Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UNkulunkulu Uyakhulisa—Ingabe Uyayifeza Ingxenye Yakho?

UNkulunkulu Uyakhulisa—Ingabe Uyayifeza Ingxenye Yakho?

UNkulunkulu Uyakhulisa—Ingabe Uyayifeza Ingxenye Yakho?

CABANGA ngalesimo, usensimini enhle, ezungezwe yizihlahla ezinhle, izitshalo ezihlumile, nenqwaba yezimbali ezinemibala egqamile. Utshani obuluhlaza njengesimaragidu behlela ezansi osebeni olunakekelwe kahle lomfula ogobhoza amanzi acwebe njengekristalu. Akukho lutho oluphazamisa lombono. Uhlatshwe umxhwele, ubuza ukuthi ubani owenze lendawo enhle. Umlimi ngesizotha ukuphendula ngokuthi uNkulunkulu okhulisa zonke izinto.

Njengokulindelekile, ubukwazi lokho. Futhi lapho ufika ekhaya ubona igceke lakho elingcolile, lapho kungakhuli lutho olukhangayo, kunqwabelana khona imfucumfucu, futhi amanzi emvula egcwala emigodini engabukeki esenhlabathini, ukhumbula amazwi alomlimi. Unesifiso esijulile sokuba nensimu efana nalena osanda kuyivakashela. Ngakho, uwakholelwa ngokuqinile amazwi omlimi, uguqa ngamadolo futhi uthandaze ngobuqotho kuNkulunkulu ukuba akhulise izimbali ezinhle egcekeni lakho. Yini eyenzekayo? Yiqiniso, akwenzeki lutho.

Kuthiwani ngokukhula okungokomoya? Ungase ube nesifiso esiqotho sokubona izinto zikhula ngokomoya, njengokubona abafundi abasha besabela eqinisweni leZwi likaNkulunkulu noma intuthuko yakho engokomoya. Futhi ungase uthandaze ngobuqotho kuJehova ukuba aveze ukukhula okunjalo, uqiniseka ngokujulile ngokuthi unamandla okwenzenjalo. Kodwa ingabe isifiso sakho esijulile, umthandazo oqotho, nokuqiniseka ngamandla kaNkulunkulu kukodwa kuyoveza intuthuko?

UNkulunkulu Uyakhulisa

Mhlawumbe unomuzwa wokuthi ingxenye yakho ekuvezeni intuthuko engokomoya ayibalulekile, futhi ayinayo ngisho nenjongo. Ingabe umphostoli uPawulu wayengasikiseli lokho kweyoku-1 Korinte 3:5-7? Wabhala: “Pho, uyini uApholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kwaba-yilowo nalowo njengokupha kweNkosi. Mina ngatshala, uApholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa. Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo.”

UPawulu uvuma ngokufanelekile ukuthi lapho izinto zikhula, lonke udumo luya kuNkulunkulu. Umlimi angase alungise inhlabathi yakhe, atshale imbewu yakhe, futhi anakekele izitshalo ngokucophelela, kodwa ekugcineni amandla kaNkulunkulu amangalisayo okudala enza izinto zikhule. (Genesise 1:11, 12, 29) Nokho, uPawulu usho ukuthini lapho ethi, “notshalayo kalutho, noniselayo kalutho”? (“Akubona abalimi abatshalayo nabaniselayo ababalulekile,” The New English Bible.) Ingabe ululaza ukubaluleka kwengxenye yesikhonzi ngasinye ekwenzeni abafundi abasha, esikisela ukuthi ekugcineni ayenzi mehluko ongako indlela esenza ngayo inkonzo yethu?

“Notshalayo Kalutho”

Khumbula ukuthi kulengxenye yencwadi yakhe, uPawulu akakhulumi ngenkonzo yobuKristu kodwa ukhuluma ngobuwula bokulandela abantu kunokulandela uJesu Kristu. Abanye eKorinte babenikeza ukubaluleka okungafanele ezincekwini zikaJehova eziphawulekayo, ezinjengoPawulu no-Apholo. Abanye babekhuthaza ukuhlukana ngokwamahlelo futhi bephakamisa abantu ababecabanga ukuthi bakhulu kunabafowabo abangamaKristu.—1 Korinte 4:6-8; 2 Korinte 11:4, 5, 13.

Ukudumisa abantu ngalendlela akulungile. Kuwukucabanga okungokwenyama, futhi kuveza umhawu nokuphikisana. (1 Korinte 3:3, 4) UPawulu ubonisa imiphumela yokucabanga okunjalo. Uthi: “Kukhona ukuphikisana phakathi kwenu. Ngisho lokhu ukuthi yilowo nalowo kini uthi: Mina ngingokaPawulu; mina ngingoka-Apholo; mina ngingokaKhefase; mina ngingokaKristu.”—1 Korinte 1:11, 12.

