Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isihe SikaJehova Sisivikela Ekuphelelweni Yithemba

Isihe SikaJehova Sisivikela Ekuphelelweni Yithemba

Isihe SikaJehova Sisivikela Ekuphelelweni Yithemba

“Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele [“ngokwesihe,” NW] bakho obukhulu.”—IHUBO 51:1.

1, 2. Omunye wezinceku zikaJehova angathintwa kanjani yisono esingathi sína?

UMTHETHO kaJehova awunakwephulwa kungabi nasijeziso. Yeka indlela lokho okuba sobala ngayo lapho senza isono esingathi sína kuNkulunkulu! Nakuba kungenzeka siye sakhonza uJehova ngokwethembeka iminyaka eminingi, ukwephula umthetho wakhe kungabangela ukukhathazeka okukhulu noma ukucindezeleka okujulile. Singase sibe nomuzwa wokuthi uJehova usishiyile nokuthi asisakufanelekeli ukumkhonza. Isono sethu singase sibonakale sinjengefu elikhulu elivimbela ukukhanya komusa kaNkulunkulu.

2 INkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo yake yazithola isesimweni esinjalo. Lesisimo saba khona kanjani?

Amaphutha Angaholela Esonweni Esingathi Sína

3, 4. Yini eyenzeka eNkosini uDavide phakathi nenkathi yokuchuma?

3 UDavide wayemthanda uNkulunkulu kodwa wenza amaphutha aholela ezonweni ezingathi sína. (Qhathanisa neyabaseGalathiya 6:1.) Lokhu kungenzeka kunoma yimuphi umuntu ongaphelele, ikakhulukazi uma enegunya phezu kwabanye. Njengenkosi echumayo, uDavide wayenodumo namandla. Ubani owayengalokotha alibekele inselele izwi lakhe? Amadoda anekhono ayezimisele ukumkhonza, futhi abantu babekwenza ngentshiseko lokho ayecela ukuba bakwenze. Nokho, uDavide wona ngokuzithathela abafazi abaningi nangokubala abantu.—Duteronomi 17:14-20; 1 IziKronike 21:1.

4 Phakathi nalenkathi yokuchuma ngokwezinto ezibonakalayo, uDavide wenza izono ezingathi sína kuNkulunkulu nakubantu. Phela, isono esisodwa saholela kwesinye njengezintambo ezilukiwe zengubo eklanywe uSathane! Lapho ama-Israyeli akanye nawo elwa nabakwa-Amoni, esophahleni lwendlu yakhe uDavide wabuka umka-Uriya omuhle, uBati-Sheba, egeza. Njengoba u-Uriya ayesempini, lenkosi yayaleza ukuba lona wesifazane alethwe esigodlweni sayo futhi yaphinga naye. Cabanga indlela ethuka ngayo lapho kamuva ethola ukuthi ukhulelwe! UDavide wathumela ukuba kuyobizwa u-Uriya, enethemba lokuthi uyochitha ubusuku enoBati-Sheba abese ecabanga ukuthi umntwana ngowakhe. Nakuba uDavide amphuzisa wadakwa, u-Uriya wenqaba ukulala naye. Manje exakekile, uDavide wathumela iziyalezo zangasese enduneni uJowabe ukuba ibeke u-Uriya ngaphambili empini lapho ayeyokufa khona nakanjani. U-Uriya wabulawa empini, umfelokazi wakhe wamlilela isikhathi esivamile sokulila, futhi uDavide washada naye ngaphambi kokuba abantu baqaphele ukuthi wayekhulelwe.—2 Samuweli 11:1-27.

