Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Ama-Kingdom Proclaimer” Agwedla Emanzini Amaningi AseGuyana

“Ama-Kingdom Proclaimer” Agwedla Emanzini Amaningi AseGuyana

“Ama-Kingdom Proclaimer” Agwedla Emanzini Amaningi AseGuyana

GUYANA. * Leligama lesiNdiya saseMelika lisho ukuthi “izwe lamanzi.” Yeka indlela elichaza ngokufaneleke ngayo isimo sendawo yalelizwe okuwukuphela kwalo  elikhuluma isiNgisi eNingizimu Melika. Lelizwe lidatshulwe imifula eminingi kanye nemingenela yayo, egeleza isuka eziNkangala zaseGuiana idabule ehlathini elishisayo iye oLwandlekazi i-Atlantic. Lamanzi anikeza ukuphila emadolobhaneni amaningi namapulazi asakazeke ezingwini zayo.

OFakazi BakaJehova eGuyana bayaqaphela ukuthi lapho uJesu ebikezela ukuthi “lelivangeli lombuso [laliyakushunyayelwa] ezweni lonke, kube-ngubufakazi ezizweni zonke,” lokho kwakuyohlanganisa ukushumayela izindaba ezinhle kubantu abahlala kulamasimu angasemifuleni. (Mathewu 24:14) Ngakho, eminyakeni eminingi, amaqembu oFakazi, amaningi awo kungamaphayona, aye asebenzisa izikebhe, ezinkulu nezincane, ukuze agwedle emanzini aseGuyana eletha izindaba ezinhle kubantu.

Ukuze isize kulomsebenzi, i-Watch Tower Society eGuyana iye yasebenzisa, kuze kube namuhla, izikebhe ezinhlanu zokhuni ezibizwa ngokuthi i-Kingdom Proclaimer I kuya ku-Kingdom Proclaimer V. Zingamamitha angu-7, zivulekile ngaphezulu, zimise okuka-V ngaphansi, ziyizikebhe zokhuni ezibizwa ngokuthi ama-balahoo, ezakhiwa futhi ezilungiswa umkhaya ongoFakazi. Njengoba oFakazi bendawo bebhekisela kuzo ngothando ngokuthi ama-Proclaimer, izikebhe ezimbili zokuqala zayeka ukusebenza ngemva kokukhonza amashumi eminyaka. Nokho, unombolo III, IV, no-V, basashiseka enkonzweni emifuleni yase-Pomeroon, Mahaica, nase-Demerara.

E-Demerara

EBrithani nasezingxenyeni zaseYurophu, igama elithi “demerara” lingase likukhumbuze ngoshukela womoba ocwebile, onsundu ngokusagolide, ovela ngokuphawulekayo ezitshalweni eziseduze kwalomfula onodaka oluningi. Osebeni olungasentshonalanga, umgwaqo ovela ngasogwini uphela lapho kugcina khona indawo okulinywe kuyo umoba. Ngaphezu kwalokho, oFakazi bathembele kulezikebhe okuthiwa ama-Kingdom Proclaimer ukuze balethe isigijimi soMbuso kaJehova esimnandi kulezakhamuzi ezihlala ngasemfuleni—amaHindu, amaMuslim, namaKristu okuzisholo.

Imikhankaso yokushumayela e-Demerara ingaba uhambo losuku olulodwa noma ithathe amasonto amaningi, ukusuka kwesinye isikhumulo kuya kwesinye, kusukela ekuseni kuze kuhlwe. Ohambweni oluthatha ubusuku bonke, amaphayona awapheki futhi adlele esikebheni nje kuphela kodwa aphinde alale kuso. Lapho kuhwalala, i-Proclaimer iboshelwa esihlahleni somhlume (mangrove) noma eduze kwesikhumulo semikhumbi uma sikhona. Kufakwa izigxobo ezimbili ezingamamitha angu-2,5 ngaphambili nangemuva kwesikebhe. Kuboshwa intambo phezulu isuka kwesinye isigxobo esime saqonda iye kwesinye, bese kumbozwa ngoseyili omkhulu ngaphezu kwayo ukuze wenze uphahla. Amapulangwe enziwa imibhede, futhi ingubo neshidi lenziwe umatilasi. Nakuba kunjalo, ubuthongo bufika kalula ngemva kosuku olude.

