Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Wangiqinisa Ejele Lasogwadule

UJehova Wangiqinisa Ejele Lasogwadule

UJehova Wangiqinisa Ejele Lasogwadule

NJENGOBA ILANDISWA UISAIAH MNWE

Icala lalingazange lithethwe, futhi abukho ubugebengu engangibenzile. Nokho, ngathola isigwebo sokusebenza kanzima enkanjini yeziboshwa eyayiphakathi noGwadule olushisayo lwase-Afrika iSahara. Okwenza isimo saba sibi kakhulu, ukuthi akekho phakathi kwabangane bami owayazi ukuthi ngangikuphi. Lokhu kwenzeka eminyakeni engaphezu kweyisishiyagalombili edlule, ngehlobo lika-1984. Ake ngichaze ukuthi kwenzeka kanjani ukuba ngibe kulesimo esihlasimulisayo.

NGO-1958, lapho ngineminyaka engu-12 kuphela, umfowethu omdala waba omunye woFakazi BakaJehova. Nokho, ubaba nomama baqhubeka bekhulekela onkulunkulu besizwe eZweni LaseAbia, eNigeria, lapho sasihlala khona.

Ngo-1968, ngajoyina ibutho lezempi laseBiafra. Lapho sisenkundleni yezempi, ngacabanga ngokuma kokungathathi-hlangothi koFakazi BakaJehova, futhi ngathandazela ukuba uNkulunkulu angisize. Ngathembisa ukuthi uma engivumela ukuba ngisinde kulempi, ngizoba omunye woFakazi bakhe.

Ngemva kwempi ngathatha izinyathelo ezisheshayo ukuze ngifeze isithembiso sami. Ngabhapathizwa ngo-July 1970 futhi ngokushesha ngangenela inkonzo yesikhathi esigcwele njengephayona. Ngokuhamba kwesikhathi ngamiswa njengomdala ebandleni lobuKristu. Ngokushesha ngathola isimemo esivela ehhovisi legatsha laseNigeria sokuthatha isabelo sokuba yisithunywa sevangeli ezweni elaliseduze lapho umsebenzi woFakazi BakaJehova wawungakaqashelwa khona ngokomthetho. Ngasamukela, futhi ngo-January 1975, ngangisendleleni eya khona, ngiphethe i-passport yami.

Saboshwa

Ngo-1978, ngabelwa ukuba ngihambele oFakazi kulo lonke lelozwe. Njengoba babembalwa, ngaya ezindaweni eziningi, ngihambela wonke amadolobha lapho kwakunamabandla khona, kanye nezindawo ezazinabantu abathakazelayo. Ngokuvamile ngangihlonywa imibuzo ezindaweni amaphoyisa ayesesha kuzo. Ngaboshwa izikhathi ezimbili, ngivalelwa izinsuku ezine isikhathi ngasinye, futhi ngiphenywa ngemibuzo mayelana nomsebenzi wethu.

Khona-ke, ngelinye iSonto ngo-June 1984, lapho silungiselela inkonzo yasensimini, isiphathimandla esinobungane sasixwayisa ngokuthi amaphoyisa ayefuna ukubopha oFakazi BakaJehova. Ngemva kwesonto mina noDjagli Koffivi waseTogo, saboshwa. Sayiswa esiteshini samaphoyisa futhi sayalwa ukuba sikhiphe wonke amagama oFakazi BakaJehova kulelodolobha. Bathi: “Uma ningasinikezi lamagama, ngeke sinikhulule.”

“Ningamaphoyisa,” ngiphendula. “Kuwumsebenzi wenu ukuthola abantu enibafunayo. Angilona inxusa lenu.” Saphikisana imizuzu engaba ngu-30, futhi lamaphoyisa asisongela ngokusishaya. Nokho, asizange siwanikeze amagama abazalwane bethu abangamaKristu. Khona-ke anquma ukuthatha zonke izincwadi zami zeBhayibheli.

Ngenkathi Sisaboshiwe

Lapho sifika esiteshini samaphoyisa nezincwadi, mina noDjagli sazehlisa. Njengoba sasizehlisa, kwawa iphepha eBhayibhelini lami elalibhalwe ngamagama amakhulu. Kwakuyisimiso somhlangano wesigodi esasibhalwe wonke amagama abadala abangamaKristu kulelozwe. Ngalicosha ngokushesha futhi ngalishutheka esikhwameni sami. Nokho, elinye iphoyisa langibona futhi layala ukuba ngililethe kulo. Yiqiniso, ngadumala.

