Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ubuhle Bobumpunga

Ubuhle Bobumpunga

Ubuhle Bobumpunga

YEKA indlela obekungaba okujabulisa ngayo ukukhuluma namadoda nabesifazane bakudala abathembekile! Cabanga nje ukhuluma namadoda anjengoNowa, u-Abrahama, uMose, uJohane uMbhapathizi, kanye nabesifazane abanjengoSara, uRahabi, uRuthe, noDeborah! Ubungeke yini ujatshuliswe ukubezwa belandisa ngezenzakalo ezimangalisayo abazibona ngamehlo ezikhathini ezidlule?

Ngisho nanamuhla, ubungeke yini ukujabulele ukuzwa asebekhulile abathembekile belandisa okuhlangenwe nakho ngendlela bona kanye nabanye abaye bagcina ngayo ubuqotho kuNkulunkulu ngaphansi kovivinyo, kuhlanganise nokuvinjelwa, ukushaywa, kanye nokuboshwa ngenxa yokulunga? Ngokuqinisekile ubungakujabulela! Uthando lwethu ngoNkulunkulu nokwazisa esinakho ngabo bekuyokhula njengoba besitshela ngemizwa yabo futhi ikakhulukazi nangokwazisa kwabo okusuka enhliziyweni ngokunakekela kukaJehova kothando.

Phakathi kwabantu bakaNkulunkulu, amadoda nabesifazane asebekhulile abathembekile bebelokhu behlonishwa ngenxa yokuhlangenwe nakho, ulwazi, nokuhlakanipha kwabo. Eqinisweni, lomyalo olandelayo wawuhlanganisiwe eMthethweni uNkulunkulu awunikeza ama-Israyeli: “Wosukuma phambi kwempunga, uhloniphe ubuso bomuntu osekhulile, umesabe uNkulunkulu wakho; nginguJehova.” (Levitikusi 19:32) Igama lesiHeberu elisho ubudala noma ukuguga livela emsukeni osho “ukuba mpunga” futhi lihunyushwa nangokuthi “ubumpunga.” Ngakho ama-Israyeli ayelindeleke ukuba asukume njengophawu lokuhlonipha umuntu omdala, enza kanjalo ngokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu.

Ingabe lesosimo sengqondo senhlonipho sikhona namuhla? Ngokwesibonelo, ingabe ngomusa intsha iyabavulela abantu asebegugile izicabha? Ingabe ngokuvamile intsha noma abantu abadala abasebasha bayamdedela osekhulile ukuba angene esikhundleni sabo ekheshini eligcwele? Noma ingabe abantu abasha ngokuvamile bayasukuma ezihlalweni ukuze zihlale asebekhulile ebhasini eligcwele noma esitimeleni? Ukwehluleka ukwenza izinto ezinjalo kuye kwaphawulwa ngisho naphakathi kwamaKristu.

Nokho, ukuze ajabulise uJehova uNkulunkulu, amaKristu kumelwe enze ngokuvumelana nombono wakhe futhi agweme umcabango, inkulumo, nezenzo zalabo ‘abazithandayo, abangalaleli abazali, abangabongiyo, nabangathandi okuhle.’ (2 Thimothewu 3:1-5) Khona-ke, lithini iZwi likaNkulunkulu ngobusha uma buqhathaniswa nobumpunga?

Amandla Obusha

IBhayibheli liyawaqaphela amandla obusha kanye nezinzuzo zawo, lithi: “Udumo lwabasha lungamandla abo.” (IzAga 20:29) Kwa-Israyeli wasendulo amandla amaLevi amasha ayesetshenziswa ethempelini, ngokuvamile emisebenzini eminingi enzima. Namuhla, imisebenzi eminingi yasemafekthri, emakhaya aseBethel, nasemisebenzini yokwakha ye-Watch Tower Society yenziwa yizinsizwa nezintombi eziye zanikela ngamandla namakhono azo ukuze zithuthukise izithakazelo zoMbuso. (Mathewu 6:33) Ngaleyondlela zijabulela amalungelo amahle enkonzweni kaNkulunkulu.

Isaga esisanda kucashunwa siphetha ngalamazwi, “nesivunulo sabadala singubumpunga.” Lapho amandla obusha ehlanganiswa nokuhlangenwe nakho kanye nokuhlakanipha kweminyaka eminingi, kwakheka inhlanganisela eqine kakhulu.