“Ingabe nigeza emanzini anodaka?” kubuzwa amaphayona.

“Cha, ngaphandle uma singenakukugwema!” ephendula. “Lapho sidlula umfudlana onamanzi ahlanzekile, sigcwalisa izinto zethu zokuphatha ngamanzi okupheka, okuphuza, nawokugeza.”

Ukukhuthazela kwawo kuvuzwa ngokuhlangenwe nakho okuningi okuhle. Ngesinye isikhathi, enye indoda yeza esikhumulweni, yama yagxamalaza, izandla zibambelele okhalweni, futhi yasibuka ngesithakazelo esikhulu. “Kingdom Proclaimer V”! Yafunda ngokuzwakalayo igama elalisekhaleni lesikebhe. “Kumelwe ukuba ningoFakazi BakaJehova. Niwukuphela kwabantu abasebenzisa igama elithi ‘umbuso’ ngalendlela. NineHholo lenu loMbuso futhi manje nine-“Kingdom Proclaimer” (Ummemezeli WoMbuso).

Ukusuka EGileyadi Kuya E-Pomeroon

Umsebenzi osebeni loMfula i-Pomeroon wenziwa ngendlela ehlukile, njengoba uFrederick McAlman ekhumbula. Onyakeni owodwa ngemva kokuthweswa kwakhe iziqu e-Watchtower Bible School of Gilead ngo-1970, waya eCharity, okuwumuzi osemaphandleni onomfula ongamakhilomitha angu-34 maphakathi nezwe ngasempumalanga kogu lwe-Pomeroon, lapho kwakuneqembu labamemezeli boMbuso abahlanu.

“Eminyakeni emide emihlanu, siye saba ‘nenjabulo’ yokugwedla i-Proclaimer II sehla senyuka nayo e-Pomeroon ngaphambi kokuba sithole isikebhe esisetshenzisiwe esinamandla angama-watt angu-44 esinenjini engemuva,” kulandisa uMzalwan’ uMcAlman. “Njengoba sasigwedla sivumelana nokungenisa komfula, sasishumayela sehle nempumalanga yogu size sifike eHackney, [okungamakhilomitha angu-11] ukusuka lapho umfudlana omncane uhlangana khona nomfula omkhulu. Lapho sasilala ngokunethezeka ekhaya likaDade DeCambra, umbelethisi owayesiza kuleyondawo ngalesosikhathi. Ekuseni ngosuku olulandelayo, sasihamba sehle njalo size sifike lapho kuhlangana khona imifula ngaphambi kokuba sidlulele ogwini olungasentshonalanga. Khona-ke sasihamba [amakhilomitha angu-34] sesibhekise amabombo ethu emuva eCharity.”

Lesikebhe esinenjini enamandla angama-watt angu-44 sabakhonza kahle iminyaka eyishumi. Khona-ke, ngo-1986, sathathelwa indawo esisha sohlobo olunamandla angama-watt angu-110. Ngemva kokukhonza ngokwethembeka iminyaka engaphezu kwengu-21 e-Pomeroon, uMzalwan’ uMcAlman angabheka emuva enomuzwa wokufeza okuthile lapho ebuka iHholo LoMbuso elisanda kwakhiwa eCharity, manje elisetshenziswa ibandla labamemezeli abangu-43, abavela phesheya nasezansi komfula. Isilinganiso sababa khona emihlanganweni singaphezu kuka-60, futhi eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu Kristu sika-1992, babe nesixuku sabangu-190!

Ukufuna “Indoda Ye-Nqabayokulinda”

UMsombuluko usuku lokuya emakethe eCharity. Ngakho yisikhathi esihle sokushumayela izindaba ezinhle, futhi oFakazi baya lapho nomagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Ngolunye usuku ngasekuqaleni kwawo-1970, uMonica Fitzallen waseWarimuri Moruka weza emakethe futhi wathatha omagazini ababili kuMzalwane uMcAlman. Kodwa lapho efika ekhaya, wafaka labomagazini ngaphansi ekhabetheni lakhe lezimpahla.

