Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Basha—Yini Eniyiphishekelayo?

Basha—Yini Eniyiphishekelayo?

Basha—Yini Eniyiphishekelayo?

“Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.”—2 THIMOTHEWU 2:22.

1. Liyini ithemba esinalo ngentsha ephakathi kwethu?

“OFAKAZI BAKAJEHOVA,” kumemezela iphephandaba leSonto Lakwamoya lesiSwidi i-Dagen (Usuku), “bakha iqembu elizuza amalungu amasha amaningi kakhulu minyaka yonke futhi banesixuku esikhulu sentsha.” Mhlawumbe uyingxenye yalesixuku sentsha ehlanzekile, eyesaba uNkulunkulu. Kungenzeka uye wakhuliswa ngendlela yobuKristu kusukela ebuntwaneni, noma mhlawumbe wazizwela ngokwakho isigijimi soMbuso futhi wasabela kuso. Kungakhathaliseki ukuthi yikuphi, siyajabula ukuba nawe phakathi kwethu. Futhi sithemba ukuthi uyophishekela inkambo yokulunga, njengoba kwenza intsha ethembekile engamaKristu ekhulwini lokuqala. Amazwi omphostoli uJohane angase akuchaze ngalendlela: “Ninamandla, izwi likaNkulunkulu lihlala kini, nimnqobile omubi.”—1 Johane 2:14.

2. Yiziphi izici ezingenza ukuphishekela inkambo yokulunga kube nzima phakathi ‘nokuqhuma kwenkanuko yobusha’?

2 Yebo—intsha eningi—engamaKristu namuhla imelana nokucindezela kwezwe. Nokho, ungase uthole ukuthi ukulondoloza inkambo enjalo akulula. Lapho ‘usesekuqhumeni kwenkanuko yobusha,’ ungase uzizwe ucindezelwe yimizwelo emisha nenamandla. (1 Korinte 7:36, NW) Ngesikhathi esifanayo, ungase uzizwe unemithwalo yemfanelo eyandayo esikoleni, ekhaya, nasebandleni. Kukhona ngisho nokucindezela okuvela kuSathane uDeveli ngokwakhe. Njengoba ezimisele ukudukisa abaningi ngangokunokwenzeka, uhlasela labo abangase babonakale bengavikelekile—njengoba nje enza ensimini yase-Edeni. Emuva ngalesosikhathi, akagxilisanga ubuqili bakhe obunxenxayo ku-Adamu osekhulile, onolwazi olwengeziwe, kodwa wabugxilisa kowesifazane osemusha futhi owayengenakho okuhlangenwe nakho uma kuqhathaniswa, u-Eva. (Genesise 3:1-5) Emakhulwini eminyaka kamuva, uSathane wasebenzisa amasu afanayo ebandleni lamaKristu aseKorinte elalisanda kumiswa. Umphostoli uPawulu wathi: “Nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu.”—2 Korinte 11:3.

3, 4. Yimaphi amanye amathuluzi uSathane uDeveli awasebenzisayo ukuze adukise intsha, futhi kube namuphi umphumela?

3 Namuhla, abazali bakho abangamaKristu bangase bakukhathalele ngokufanayo. Akukhona ukuthi bacabanga ukuthi uthambekele ebubini, kodwa bazi kokuhlangenwe nakho ukuthi abantu abasha ngokukhethekile abavikelekile ‘ezenzweni zobuqili’ zikaSathane. (Efesu 6:11, umbhalo waphansi we-NW.) Kunokuba zibonakale zizimbi, izingibe zikaSathane zenzelwe ukuba zibonakale zikhanga, zifiseleka. Ngokuhlakanipha ithelevishini ibonisa izinto ezibonakalayo, ubulili obuyingcaca, ubudlova obusobala, nokukholelwa emimoyeni, njengokuwukuzijabulisa. Izingqondo zentsha zingase zigcwaliswe ngezinto ezingezona neze ‘eziyiqiniso, ezihloniphekayo, ezilungileyo, ezimhlophe, nezithandekayo.’ (Filipi 4:8) Ukucindezela kontanga kungelinye ithuluzi elinamandla likaSathane. Ontanga bangase bakucindezele ngamandla ukuba uvumelane nendlela yabo yokuphila, ukugqoka, nokuzilungisa. (1 Petru 4:3, 4) Umlobeli wephephandaba uWilliam Brown waphawula: “Uma ekhona uNkulunkulu oyedwa ophethe intsha kumelwe kube uNkulunkulu ofuna ukuvumelana . . . Kubantu abasha ukwehluka kontanga kuyinto embi kakhulu ukwedlula nokufa.” Enye intombazane enguFakazi e-Italy yavuma: “Nganginamahloni okutshela engifunda nabo ukuthi ngiwuFakazi. Futhi ngenxa yokuthi ngangazi ukuthi uJehova wayengajabuli ngami, ngangidabukile futhi ngidumele.”

