Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Jabula Futhi Uhleleke

Jabula Futhi Uhleleke

Jabula Futhi Uhleleke

UKUHLELEKA kusenza sikwazi ukuzenza kahle izinto. Ukuphumelela kusisiza ukuba sisebenzise kahle isikhathi nengcebo. (Galathiya 6:16; Filipi 3:16; 1 Thimothewu 3:2) Kodwa kunokwengeziwe ekuphileni kunokuhleleka nokuphumelela. Umhubi ophefumlelwe wabhala: “Bayajabula abantu abaNkulunkulu wabo nguJehova!” (IHubo 144:15, NW) Inselele iwukujabula nokuhleleka kukho konke esikwenzayo.

Ukuhleleka Nokujabula

UJehova uNkulunkulu uyisibonelo esikhulu kunazo zonke sokuhleleka okuhle. Yonke indalo yakhe, kusukela emangqamuzaneni ahlangene kuya ezidalweni eziphilayo eziyinkimbinkimbi, kusukela kuma-athomu amancane kuya emithaleni emikhulu, ibonisa ukuhleleka nokwenza kahle izinto. Imithetho yakhe yendawo yonke isenza sikwazi ukuhlela ukuphila kwethu ngokuqiniseka. Siyazi ukuthi ilanga liyophuma njalo ekuseni nokuthi ihlobo liyolandela ubusika.—Genesise 8:22; Isaya 40:26.

Kodwa uJehova ungaphezu kokuba uNkulunkulu wokuhleleka. ‘UnguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:11, NW; 1 Korinte 14:33) Injabulo yakhe ibonakala endalweni yakhe. Amakati amancane adlalayo, ukushona kwelanga okuhle, ukudla okuconsisa amathe, umculo ovusa ugqozi, umsebenzi oshukumisayo, nezinye izinto eziningi kubonisa ukuthi wayehlose ukuba sijabulele ukuphila. Imithetho yakhe ayikhona ukuvimbela okucasulayo kodwa iyavikela ukuze sijabule.

UJesu Kristu ulandela isibonelo sikaYise. ‘UnguMbusi ojabulayo nowukuphela kwakhe’ futhi uziphatha ngendlela uYise aziphatha ngayo. (1 Thimothewu 6:15, NW; Johane 5:19) Lapho esebenza noYise emsebenzini wokudala, wayengaphezu kokuba ‘yingcweti yomsebenzi’ ephumelelayo. Wayejabula ngalokho ayekwenza. ‘Wayejabula phambi [kukaJehova] isikhathi sonke, ejabula ezweni lomhlaba wakhe, nezinto ayezithanda zikanye namadodana abantu.’—IzAga 8:30, 31NW.

Sifuna ukubonisa umusa ofanayo, injabulo, nothando kubantu kukho konke esikwenzayo. Nokho, ngezinye izikhathi, emzamweni wokuba ngabaphumelelayo, singase sikhohlwe ukuthi ‘ukuhamba ngokuhleleka ngomoya [kaNkulunkulu]’ kuhlanganisa ukubonakalisa izithelo zomoya kaNkulunkulu. (Galathiya 5:22-25, NW) Ngakho senza kahle ngokuzibuza ukuthi, Singahleleka kanjani futhi sijabule emsebenzini wethu siqu nasekuqondiseni umsebenzi wabanye?

Ungaziphathi Ngonya

Cabangela iseluleko esihle esilotshwe kuzAga 11:17. Okokuqala umlobi ophefumlelwe usitshela ukuthi “umuntu onesihawu wenzela okuhle umphefumulo wakhe.” Khona-ke ngokuphambene uthi: “Kepha ononya uhlupha inyama yakhe.” I-New International Version ikubeka ngalendlela: “Umuntu onomusa uyazizuzisa, kodwa umuntu ononya uyazilimaza.”

Singaziphatha kanjani ngonya singahlosile? Enye indlela iwukuba nezinhloso ezinhle kodwa singahleleki ngokuphelele. Kube namiphi imiphumela? Omunye uchwepheshe uthi: “Ukukhohlwa, incwadi engabekwanga endaweni efanelekile, umyalo ongaqondakalanga ngokwanele, ukushaya izinombolo zocingo ezingalotshiwe ngokucacile—lokhu kuyimininingwane yokwehluleka, izimpethu ezidla isakhiwo sempumelelo futhi zibhubhise izinhloso ezinhle.”—Teach Yourself Personal Efficiency.