5. Yini eyenzeka ngemva kokuba uDavide onile noBati-Sheba, futhi izono zakhe zaba namuphi umphumela kuye?

5 Ngomprofethi uNathani, uNkulunkulu wazembula izono zikaDavide futhi wathi: “Ngiyakukuvusela okubi okuvela endlini yakho.” Ngokuvumelana nalokho, umntwana owazalwa uBati-Sheba wafa. (2 Samuweli 12:1-23) Indodana kaDavide eyizibulo, u-Amnoni, yadlwengula udadewabo ngomzali oyedwa uTamari futhi yabulawa umfowabo kaTamari. (2 Samuweli 13:1-33) Indodana yenkosi, u-Abisalomu, yazama ukuhlwitha isihlalo sobukhosi futhi yahlazisa uyise uDavide ngokuba nobuhlobo bobulili nezancinza zakhe. (2 Samuweli 15:1–16:22) Impi yombango yaphela ngokufa kuka-Abisalomu futhi yabangela usizi olwengeziwe kuDavide. (2 Samuweli 18:1-33) Nokho, izono zikaDavide zamehlisa futhi zamenza wasiqaphela isidingo sokuhlala eseduze noNkulunkulu wakhe onesihawu. Uma sonile, ngokuzithoba masiphenduke futhi sisondele kuJehova.—Qhathanisa noJakobe 4:8.

6. Kungani iNkosi uDavide yayinecala ngokukhethekile?

6 UDavide wayenecala ikakhulukazi ngoba wayengumbusi wakwa-Israyeli ewuqaphela ngokugcwele uMthetho kaJehova. (Duteronomi 17:18-20) Wayengeyena umbusi waseGibithe lasendulo noma inkosi yaseBabiloni eyayintula ulwazi olunjalo futhi eyayingase izenze njengomkhuba izinto ezenqatshelwa uNkulunkulu. (Qhathanisa neyabase-Efesu 2:12; 4:18.) Njengelungu lesizwe esasinikezelwe kuJehova, uDavide waqaphela ukuthi ukuphinga nokubulala kuyizono ezingathi sína. (Eksodusi 20:13, 14) AmaKristu nawo ayawazi umthetho kaNkulunkulu. Nokho, njengoDavide amanye awo ayawephula ngenxa yokuba nesono okuzuzwe njengefa, ubuthakathaka bobuntu, nesilingo esiphikelelayo. Uma lokho kwenzeka kunoma ubani wethu, akudingeki sihlale sisesimweni sokudumala esifiphaza umbono wethu ongokomoya nesisibangela siphelelwe yithemba ngokujulile.

Ukuvuma Izono Kuletha Ukukhululeka

7, 8. (a) Yini eyenzeka kuDavide lapho ezama ukufihla izono zakhe? (b) Kungani kumelwe ukuba umuntu avume futhi ashiye isono sakhe?

7 Uma sinecala lokwephula umthetho kaNkulunkulu ngokungathi sína, singase sikuthole kunzima ukuvuma izono zethu, ngisho nakuJehova. Yini engenzeka ngaphansi kwalezozimo? KumaHubo 32, uDavide wavuma: “Kwathi ngithule [esikhundleni sokuvuma izono], amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke. Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami, uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo.” (Amavesi 3, 4) Ukuzama ukufihla isono sakhe nokucindezela unembeza onecala kwamudla uDavide onhlanhlathayo. Ukudabuka kwanciphisa amandla akhe kangangokuba wayefana nomuthi owohlozwe yisomiso ongenawo umswakama onikeza ukuphila. Empeleni, kungenzeka ukuthi wathola imiphumela elimazayo ngokwengqondo nangokomzimba. Nokho, walahlekelwa injabulo yakhe. Uma noma ubani kithi ezithola esesimweni esifanayo, yini okumelwe siyenze?