Ngokwesibonelo: Umbazi osemusha osafunda oye wacelwa ukuba afake ama-panel ufuna ukufeza lesabelo ngamandla obusha. Umbazi osekhulile, onokuhlangenwe nakho uphawula ukuthi naphezu kwamandla akhe, umsizi osemusha ubethela isipikili izikhathi eziningi ngaphambi kokuba singene. Lendoda endala esebenzayo isikisela ukuba lensizwa ibambe isando ekugcineni kwesibambo, kunokuba isibambele eduze nekhanda laso lensimbi. Lokhu kwenza ukuba lomuntu omusha akwazi ukubethela izipikili ngomfutho omkhudlwana, onge isikhathi namandla.

Ngokufanayo, owesifazane osemusha, onamandla angase afunde kokuhlangenwe nakho ukuthi izingubo ezithile ziyonakala uma zingahlanzwa ngokweziyalezo. Nokho, owesifazane onokuhlangenwe nakho uyakwazi ukubaluleka kokuzinika isikhathi ukuze ahlukanise izimpahla futhi ahlanze izimpahla ezithile ngokwehlukana. Useye wafunda futhi nokuthi angakugwema uku-ayina ezinye izimpahla ngokuthi azigoqe njengoba ezethula ocingweni noma ezikhipha emshinini wokomisa.

Ukufunda kubantu abanokuhlangenwe nakho kungenza ukuphila kube lula. Nakuba kunjalo, kufika isikhathi lapho ngisho nomuntu onokuhlangenwe nakho okuningi engasakwazi ukwenza imisebenzi ethile ayeyifeza kalula eminyakeni embalwa edlule. Omunye umlobi waphawula ngokufanelekile: “Yeka ukuthi bekungaba kuhle kanjani ukuba abasha bebenolwazi futhi abadala benamandla.” Kodwa yeka ukuthi kuhle kanjani lapho abantu abadala bewazisa amandla entsha futhi ngesineke behlanganyela nayo okuhlangenwe nakho abaye bakuthola eminyakeni eminingi edlule—nalapho intsha yamukela ngokuzithoba ukusikisela! Ngalendlela, womabili amaqembu obudala ayazuza.

Ukuzuza Ubuhle

Ubudala nje bubodwa abanele. “Abakhulu abahlakaniphile, nabadala abaqondi ukwahlulela,” kusho insizwa u-Elihu. (Jobe 32:9; UmShumayeli 4:13) Ukuze aziswe ngempela ngenxa yobumpunga, umuntu osekhulile kuyodingeka abe owenze okwengeziwe ngokuphila kwakhe kunokuchitha izinsuku zakhe ebukela ithelevishini, eya emdlalweni, noma-ke enesikhathi esimnandi. Futhi ngisho naseminyakeni yakamuva, umuntu osekhulile udinga ukuqhubeka efunda.

Abanye abantu bayaqhosha ngokwenza izinto ngendlela abafuna ngayo, noma bathi: “Indlela ibuzwa kwabaphambili.” Nokho, iZwi likaNkulunkulu liyeluleka: “Ukuze ohlakaniphileyo ezwe, aqhubeke ekufundeni, noqondileyo athole iziluleko ezinhle.” (IzAga 1:5; qhathanisa neyoku-1 Korinte 10:11.) Indlela ayibuzwa kwabaphambili ngaso sonke isikhathi, ngoba singafunda emaphutheni abanye ngaphandle kokuba nathi senze amaphutha afanayo. Ngaphezu kwalokho, umKristu uyofuna ukukhumbula ukuthi “ubumpunga bungumqhele wodumo; bufumaniswa endleleni yokulunga.” (IzAga 16:31) Ukuphila okusetshenziswe enkonzweni yokwethembeka kuJehova kuhle ngokombono wakhe futhi kufanelwe inhlonipho yabanye njengokuyisibonelo esihle. Yiqiniso, ukufunda ngoNkulunkulu nokuthola okuhlangenwe nakho “endleleni yokulunga” kungaqala ngokushesha ekuphileni futhi kufanele kube yinqubo engapheli.—Roma 11:33, 34.

Lokhu kungaboniswa ngokuhlangenwe nakho okuhilela umfana oneminyaka engu-7 eSweden. Wabuza umbonisi weSikole SeNkonzo EsingokwaseZulwini ebandleni ukuthi angasingenela yini lesikole. Umbonisi wabuza, “Kungani?” Lona osemusha waphendula: “Umuntu akanakuhlala nje asonge izandla ekuphileni!” (UmShumayeli 12:1) Yeka isibonelo esihle sabasha nabadala ngokufanayo!