4 Ungakhohliswa—uSathane ufuna ukukuholela enhlekeleleni. Intsha eningi ezweni iyolahlekelwa ukuphila kwayo phakathi nosizi olukhulu ngoba izivumelé ukuba idukiswe. (Hezekeli 9:6) Okuwukuphela kwendlela yokusinda ukuphishekela okulungileyo.

Gwema Abangani Ababi

5, 6. (a) Yiziphi izinselele insizwa uThimothewu eyabhekana nazo lapho ihlala e-Efesu? (b) Yisiphi iseluleko uPawulu asinika uThimothewu?

5 Lokho kwakuwumongo weseluleko umphostoli uPawulu asinikeza insizwa uThimothewu. Iminyaka engaphezu kweyishumi, uThimothewu wayehambe nomphostoli uPawulu ohambweni lwakhe lwezithunywa zevangeli. Ngesikhathi uThimothewu ekhonza emzini wamaqaba wase-Efesu, uPawulu wayesejele laseRoma elindele ukubulawa. Njengoba isikhathi sokufa kwakhe sasisondela, ngokungangabazeki uPawulu wayekhathazeke ngokuthi uThimothewu wayezoqhubeka kanjani. I-Efesu laliwumuzi owawudume ngengcebo yawo, ukuziphatha okubi, nokuzijabulisa okuwohlokile, futhi uThimothewu wayengeke esakuthola ukusekelwa umeluleki wakhe othandekayo.

6 Ngakho-ke uPawulu wabhalela ‘umntanakhe othandekayo’ okulandelayo: “Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo; ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezozinto, uyakuba-yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle. Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo.”—2 Thimothewu 1:2; 2:20-22.

7. (a) Zaziyini ‘izitsha ezingahloniphekile’ uPawulu axwayisa ngazo? (b) Intsha ingawasebenzisa kanjani amazwi kaPawulu namuhla?

7 Ngakho uPawulu waxwayisa uThimothewu ngokuthi ngisho naphakathi kwamaKristu akholwa nawo kwakungenzeka kube ‘nezitsha ezingahloniphekile’—abantu ababengaziphathi ngokufanelekile. Uma-ke ukuzihlanganisa namaKristu athile agcotshiwe kwakungaba yingozi kuThimothewu, yeka ukuthi kungaba okulimaza kakhulu kangakanani namuhla ngosemusha ongumKristu ukuzihlanganisa nabantu bezwe! (1 Korinte 15:33) Lokhu akusho ukuthi kumelwe ube ongenabungani kofunda nabo. Kodwa kufanele uqaphele ukuba ungazihileli kakhulu kubo, ngisho nakuba lokho ngezinye izikhathi kukwenza ubonakale njengonkom’ idla yodwa. Lokhu kungaba nzima kakhulu. Enye intombazane yaseBrazil ithi: “Kunzima. Njalo ngimenywa engifunda nabo ukuba ngiye emadilini nasezindaweni ezingayifanele intsha engamaKristu. Bathi: ‘Ini! Awuyi? Usangene!’”

8, 9. (a) Ukuzihlanganisa, ngisho nabantu bezwe ababonakala bekahle, kungaba kanjani yingozi kumKristu? (b) Ungabatholaphi abangane abahle?

8 Enye intsha yezwe ingase ibonakale ikahle ngoba nje ingabhemi, ingalusebenzisi ulimi olubi, noma ingahlanganyeli ekuziphatheni okubi kobulili. Nokho, uma ingakuphishekeli ukulunga, ukucabanga kwayo okungokwenyama nesimo sayo sengqondo kungase kukuthonye nje kalula. Ngaphandle kwalokho, kungakanani eningaba nesithakazelo kukho nabantu abangakholwa? (2 Korinte 6:14-16) Phela, izindinganiso ezingokomoya eziyigugu kuwe zimane nje ‘ziwubuwula’ kubo! (1 Korinte 2:14) Ingabe ungaba nobungane nabo ngaphandle kokuhlehla ezimisweni zakho?

