Thokozani! Izikhongozelo Zichichima Amafutha
Imifanekiso Evela EZweni Lesithembiso
Thokozani! Izikhongozelo Zichichima Amafutha
UMPROFETHI uJoweli wanxusa ‘abantwana baseSiyoni ukuba bajabule futhi bathokoze kuJehova.’ Wasebenzisa amafutha omnqumo ekuchazeni intokozo nokuchuma kwabo: “Izibuya ziyakugcwala amabele, nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha.”—Joweli 2:23, 24.
Ukuba wawuhlala kwa-Israyeli ngezikhathi zeBhayibheli, wawuyojabulela ukuba nesihlahla somnqumo esinjengalesi esiboniswe ngenhla eduze nekhaya lakho, noma emasimini akho. * Sasiyokwenza ukuphila kwakho kube lula, kujabulise ngokwengeziwe. Kungani isihlahla somnqumo sasiyoba esibaluleke kangaka?—Qhathanisa nabAhluleli 9:8, 9.
Okokuqala, sibhekisise kahle isihlahla sakho. Izihlahla zeminqumo zingaphila amakhulu eminyaka, ezinye iminyaka engaphezu kweyinkulungwane, ngakho ukusihlola kuyokubonisa isiqu esimaqhuzuqhuzu, esinombala onjengomlotha. Isihlahla sakho singaba side ngamamitha ayisithupha, ngokuqinisekile singase singabi side njengomsedari noma sibe sihle njengesundu. Amahlamvu aso ahlala eluhlaza, anokugqama okucwebezelayo, anikeza umthunzi unyaka wonke. Nokho, ubungeke usazise isihlahla sakho ngokuyinhloko ngenxa yokubukeka kwaso noma umthunzi waso. Lutho neze.
Isithelo iyona-nto eyigugu, lezozinkulungwane zeminqumo eluhlaza noma emnyama! Yilokho obekuyokwenza isihlahla somnqumo sibe esibalulekile ekuphileni kwabantu kwansuku zonke nasemsebenzini kwa-Israyeli. Ngo-May lesihlahla simbozwa yizimbali ezigqamile, silungiselela izinhlamvu zeminqumo. (Jobe 15:33) Njengoba zikhula, zingase zishintshe embaleni oluhlaza saphuzi zibe onsundu noma omnyama.
Ukuvuna iminqumo ngo-October/November kwakuwumsebenzi onzima. Wawuyovuthuza isihlahla ngezinduku ukuze isithelo esivuthiwe siwele ezindwangwini ezindlalwe phansi. (Duteronomi 24:20) Iminqumo yayigezwa ngaphambi kokulungiswa, njengokuyicwilisa emanzini anosawoti ukuze kusuke ukunambitheka kwayo kwemvelo okubabayo. Yini elandelayo?
Lokho kuxhomeka ekutheni ufuna ukuyidla injani noma ufuna ukuzuza kangakanani esivunweni sakho esicebile. Wawungayidla iminqumo iluhlaza, noma wawungayigquma ukuze umkhaya wakho
uyijabulele izinyanga eziningi. Iminqumo yayingaba yingxenye eyinhloko yokudla, mhlawumbe ukudla okuneminqumo enambithekayo kanye namakhekhe enziwe ngebhali.Nokho, mhlawumbe wawungayilungisa iminqumo ngokwezigaba ezidingekile ukuze uthole umkhiqizo oyinzuzo kakhulu noyigugu—amafutha omnqumo. Wawungathola amafutha asemazingeni ahlukahlukene, uwasebenzise ngezindlela eziningi. Okokuqala, wawungayiphehla kancane iminqumo evuthiwe noma uyikhame esigqulweni noma uyigxobe ngezinyawo. (Mika 6:15) Lokho kwakukhiqiza amafutha asezingeni eliphakeme, manje abizwa ngokuthi angaxutshwe nalutho (extra virgin), ayefaneleka ukuba asetshenziwe kumalambu ayekhanyisa etabernakele. (Eksodusi 25:37; 27:20, 21) Cabanga ukuthi wawuyowazisa kangakanani amafutha aloluhlobo ukuba uwasebenzisele ukupheka ngezikhathi ezikhethekile!
Iminqumo, ngisho naleyo yezinga eliphansi kakhulu, yayingase ifakwe esikhamweni ukuze ikhanywe amafutha engeziwe engxenyeni ethambile yesithelo, ngisho nakuba lamafutha ayeba ngawezinga eliphansi. Lengxenye ethambile yesithelo ikhipha amafutha angaba amaphesenti angu-50. Kwakungase kusetshenziswe izinhlobo ezihlukene zezikhamo, kodwa lapha kuboniswe olulodwa. Iminqumo ephelele noma egxotshwe kancane yayifakwa esitsheni eside. Itshe lokusila, elaliphendulwa yimbongolo noma umuntu, laliyigaya, likhiphe amafutha, ayephuma futhi afakwe ezimbizeni.—Mathewu 18:6.
Amafutha omnqumo angase afaniswe negolide eliwuketshezi—ayaziswa kakhulu futhi asetshenziswa ngezindlela eziningi kakhulu. Isihlahla esisodwa sasingakhiqiza amafutha angasetshenziswa unyaka wonke umkhaya onamalungu ayisihlanu noma ayisithupha. Ayengaba yingxenye eyinhloko yokudla kwabo, egayeka kalula esiswini futhi enikeza amandla kakhulu. (Qhathanisa noJeremiya 41:8; Hezekeli 16:13.) Wawungase uwaqhole amanye amafutha futhi uwasebenzise njengezimonyo noma amanye uwathele ekhanda lesivakashi njengophawu lokusamukela. (2 Samuweli 12:20; IHubo 45:7; Luka 7:46) Wawungawasebenzisa njengomuthi wokupholisa izilonda.—Isaya 1:6; Marku 6:13; Luka 10:34.
Lezi kwakungezona okuwukuphela kwezindlela zokusebenzisa amafutha omnqumo. Wawungawasebenzisela futhi ukukhanyisa ikhaya lakho, abe yingxenye yomnikelo kuNkulunkulu, noma njengomkhiqizo wokudayiswa ukuze uthole inzuzo. Yebo, ezikhathini zeBhayibheli isihlahla somnqumo sasiyisitshalo esibaluleke kakhulu, ngakho uJoweli wayengasisebenzisa ngokufanelekile ukuba simelele ukuchuma nentokozo.—Duteronomi 6:11; IHubo 52:8; Jeremiya 11:16; Mathewu 25:3-8.
[Umbhalo waphansi]
^ par. 4 Ukuze lendawo uyibone esithombeni esikhulu, bheka IKhalenda LoFakazi BakaJehova Lika-1993.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 24]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.