Lokhu kuvumelana nomlobi ophefumlelwe owathi: “Ovilapha emsebenzini wakhe yena ungumfowabo wochithayo.” (IzAga 18:9) Yebo, abantu abangahlelekile, abangaphumeleli bangabangela inhlekelele nencithakalo kubo ngokwabo nakwabanye. Ngenxa yalokhu, abanye ngokuvamile bayabagwema. Ngenxa yokuvilapha kwabo, bayazihluphekisa.

Inja Ephilayo Noma Ingonyama Efile?

Kodwa singaziphatha ngonya nangokuzibekela izindinganiso eziphakeme ngokweqile. Umlobi ongenhla owaloba ngempumelelo uthi, singazibekela umgomo wokufinyelela, “indinganiso yokuphelela okungenakwenzeka ukuyifinyelela ngokugcwele.” Uthi, umphumela, “ukuzithola ekugcineni sinenhliziyo ekhathazekile bese sidumazeka.” Umuntu ofuna ukuphelela angase ahleleke futhi aphumelele, kodwa ngeke ajabule ngempela. Ngolunye usuku uyoba nenhliziyo ekhathazekile nje kuphela.

Uma sithambekele ekufuneni ukuphelela, senza kahle ngokukhumbula ukuthi, “inja ephilayo ingcono kunengonyama efileyo.” (UmShumayeli 9:4) Singase singazibulali ngokoqobo ngokulwela ukuphelela okungenakwenzeka, kodwa singazilimaza ngokungathi sína ngokuzikhandla ngokweqile. Enye incwadi ithi, lokhu kuhilela “ukuzikhandla ngokweqile okungomzimba, okungokomzwelo, okungokomoya, okungokwengqondo, kanye nokonakalisa ubuhlobo bakho nabanye abantu.” (Job Stress and Burnout) Ukuzenza ngokwethu sikhathale ngokuphishekela imigomo esingenakuyifinyelela ngokuqinisekile kuwukuziphatha ngonya futhi ngokungangabazeki kusiphuca injabulo.

Zenzele Okuhle

Khumbula: “Umuntu onesihawu wenzela okuhle umphefumulo wakhe.” (IzAga 11:17) Sizenzela okuhle lapho sizibekela imigomo engokoqobo nenengqondo, sikhumbula ukuthi uNkulunkulu ojabulayo, uJehova, uyakwazi ukulinganiselwa kwethu. (IHubo 103:8-14) Singajabula uma nathi siqaphela lokho kulinganiselwa bese ‘senza konke okusemandleni ethu,’ kuye ngamakhono ethu, ukuba sigcwalise kahle izibopho zethu.—Heberu 4:11, NW; 2 Thimothewu 2:15; 2 Petru 1:10.

Yiqiniso, ngaso sonke isikhathi kunengozi yokuwela ngakolunye uhlangothi olweqisayo—sibe nomusa kakhulu kithina ngokwethu. Ungayikhohlwa impendulo kaJesu ekusikiseleni kukamphostoli uPetru, “Zenzele umusa, Nkosi,” kuyilapho, eqinisweni, kwakudingeka isinyathelo esiqinile. Ukucabanga kukaPetru kwakuyingozi kangangokuthi uJesu wathi: “Buyela emva kwami, Sathane; uyisikhubekiso kimi, ngokuba awuqondi okukaNkulunkulu kepha okwabantu.” (Mathewu 16:22, 23, qhathanisa ne-NW.) Ukwenzela okuhle umphefumulo wethu akuvumeli isimo sengqondo sokunganaki, sokuzitika ngokweqile. Nalokho kungasiphuca yonke injabulo. Sidinga ukulinganisela, hhayi intshiseko engenangqondo.—Filipi 4:5, qhathanisa neNW.