Ngakho, lapho ebhala ukuthi, “otshalayo noniselayo abalutho” (Phillips), umphostoli ulwisana nokucabanga okungokwenyama okunjalo, egcizelela isidingo sokubheka kuJesu Kristu njengoMholi nokuvuma ukuthi lonke udumo luya kuNkulunkulu ngenxa yokukhula ebandleni. Abaphostoli nabanye abadala bamane nje bayizinceku zebandla. Akekho okwakufanele aphakanyiswe noma bona ngokwabo bafune udumo noma ukuvelela. (1 Korinte 3:18-23) Ngakho otshalayo noniselayo abalutho, kusho uPawulu, “uma beqhathaniswa nalowo onikeza ukuphila embewini.”—1 Korinte 3:7, Phillips.

Izisebenzi Ezikanye NoNkulunkulu

Ngakho-ke, lapho esho lokhu, umphostoli uPawulu wayengalulazi ukubaluleka kwengxenye yethu ekutshaleni nasekuniseleni. Wayengasho ukuthi asiqale ukucabanga ukuthi, “uNkulunkulu uyokhulisa izinto ngesikhathi sakhe,” bese sihlala nje silindele ukuba enze kanjalo. Wayazi ukuthi lokho esikwenzayo nendlela esikwenza ngayo kunengxenye endleleni izinto ezikhula ngayo.

Kungakho uPawulu ayehlale ekhuthaza amaKristu ukuba asebenze kanzima enkonzweni yawo futhi athuthukise amakhono awo njengabafundisi. Cabanga ngeseluleko asinikeza insizwa eseyintsha uThimothewu. “Ziqaphele wena kanye nesifundiso, ume kulezozinto; ngokuba ngokwenza lokhu uyakuzisindisa wena nabakuzwayo.” (1 Thimothewu 4:16) ‘Ngiyaqinisa . . . , shumayela izwi, uqinise . . . , ngokubekezela nokufundisa. . . . Ufeze ukukhonza kwakho.’ (2 Thimothewu 4:1, 2, 5) Bekungeke kube nengqondo ukusebenza kanzima kukaThimothewu ukuze athuthukise amakhono akhe uma ukutshala nokunisela kwakhe kwakungeke kube nengxenye ekukhuliseni izinto.

NjengoPawulu no-Apholo, nawe futhi ungaba nelungelo elingenakulinganiswa lokukhonza njengomunye wezisebenzi ezikanye noNkulunkulu. (1 Korinte 3:9; 2 Korinte 4:1; 1 Thimothewu 1:12) Njengesisebenzi esinjalo, umsebenzi wakho ubalulekile. Umlimi akalindeli ukuba uNkulunkulu ngesimangaliso aveze insimu enhle ngaphandle kokuba yena enze umzamo. Ingabe kufanele kube okwehlukile ngokukhula okungokomoya? Ngokuqinisekile akunjalo. Njengomlimi ‘olindela’ ngokubekezela ‘isithelo somhlaba esiyigugu,’ kumelwe sizikhandle thina kuqala ekutshaleni nasekuniseleni, lapho sisalinde uNkulunkulu ukuba akhulise.—Jakobe 1:22; 2:26; 5:7.

Feza Ingxenye Yakho

Njengoba umphostoli uPawulu esho, “yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomsebenzi wakhe,” senza kahle ukuzibuza ukuthi thina sisebenza kanjani.—1 Korinte 3:8.

Ingcweti yezokulima uGeoffrey Smith yathi: “Akudingeki izimfanelo ezikhethekile ukuze ube umlimi, ukuba nje nesithakazelo ezitshalweni.” (Shrubs & Small Trees) Ngokufanayo, akudingeki izimfanelo ezikhethekile ezizuzwa njengefa ukuze sibe yizisebenzi ezikanye noNkulunkulu, ukuba nje nesithakazelo esiqotho kubantu nesifiso sokusetshenziswa uNkulunkulu.—2 Korinte 2:16, 17; 3:4-6; Filipi 2:13.

Cabangela ezinye zezeluleko ezinhle ezinikezwa ngabalimi abanekhono. Njengoba esinye isazi sisho, uma umlimi oseyimfunda-makhwela ezimisele ukulalela labo abanokuhlangenwe nakho okwengeziwe kunaye, “lona ofundayo angaba yingcweti ngokushesha.” Futhi, lesazi esifanayo sithi, “ingcweti ihlale ithola okuthile okusha kokukufunda.” (The Encyclopedia of Gardening) Ingabe ulwamukela ngokuzimisela usizo nokuqeqesha uJehova akunikezayo ukuze utshale futhi unisele ngokuphumelelayo? Uma kunjalo, kungakhathaliseki ukuthi umusha kulomsebenzi noma unokuhlangenwe nakho, ungaba namakhono engeziwe njengesisebenzi esikanye noNkulunkulu futhi kanjalo “ufaneleke ukufundisa nabanye.”—2 Thimothewu 2:2NW.