Ukwazisa Ubumpunga

Ukuthambekela okuphazamisayo emphakathini wesimanje kuwukubheka ukuqina okungokomzimba kanye nekhono lezemidlalo njengokubaluleke kakhulu kanye nokubabukela phansi abantu asebekhulile. Kufanele sibe yini isimo sengqondo somKristu ngasebempunga ebandleni?

Kunokuba siwabukele phansi amaKristu asekhulile, kufanele siwacabangele futhi sichithe isikhathi sinawo. Ngokwesibonelo, emihlanganweni yamasonto onke yoFakazi BakaJehova eHholo LoMbuso, ingabe uyawenza umzamo wokubingelela asebekhulile? Bakwazisa ngempela ukubingelelwa abasebasha kanye nabanye. Futhi yeka indlela asebekhulile abakujabulela ngayo ukuba khona emibuthanweni yokuzijabulisa yabakholwa nabo bobudala obuhlukahlukene! Nakuba umbhangqwana osemusha oshadile ungase ube nezithakazelo ezifanayo ezengeziwe nabanye abantu abashadile abangontanga yawo, kuyoletha umvuzo ukuhlanganisa nasebekhulile emibuthanweni enjalo ejabulisayo.—1 Thesalonika 3:12; 5:15.

Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba ngocabangelayo lapho ukhuluma nasebekhulile! Lapho umzalwane osekhulile oneminyaka engu-40 ekhonza uJehova ekhuluma nomunye umdala ngendlela ayengase asetshenziswe ngayo ebandleni, lensizwa yathi: “Unamakhono amancane kakhulu angaba yinzuzo.” Yeka inkulumo engenamusa! Lomzalwane osekhulile wayenamandla amancane kunalawo ayeke waba nawo, ukuhlanganyela kwakhe enkonzweni yasensimini kwase kunciphile ngandlela-thile, futhi amanye amalungelo okwengamela ngokusobala ayenzima kakhulu uma eqhathaniswa namakhono anawo manje; nokho, wayenokuningi ayenganikela ngakho. Wayeneminyaka eminingi yokuhlakanipha nokuhlangenwe nakho ayekunqwabelanisile endleleni yokulunga. Ngenxa yokuthi asebegugile abanjalo basebenza kanzima njengabamemezeli boMbuso, bakhuthazelela ushushiso, bathwala imithwalo yemfanelo enzima yobuKristu, futhi baqeqesha abanye, abantu bakaNkulunkulu manje bajabulela inhlangano eqinile esekelwa umoya wakhe. Ngakho-ke, kwangathi singababonisa inhlonipho labantu asebekhulile njengabeluleki abahlakaniphile, abelusi abanothando, nabafundisi abaphumelelayo.

Kunesizathu esihle futhi sokucabangela ngokungathi sína ukusikisela kwabantu asebekhulile. Ngokwesibonelo, umzalwane othile onokuhlangenwe nakho wasikisela ukuthi isicabha seHholo LoMbuso elithile singabekwa ohlangothini olungasentshonalanga lwesakhiwo. Abazalwane abasebasha ababekhathalela kakhulu ubuhle besakhiwo abazange bakulandele ukusikisela kwakhe. Nokho, ngemva kweminyaka ethile, kwadingeka ukuba isicabha sibekwe kwenye indawo ngoba umoya nemvula okuvela entshonalanga kwakusonakalisile. Ukuhlakanipha okusebenzayo kokuhlangenwe nakho kwadlula izici zobuhle. Uma abantu abasha behlonipha abantu abadala ngokulalela imibono nokuhlakanipha kwabo, lokhu kungonga isikhathi nemali. Ngisho noma ukusikisela komuntu osekhulile kungalandelwa, angahlonishwa ngokuba atshelwe ukuthi ukusikisela kwakhe kwacatshangelwa, kodwa ezinye izici zaholela kwesinye isinqumo.—Qhathanisa nezAga 1:8.