9 Ngakho gwema abangane abonakalisayo. Linganisela ubungane bakho kumaKristu anomqondo ongokomoya amthanda ngempela uJehova. Qaphela ngisho nentsha enombono ophambene noma egxekayo ebandleni. Njengoba ukhula ngokomoya, cishe uhlobo lwabangane obakhethayo luyoshintsha. Enye intombazane enguFakazi eyeve eshumini elinambili ithi: “Bengilokhu ngizenzela abangane abasha emabandleni ahlukahlukene. Kuye kwangenza ngaqaphela indlela abangane bezwe abangadingekile ngayo.”

Ukubalekela Izifiso Ezingalungile

10, 11. (a) Kusho ukuthini ‘ukubalekela izinkanuko zobusha’? (b) Umuntu ‘angabubalekela kanjani ubufebe’?

10 UPawulu futhi wanxusa uThimothewu ukuba ‘abalekele izinkanuko zobusha.’ Lapho usemusha, isifiso sokufuna ukuthandwa, ukujabula, noma ukwanelisa izinkanuko zobulili singase sibe namandla. Uma zingavinjwa, izinkanuko ezinjalo zingakuholela esonweni. Ngakho-ke uPawulu wathi ubalekele izifiso ezilimazayo—ubaleke njengokungathi ukuphila kwakho kusengozini. *

11 Ngokwesibonelo, inkanuko yobulili iye yaholela intsha eningi engamaKristu ekonakaleni okungokomoya. Ngakho-ke, ngesizathu esihle iBhayibheli lisitshela ukuba ‘sibalekele ubufebe.’ (1 Korinte 6:18) Uma umbhangqwana uqomisana, uphola, ungasisebenzisa lesimiso ngokugwema izimo ezilingayo—njengokuba wodwa endlini noma emotweni epakiwe. Ukuba nombheki ohambisana nani kungase kuzwakale kuyisidala, kodwa kungaba yisivikelo sangempela. Futhi nakuba izindlela ezithile zokubonisa uthando zingase zibe ezifanelekile, kumelwe kubekwe imingcele efanelekile ukuze kugwenywe ukuziphatha okungahlanzekile. (1 Thesalonika 4:7) Ukubalekela ubufebe kungahlanganisa futhi nokugwema amabhayisikobho noma imibukiso ye-TV engase ivuse inkanuko engalungile. (Jakobe 1:14, 15) Uma imicabango engcolile izifikela ngokwayo engqondweni yakho, shintsha indaba engqondweni. Thatha uhambo; funda; yenza imisebenzi ethile yasekhaya. Umthandazo ngokukhethekile uwusizo olukhulu kulokhu.—IHubo 62:8. *

12. Ukufunda kanjani ukuzonda okubi? Bonisa.

12 Okubaluleke kunakho konke, kumelwe ufunde ukuzonda, ukwenyanya, nokunengwa okubi. (IHubo 97:10) Ungakuzonda kanjani lokho okungase kube umdlalo noma kujabulise ekuqaleni? Ngokucabanga ngemiphumela! “Ningaduki; uNkulunkulu akahlekwa. Ngokuba lokho akuhlwanyelayo umuntu, lokho wokuvuna. Ngokuba ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama.” (Galathiya 6:7, 8) Lapho ulingelwa ukuba uvumele inkanuko, cabanga ngalokho okungaba umphumela—indlela lokhu okuyodumaza ngayo uJehova uNkulunkulu. (Qhathanisa neHubo 78:41.) Cabanga futhi ngokukhulelwa okungafunwa noma ukungenwa yisifo, esinjengengculaza. Cabangela ukulimala okungokomzwelo nokulahlekelwa ukuzihlonipha oyobhekana nakho. Kungase futhi kube nemiphumela ehlala isikhathi eside. Omunye wesifazane ongumKristu uyavuma: “Mina nomyeni wami sasibe nobuhlobo bobulili nabanye abantu ngaphambi kokuba sibonane. Nakuba sesingamaKristu sobabili namuhla, ukuphila kwethu kobulili kwesikhathi esidlule kungumthombo wokuxabana nomhawu emshadweni wethu.” Futhi okunye okungamelwe kunganakwa, ukulahlekelwa amalungelo akho angokwasezulwini noma ukuba nokwenzeka kokuxoshwa ebandleni lobuKristu! (1 Korinte 5:9-13) Ingabe noma iyiphi injabulo yesikhashana ilifanele inani eliphakeme kangaka?

Ukuphishekela Ubuhlobo Obuseduze NoJehova

13, 14. (a) Kungani kunganele ukumane nje ubalekele okubi? (b) Umuntu ‘angakuphishekela kanjani ukumazi uJehova’?