Leliphepha labekwa phezu kwetafula egunjini mina noDjagli esasifaka kulo izincwadi. Lapho ngingena nomthwalo wami olandelayo, ngaqonda etafuleni, ngathatha leliphepha ngase ngilihlohla esikhwameni sami. Ngemva kwalokho ngathi ngifuna ukuyozikhulula. Iphoyisa lahamba nami ukuya lapho indlu yangasese yayikhona. Ngemva kokuba sengingenile futhi ngavala umnyango, ngalidabula leliphepha laba yizicucu futhi ngalihambisa namanzi.

Lapho amaphoyisa ethola lokho okwakwenzekile, athukuthela agana unwabu. Kodwa ayesaba ukwenza noma yini ngakho, ngoba abaphathi bawo babezowabeka icala lokunganaki ngokunginikeza ithuba lokudabula lelophepha. Ngemva kokuboshwa izinsuku ezingu-17, umphathi wamaphoyisa wasitshela ukuthi siqoqe izinto zethu ngoba sasizoyiswa kwenye indawo. Safaka izimpahla esikhwameni sepulasitiki, kwathi ngaphansi ngafaka iBhayibheli elincane isivakashi esasisilethele lona ngesinyenyela.

Sakwazi ukwazisa oFakazi ukuthi sasithuthelwa kwenye indawo esasingayazi ukuthi ikuphi. Ekuseni ngosuku olulandelayo, ngo-July 4, 1984, umphathi wamaphoyisa wasivusa. Wasikhuthuza, esicela ukuba sikhiphe izingubo esikhwameni futhi sizigaxe ezingalweni zethu. Kodwa lapho ngifika eyembeni lokugcina, wathi ngingazibuyisela izimpahla esikhwameni, ngakho iBhayibheli alizange libonwe.

Ijele Lasogwadule

Amaphoyisa asiyisa esikhumulweni sezindiza ngemoto, lapho sagibela khona indiza yombutho wezempi. Ngemva kwamahora athile safika edolobheni labantu abalinganiselwa ku-2 000, elalinejele eduze. Kuthatha amakhilomitha angaba ngu-650 uma uhamba ngemoto ukuba ufike edolobheni eliseduze. Sakhishwa endizeni sayiswa ejele futhi sadluliselwa kumphathi wejele. Akekho emikhayeni yethu noma abangane owayazi lapho sasiyiswe khona.

Idolobha esasiyiswe kulo kwakuyindawo evundile ogwadule lwaseSahara. Kukhona imithi embalwa, nezakhiwo ezinezindonga ezakhiwe ngodaka. Amanzi angatholakala ngokumba umgodi oyimitha noma imitha nengxenye kuphela ukushona phansi. Nokho, umuntu wakuleyondawo oneminyaka engu-31 ubudala wasitshela ukuthi wake walibona lina kodwa kanye kuphela ekuphileni kwakhe! Futhi lendawo yayishisa kakhulu. Esinye isiboshwa sathi isilinganiso sezinga lokushisa emakamu eziboshwa sake sabonisa izinga lokushisa elingama-degree Celsius angu-60! Umoya onamandla wawuvunguza njalo, uphephetha isihlabathi esasihlaba isikhumba futhi sixhophe amehlo.

Noma ubani owayefika kuleyondawo wayebona ukuthi wayesefike esikhungweni sokugcina sokujezisa. Lelijele lalizungezwe yizindonga eziphakeme ezazinikeza isivikelo esithile emoyeni naselangeni. Nokho, lezindonga zazingadingekile ukuze kuvinjelwe ukweqa, ngoba yayingekho indawo yokubalekela kuyo. Ngaphandle kwalendawo evundile, kwakungekho sihlahla, kungenalutho lokukhoselisa noma ubani owayefuna ukweqa.

Ngaphambi kokuba singene, umphathi wejele wasikhuthuza. Wasitshela ukuthi sikhiphe zonke izinto esikhwameni sami. Ngaqala ukuphakamisa amayembe ethu ngalinye ngalinye. Lapho sekusele iyembe elilodwa elalimboze iBhayibheli, ngaphakamisa isikhwama ukuze ngimbonise iyembe elaliphakathi ngase ngithi: “Yilokhu kuphela abavume ukuba sikuthathe.” Enelisekile, wathi singene egcekeni. IBhayibheli laliwukuphela kwencwadi esasinayo.

Ukuphila Kwasejele

Zizonke, kwakuneziboshwa ezingaba ngu-34. Kwakuyizigebengu ezinedumela elibi kakhulu neziyingozi kulelozwe. Eziningi zazibhekwa njengababulali abangasenakulunga. Sonke sasilala ezitokisini ezimbili ezinkulu ezazihlukaniswe yindlu yokugezela evulekile. Lendlu yokugezela yayinomgqomo owawungambozwa owawusetshenziswa njengendawo yokuzikhulula. Nakuba iziboshwa zaziwuchitha njalo ekuseni, kubonakala sengathi zonke izimpukane zasogwadule zaziza zizojabulela ukuphola nokungcola kwawo.