“Baduva lapho iminyaka emibili ngingabafundi,” kukhumbula uMonica. “Khona-ke ngagula futhi ngalala embhedeni isikhathi esithile. Njengoba ngangilulama, ngaqala ukufunda noma yiliphi iphepha engilithola endlini ukuze ngizigcine ngimatasa. Ekugcineni, ngakhumbula omagazini ababili ekhabetheni lezimpahla futhi ngaqala ukubahlola.” Waqaphela ngaso leso sikhathi ukuthi ayekufunda kwakuyiqiniso.

Lapho uMonica elulama, wacela umyeni wakhe, u-Eugene, ukuba athole umsebenzi ngasePomeroon ukuze akwazi ukubona lendoda eyayimnikeze labomagazini. U-Eugene wavuma kodwa ukuphela komsebenzi ayengawuthola kwakungowasepulazini elisendaweni yasePomeroon isonto elilodwa nje kuphela, kusukela ngoMsombuluko kuze kube uMgqibelo emini.

NgalowoMgqibelo, uMonica wayengakayitholi indoda eyayimnike labomagazini. Sekuzoba semini, wabuza umyeni wakhe ukuthi ukungenisa komfula kwakungabavumeli yini ukuba bagwedle baye eCharity ukuze bathole “indoda ye-Nqabayokulinda.” Engakaligwinyi, bezwa izigi endleleni engena egcekeni lakwabo futhi babona ubuso obumamathekayo bukadade owayezohambisa amakhophi amuva omagazini. “Ingabe ungomunye wabantu be-Nqabayokulinda?” uMonica wabuza. Kwalandela imibuzo eminingi kangangokuthi lodade kwadingeka aphindele esikebheni ukuze alande owayezomlekelela. Kwaba ubani lowo? Kwakungaba ubani uma kungeyena uMzalwan’ uMcAlman!

Kwahlelwa isifundo seBhayibheli esasizoqhutshwa ngokubhalelana. Esikhathini esifushane kamuva, uMonica wathumela incwadi yakhe yokuthi uyashiya eSontweni LaseSheshi. Wathola lempendulo eyayivela kumpristi: “Ungawalaleli ama-JW [oFakazi BakaJehova]. Alikha phezulu iBhayibheli. Ngizofika ngizoxoxa nawe ngalendaba.” Kuze kube namuhla, lompristi akakafiki. Phakathi nalesosikhathi, ngo-1975 uMonica wabhapathizwa. Ngemva konyaka, umyeni wakhe, manje ngothando owayesebizwa ngabazalwane ngokuthi uMalume u-Eugene, naye wabhapathizwa ngemva kokuba ehlole ngokucophelela imiBhalo. (IzEnzo 17:10, 11) Nakuba behamba amahora angu-12 ngesikebhe ukusuka ebandleni eliseduze eCharity, bayaqhubeka bengabamemezeli boMbuso abashisekayo kuze kube namuhla.

Uhambo Lwezithunywa Zevangeli Lokuya Ezindaweni Ezikude

Eminyakeni yamuva i-Watch Tower Society ibixhasa uhambo lwezithunywa zevangeli lokuya phakathi ezindaweni ezikude. Zisebenzisa izikebhe ezihlonyiswe ngezinjini ezingemuva, izisebenzi zokuzithandela ziye zanambitha injabulo yokuyisa izindaba ezinhle kubantu abahlala ezindaweni zamaNdiya aseMelika nasemiphakathini engayodwa ephila ngokuhamba ngezikebhe nokulima eduze neminye yemisele yamanzi ezindaweni ezikude. Amaphayona eqinisweni, anelungelo lokuletha ‘igama likaJehova’ elisindisa ukuphila ngokokuqala ngqá kulezindawo ezikude. (Roma 10:13-15, NW) Abazalwane kuye kwadingeka bakhuthazelele ubunzima obuningi, ngezinye izikhathi begwedla kulemisele yamanzi izinsuku ezintathu ezigcwele ukuze bafinyelele ezinye zalezindawo. Kodwa imivuzo ikufanele lokhu.