13 Nokho, akwanele ukubalekela okubi. UThimothewu wanxuswa futhi ukuba ‘ajonge ukulunga, ukholo, uthando, nokuthula.’ Lokhu kusikisela ukuthatha isinyathelo esiqinile. Umprofethi uHoseya ngokufanayo wanxusa isizwe sakwa-Israyeli esingathembekile: “Wozani sibuyele kuJehova, . . . sijonge ukumazi uJehova.” (Hoseya 6:1-3) Ingabe usuye wakuphishekela lokhu wena? Kuhilela okungaphezu nje kokuba khona emihlanganweni nokuphelezela abazali bakho enkonzweni yasensimini. Owesifazane othile ongumKristu wavuma: “Abazali bami bangikhulisela eqinisweni, futhi ngabhapathizwa ngisemncane. . . . Kwakungavamile ukuba ngingabikho emhlanganweni futhi angikaze ngeqiwe yinyanga enkonzweni yasensimini, kodwa angizange ngibakhe ubuhlobo obuseduze bomuntu siqu noJehova.”

14 Omunye osemusha uyavuma ukuthi naye wahluleka ukufinyelela ekwazini uJehova njengoMngane noBaba, embheka njengoMoya ongaqondakali. Wawela ekuziphatheni okubi futhi waba umama ongashadile lapho eneminyaka engu-18 ubudala. Ungalenzi iphutha elifanayo! “Phishekela ukumazi uJehova,” njengoba kwanxusa uHoseya. Ngomthandazo nangokuhamba noJehova nsuku zonke, ungamenza umngane wakho omethembayo. (Qhathanisa noMika 6:8; Jeremiya 3:4.) “Kakude kulowo nalowo kithi” uma simfuna. (IzEnzo 17:27) Ngakho isimiso sasikhathi sonke sesifundo seBhayibheli somuntu siqu sibalulekile. Inqubo enjalo akudingeki ibe yinkimbinkimbi. Intombazanyana okuthiwa uMelody ithi: “Nsuku zonke ngifunda iBhayibheli imizuzu engaba ngu-15.” Bekela eceleni isikhathi sokufunda umagazini ngamunye INqabayokulinda ne-Phaphama! Lungiselela imihlangano yebandla ukuze ‘uvuse uthando nemisebenzi emihle kwabanye.’—Heberu 10:24, 25.

Nikeza Abazali Bakho Inhliziyo Yakho

15. (a) Kungani ngezinye izikhathi kunzima ukuba umuntu alalele abazali bakhe? (b) Kungani ukulalela ngokuvamile kumzuzisa omusha?

15 Abazali abesaba uNkulunkulu bangaba umthombo wosizo nokusekela kwangempela. Kodwa phawula ingxenye okumelwe uyifeze: “Lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile. Yazisa uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso: ukuze kube-kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni.” (Efesu 6:1-3) Yiqiniso, uyakhula futhi cishe ufuna inkululeko eyengeziwe. Futhi ungase ukuqaphele ngokuqhubekayo ukulinganiselwa kwabazali bakho. Umphostoli uPawulu wavuma: “Obaba bethu benyama babengenza lokho ababecabanga ukuthi kungcono kakhulu kuphela.” (Heberu 12:10, The Jerusalem Bible) Nakuba kunjalo, lapho ucabangela imiphumela, kusengokwenzuzo yakho ukubalalela. Abazali bakho bayakuthanda futhi bakwazi kangcono kunanoma ubani omunye. Nakuba ungase ungavumelani nabo ngazo zonke izikhathi, ngokuvamile bakufisela okungcono kakhulu. Kungani umelana nemizamo yabo yokukukhulisa “ngokuyala nangokuqondisa [kukaJehova]”? (Efesu 6:4) Ngempela, isiwula kuphela ‘esidelela ukulaya kukayise.’ (IzAga 15:5) Omusha ohlakaniphile uyoliqaphela igunya labazali bakhe futhi abonise inhlonipho efanele.—IzAga 1:8.

16. (a) Kungani kungahlakaniphile ngentsha ukuba ifihlele abazali bayo izinkinga? (b) Yini intsha engayenza ukuze ithuthukise ukukhulumisana nabazali bayo?

16 Lokho kuyohlanganisa ukukhuluma iqiniso kubazali bakho, ubatshele uma unezinkinga, njengokungabaza okuphikelelayo ngeqiniso noma ukuwela ekuziphatheni okusolekayo. (Efesu 4:25) Ukufihlela abazali bakho izimo ezinjalo ezikhungathekisayo kudala izinkinga ezengeziwe. (IHubo 26:4) Kuyavunywa, abanye abazali abawenzi umzamo wokukhuluma nezingane. Enye intombazane esentsha yakhononda: “Umama akalokothi ahlale phansi axoxe nami. Anginaso neze isibindi sokusho indlela engizizwa ngayo ngoba ngesaba ukuthi uzongisola.” Uma usesimweni esifanayo, khetha isikhathi esikahle ngokuhlakanipha ukuze wazise abazali bakho indlela ozizwa ngayo. “Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho,” kunxusa izAga 23:26. Zama ukuxoxa nabo njalo ngalokho okukukhathazayo, ngaphambi kokuba kube nezinkinga ezingathi sína.