Uma izimisele ukulalela nokufunda, uGeoffrey Smith uthi, “imfunda-makhwela iyogwema izingibe ezimbi kakhulu.” Uma silalela isiqondiso uJehova asinikeza ngeZwi lakhe nangenhlangano yakhe, siyokwenza izinto ngendlela yakhe. Ngokwesibonelo, siyogwema izingibe ezinjengokuphikisana kobuwula nalabo abafuna kuphela ukuqophisana noma ukulwisana nathi ngamazwi.—IzAga 17:14; Kolose 4:6; 2 Thimothewu 2:23-26.

Esinye iseluleko sokuba nensimu enhle siwukucabangela izinto ngokucophelela ngaphambi kokujaha ukulima umhlabathi. “Ngaphambi kokufaka ifosholo enhlabathini,” kusho i-Encyclopedia of Gardening, “zinike isikhathi ucabangisisa buthule [ngamathemba onawo].” Ingabe uwela ogibeni lokujaha ukuya enkonzweni yobuKristu ngaphandle kokuqale ucabange ngokucophelela nangomthandazo ngalokho ofuna ukukufeza nangendlela engcono yokukwenza? Yenza imigomo yakho icace ngaphambi kokuba uqale. Ngokwesibonelo, cabanga ngohlobo lwabantu ongase uhlangane nalo nezinkinga ongase ubhekane nazo, bese ulungiselela ukuzisingatha. Lokhu kuyokwenza ukuba ‘uzuze abaningi [njengoba uba] yikho konke kubo bonke.’—1 Korinte 9:19-23.

“Ungaphumuzi Isandla Sakho”

Uma silazisa ilungelo lokukhonza njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu, ngeke sizigodle ekufezeni ingxenye yethu. “Hlwanyela imbewu yakho kusasa, ungaphumuzi isandla sakho nakusihlwa, ngokuba awazi ukuthi iyiphi eyakuphumelela, yilena noma yileyo, noma ziyakuba-zinhle zombili ngokufanayo.” (UmShumayeli 11:6) Imiphumela yokugcina isezandleni zikaJehova, kodwa siyovuna kuphela uma sitshala ngenkuthalo kuqala.—UmShumayeli 11:4.

Ayikho insimu eyake yenziwa yaba yinhle ngokulima nokusakaza izimbewu ngendlela yokugcina icala. Ngokufanayo, kudingeka okwengeziwe enkonzweni yobuKristu kunokwenza ingxenye yokugcina icala ekusakazeni izincwadi zeBhayibheli. Njengezisebenzi ezikanye noNkulunkulu, sidinga ukumemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ngenkuthalo nangokungashwampuluzi, sifunisisa labo abanokuthambekela okuhle. (IzEnzo 13:48, qhathanisa neNW.) Khumbula isimiso esisemazwini kaPawulu kweyesi-2 Korinte 9:6: “Ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu.”

Njengabo bonke abalimi abahle, sizama ukutshala enhlabathini omuhle. Nokho, lapho okuthile sekutshaliwe ngisho nasenhlabathini enhle, akugcini lapho. UGeoffrey Smith uthi: “Lokhu akusho ukuthi lapho okuthile sekutshaliwe akusadingeki lutho olwengeziwe kumuntu otshalile ngaphandle kokuhlala emthunzini aphumule.” Cha, ukuze izinto zikhule, kudingeka umzamo wokunisela nokuvikela izitshalo.—Qhathanisa nezAga 6:10, 11.

Eqinisweni, inkonzo yobuKristu ingase isho inkathi ende yokusebenza kanzima lapho kubonakala kungenzeki lutho olungako. Kodwa ngokushesha, futhi ngezinye izikhathi ngokungalindelekile, kungase kulandele imiphumela emangalisayo. UGeoffrey Smith uthi: “Ukwenza insimu kuhlanganisa inkathi ende yokuzikhandla okuqhubekayo kanye nezikhathi zobuhle obukhulu kangangokuthi konke ukulima, ukukhipha ukhula, nokukhathazeka kuyalibaleka.” Nawe futhi ungaba nezikhathi zokwaneliseka okukhulu lapho umuntu olalelayo esabela esigijimini seqiniso—uma nje uzimisele ukulima kuqala, ukutshala, ukukhipha ukhula, nokunisela.—Qhathanisa nezAga 20:4.

UPawulu no-Apholo babazi ukuthi umsebenzi wabo wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi wawungabanikezi ukuvelela okuthile okukhethekile ebandleni lobuKristu. Babeqonda ukuthi uNkulunkulu okhulisa izinto. Nokho, batshala futhi banisela—ngenkuthalo. Kwangathi singalandela isibonelo sabo futhi sizenze sitholakale kuNkulunkulu ‘njengezikhonzi [abanye] abakholwa ngazo.’—1 Korinte 3:5, 6.

[Isithombe ekhasini 23]

UNkulunkulu ukhulisa zonke izinto—kodwa nomlimi ufeza ingxenye yakhe