Yenzela Abanye Okuhle

Ababhali nabaFarisi bosuku lukaJesu ngokunokwenzeka bacabanga ukuthi babephumelela kakhulu futhi behlelekile. Ngokuqondene nendlela yabo yokukhulekela, i-Dictionary of the Bible ithi: “Umyalo weBhayibheli ngamunye wawuzungezwe uchungechunge lwemitheshwana. Akukho kuxegisa okwakwenziwa ngenxa yezimo ezishintshayo; ukulalela uMthetho ngokuphelele kuzo zonke izici zawo kwakufunwa ngokungaguquki kuwo wonke umJuda . . . Imininingwane yoMthetho yandiswa kwaze kwaba yilapho inkolo iba yibhizinisi, nokuphila kuba umthwalo ongabekezeleleki. Abantu behliswa benziwa amarobhothi nje. Izwi likanembeza lacinaniswa; amandla aphilayo ezwi laPhezulu athuntubezwa futhi ahlohlwa ngaphansi kwenqwaba yemithetho engapheli.”

Akumangalisi ukuthi uJesu Kristu wabalahla ngenxa yalokhu. Wathi, “babopha imithwalo enzima, bayibeke emahlombe abantu; kepha bona abavumi ukuyifukula ngomunwe wabo.” (Mathewu 23:4) Abadala abanothando bayakugwema ukuthwesa umhlambi umthwalo wezimiso nemitheshwana eminingi. Bawenzela okuhle umhlambi kaNkulunkulu ngokulandela isibonelo sikaKristu Jesu somusa, esiqabulayo.—Mathewu 11:28-30; Filipi 2:1-5.

Ngisho nalapho imithwalo yemfanelo yenhlangano yanda, abadala abakhathalelayo ngeke balahlekelwe umbono weqiniso lokuthi basebenzelana nabantu—abantu abathandwa uNkulunkulu. (1 Petru 5:2, 3, 7; 1 Johane 4:8-10) Ngeke babe matasa ngezindaba zenhlangano noma izimiso baze bakhohlwe indima yabo eyinhloko njengabelusi, abaqondisi, nabavikeli bomhlambi.—IzAga 3:3; 19:22; 21:21; Isaya 32:1, 2; Jeremiya 23:3, 4.

Ngokwesibonelo, ukuba matasa kakhulu ngezimiso nezibalo, kungase kucinanise ukukhathalela abantu. Cabangela umshayeli webhasi ocabanga ukuthi umsebenzi wakhe oyinhloko ukunamathela ngokuphumelelayo esimisweni sakhe kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Ukhathalela kakhulu isifiso sokusuka kolunye uhlangothi lohambo lwakhe aye kolunye ngaso kanye isikhathi esimisiwe. Ngeshwa, ngokombono wakhe, abagibeli bayisiphazamiso. Bahamba kancane futhi abahlelekile futhi ngaso sonke isikhathi bafika esitobhini sebhasi lapho nje esesuka. Kunokuba akhumbule ukuthi iphuzu eliyinhloko lomsebenzi wakhe ukukhonza izidingo zabagibeli bakhe, ubabheka njengesiphazamiso sempumelelo futhi uyabagwema.

Khathalela Umuntu Ngamunye

Umzamo wokuphumelela ngenkani ngokuvamile awuzinaki izidingo zabantu ngabanye. Abantu ababuthakathaka, abangaphumeleli bangase babhekwe njengabangumthwalo. Lapho lokhu kwenzeka, imiphumela emibi ingase ilandele. Ngokwesibonelo, edolobheni lasendulo lamaGreki laseSparta, abantwana ababuthakathaka nabagulayo babeyekwa banganakekelwa ukuze bafe. Babengeke babe amasosha anamandla, aphumelelayo okuvikela izwe elinamandla, eliphumelelayo. “Lapho umntwana ezalwa,” kusho isazi sefilosofi uBertrand Russell, “uyise wayemletha phambi kwabadala bomndeni wakubo ukuba ahlolwe: uma enempilo, wayephindiselwa kuyise ukuze akhuliswe; uma engenayo, wayephonswa emgodini ojulile wamanzi.”—History of Western Philosophy.