8 Ukuvuma izono kuNkulunkulu kungaletha ukuthethelelwa nokukhululeka. “Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami,” kuhuba uDavide. “Ngathi: Ngizakuzivuma izono zami kuJehova; wena wathethelela icala lesono sami.” (IHubo 32:5) Ingabe ucindezelekile ngenxa yesono esithile esifihliwe? Ingabe bekungeke yini kube ngcono ukuba usivume futhi usishiye ukuze uthole isihe sikaNkulunkulu? Kungani ungabizi abadala bebandla futhi ufune ukwelashwa okungokomoya? (IzAga 28:13; Jakobe 5:13-20) Umoya wakho wokuphenduka uyokwamukelwa, futhi ngokuhamba kwesikhathi injabulo yakho yobuKristu ingase ibuyiselwe. “Uyajabula osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisibekelwe,” kusho uDavide. “Uyajabula umuntu uJehova angambaleli isiphambeko, kungekho-nkohliso emoyeni wakhe.”—IHubo 32:1, 2, qhathanisa neNW.

9. IHubo 51 laqanjwa nini, futhi ngani?

9 UDavide noBati-Sheba kwakumelwe balandise kuJehova uNkulunkulu ngokwenza kwabo okubi. Nakuba babengase babulawe ngenxa yezono zabo, uNkulunkulu waba nesihe kubo. Waba nesihe kuDavide ikakhulukazi ngenxa yesivumelwano soMbuso. (2 Samuweli 7:11-16) Isimo sengqondo sikaDavide sokuphenduka ezonweni zakhe ezihilela uBati-Sheba sibonakala kumaHubo 51. Lelihubo elithinta inhliziyo laqanjwa inkosi edabukile ngemva kokuba umprofethi uNathani enze ukuba unembeza wayo uqaphele ukungathi sína kokweqa kwayo umthetho waphezulu. Kwadinga isibindi ngoNathani ukuba alethe izono zikaDavide ekunakekeleni kwakhe, ngisho nanjengoba abadala abamisiwe abangamaKristu kumelwe babe nesibindi ukuze benze izinto ezinjalo namuhla. Esikhundleni sokuphika icala nokuyala ukuba uNathani abulawe, lenkosi yalivuma ngokuzithoba. (2 Samuweli 12:1-14) IHubo 51 libonisa lokho eyakusho kuNkulunkulu ngomthandazo ngokuphathelene nezenzo zayo ezihlazisayo futhi kufanelekile ukuba kuzindlwe ngalo ngokomthandazo, ikakhulukazi uma siye sona futhi silangazelela ukuthola isihe sikaJehova.

Kumelwe Silandise KuNkulunkulu

10. UDavide wayengakuthola kanjani ukululama okungokomoya?

10 UDavide akazange afune ukuzithethelela ngesono sakhe kodwa wanxusa: “Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele [“ngokwesihe,” NW] bakho obukhulu.” (IHubo 51:1) Ngokwenza iziphambeko, uDavide wayeqe imingcele yoMthetho kaNkulunkulu. Nokho, lalikhona ithemba lokululama kwakhe okungokomoya uma uNkulunkulu embonisa umusa ngokomusa waKhe wothando, noma uthando oluqotho. Ubukhulu besihe sikaNkulunkulu asibonisa esikhathini esidlule banikeza inkosi ephendukile isisekelo sokuba nokholo lokuthi uMenzi wayo wayeyozesula iziphambeko zayo.

11. Yini eyayisikiselwa imihlatshelo yoSuku Lokubuyisana, futhi yini efunekayo namuhla ukuze sisinde?

11 Ngezibikezelo ezingokwesiprofetho zemihlatshelo yoSuku Lokubuyisana, uJehova wabonisa ukuthi wayenendlela yokuhlanza abaphendukile esonweni sabo. Manje siyazi ukuthi isihe nokuthethelela kwakhe kudluliselwa kithi ngesisekelo sokholo lwethu emhlatshelweni wesihlengo kaJesu Kristu. Uma uDavide, ecabanga kuphela ngezifanekiselo nezibikezelo zalomhlatshelo, ayengathembela emseni wothando nasesiheni sikaJehova, yeka ukuthi izinceku zikaNkulunkulu zosuku lwanamuhla kufanele zilubonise kangakanani ukholo esihlengweni esilungiselelwe ukusindiswa kwazo!—Roma 5:8; Heberu 10:1.