Bheka Phambili, Hhayi Emuva

Abanye abantu asebekhulile banalombono: “Asikho isikhathi esifana nezikhathi zakudala lapho mina nawe sisebasha.” Nokho, kunokucabanga ngezikhathi ezidlule, asebekhulile abanjalo bangakhuthazwa ukuba babheke phambili osukwini lapho beyozuza khona umvuzo wabo wasezulwini noma babuye bazuze amandla obusha ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu. Okwamanje, badinga ukuqaphela ukulinganiselwa kwabo ngenxa yobudala. Ukuqaphela lokhu kanye nokuba nesimo sengqondo sokujabula kuyigugu kakhulu lapho umuntu osekhulile ngokusobala engasanikwa amalungelo enkonzo.

Ngokwesibonelo, umzalwane osekhulile kungenzeka wayesetshenziswa kakhulu ezimisweni zomhlangano wesigodi eminyakeni eminingi edlule. Manje kunabadala abaningi abanekhono kanye namadoda amaningi anamakhono okufundisa okungakhethwa kuwo. Nakuba bebancane ngobudala uma beqhathaniswa, abanye balabadala baye bazibonakalisa benentshiseko namakhono, ukuthi bayakwazi ukufundisa kahle nokunikeza izeluleko ngomusa, nokuthi bayakwazi ukukhuthaza abanye. (1 Thesalonika 5:12, 13; 1 Thimothewu 5:17) Ngenxa yalokho, lomzalwane osekhulile ongasaveli esimisweni somhlangano angase azizwe enganakiwe futhi angase angajabuli ngokuthi amalungelo aye anikezwa abadala abasebasha. Nokho, lowomuzwa ophambene obangwa ukungapheleli kobuntu unganqotshwa. Eqinisweni, bonke ebandleni bangasiza ngokuthi benze asebekhulile bazi ukuthi bayadingeka, ukuthi bayathandwa ngenxa yokuthembeka kwabo, nokuthi imibono yabo iyaziswa.

Yiqiniso, umuntu osekhulile kudingeka akhumbule ukuthi abakhulekeli akanye nabo kudingeka bahlonishwe njengoba engathanda ukuhlonishwa naye. (Mathewu 7:12; Roma 12:10) Kunokuba bazizwe bephoqiwe ukuba bathathe umhlala-phansi ngenxa yokuguga futhi babe nombono ophambene, asebekhulile kufanele bajabule ngenxa yeminyaka yabo yenkonzo yokwethembeka. Futhi ngokuqinisekile, sonke kufanele sibonge ngokuthi ngenxa yesibusiso sikaJehova, kunenani elandayo lababonisi abafanelekayo ukuba bahlanganyele umsebenzi nabanye futhi bathathe imithwalo yemfanelo yamabandla njengoba izixuku ‘zezinye izimvu’ zithutheleka enhlanganweni yobuKristu.—Johane 10:16; Isaya 60:8, 22; 2 Thimothewu 2:2.

Ngenxa yobuhlungu, impilo ewohlokayo, noma ezinye izici, abampunga ngezinye izikhathi bacasuka kalula. Lokhu kudinga ukuqonda kanye nozwela ngamanye amalungu omkhaya noma ebandla. Kudinga nokuthi asebekhulile basebenze kanzima ukuze balondoloze isimo sengqondo esifanele, ukuba bahlale bebasha enhliziyweni nasengqondweni. Lapho umuntu othile osemusha owayehlala nelungu elidala leNdikimba Ebusayo yoFakazi BakaJehova ehamba eBethel eminyakeni ethile edlule, lendoda endala yamcela ukuba asikisele umuntu okahle owayezothatha isikhundla sakhe futhi wathi yena wayengakhetha umzalwane osemusha, ovuthiwe ukuze amsize ahlale emusha futhi ekhuthele. Lomzalwane osekhulile ogcotshiwe wayengazimisele ukuthatha umhlala-phansi noma avilaphe, ngoba kwakunomsebenzi okwakudingeka wenziwe. Yeka isibonelo esihle sokubheka phambili nesokulondoloza umbono ofanele!

Ngokungangabazeki, “udumo lwabasha lungamandla abo, nesivunulo sabadala singubumpunga.” Yeka indlela okumangalisayo ngayo lapho abantu abasha besebenzisa amandla abo futhi asebekhulile besebenzisa ukuhlakanipha kwabo ukuze baphishekele indlela yokulunga! AmaKristu asekhulile namasha ngokufanayo athola intokozo enkulu uma ngobunye ethuthukisa ukukhulekela kweqiniso kukaJehova uNkulunkulu, ‘umdala wezinsuku.’—Daniyeli 7:13.

[Isithombe ekhasini 28]

AmaKristu ampunga anokuningi anganikela ngakho ukuze kuzuze abanye