Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Niguqulwe Engqondweni Futhi Nikhanyiselwe Enhliziyweni

Niguqulwe Engqondweni Futhi Nikhanyiselwe Enhliziyweni

Niguqulwe Engqondweni Futhi Nikhanyiselwe Enhliziyweni

“Ngakho ngisho, ngifakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe.”—EFESU 4:17.

1. Yini izingqondo zethu nezinhliziyo ezisenzela yona?

INGQONDO nenhliziyo kungezimbili zezipho ezimangalisa kakhulu umuntu anazo. Nakuba imisebenzi yazo iminingi kakhulu, zona ngokwazo azifani kumuntu ngamunye. Ubuntu bethu, inkulumo, ukuziphatha, imizwelo, nezindinganiso konke kuthonywa indlela izingqondo nezinhliziyo zethu ezisebenza ngayo.

2, 3. (a) IBhayibheli lilisebenzisa kanjani igama elithi “inhliziyo” nelithi “ingqondo”? (b) Kungani kumelwe sikhathalele kokubili inhliziyo nengqondo?

2 EBhayibhelini, “inhliziyo” ngokuvamile ibhekisela emandleni ashukumisayo, imizwelo, nemizwa yangaphakathi, futhi “ingqondo” ibhekisela ekuhlakanipheni nasemakhonweni okucabanga. Nokho, akukhona ukuthi azihlobene. Ngokwesibonelo, uMose wanxusa ama-Israyeli: “Ukungenise enhliziyweni yakho [umbhalo waphansi weNW, “kumelwe ukhumbule engqondweni yakho”] ukuthi uJehova unguNkulunkulu [weqiniso].” (Duteronomi 4:39) UJesu wathi kubabhali ababemakhela uzungu: “Nizindlelani okubi ezinhliziyweni zenu na?”—Mathewu 9:4; Marku 2:6, 7.

3 Lokhu kubonisa ukuthi ingqondo nenhliziyo kuhlobene kakhulu. Kuyasebenzelana, ngezinye izikhathi kuyaqinisana ukuze kusebenze njengeqembu elinobunye, kodwa ngokuvamile kuyalwisana okunye kufuna ukwengamela okunye. (Mathewu 22:37; qhathanisa neyabaseRoma 7:23.) Ngenxa yalokhu, ukuze sizuze umusa kaJehova, akumelwe nje kuphela siqiniseke ngesimo sezingqondo nezinhliziyo zethu kodwa kumelwe futhi siziqeqeshe ukuba zisebenze ndawonye ngokuvumelana, ukuba zihambisane. Kumelwe siguqulwe engqondweni futhi sikhanyiselwe enhliziyweni.—IHubo 119:34; IzAga 3:1.

‘Indlela Abezizwe Abahamba Ngayo’

4. USathane uye wazithonya kanjani izingqondo nezinhliziyo zabantu, futhi uyini umphumela?

4 USathane uyingcweti yokukhohlisa. Uyazi ukuthi ukuze akwazi ukulawula abantu, kumelwe athonye izingqondo nezinhliziyo zabo. Kusukela khona kanye ekuqaleni komlando wesintu, ubesebenzisa amaqhinga ahlukahlukene ukuze afinyelele lowomgomo. Ngenxa yalokho, “izwe lonke [lisemandleni omubi, NW].” (1 Johane 5:19) Eqinisweni, uSathane uye wathonya ngokuphumelelayo izinhliziyo nezingqondo zabantu balelizwe kangangokuthi iBhayibheli libachaza ‘njengesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo.’ (Filipi 2:15) Umphostoli uPawulu usichaza ngokukhanyayo isimo senhliziyo nesengqondo salesosizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, futhi amazwi akhe ayisixwayiso kithi sonke namuhla. Ngokwesibonelo, siza ufunde eyabase-Efesu 4:17-19, bese uyiqhathanisa namazwi kaPawulu kweyabaseRoma 1:21-24.