12. Kusho ukuthini ukona, futhi uDavide wazizwa kanjani ngokwenza kwakhe ububi?

12 Enxusa uNkulunkulu, uDavide wanezela: “Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami. Ngokuba ngiyazazi iziphambeko zami; isono sami siphambi kwami njalo.” (IHubo 51:2, 3) Ukona kuwukugeja uphawu ngokuphathelene nezindinganiso zikaJehova. UDavide ngokuqinisekile wayenzé lokho. Nokho, wayengafani nombulali noma isiphingi esingakhathazekile ngecala laso, esicindezeleke nje ngenxa yesijeziso saso noma ithuba lokungenwa isifo esithile. Njengomuntu othanda uJehova, uDavide wayekuzonda okubi. (IHubo 97:10) Isono sakhe ngokwaso sasimnenga futhi efuna ukuba uNkulunkulu amhlanze kuso ngokuphelele. UDavide wayeziqaphela ngokugcwele iziphambeko zakhe futhi wayedabuke ngokujulile ngokuthi wayevumele inkanuko yakhe enesono imnqobe. Isono sakhe sasiphambi kwakhe njalo, ngoba unembeza onecala womuntu owesaba uNkulunkulu awukutholi ukuphumula kuze kube yilapho esephendukile, wavuma isono, futhi wathethelelwa uJehova.

13. Kungani uDavide ayengase athi wayoné kuNkulunkulu yedwa?

13 Evuma ukuthi kwakumelwe alandise kuJehova, uDavide wathi: “Ngonile kuwe wena wedwa, ngakwenza okubi emehlweni akho, ukuze uthiwe ulungile ekukhulumeni kwakho, uchache ekwahluleleni kwakho.” (IHubo 51:4) UDavide wayephule imithetho kaNkulunkulu, wahlazisa isikhundla sobukhosi, futhi “waveza ithuba elikhulu lokuba izitha zikaJehova zihlambalaze,” emlethela isihlamba. (2 Samuweli 12:14; Eksodusi 20:13, 14, 17) Izenzo zikaDavide zesono zaziwukona nasemphakathini wakwa-Israyeli nasemalungwini omkhaya wakhe, njengoba nje umenzi wobubi obhapathiziwe namuhla ebangela ukudabuka noma ukucindezeleka ebandleni lobuKristu naphakathi kwabathandekayo bakhe. Nakuba inkosi ephendukile yayazi ukuthi yayonile kubantu ekanye nabo abanjengo-Uriya, yaqaphela ukuthi yayinecala elikhulu ngokwengeziwe kuJehova. (Qhathanisa noGenesise 39:7-9.) UDavide wakuvuma ukuthi isahlulelo sikaJehova sasiyoba esokulunga. (Roma 3:4) AmaKristu onile kudingeka abe nombono ofanayo.

Izimo Ezenza Kube Nokubonelela

14. Yiziphi izimo ezenza kube nokubonelelwa uDavide aziphawula?

14 Nakuba uDavide engazange azame ukuzithethelela, wathi: “Bheka, ngazalelwa ebubini, umame wangithabatha esonweni.” (IHubo 51:5) UDavide wazalwa enokushiyeka, futhi unina wezwa izinhlungu zokubeletha ngenxa yesono esizuzwe ngefa. (Genesise 3:16; Roma 5:12) Amazwi akhe awasho ukuthi ubuhlobo obufanele obungokomshado, ukukhulelwa, nokuzala kuyisono, ngoba uNkulunkulu walungiselela umshado nokuzala abantwana; futhi uDavide wayengabhekiseli esonweni esithile sikanina. Wazalelwa esonweni ngenxa yokuthi abazali bakhe babenesono njengabo bonke abantu abangaphelele.—Jobe 14:4.

