Ingabe Lesi Sidlo Singasho Okuthile Kuwe?
Ingabe Lesi Sidlo Singasho Okuthile Kuwe?
INYANGA ehlangene ikhanyisela izwe ngokukhanya okungaxhophi. Ekamelweni eliphezulu endlini eJerusalema lakudala, kuhlangene amadoda angu-12 azungeze itafula. Ayishumi nanye alalele ngokucophelela okukhulu njengoba uMfundisi wawo ethula umkhosi obaluleke kakhulu futhi ekhuluma amazwi abaluleke kakhulu. Okunye ukulandisa kuthi:
“UJesu [Kristu] wathabatha isinkwa‚ wasibusisa‚ wasihlephula‚ wanika abafundi bakhe‚ wathi: Thabathani nidle; lokhu kungumzimba wami. Wayesethabatha isitsha, wabonga, wabanika, wathi: Phuzani nonke kuso; ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono. Kepha ngithi kini: Kusukela manje angisayikuphuza kulesisithelo somvini‚ kuze kufike lolosuku engiyakusiphuza ngalo nani sisisha embusweni kaBaba. Kwathi sebehlabelele igama lokubonga‚ baphuma‚ baya eNtabeni yemiNqumo.”—Mathewu 26:26-30.
Lokhu kwenzeka ngemva kokushona kwelanga ngosuku lwe-14 lwenyanga yamaJuda u-Nisan ngonyaka ka-33 weNkathi yethu Evamile. UJesu nabaphostoli bakhe babesanda kugubha iPhasika njengesikhumbuzo sokukhululwa kuka-Israyeli ebugqilini baseGibithe ngekhulu le-16 B.C.E. UKristu wayemkhiphile uJuda Iskariyothe, owayesezomkhaphela. Ngakho, kwakuwuJesu nabaphostoli bakhe abangu-11 kuphela ababekhona.
Lesidlo sasingekhona ukuqhubekela phambili kwePhasika lamaJuda. Sasingokuthile okusha okwabizwa ngokuthi iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Ngokuqondene nalomkhosi, uJesu wayala abalandeli bakhe: “Yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.” (Luka 22:19, 20; 1 Korinte 11:24-26) Kungani asho lokhu? Futhi kungenzeka kanjani ukuba lesenzakalo esesinamakhulu eminyaka sikhona sisho okuthile kuwe?