5. Kungani uPawulu abhalela abase-Efesu iseluleko esinamandla?

5 Singabona ukuthi kungani uPawulu abhalela amaKristu ase-Efesu amazwi anamandla kangaka uma sikhumbula ukuthi lowomuzi wawunedumela elibi ngenxa yokuziphatha kwawo okonakele nokukhulekela izithombe kobuqaba. Nakuba amaGreki ayenongqondongqondo bawo abadumile nezazi zefilosofi, kubonakala sengathi imfundo yamaGreki yanikeza abantu abaningi ikhono elengeziwe lokwenza okubi, futhi isiko lawo lamane nje labenza bathuthuka ngokwengeziwe ebubini babo. UPawulu wayekhathazeke kakhulu ngamaKristu ayekanye nawo ayephila phakathi kwezimo ezinjalo. Wayazi ukuthi amaningi awo ayengabantu bezizwe ngaphambili futhi ‘ayehambé ngokwendlela yalelizwe.’ Kodwa manje ayesamukele iqiniso. Izingqondo zawo zase ziguquliwe, nezinhliziyo zawo zikhanyiselwe. Ngaphezu kwakho konke okunye, uPawulu wayefuna ukuba ‘ahambe ngokufanele ukubizwa.’—Efesu 2:2; 4:1.

6. Kungani kufanele sibe nesithakazelo emazwini kaPawulu?

6 Isimo singesifanayo nanamuhla. Nathi siphila ezweni elinezindinganiso eziphambene, ukuziphatha okonakele, nemikhuba yenkolo yamanga. Abaningi phakathi kwethu bake baphila ngokwesimiso sezinto salelizwe. Abanye bethu kudingeka basebenzelane eduze nabantu bezwe nsuku zonke. Abanye baphila emikhayeni lapho umoya wezwe uvame khona. Ngakho-ke, kubalulekile ukuba siqonde incazelo yamazwi kaPawulu futhi sizuze eselulekweni sakhe.

Izingqondo Ezinobuze Nobumnyama

7. Wayesho ukuthini uPawulu ngenkulumo ethi ‘ubuze bengqondo yabo’?

7 Ukuze asekele ngokuqinile isiyalo sakhe sokuthi amaKristu ‘awasahambi njengalokho kuhamba abezizwe,’ okokuqala uPawulu uphawula ‘ubuze bengqondo yabo.’ (Efesu 4:17) Kusho ukuthini lokho? Igama elihunyushwe ngokuthi ‘ubuze,’ ngokwe-Anchor Bible, “lisikisela ukungabi nalutho, ukungenzi lutho, ize, ubuwula, ukungabi nanjongo, nokukhungatheka.” Ngakho, uPawulu wayeveza ukuthi udumo nenkazimulo yamaGreki namaRoma kungenzeka kwakubonakala kuhlaba umxhwele kodwa ukukuphishekela eqinisweni kwakuyize, kuwubuwula, futhi kungenanjongo. Labo ababenesifiso esijulile sokuthola udumo nenkazimulo ekugcineni babeyothola ukukhungatheka nokudumazeka nje kuphela. Isimiso esifanayo siyasebenza ngezwe namuhla.

8. Kungaziphi izindlela imizamo yezwe iyize?

8 Izwe linezihlakaniphi zalo nesigaba salo sabantu esiphakeme abantu abafuna kuso izimpendulo emibuzweni ejulile enjengephathelene nemvelaphi yomuntu nenjongo yokuphila nesiphetho sakhe. Kodwa yikuphi ukuqonda nesiqondiso abangasinikeza? Ukuphika ubukhona bukaNkulunkulu, imfundiso yokuthi uNkulunkulu akaziwa, ukuziphendukela kwemvelo, kanye neminye imiqondo eminingi nezimfundiso ezididayo neziphikisanayo ezingenakho ukukhanyisela njengemicikilisho yenkolo nezinkolelo-ze zasendulo. Izinto eziningi eziphishekelwa yizwe nazo zibonakala zinikeza isilinganiso esithile sokwaneliseka. Abantu bakhuluma ngempumelelo nokufinyelela okuthile kwezesayensi, ezobuciko, ezomculo, ezemidlalo, ezombangazwe, njalonjalo. Bajabulela izikhathi zabo zodumo ezidlulayo. Noma kunjalo, umlando nezincwadi zemibhalo egciniwe zanamuhla kugcwele amaqhawe aselitshelwe. Konke lokhu kumane nje kuwukungabi nalutho, ukungenzi lutho, ize, ubuwula, ukungabi nanjongo, nokukhungatheka.

9. Yiziphi izinto eziphishekelwayo eziyize abaningi abaphendukela kuzo?

9 Beqaphela ubuze bemizamo enjalo, abaningi baphendukela ekuphishekeleni izinto ezibonakalayo—beqongelela imali futhi bethola izinto imali engazithenga—futhi benze lezizinto abaziphishekelayo zibe umgomo wabo ekuphileni. Bakholelwa ukuthi injabulo itholakala engcebweni, ukuba nezinto, nasekufuneni injabulo. Akukhona nje ukuthi bagxilisa izingqondo zabo kukho kodwa bazimisele ukudela konke—impilo, umkhaya, ngisho nonembeza. Uba yini umphumela? Kunokuba baneliseke, baye “bazigwaza ngeminjunju eminingi.” (1 Thimothewu 6:10) Akumangalisi ukuthi uPawulu wanxusa amaKristu ayekanye nawo ukuba ayeke ukuhamba njengalokho kuhamba abezizwe ngenxa yobuze balokho kucabanga.