Okwakuwukuphela kokudla esasikudla kwakungamabele. Ayegaywa yisiboshwa, siwabilise, bese siwaphaka emapuletini, ayobe esebekwa kumata wokulala wesiboshwa ngasinye. Lokudla kwakungambozwa. Lapho sibuya emsebenzini, sasithola amakhulu ezimpukane emboze ipuleti ngalinye lokudla kwamabele. Lapho sithatha amapuleti ethu, izimpukane zazibaleka zibhuze. Ezinsukwini ezimbili zokuqala, asidlanga lutho. Ekugcineni, ngosuku lwesithathu, ngemva kokuphebeza izimpukane nokususa isikhumba esomile ngaphezulu, saqala ukudla lokudla kwamabele. Sathandazela ukuthi uJehova avikele impilo yethu.

Sasisebenza elangeni, sibhidliza izindonga zejele elidala futhi sakha izindonga ezintsha. Kwakuwumsebenzi onzima kakhulu. Sasisebenza ngaphandle kwekhefu kusukela ngo-6:00 ekuseni kuze kube semini, bese sidla, ngemva kwalokho siqhubeke sisebenza kuze kube ngu-6:00 kusihlwa. Azikho izinsuku esasingasebenzi ngazo. Asizange nje sibekezelele ukushisa kuphela kodwa phakathi nobusika sasibekezelela nokubanda. Futhi sasibekezelela abaqaphi abanonya.

Ukuzigcina Siqinile Ngokomoya

Mina noDjagli sasifunda iBhayibheli ngasese, bese sixoxa ndawonye ngalokho esikufundile. Sasingeke sifunde obala ngoba leloBhayibheli lalizothathwa futhi sasizojeziswa. Isiboshwa engaqalisa naso isifundo seBhayibheli sasinesibani sikaphalafini esasisihlanganyela nami. Ngokuvamile ngangivuka ngehora lokuqala noma lesibili ekuseni futhi ngifunde cishe kuze kube yihora lesihlanu. Ngaleyondlela ngakwazi ukufunda lonke iBhayibheli.

Sashumayela kwezinye iziboshwa, futhi omunye wazo watshela umphathi wabalindi ngathi. Ngokungalindelekile, lomlindi wanikeza lesiboshwa umagazini i-Phaphama! ayenawo, futhi lesiboshwa sawudlulisela kithi. Ngawufunda ngokuphindaphindiwe. Ukufunda nokushumayela kwethu kwasisiza ukuba sihlale siqinile ngokomoya.

Ukuxhumana Nabangane Bethu

Sasingavunyelwe ukuba sibhale noma sithumele izincwadi. Nokho, omunye umuntu owayenobungane wathi angasisiza. Ngo-August 20, sekungamasonto acishe abe yisithupha sifikile, ngabhala izincwadi ezimbili ngasese, enye iya enxuseni laseNigeria nenye kubangane abangoFakazi. Ngazigqiba esihlabathini futhi ngaphawula leyondawo ngetshe elikhulu. Kamuva lomngane wami weza futhi wazivumbulula.

Kwadlula amasonto amaningi, futhi angizange ngizwe lutho. Kancane kancane ngalahlekelwa yithemba lokuthi lezincwadi zafika. Kodwa zazifikile, futhi oFakazi abakanye nathi babelwela ukuba sikhululwe. Umnyango Wezindaba Zangaphandle waseNigeria nawo waba nesithakazelo kulendaba futhi wabuza uhulumeni wasezweni engangiboshwe kulo ukuthi kungani wawungifake ejele elinjalo.

Phakathi nalesosikhathi, ekuseni ngo-November 15, 1984, sathathwa ukuze siyohlanza. Onogada bangiyisa endlini yangasese yesikole semfundo ephakeme eyayisetshenziswa abantu emasontweni amaningi naphezu kokungasasebenzi kwayo. Yayigcwele indle. Labonogada bathi, umsebenzi wami kwakuwukuba ngiyihlanze. Okuwukuphela kwamathuluzi enganginawo kwakuyizandla zami. Njengoba ngangisacabanga indlela engangizowenza ngayo lomsebenzi onyanyekayo, kweza umphathi wabalindi futhi wathi umphathi wesigodi wakuleyondawo wayefuna ukungibona.

