Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwanelisa Abalambile Ngokomoya—Esikoleni

Ukwanelisa Abalambile Ngokomoya—Esikoleni

Abamemezeli BoMbuso Bayabika

Ukwanelisa Abalambile Ngokomoya—Esikoleni

“BABUSISIWE abampofu emoyeni,” kwasho uJesu eNtshumayelweni yakhe yaseNtabeni. (Mathewu 5:3) Abantwana besikole abaningi bomele ulwazi ngoNkulunkulu nangezinjongo zakhe ezimangalisayo. Bafuna izimpendulo zemibuzo ephathelene nokuphila futhi bafuna ukwazi ukuthi kufanele baphile kanjani ukuze bathole ukuvunyelwa uNkulunkulu futhi bajabule. Lokhu kwabonakala esikoleni esisesiQhingini eBrithani iVirgin. Omunye woFakazi BakaJehova lapho uyalandisa:

□ “Ngaya emhlanganweni wothisha nabazali esikoleni sendawo, futhi kwashiwo okuningi mayelana nezidakamizwa, ukuphuza, ukuphola, ukubukela i-TV, amamaki, nezinye izinto, ngakho nganquma ukuhamba nencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo ukuze ngiyinikeze uthisha-nhloko. Ngemva kokuhlola lencwadi, wathi yayiyilokho kanye ababekudinga futhi wabuza ukuthi isikole sasingase sikwazi yini ukuthola amakhophi abafundi abangu-120. Lendaba yaxoxwa nabadala bebandla, futhi banquma ukunikela ngalezincwadi esikoleni. Lapho sibatshela lokhu, othisha bacela ukuba kube yithina esinikeza lezincwadi abafundi. OFakazi ababili baya, futhi igumbi lokufundela laligcwele abafundi bebalindele. Abazalwane bakhuluma isikhathi esiyingxenye yehora, futhi bafunda okuhlangenwe nakho okuvela komagazini be-Watch Tower Society okubonisa indlela lencwadi eye yabasiza ngayo abasha nabadala. Khona-ke izincwadi zabe sezinikezwa abafundi ababemaganga.”

Kuyintokozo ukwazi ukuthi lesikole siye sanquma ukusebenzisa lencwadi njengengxenye yezifundo zasikhathi sonke zesigaba sesine nesesihlanu. Ngempela iyophendula imibuzo eminingi labafundi abanayo ngokuphathelene nokuphila nekusasa.

Ukwanelisa Abalambile Ngokomoya—EPapua New Guinea

Okuhlangenwe nakho okulandelayo kwavela kumbonisi ojikelezayo. Kubonisa indlela abantu abalambe ngayo ngokomoya kulelozwe nokuthi izincwadi zethu ezisekelwe eBhayibhelini ziphumelela kanjani ekwaneliseni indlala yabo.

□ “Njengoba ngangingakwazi ukuhambela isigodi saseKamberatoro,” kusho umbonisi, “ngachitha isikhathi sami ngisebenza nebandla elincane eVanimo. Kunesithakazelo esikhulu lapho. Abantu abaningi baseBewani bamukela izincwadi. Enye indoda yangicela ukuba ngivakashele lesigodi, futhi yayizongilungisela indawo yokuhlala. Abantu abaningi bajwayelene nezincwadi zethu. Isikhathi ngasinye esaya ngaso edolobheni laseVanimo, saphelelwa yizincwadi naphezu kokuba sasinamabhokisi amathathu ezincwadi. Incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli ibhekwa njengeyigugu njengegolide. Abantu bayayifuna. Izincwadi engangihambe nazo zahamba ngokushesha okukhulu. Lapho sibonisa abantu izincwadi zethu, abanye babebuza: ‘Iphi incwadi ephuzi?’ Enye indoda ya-oda eziyisithupha. Yanginikeza igama layo nekheli futhi yangicela ukuba ngenze isimemezelo emsakazweni lapho sengizitholile. Khona-ke yayiyosuka esigodini sakubo ize izozilanda.” Lombonisi ojikelezayo uyanezela: “Ngathola ukuthi abantu abaningi eVanimo bamukela izincwadi ezithi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu nethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo.”

Lokhu kubonisa indlela abantu abanhliziyo ziqotho abalambele ngayo ukudla okungokomoya okutholakala eBhayibhelini nasezincwadini uJehova aye wazilungiselela ‘ngenceku ethembekileyo neqondayo.’ (Mathewu 24:45-47) Yeka indlela oFakazi BakaJehova abajabula ngayo ngokuthi bayakwazi ukusiza labantu abalambele iqiniso!

[Isithombe ekhasini 19]

Ukufakaza ePapua New Guinea