10. Kukanjani abantu bezwe ‘besebumnyameni ngokwengqondo’?

10 Ukuze abonise ukuthi izwe alinalutho olufanelekele ukufiswa noma ukulingiswa, uPawulu ngokulandelayo wathi ‘basebumnyameni ngengqondo.’ (Efesu 4:18, NW) Yebo, izwe linabo abantu abahlakaniphile nabanolwazi cishe kuyo yonke imikhakha yemisebenzi ephishekelwayo. Nokho, uPawulu wathi basebumnyameni ngengqondo. Ngani? Amazwi akhe awaphathelene namakhono noma amandla abo engqondo. Igama elithi “ingqondo” lingabhekisela nasekujuleni kokuqonda komuntu, isizinda sokuqonda, umuntu wangaphakathi. Basebumnyameni ngoba abanakho ukukhanya okubaqondisayo noma umuzwa wesiqondiso emizamweni yabo. Lokhu kungabonakala emqondweni wabo odidekile ngokuqondene nokulungile nokungalungile. Abantu bangase bacabange ukuthi umqondo wanamuhla wokungahluleli lutho, nowokwamukela noma yini unokukhanyiselwa, kodwa empeleni kuwumqondo wobumnyama, ngokukaPawulu. Ngokomoya, badukuza ebumnyameni obukhulu.—Jobe 12:25; 17:12; Isaya 5:20; 59:6-10; 60:2; qhathanisa neyabase-Efesu 1:17, 18.

11. Iyini imbangela yobumnyama bengqondo ezweni?

11 Kungani abantu bengase bahlakaniphe, baze ngisho bakhaliphe, ezintweni eziningi kangaka kodwa babe sebumnyameni obungokomoya? Kweyesi-2 Korinte 4:4, uPawulu wasinikeza impendulo: “Okukubona abangakholwa unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.” Yeka ukuthi kuyisibusiso esiyigugu kanjani ukuthi labo abamukela izindaba ezinhle ezikhazimulayo baye baguqulwa engqondweni futhi bakhanyiselwa enhliziyweni!

Izinhliziyo Ezingenalwazi Nezilukhuni

12. Kungayiphi indlela izwe ‘lihlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu’?

12 Ukuze asisize sibone ngokuqhubekayo ukuthi kungani kumelwe siguqulwe engqondweni futhi sikhanyiselwe enhliziyweni, uPawulu wadonsela ukunakekela kwethu eqinisweni lokuthi indlela yezwe ‘ihlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu.’ (Efesu 4:18) Akukhona ukuthi abantu abasakholelwa kuNkulunkulu noma sebeye baba abangamesabi uNkulunkulu ngokuphelele. Omunye umhleli wephephandaba wakubeka ngalendlela: ‘Esikhundleni senkulumo ethi ukungamesabi uNkulunkulu [godless], masisungule inkulumo entsha ethi: ukukholwa okuncane kuNkulunkulu [less-God]. Abantu abanokukholwa okuncane kuNkulunkulu bafuna udumo ngokukholelwa kwabo kuNkulunkulu kuyilapho ngesikhathi esifanayo bemgcina ebhokisini, bamvulele ngeSonto ekuseni kuphela futhi bangamvumeli ukuba athonye umbono wabo wezwe wezombangazwe noma ukuphila kwabo siqu ngaphandle kosuku lwangeSonto. [Bayakholelwa] kuNkulunkulu ngezinga elithile kodwa abacabangi ukuthi unokuthile angakusho ngomphakathi wanamuhla.’ UPawulu ukubeka ngalendlela encwadini yakhe yabaseRoma: “Kuthé bemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga, kabambonganga njengoNkulunkulu.” (Roma 1:21) Nsuku zonke sibona abantu abaqhubeka bephila bengamcabangi neze uNkulunkulu. Ngokuqinisekile abamdumisi futhi abambongi.