15. Nakuba uNkulunkulu engase acabangele izimo ezenza kube nokubonelela, yini okungafanele siyenze?

15 Uma sonile, lapho sithandaza kuNkulunkulu singaphawula noma yiziphi izimo ezenza kube nokubonelela okungenzeka ziye zaba nengxenye ekwenzeni kwethu ububi. Kodwa umusa kaNkulunkulu ongasifanele singawenzi ube yizaba zokuziphatha okuxekethile noma sisebenzise ukuba nesono okuzuzwe ngefa njengodonga esicashela kulo icala ngesono sethu. (Juda 3, 4) UDavide walivuma icala lokuvumela imicabango engcolile nokuvumela ukunqotshwa isilingo. Masithandazele ukuba singayekelelwa esilingweni bese sithatha isinyathelo ngokuvumelana nomthandazo onjalo.—Mathewu 6:13.

Ukunxusela Ukuhlanzwa

16. Iyiphi imfanelo uNkulunkulu ayijabulelayo, futhi lokho kufanele kukuthinte kanjani ukuziphatha kwethu?

16 Abantu bangase babonakale bengabantu abahle abazinikezele kuNkulunkulu, kodwa yena ubona ngalé kwalokho okubonakalayo futhi ubona lokho abayikho ngaphakathi. UDavide wathi: “Bheka, [Jehova] uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni; wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.” (IHubo 51:6) UDavide wayenecala lokuqamba amanga nokukhohlisa ekwenzeni icebo lokufa kuka-Uriya nokuzama ukufihla amaqiniso ngokukhulelwa kukaBati-Sheba. Nakuba kunjalo, wayazi ukuthi uNkulunkulu ujabulela iqiniso nobungcwele. Lokhu kufanele kuthinte ukuziphatha kwethu ngendlela efanele, ngoba uJehova uyosilahla uma sinenkohliso. (IzAga 3:32) UDavide futhi waqaphela ukuthi uma uNkulunkulu ‘ayengamfundisa ukuhlakanipha,’ njengenkosi ephendukile, wayengase akwazi ukwenza ngokuvumelana nezindinganiso zaphezulu kukho konke ukuphila kwakhe.

17. Kwakubaluleke ngani ukuthandazela ukuhlanzwa ngehisopi?

17 Ngenxa yokuthi umhubi wasibona isidingo sokuba athole usizo lukaNkulunkulu ekunqobeni ukuthambekela okunesono, waqhubeka wanxusa: “Ngihlanze ngehisopi, ngihlambuluke; ngigeze, ngibe-mhlophe kuneqhwa.” (IHubo 51:7) Phakathi kokunye, isitshalo sehisopi (mhlawumbe i-marjoram, noma i-Origanum maru) sasisetshenziswa emkhosini wokuhlambulula abantu abake baba nochoko. (Levitikusi 14:2-7) Ngakho kwakufanelekile ukuba uDavide athandazele ukuhlanzwa esonweni ngehisopi. Umqondo wokuhlanzeka uhlanganiswa futhi nokunxusela kwakhe ukuba uJehova amgeze ukuze ahlanzeke ngokuphelele, abe mhlophe ngisho nangaphezu kweqhwa elingazange liqoqe insizi noma amabibi. (Isaya 1:18) Uma manje kukhona kithi abahlushwa iminjunju kanembeza ngenxa yokwenza ububi obuthile, masibe nokholo lokuthi uma sifuna intethelelo kaNkulunkulu ngokuphenduka, angasihlanza futhi asihlambulule ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo.

Ukunxusela Ukubuyiselwa

18. Sasiyini isimo sikaDavide ngaphambi kokuba aphenduke futhi avume izono, futhi ukwazi lokhu kungasiza kanjani namuhla?