Lapho ngifika lomphathi wesigodi wathi wayesanda kukhuluma nomongameli wezwe, owayezwile ngosizi lwami. Lomongameli wachaza ukuthi uma ngingakhipha amagama oFakazi BakaJehova bakulelozwe, ngingakhululwa ngokushesha futhi ngihambe ngendiza elandelayo. Ngaphinda ngathi uma befuna oFakazi BakaJehova, kwakuwumsebenzi wamaphoyisa ukubathola. Lomphathi wesigodi wangitshela ukuthi kumelwe ngicabangele lesithembiso sabo ngokungathi sína. Wayezonginikeza izinsuku ezine noma ezinhlanu ukuze ngicabangisise. Khona-ke ngakhishwa, futhi ngabonga, ngokuthi angizange ngiphindiselwe kuleyandlu yangasese, kodwa onogada bangiqhuba ngaphindiselwa ejele!

Ngemva kwezinsuku ezinhlanu lomphathi wesigodi wangibiza futhi wangibuza lokho engangikunqumile. Ngathi okuwukuphela kwesizathu sokuba ngibe sejele labo sasiwukuthi nganginikeza ubufakazi ngoNkulunkulu weqiniso futhi ngathi angenzanga lutho olungalungile. Ngachaza ukuthi ngangine-passport esemthethweni nemvume yokuhlala. Wonke amaphepha ami ayeqondile, futhi noma nini lapho ngiya kunoma yiliphi idolobha, ngaso sonke isikhathi ngangithintana namaphoyisa ukuze ngiqiniseke ukuthi yonke into iqondile. Njengoba ngangingenzanga bugebengu, ngabuza: “Kungani ngijeziswa? Uma ngangingafunwa ezweni, kungani ngingadingiswanga? Kungani ngilahlelwe kulendawo?”

Ngakhuluma imizuzu engaba ngu-15. Lapho sengiqedile, ngacelwa ukuba ngibhale phansi lokho engangisanda kukusho, futhi ngatshelwa ukuthi izinkulumo zami zaziyodluliselwa kumongameli. Nganikezwa iphepha, futhi ngabhala amakhasi amane.

Ekugcineni Sakhululwa!

Angizange ngizwe lutho olwengeziwe ngalendaba kwaze kwaba u-January 1985, ngemva kwezinyanga ezingaba yisikhombisa ngiboshiwe. Ngalesosikhathi, umphathi wabalindi weza kimi futhi wangibuza ukuthi ngangiyibhalile yini incwadi eya enxuseni laseNigeria. “Yebo,” ngiphendula.

“Ukwenzeleni? Kungani ungangazisanga?” wabuza.

Ngamtshela ukuthi lendaba yayingaqondene naye. Kodwa ngamqinisekisa ukuthi angibhalanga lutho olubi ngaye, njengoba kwakungekho okwakumhlanganisa nokuyiswa kwami ejele. “Ngisho nomama akazi ukuthi ngikuphi,” ngamtshela. Khona-ke wafuna ukwazi ukuthi ngangiyithumele kanjani lencwadi, kodwa ngenqaba ukumtshela.

Ngosuku olulandelayo onogada balungisa imoto okuthiwa yi-Land Rover futhi bangitshela ukuthi mina noDjagli siyahanjiswa. Sayiswa ngaphandle, sakhunyulwa futhi sakhuthuzwa. Ekuqaleni nganginikeze isiboshwa engangitadisha naso iBhayibheli lami ngoba ngangazi ukuthi abalindi babezolithatha uma belithola likimi. Lendoda yasitshela ukuthi lapho ikhululwa, yayiyoba omunye woFakazi BakaJehova. Sithandazela ukuthi ibe nguye.

Ngokushesha ngemva kwalokho, ngayiswa eNigeria, futhi ngo-February 1985, ngaphindela enkonzweni yami njengombonisi ojikelezayo kulelozwe. Kusukela ngo-1990, bengilokhu ngikhonza njengombonisi wesigodi eNigeria. UDjagli manje ukhonza njengoFakazi othembekile eCôte d’Ivoire.

Kulokhu okuhlangenwe nakho, ngifunde ngokokuqala ngqá ukuthi uJehova uNkulunkulu angasiqinisa ngisho nangaphansi kokucindezela okunzima kakhulu. Ngokuphindaphindiwe sibone isandla sakhe sisivikela ejele. Ukukhululwa kwethu kugcizelele kimi ukuthi uJehova akagcini nje ngokwazi ukuthi izinceku zakhe zikuphi nokuthi yini eziyibekezelelayo kodwa wazi nokuthi kumelwe azikhulule kanjani ovivinyweni.—2 Petru 2:9.