13. Kuyini ‘ukuphila kukaNkulunkulu’?

13 Inkulumo ethi ‘ukuphila kukaNkulunkulu’ ibalulekile. Ibonisa futhi indlela ubumnyama bengqondo nobungokomoya obungadida ngayo umuzwa abantu abanawo ngezindinganiso. Igama lesiGreki lapha elihunyushwe ngokuthi “ukuphila” akulona elithi biʹos (okuvela kulo amagama athi “biology,” “biography”), elisho indlela yokuphila. Kunalokho, yigama elithi zo·eʹ (okuvela kulo amagama athi “zoo,” “zoology”). Lisho “ukuphila njengesimiso, ukuphila ngomqondo ophelele, ukuphila njengoba uNkulunkulu enakho. . . . Njengomphumela woKuwa ngenxa yesono, umuntu uye wahlukaniswa nalokhu kuphila,” ngokwe-Vine’s Expository Dictionary of Old and New Testament Words. Ngakho, uPawulu wayesitshela ukuthi ubumnyama bengqondo nobungokomoya abuholelanga abantu bezwe ekonakaleni okungokwenyama nje kuphela kodwa futhi kuye kwabahlukanisa nethemba lokuphila okuphakade uNkulunkulu akuthembisile. (Galathiya 6:8) Kungani kunjalo? UPawulu uyaqhubeka esitshela izizathu.

14. Yisiphi isizathu esisodwa esenza ukuba izwe lihlukaniswe nokuphila kukaNkulunkulu?

14 Okokuqala, wathi kungenxa ‘yokungazi okukubo.’ (Efesu 4:18) Igama elithi “okukubo” ligcizelela ukuthi ukungazi akubangelwa ukuntula ithuba kodwa kubangelwa ukwenqaba ulwazi lukaNkulunkulu ngamabomu. Okunye ukuhunyushwa kwalamazwi yilokhu: “ukwenqaba kwabo ukwazi uNkulunkulu abakuzuze njengefa” (The Anchor Bible); “ukungabi nalwazi ngoba bavala izinhliziyo zabo” (Jerusalem Bible). Ngenxa yokuthi bayalwenqaba, noma badelela ngamabomu, ulwazi oluqondile lukaNkulunkulu, abanasisekelo sokuzuza uhlobo lokuphila uJehova alunikeza labo ababonisa ukholo eNdodaneni yakhe, eyathi: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3; 1 Thimothewu 6:19.

15. Yini enengxenye ekuhlukanisweni kwalelizwe nokuphila kukaNkulunkulu?

15 Esinye isizathu sokuba izwe ngokuvamile lihlukaniswe nokuphila kukaNkulunkulu, ngokukaPawulu, ‘ubulukhuni benhliziyo yabo.’ (Efesu 4:18) ‘Ubulukhuni’ lapha ngokuyisisekelo busho ukuqina, njengokungathi imbozwe uqweqwe. Sonke siyazi ukuthi uqweqwe lwakheka kanjani. Ekuqaleni isikhumba singase sibe esithambile futhi sisheshe ukuzwela, kodwa uma ngokuphindaphindiwe singaphansi kokucindezeleka okuthile noma ukuhlikihlwa, siyaqina futhi sibe ugqinsi, sakhe uqweqwe. Asibe sisabuzwa ubuhlungu. Ngokufanayo, abantu abazalwa neze benenhliziyo eqinile ukuze ngokuzenzekelayo babe lukhuni kuNkulunkulu. Kodwa ngenxa yokuthi siphila ezweni futhi sivulekele emoyeni walo, akuthathi isikhathi eside ukuba inhliziyo iqine uma ingalondiwe. Kungakho uPawulu axwayisa: “Xwayani . . . ukuze kungabikho kini owenziwa-lukhuni ngokukhohlisa kwesono.” (Heberu 3:7-13; IHubo 95:8-10) Ngakho-ke, yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba sihlale siguquliwe engqondweni futhi sikhanyiselwe enhliziyweni!

‘Ukuba Buthuntu’

