Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izithunywa Zevangeli ZaseMicronesia

Izithunywa Zevangeli ZaseMicronesia

Izithunywa Zevangeli ZaseMicronesia

NAKUBA zihlukaniswe yibanga elide loLwandlekazi iPacific olubonakala lungenamkhawulo, izithunywa zevangeli zaseMicronesia ziyakwazi ukubuthana ndawonye unyaka ngamunye zize “emcimbini wokuhlangana komkhaya.” Kodwa bahlanganaphi labashumayeli bevangeli abavela eziqhingini ezikude? Ngokufanelekile, endaweni uhulumeni wendawo ayibiza ngokuthi i-Jehovah Street—ikheli lehhovisi legatsha laseGuam abakhonza ngaphansi kwalo.

Ngo-June 1992, izithunywa zevangeli ezingu-56 zahlangana egatsheni ukuze zibe khona eMhlanganweni Wesigodi “Wabaphathi Bokukhanya.” Uhleko nengxoxo emnandi kwakuqhuma phezulu njengoba babevuselela ubuhlobo osebunesikhathi eside futhi beqalisa obunye obusha. Njengenhlalayenza, bazihlela bona siqu ezitebhisini zeHholo LoMbuso ukuze bathathe isithombe seqembu base behlala phansi ematafuleni amade amathathu ukuze bahlanganyele isidlo saminyaka yonke sezithunywa zevangeli, kulonyaka esaqokonyiswa ukuhambela kuka-Albert Schroeder, ilungu leNdikimba Ebusayo.

Ngezithunywa zevangeli eziningi, lokuhlangana ndawonye kwaminyaka yonke eGuam kuwukuphela kwethuba lazo lokushiya amakhaya azo amancane asezindaweni ezishisayo. Futhi mancane ngempela. IsiQhingi iEbeye, esinye seziQhingi zaseMarshall, singamahektare angu-32 kuphela. Ikhaya lezithunywa zevangeli eMajuro elikwezaseMarshall nekhaya iKiribati eliseziQhingini iGilbert womabili aseziqhingini ezinde ezincane, ezinobubanzi obungaphansi kwamakhilomitha angu-0,8. Ngakho izithunywa zevangeli zisisebenzisa ngokunenzuzo isikhathi sohambo lwazo olujabulisayo lokuya eGuam.

Nakuba umqondo wokushumayela esiqhingini esikude esishisayo uzwakala uthandeka, ekuphileni okungokoqobo kuyinselele abambalwa abazimisele ukubhekana nayo. Ngokuthakazelisayo, yizithunywa zevangeli ezingu-7 kuphela kwezingu-56 ezivela e-Watchtower Bible School of Gilead. Eziningi zivela eHawaii noma ePhilippines lapho zaziyizikhonzi ezingamaphayona ezase zijwayelene kakade nokuphila ezindaweni ezishisayo, futhi zasuka emazweni azo zaqonda ngqó ezabelweni zazo zokuba izithunywa zevangeli.

Ngenxa yokuthi iziqhingi zaseMicronesia zisondelene kakhulu nenkabazwe, izithunywa zevangeli zilwisana nokushisa okukhipha inhlanzi emanzini nomswakama ukuze zifinyelele izakhamuzi ngezindaba ezinhle. Ukuxhumana kuba yinselele enkulu ngisho nangokwengeziwe. Isiqhingi ngasinye noma iqembu leziqhingi sinolimi lwaso siqu—ezinye izilimi azaziwa kangangokuthi azibhaliwe ngisho nakusichazamazwi—futhi kungase kuthathe iminyaka eminingi ngaphambi kokuba umuntu ofikayo akwazi ukuzikhuluma ngokushelela. Ukuze kusizwe abantu abakuleziqhingi ezinamasiko ahlukahlukene baqonde iBhayibheli, igatsha laseGuam linyathelisa izincwadi ngezilimi ezingu-11, ezingu-9 zazo zikhulunywa eMicronesia kuphela.

Ezinye iziqhingi ziqhele kangangokuthi zingafinyelelwa ngesikebhe kuphela. Ikhaya lezithunywa zevangeli laseTol eChuuk (Truk) lisesiqhingini esinjalo, futhi izithunywa zevangeli lapho zithembela kuma-battery anikezwa amandla yilanga ukuba enze ugesi amahora ambalwa nje usuku ngalunye.

Kunamakhaya ezithunywa zevangeli angu-14, esewonke kulo lonke elaseMicronesia, elihlanganisa indawo ecishe ilingane nezwekazi iUnited States. Kubantu abangaphezu kuka-400 000 abahlala kulendawo, abangu-1 000 bangabamemezeli bezindaba ezinhle, abahlelwe baba amabandla angu-20 namaqembu amathathu angawodwa.

Nakuba ngokuvamile abantu baseMicronesia benobungane kakhulu, amasiko endawo angokwenkolo nokucindezela kwemikhaya kwenza abaningi bangalemukeli iqiniso loMbuso kaNkulunkulu. Ngakho nakuba umsebenzi wokushumayela uchuma (labo bamemezeli boMbuso abangu-1 000 baqhuba cishe izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-2 000), amanye amabandla namaqembu asemancane. Ngokwesibonelo, esiqhingini saseTinian kunabamemezeli abahlanu kuphela, abamemezeli abayisikhombisa nje kuphela esiqhingini saseNauru, futhi amabandla aseYap eKosrae, naseRota ngalinye linabamemezeli abangaphansi kuka-40. Nakuba kunjalo, ezinye izithunywa zevangeli ziye zahlala ezabelweni zazo iminyaka engaphezu kwengu-20. Okuphawulekayo, zonke izithunywa zevangeli eziyisithupha ezisesiqhingini saseBelau bezilokhu zilapho okungenani iminyaka engu-12.

Ngalabo abakhuthazelayo, imivuzo mikhulu. Nsuku zonke kunamathuba okumangaliswa ubuhle bendalo kaJehova. Iziqhingi ezinhle zaseMicronesia zisakazeke njengamatshe ayigugu amancane aluhlaza kuyo yonke indawo eluhlaza yePacific. Amakhilomitha amaningi ezingu ezingaminyene namadwala aqinile agcwele izinhlanzi ezinemibalabala adonsa ababhukudi nabathanda ukutshuza emanzini ukuba bahlole ezinye zezindawo ezinhle kakhulu zokutshuza emhlabeni. Futhi ekupheleni kosuku ngalunye, kunombukwane wokushona kwelanga okhexisa umlomo olwandlekazini.

Nokho, umvuzo omkhulu kakhulu, yilungelo lokukhonza uJehova ngokutshela abanye ngezithembiso zakhe ezimangalisayo zesikhathi esizayo. Ngenxa yokuthi izithunywa zevangeli zaseMicronesia ziqhubeka zilwela lowomvuzo, zigcwalisa amazwi ka-Isaya 42:12: “Mabanike uJehova udumo, bamemezele udumo lwakhe eziqhingini.”

[Ibalazwe/Isithombe ekhasini 31]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

Barrigada, Guam

Santa Rita, Guam

Koror, Belau

Chuuk (Truk) Islands

Tarawa, Kiribati

Lelu, Kosrae

Ebeye

Marshall Islands

Majuro

Kolonia, Pohnpei

Songsong, Rota

Saipan

Yap

MICRONESIA

MELANESIA

CAROLINE ISLANDS

PACIFIC OCEAN

PHILIPPINES

NEW GUINEA

EQUATOR

[Isithombe]

Izithunywa zevangeli zihlangene eGuam, ngo-June 1992