Qhubeka Uphishekela Ukulunga!

17, 18. Yini eyosiza omusha ukuba aqhubeke ephishekela ukulunga?

17 Ngasekupheleni kwencwadi yakhe yesibili, uPawulu wayala uThimothewu: “Yima kulokho okufundile nowaqiniseka kukho.” (2 Thimothewu 3:14) Kumelwe wenze okufanayo. Ungavumeli noma ubani noma yini ukuba ikuphambukise ekuphishekeleni kwakho ukulunga. Izwe likaSathane—nakho konke ukuyenga kwalo—ligcwele ububi. Ngokushesha lona kanye nabo bonke abayingxenye yalo kuyoqothulwa. (IHubo 92:7) Zimisele ukuba ungabhujiswa kanye nesixuku sikaSathane.

18 Unalenjongo engqondweni, kumelwe njalo uhlole imigomo, izifiso, nezithakazelo zakho. Zibuze, ‘Ingabe nginezindinganiso eziphakeme zenkulumo nokuziphatha lapho abazali bami namalungu ebandla bengangiboni? Hlobo luni lwabangane engibakhethayo? Ingabe ontanga bezwe balawula ukugqoka nokuzilungisa kwami? Yimiphi imigomo engizibekele yona? Ingabe inhliziyo yami isenkonzweni yesikhathi esigcwele—noma isemsebenzini wokuziphilisa kulesimiso sezinto sikaSathane esifayo?’

19, 20. (a) Kungani kungamelwe ukuba omusha azizwe ecindezelekile ngenxa yezimfuneko zikaJehova? (b) Yimaphi amalungiselelo intsha engazivulela kuwo?

19 Mhlawumbe uyasibona isidingo sokwenza ushintsho oluthile ekucabangeni kwakho. (2 Korinte 13:11) Ungazizwa ucindezelekile. Khumbula, uJehova akalindeli okungaphezu kokufanelekile kuwe. Umprofethi uMika wabuza: “UJehova ufunani kuwe, kungabi-ngukwenza ukulunga kuphela nokuthanda umusa, uhambe noNkulunkulu wakho ngokuthobeka, na?” (Mika 6:8) Lokhu ngeke kube nzima kakhulu uma usebenzisa amalungiselelo kaJehova okukusiza. Sondela kubazali bakho. Hlanganyela njalo nebandla lobuKristu. Ngokukhethekile, yenza umzamo wokwazi abadala bebandla. Bayayikhathalela inhlalakahle yakho futhi bangaba umthombo wokusekela nenduduzo. (Isaya 32:2) Ngaphezu kwakho konke, hlakulela ubuhlobo obuseduze, obufudumele noJehova uNkulunkulu. Uyokunikeza amandla nesifiso sokuphishekela okulungile!

20 Nokho, enye intsha ikhinyabeza amandla ayo okukhula ngokomoya ngokulalela umculo owonakalisayo. Isihloko esilandelayo sizogxila ngokukhethekile kulendaba.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 10 Igama lesiGreki elisho “ukubaleka” liyasetshenziswa futhi kuMathewu 2:13, lapho uMariya noJosefa betshelwa ukuba ‘babalekele eGibithe’ ukuze babalekele uzungu lukaHerode lokubulala.—Qhathanisa noMathewu 10:23.

^ par. 11 Uyothola ukusikisela okuningi okuwusizo ngokuphathelene nokulawula inkanuko yobulili esahlukweni 26 sencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, enyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.

Ingabe Uyakhumbula?

□ Kungani intsha ngokukhethekile ingavikelekile ‘ezenzweni zobuqili’ zikaSathane?

□ Kungani ukuzihlanganisa eduze nentsha yezwe kuyingozi?

□ Ungakubalekela kanjani ukuziphatha okubi kobulili?

□ Ungabuphishekela kanjani ubuhlobo obuseduze noJehova?

□ Kungani kubalulekile ukukhulumisana nabazali bakho?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 16]

Imibhangqwana eqomisanayo ngokuhlakanipha ifundana ezindaweni, njengalapho kushibilikwa khona eqhweni, ezingayehlukanisi nabanye abantu