Ukwenza Ukukhanya Kukhanye ENdiya
Abamemezeli BoMbuso Bayabika
Ukwenza Ukukhanya Kukhanye ENdiya
IZINDABA ezinhle zoMbuso zishunyayelwa eNdiya oFakazi abajabulayo abangu-11 524. (Mathewu 24:14) Abantu abangu-1 066 ababhapathizwa phakathi nonyaka wenkonzo ka-1991 bangabamemezeli boMbuso, benza ukukhanya kwabo kukhanye kwabanye. Yeka ukuthi bonke babejabule kanjani ukubona abangu-28 866 bekhona emkhosini weSikhumbuzo sokufa kukaKristu!
□ Abaningi bezwa ngokokuqala ngqá ngethemba loMbuso ngokufakaza ngokwethukela. Ngokwesibonelo, uFakazi othile wakhuluma ngoMbuso kwasebenza nabo, nabo abangababazi. Omunye asebenza naye wasabela futhi waqala ukwenza ukukhanya kwakhe kukhanye emkhayeni wakhe nakubangane. Laba basidlulisela kwabanye ngenjabulo lesigijimi soMbuso esimangalisayo. Ngokwemibiko, eminyakeni embalwa nje, ‘abantu abangaphezu kwabangu-30 baye bamukela iqiniso.’ UJehova wambusisa yena kanye nabafowabo abangokomoya abasanda kuhlanganyela ngenxa yokwenza ukukhanya kwabo kukhanye.
Umzalwane osemusha kwelinye ibandla wenza ukukhanya kwakhe kwakhanya ngokufakaza ngokwethukela kwayefunda nabo esikoleni. Abanye babo babenesithakazelo ethembeni loMbuso, futhi ngokuvamile wayebachazela ngeBhayibheli kuze kube ngemva kwamabili. Omunye, ongumKatolika, walimelela ngokuqinile iqiniso naphezu kokuxwayiswa umpristi ngemiphumela ebuhlungu engaba khona uma eqhubeka nokuzihlanganisa noFakazi. Nokho, umfundi wayeqiniseka ngokuthi wayefunda iqiniso leBhayibheli koFakazi, futhi waqhubeka engenisa ulwazi. Ngesikhathi esifanele wabhapathizwa futhi manje ukhonza njengenceku ekhonzayo ebandleni. Uyathokoza ethembeni elivela ekukhanyeni okumangalisayo kweqiniso!—Roma 12:12.
□ Omunye owalalela loFakazi osemusha kwakungumfundi owaziwayo, ophika ubukhona bukaNkulunkulu, owayevame ukubahleka usulu ababethi bakholelwa kuNkulunkulu, kodwa ngolunye usuku wahlanganyela engxoxweni futhi wabuza imibuzo eminingi. Wamangala lapho ethola izimpendulo ezinengqondo kuyo yonke imibuzo yakhe futhi wafinyelela esiphethweni sokuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. Wathuthuka olwazini lweBhayibheli futhi ekugcineni wabhapathizwa. UYise ongumHindu wamphikisa kwaze kwaba seqophelweni lokumxosha ekhaya. Nokho, ukulimelela ngokuqinile iqiniso kwalensizwa kwavuzwa lapho ababili babafowabo abangokwenyama nababili babangane bayo bemukela iqiniso futhi bebhapathizwa. Omunye wabafowabo manje ukhonza ehhovisi legatsha eNdiya.
□ Umgqugquzeli wabafundi naye waba nezingxoxo naloFakazi osemusha. Wayeyixhwele likagwayi futhi ephuza kakhulu. Ngaphambili, wayeke wafuna ukushaya abafundi ababili afunda nabo ababefunde iqiniso kuloFakazi. Ngenxa yokwamukela iqiniso, benqaba ukuhlanganyela esitelekeni sasekolishi futhi babengenakunikela ngegazi phakathi nomkhankaso wokuthekelisa ngegazi owawuholwa yilomgqugquzeli wabafundi. Lensizwa manje iyajabula ngokuba uFakazi kaJehova ophethe ukukhanya.
□ Sekukonke, umfundi owenza ukukhanya kwakhe kwakhanya kuqala uye waba wusizo ekusizeni abangu-15 bontanga yakhe ukuba bazinikezele futhi babhapathizwe ngokufakaza kubo ngokwethukela.
Kuyinjabulo ukubona abaningi kulelozwe elikhulu bemukela ithemba leBhayibheli eliphathelene nezwe elisha likaNkulunkulu futhi behlanganyela nabazalwane abasemhlabeni wonke uJehova uNkulunkulu ababuthayo ukuze baphile phakade ngaphansi koMbuso wakhe.