Indluzula nonya, hhayi injabulo, kwaphawula izwe elinjalo elingenamusa. (Qhathanisa nomShumayeli 8:9.) Akungabazeki ukuthi iziphathimandla zaseSparta zaba nomuzwa wokuthi isenzo sazo sifanelekile uma zifuna ukuphumelela, kodwa ukuziphatha kwazo kwakungenalo uzwela nomusa. Indlela yazo yayingeyona indlela kaNkulunkulu. (IHubo 41:1; IzAga 14:21) Ngokuphambene, ababonisi ebandleni lobuKristu bayakhumbula ukuthi zonke izimvu zikaNkulunkulu ziyigugu emehlweni akhe, futhi ngayinye yazo bayenzela okuhle. Abakhathaleli nje ezingu-99 ezinempilo kuphela kodwa bakhathalela neyodwa ebuthakathaka noma ephazamisekile ngokomzwelo.—Mathewu 18:12-14; IzEnzo 20:28; 1 Thesalonika 5:14, 15; 1 Petru 5:7.

Hlala Useduze Nomhlambi

Abadala bahlala beseduze nomhlambi abawunakekelayo. Nokho, ukucwaninga kwanamuhla kwezindlela zokuqhutshwa kwamabhizinisi, kungase kusikisele ukuthi ukuze kube nempumelelo ephelele umphathi noma umbonisi akumelwe abe nobungane kakhulu nalabo abaphethe. Omunye umcwaningi uchaza imiphumela engafani eyatholwa umphathi wombutho wezempi wasemoyeni lapho eseduze noma ekude nalabo abaphethe: “Lapho enobuhlobo obuseduze kakhulu namanxusa [akhe], ayebonakala enomuzwa wokulondeka futhi engakhathazekile kakhulu ngempumelelo yemisebenzi yawo. Lapho eqala ukuzigodla ngokwengeziwe futhi ekhathalela isikhundla sakhe esiphakeme, abaphathi abangaphansi babeqala ukukhathazeka becabanga ukuthi kukhona okungasahambi kahle . . . futhi babonise ukukhathazeka kwabo ngokugxilisa ukunakekela okwengeziwe emsebenzini wabo. Ngenxa yalokhu, impumelelo yayanda ngokuphawulekayo ekamu.”—Understanding Organizations.

Nokho, ibandla lobuKristu, aliyona inhlangano yezempi. Abadala abangamaKristu abaqondisa umsebenzi wabanye balandela isibonelo sikaJesu Kristu. Ngaso sonke isikhathi wayeseduze nabafundi bakhe. (Mathewu 12:49, 50; Johane 13:34, 35) Akazange asebenzise ukukhathazeka kwabo ukuze afinyelele impumelelo eyengeziwe. Wakha izibopho eziqinile zokwethembana phakathi kwakhe nabalandeli bakhe. Izibopho ezisondelene zothando zaphawula abafundi bakhe. (1 Thesalonika 2:7, 8) Lapho kukhona ukusondelana okunjalo, umhlambi ojabulayo, oshukunyiswa ngokuphelele uthando ngoNkulunkulu, uyosabela kahle esiqondisweni ngaphandle kokuphoqelelwa futhi uyokwenza konke okusemandleni awo enkonzweni yokuzithandela eya kuye.—Qhathanisa no-Eksodusi 35:21.

Imibhalo eminingi iqokomisa izimfanelo zobuKristu ezinjengenjabulo nothando lobuzalwane. (Mathewu 5:3-12; 1 Korinte 13:1-13) Imbalwa uma kuqhathaniswa eqokomisa isidingo sempumelelo. Ngokuqinisekile, sikhona isidingo sokuhleleka okuhle. Abantu bakaNkulunkulu bebelokhu behlelekile. Kodwa cabanga, ngokwesibonelo, ukuthi abalobi bamahubo, bazichaza kaningi kangakanani izinceku zikaNkulunkulu njengezijabulayo. IHubo 119, elikhuluma kakhulu ngemithetho kaJehova, izikhumbuzo, nezimiso, liqala ngokuthi: “[Bayajabula] abaqotho endleleni, abahamba ngemithetho kaJehova. [Bayajabula] abagcina ubufakazi bakhe, abamfuna ngenhliziyo yonke.” (IHubo 119:1, 2, NW) Ingabe ungahlangabezana nenselele yakho kokubili ukuhleleka nokujabula?

[Isithombe ekhasini 28]

I-“armillary sphere”—umklamo wakudala wokumelela iziyingi ezinkulu zamazulu

[Isithombe ekhasini 31]

UJehova, njengoMalusi onothando, akayena nje uNkulunkulu wokuhleleka kuphela kodwa futhi ungowenjabulo

[Umthombo]

Garo Nalbandian