18 Noma yimuphi umKristu owake wahlushwa unembeza onecala angawaqonda lamazwi kaDavide: “Ngizwise [Jehova] intokozo nenjabulo, ukuze ethabe amathambo owachobozileyo.” (IHubo 51:8) Ngaphambi kokuba uDavide aphenduke futhi avume izono zakhe, unembeza wakhe okhathazekile wamenza waba lusizi. Akazange ayithole injabulo ngisho nasezingomeni zokudumisa nezokujabula ezazidlalwa abaculi abangamagagu nezingcweti zomculo. Ukudabuka kukaDavide owonile ngokungamukelwa uNkulunkulu kwakukukhulu kangangokuba wayefana nomuntu omathambo akhe achotshozwe kabuhlungu. Wayelangazelela ukuthethelelwa, ukululama okungokomoya, nokubuyiselwa kwenjabulo ayeke waba nayo ngaphambili. Umenzi wobubi ophendukile namuhla naye udinga intethelelo kaJehova ukuze aphinde azuze injabulo ayenayo ngaphambi kokuba enze okuthile okulimaza ubuhlobo bakhe noNkulunkulu. Ukubuyiselwa ‘kokuthokoza komoya ongcwele’ kumuntu ophendukile kubonisa ukuthi uJehova umthethelele futhi uyamthanda. (1 Thesalonika 1:6) Yeka induduzo lokho okuyilethayo!

19. UDavide wayeyozizwa kanjani uma uNkulunkulu esula zonke iziphambeko zakhe?

19 UDavide wathandaza ngokuqhubekayo: “Fihla ubuso bakho ezonweni zami, wesule zonke izenzo zami ezimbi.” (IHubo 51:9) UJehova akunakulindeleka ukuba abheke isono njengesamukelekayo. Ngakho, wacelwa ukuba afihle ubuso bakhe ezonweni zikaDavide. Lenkosi yanxusa futhi ukuba uNkulunkulu asule zonke iziphambeko zayo, aqede konke ukungalungi kwayo. Uma nje uJehova ayengenza lokho! Kwakungamjabulisa uDavide, kususe umthwalo kanembeza okhathazekile, futhi kwenze ukuba lenkosi esiphendukile yazi ukuthi ithethelelwe uNkulunkulu wayo onothando.

Kuthiwani Uma Wonile?

20. Yini etuswayo nganoma yimuphi umKristu owenze isono esibi kakhulu?

20 IHubo 51 libonisa ukuthi noma obani ezincekwini zikaJehova ezizinikezele aboné ngokungathi sína kodwa abaphendukile bangamcela ngokuqiniseka ukuba ababonise umusa futhi abahlanze esonweni sabo. Uma ungumKristu owoné ngaleyondlela, kungani ungaceli intethelelo kuBaba wethu wasezulwini ngomthandazo wokuthobeka? Qaphela isidingo sakho sokuthola usizo lukaNkulunkulu ukuze ube nokuma okwamukelekayo phambi kwakhe, futhi cela ukuba abuyisele injabulo owawunayo ngaphambili. AmaKristu aphendukile ngokuqiniseka angaletha kuJehova izicelo ezinjalo ngomthandazo, ngoba “uyakwenza ukuthethelela kube-kukhulu.” (Isaya 55:7; IHubo 103:10-14) Yiqiniso, abadala bebandla kufanele babizwe ukuze banikeze usizo olungokomoya oludingekayo.—Jakobe 5:13-15.

21. Yini esizoyihlola ngokuzayo?

21 Isihe sikaJehova siyabavikela abantu bakhe ekuphelelweni yithemba. Kodwa ake sihlole okunye ukunxusa okuqotho kukaDavide ophendukile kumaHubo 51. Isifundo sethu sizobonisa ukuthi uJehova akayideleli inhliziyo edabukileyo.

Ubungaphendula Kanjani?

□ Yimuphi umphumela isono esingathi sína esingaba nawo kwenye yezinceku zikaJehova?

□ UDavide wathinteka kanjani lapho ezama ukufihla isono sakhe?

□ Kungani uDavide athi wayoné kuNkulunkulu yedwa?

□ Nakuba uNkulunkulu engase acabangele izimo ezenza kube nokubonelelwa uma sona, yini okungafanele siyenze?

□ Yini umKristu okufanele ayenze uma enze isono esibi kakhulu?

[Imibuzo Yesifundo]