Enye insizwa, eyilungu lesonto likaMoya ehlala eduze nendawo yomphakathi waseKwebanna efinyelelwa ngezikebhe ngaseMfuleni i-Waini, kwathintwana nayo ekuhambeleni kokuqala kwezithunywa zevangeli kuleyondawo ngo-July 1991. Ekuhambeleni okulandelayo ngo-October, kwaqaliswa isifundo seBhayibheli. Ngokokuqala ngqá, yazibonela kwelayo iBhayibheli ukuthi igama likaNkulunkulu uJehova, ukuthi uJesu akayena uMninimandla onke, nokuthi imfundiso kaZiqu-zintathu ayikho ngokomBhalo. (IHubo 83:18; 1 Korinte 11:3) Yayinentshiseko kangangokuthi, lapho abazalwane sebehambile, yaqoqela ndawonye amanye amalungu esonto likaMoya eyayikanye nawo futhi yaqala ukuwabonisa emaBhayibhelini awo iqiniso ngoJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Lapho iningi lifulathela iqiniso, yanquma ukuthi sekuyisikhathi sokuba ishiye futhi iphume ‘eBabiloni elikhulu.’ (IsAmbulo 18:2, 4) Lapho abazalwane bebuya ukuzoyibona ngo-February 1992, yabatshela okwakwenzekile futhi yanezela: “Ngifuna ukuba ngomunye wenu. Ngifuna ukuba ngomunye woFakazi BakaJehova. Ngifuna ukufundisa abantu iqiniso!”

Okuhlangenwe nakho okufana nalokhu kusiza abazalwane ukuba baqhubeke nalomsebenzi oyinselele. Labo abathatha uhambo lwezithunywa zevangeli kumelwe badele ukuthokomala kwasekhaya, bavulekele ezifweni ezinjengoqhuqho, futhi bakhuthazelele ubunzima bokuphila kwasehlathini. Kodwa nalabo abasala ngemuva bayazidela. Imikhaya ihlukana nabathandekayo bayo, ngezinye izikhathi amasonto amaningi isikhathi ngasinye. Amabandla kumelwe aqhubeke ngaphandle kwabadala bawo nezinsizwa ezisezintsha, njengoba kwezinye izimo, kushiywa umzalwane oyedwa nje kuphela ukuba anakekele izidingo zebandla. Nakuba kunjalo, yeka injabulo nesikhuthazo esiba khona lapho ibandla lizwa okuhlangenwe nakho kwabo okushukumisayo lapho bebuya! Ukuzidela kubonakala kuyinto encane.

Abamemezeli boMbuso abagwedla emanzini amaningi aseGuyana bephethe izindaba ezinhle bajabulela okuhlangenwe nakho okuphawuleka ngempela. Kanye nezisebenzi abakanye nazo emhlabeni wonke, ngesibindi nangokuzithandela ‘banikela kuNkulunkulu umhlatshelo wokubonga, okungukuthi isithelo sezindebe ezivuma igama lakhe.’—Heberu 13:15.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Ngaphambili kwakuyiGuiana yaseBrithani, leligama lashintshwa laba iGuyana ngemva kokuba lelizwe lithole uzibuse eBrithani ngo-1966.

[Amabalazwe ekhasini 24]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

HONDURAS

NICARAGUA

COSTA RICA

PANAMA

VENEZUELA

COLOMBIA

GUYANA

SURINAME

FRENCH GUIANA

BRAZIL

BOLIVIA

ATLANTIC OCEAN

[Izithombe ekhasini 26, 27]

Ngakwesobunxele: Ukufakaza ngosuku lwemakethe

Phezulu: Ukuxoxa ngezindaba ezinhle eMfuleni iDemerara

Phezulu ngakwesokudla: Iqembu lezithunywa zevangeli ligwedla liphindela ekamu