16. Uyini umphumela wobumnyama bengqondo bezwe nokuhlukaniswa kwalo nokuphila kukaNkulunkulu?

16 Umphumela wobumnyama obunjalo nokwehlukaniswa uhlanganiswa ngamafuphi amazwi kaPawulu aqhubekayo: “Abathi bebuthuntu, bazinikela emanyaleni, ukuze basebenze ukungcola konke ngokuhuheka.” (Efesu 4:19) Inkulumo ethi “abathi bebuthuntu” ngokwezwi nezwi isho ukuthi sebeyekile “ukuzwa ubuhlungu,” ubuhlungu bokuziphatha. Leyo indlela inhliziyo eqinile eyakheka ngayo. Lapho nje ingasayizwa iminjunju kanembeza nomuzwa wokulandisa phambi kukaNkulunkulu, akusekho okuvimbelayo. Ngakho, uPawulu wathi “bazinikela” ekuziphatheni okuxekethile nasekungcoleni. Kuyisinyathelo sangamabomu, sokuzithandela. Igama elithi ‘amanyala [ukuziphatha okuxekethile, NW],’ njengoba lisetshenziswe eBhayibhelini, libonisa isimo sengqondo sendelelo, sokungabi namahloni, ukudelela umthetho negunya. Ngokufanayo, “ukungcola konke” akuhlanganisi ubulili obuphendukezelwe nje kuphela kodwa futhi nezinto ezimbi ezenziwa egameni lenkolo, njengemikhosi yokuzala nemikhuba yenkolo eyayenziwa ethempelini likaDiyana e-Efesu, lokho abafundi bezincwadi zikaPawulu ababejwayelene kakhulu nakho.—IzEnzo 19:27, 35.

17. Kungani uPawulu athi abantu ababuthuntu bona “ngokuhuheka”?

17 Njengokungathi ukuzitika okungalawuliwe ekuziphatheni okuxekethile nokungcola konke kwakungekubi ngokwanele, uPawulu unezela ukuthi abantu abanjalo babenza “ngokuhuheka.” Lapho abantu abanesilinganiso esithile somuzwa wokuziphatha okuhle benza isono, bangase okungenani babe nomuzwa wokuzisola futhi bazame kanzima ukungasiphindi. Kodwa labo ‘asebebuthuntu’ bona “ngokuhuheka” (“futhi basafuna okwengeziwe,” Anchor Bible). Omunye umsakazi wake wakubeka ngalendlela: “Ithi ingadla ithambo ijwayele.” Bawa kabuhlungu nangokushesha kuze kube yilapho sebecwile ngokujulile ekonakaleni—futhi kungabe kusabathinta. Yeka umfanekiso onembile walokho “okuthandwa ngabezizwe”!—1 Petru 4:3, 4.

18. Ngamafuphi, luhlobo luni lomfanekiso wesimo sengqondo nesingokomoya sezwe uPawulu awunikeza?

18 Emavesini amathathu nje kuphela, kwabase-Efesu 4:17-19, uPawulu ngaleyondlela wembula isimo sangempela sokuziphatha nesingokomoya salelizwe. Uveza ukuthi imiqondo nemibono ekhuthazwa ongqondongqondo bezwe nokuphishekelwa kwengcebo nenjabulo ngokuphikelelayo kuyize ngokuphelele. Ukwenza kukhanye ukuthi ngenxa yobumnyama bengqondo nobungokomoya, izwe lisobishini ngokokuziphatha, liya licwila ngisho nangokwengeziwe. Ekugcineni, ngenxa yokungabi nalwazi nobulukhuni elizibangele bona ngokwalo, izwe liye lahlukaniswa ngokungenathemba nokuphila kukaNkulunkulu. Ngokuqinisekile, sinezizathu ezinhle zokungahambi njengoba kuhamba abezizwe!

19. Yimiphi imibuzo ebalulekile okusamelwe icatshangelwe?

19 Njengoba kuwubumnyama obusengqondweni nasenhliziyweni obubangela ukuba izwe lihlukaniswe noJehova uNkulunkulu, singabususa kanjani bonke ubumnyama ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu? Yebo, yini okufanele siyenze ukuze siqhubeke sihamba njengabantwana bokukhanya futhi singalahlekelwa umusa kaNkulunkulu? Lokhu kuzocatshangelwa esihlokweni esilandelayo.

Ungachaza?

□ Yini eyabangela ukuba uPawulu anikeze iseluleko esinamandla esikwabase-Efesu 4:17-19?

□ Kungani izindlela zezwe ziyize futhi zisebumnyameni?

□ Isho ukuthini inkulumo ethi “behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu”?

□ Iyini imiphumela yengqondo esebumnyameni nenhliziyo elukhuni?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 9]

I-Efesu lalinedumela elibi ngenxa yokuziphatha kwalo okonakele nokukhulekela izithombe

1. Isilwi esingumRoma e-Efesu

2. Amanxiwa ethempeli likaDiyana

3. Inkundla yemidlalo yase-Efesu

4. UDiyana wase-Efesu, unkulunkulukazi wokuzala

[Isithombe ekhasini 10]

Yikuphi ukuqonda isigaba sabantu abaphakeme bezwe abangakunikeza?

UNero

[Umthombo]

Musei Capitolini, Roma