa noJakobe 1:21.

Ngokuqondene nabantu abangazimisele ukwembatha lobubuntu obusha, ingabe uNkulunkulu angabekwa icala uma ebenqabela ukuba baphile ePharadesi lakhe elizayo? Lutho neze. Noma ubani osenokuthambekela kokungcolisa okufihleke enhliziyweni yakhe noma engqondweni uyosongela ubuhle obubuyiselwe besimo sepharadesi baleplanethi enguMhlaba, kubangele usizi kulabo abafisa ukubulondoloza. Isinqumo sikaNkulunkulu ‘sokubhubhisa ababhubhisa umhlaba’ silungile futhi singesothando.—IsAmbulo 11:18; 21:8.

Ingabe Ayahlanganyela Ngokuqondile?

Nokho, ingabe lokhu kusho ukuthi amaKristu kudingeka agqugquzele ukuthathwa kwezinyathelo zokuvimbela ukungcola noma zokuhlanza?

Ngokusobala ukungcola konakalisa impilo nokulondeka komphakathi. UJehova unokukhathalela okufanelekile ngezindaba ezinjalo, njengoba singabona emithethweni ayinikeza ama-Israyeli. (Eksodusi 21:28-34; Duteronomi 22:8; 23:12-14) Kodwa akakaze awayale ukuba ashoshozele abanye abantu ngezindaba zokulondeka komphakathi; futhi namaKristu ekhulu lokuqala awakaze atshelwe ukuba enze lokho.

Namuhla, izindaba eziphathelene nendawo ezungezile kalula nje zingaba yizimpikiswano zezombangazwe. Eqinisweni, izinhlangano ezithile zezombangazwe ziye zamiselwa ngokukhethekile injongo yokuxazulula zonke izinkinga zendawo ezungezile. UmKristu ozivumela ukuba athonywe ngokuqondene nezindaba ezingokombangazwe akaseyena ongathathi-hlangothi kwezombangazwe. UJesu wabekela abafundi bakhe lesimiso: “Abasibo abezwe, njengalokhu nami angisiye owezwe.” UmKristu ongayinaki leyomfuneko uzifaka engozini yokuhambisana ‘nababusi balesisikhathi, ababhubhayo.’—Johane 17:16; 1 Korinte 2:6.

UJesu akazange azame ukuxazulula neyodwa yezinkinga zezenhlalo zosuku lwakhe; engazange futhi atshele abafundi bakhe ukuba benze kanjalo. Umyalo wakhe kubo wawuthi: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize . . . , nibafundise ukugcina konke enginiyalé ngakho.” Akazange abayale ngezimiso zendawo ezungezile.—Mathewu 28:19, 20.

Echaza lokho okufanele kuze kuqala ekuphileni komKristu, uKristu wathi: “Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe.” (Mathewu 6:33) Lapho uJehova, ngoMbuso wobuMesiya, ephoqelela izimiso zakhe zokulunga ngezinga lembulunga yonke, izinkinga zendawo ezungezile ziyoxazululeka phakade futhi ngendlela eyanelisa bonke.

Kanjalo, oFakazi BakaJehova bathatha ukuma okulinganiselayo. Ngenxa yalokho okushiwo kwabaseRoma 13:1-7, kuyisibopho ukuthi ngenxa kanembeza balalele imithetho kahulumeni elawula indawo ezungezile. Ngaphezu kwalokho, uthando lokwesaba uNkulunkulu ngomakhelwane lubashukumisela ukuba babonise inhlonipho ngempahla yabanye—obala noma ngasese—ngokungayonakalisi noma ngokungalahleli izibi nomaphi. Kodwa ngokusobala abayalwa ukuba bahole emisebenzi yezwe yokuhlanza. Ngokufanelekile babeka ukushunyayelwa kwesigijimi soMbuso kaNkulunkulu kuqala, beqaphela ukuthi lena yindlela yokwenza ubuhle obuhlala njalo.

Ukuhlanza Okungokomoya

Ama-Israyeli asendulo axwayiswa ngokuphindaphindiwe ngemiphumela uma engcolisa umhlaba ngokuchitha igazi, ngokwamukela indlela yokuphila yokuziphatha okubi, noma ngokubonisa indelelo ngezinto ezingcwele. (Numeri 35:33; Jeremiya 3:1, 2; Malaki 1:7, 8) Ngokuyinhloko, alahlwa ngenxa yalokhu kungcola okungokomoya, hhayi nganoma yikuphi ukungcola okungokoqobo nakho ayengase abe necala lakho. *

Ngakho-ke, ngokuyinhloko, ukungcola okungokomoya noma ukungahlanzeki umKristu namuhla alwela ukukugwema. Lokhu ukwenza ngokwembatha “umuntu omusha,” okhipha ukuthambekela okungcolisayo enhliziyweni nasengqondweni. OFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezine bayazuza kulokhu kuhlanzwa okungokomoya, befinyelela phakathi kwabo ukuhlanzeka okungokwenkolo nokokuziphatha, kanye nokuhlanzeka okuphawulekayo okungokoqobo.—Efesu 4:22-24.

Namuhla yisikhathi somkhankaso wokuhlanza okungokomoya. Ukuhlanzwa okungokoqobo komhlaba wonke kuyolandela ngesikhathi esifanele futhi kuyovikela ikhaya lethu ekubeni yindawo yemfucumfucu yembulunga yonke ngokulinikeza indawo ezungezile engenakungcola eliyifanele.—UmShumayeli 3:1.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 5 Ukuze uthole umbiko oningiliziwe ngaloluchungechunge lwemihlangano yaseMpumalanga Yurophu, bheka i-Phaphama! ka-December 22, 1991.

^ par. 17 Ama-Israyeli ayejwayelene nenqubo yokuncibilikisa. Kuye kwatholakala izinsalela zezinye zezimayini zawo zethusi, futhi ithusi lalincibilikiswa ukuze kwenziwe izitsha zasethempelini. (Qhathanisa nawoku-1 AmaKhosi 7:14-46.) Kubonakala kungenakwenzeka ukuthi lenqubo yokuncibilikisa yayingafezwa ngaphandle kokubangela isilinganiso esithile sokungcola ngesisi, amanyela, mhlawumbe neminye imiphumela engemihle. Nokho, ngokusobala uJehova wayezimisele ukubekezelela izinga elincane lokungahlanzeki okwakukuleyondawo eyayingahlali abantu abaningi futhi eyisifunda esingasodwa.