Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Gwema Umculo Owonakalisayo!

Gwema Umculo Owonakalisayo!

Gwema Umculo Owonakalisayo!

“Bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi-njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.”—EFESU 5:15, 16.

1. Kungani kungase kuthiwe umculo “uyisipho saphezulu”?

“UMCULO . . . uyisipho saphezulu.” Wabhala kanjalo uLulu Rumsey Wiley encwadini yakhe ethi Bible Music. Kusukela ezikhathini zasendulo, amadoda nabesifazane abesaba uNkulunkulu baye bakuqaphela lokhu. Ngomculo, umuntu uye wazwakalisa imizwa yakhe ejule kakhulu—injabulo, usizi, intukuthelo, nothando. Ngakho umculo wafeza indima ebalulekile ngezikhathi zeBhayibheli, njengoba kukhulunywa ngawo kuyo yonke leyoncwadi engcwele.—Genesise 4:21; IsAmbulo 18:22.

2. Umculo wawusetshenziswa kanjani ekudumiseni uJehova ezikhathini zeBhayibheli?

2 Umculo uye wasetshenziswa ngokuyigugu ekukhulekeleni uJehova. Amanye amazwi okudumisa uJehova uNkulunkulu ake ashiwo enziwa umculo. Umhubi uDavide wabhala: “Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu.” (IHubo 69:30) Umculo wawusetshenziswa njengokuthile okuhambisana nokuzindla ngomthandazo lapho umuntu ehlezi yedwa. “Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu, ngizindla enhliziyweni yami; nomoya wami uyahlolisisa,” kubhala u-Asafa. (IHubo 77:6) Ethempelini likaJehova, umculo wawuhleleke ngezinga eliphakeme. (1 IziKronike 23:1-5; 2 IziKronike 29:25, 26) Ngezinye izikhathi, kwakuhlelwa amaqembu amakhulu omculo, njengalapho kunikezelwa ithempeli, lapho kwakucula ababetha amacilongo abangu-120. (2 IziKronike 5:12, 13) Awukho umbhalo obonisa indlela lomculo wezinga eliphakeme owawuzwakala ngayo, kodwa incwadi ethi The Music of the Bible iyaphawula: “Ngeke kube nzima ukwakha umbono wethonya elivamile lomculo waseThempelini lapho kunezenzakalo ezingokwenkolo . . . Uma omunye wethu manje ubengase athathwe abekwe phakathi nenkundla enjalo, umuzwa wokwesaba okhungathekisayo ubungenakugwenywa.” *

Ukusetshenziswa Kabi Komculo

3, 4. Kungayiphi indlela isipho somculo sasetshenziswa kabi abantu bakaNkulunkulu nomakhelwane babo abangamaqaba?

3 Nokho, umculo wawungasetshenziswa neze ngendlela ephakeme kanjalo ngazo zonke izikhathi. ENtabeni yaseSinayi, umculo wasetshenziswa ukuze kukhuthazwe ukukhulekela isithombe sethole legolide. (Eksodusi 32:18) Futhi ngezinye izikhathi umculo wawuhlanganiswa nokuziphatha kobudakwa ngisho nobufebe. (IHubo 69:12; Isaya 23:15) Omakhelwane bama-Israyeli abangamaqaba nabo ngokufanayo babenecala lokusisebenzisa kabi lesisipho saphezulu. I-Interpreter’s Dictionary of the Bible ithi: “EFenike naseSiriya cishe yonke imiculo ethandwayo yayibonisa ukukhulekelwa kuka-Ishtar, unkulunkulukazi wenzalo. Ngaleyondlela, ingoma ethandwayo ngokuvamile yayandulela imicimbi yezidakwa yobulili.” AmaGreki asendulo ngokufanayo ayesebenzisa umculo ukuze uhambisane “nemidanso evusa inkanuko yobulili” ethandwayo.

4 Yebo, umculo unamandla okushukumisa, ukujabulisa, nokuthonya. Emashumini eminyaka adlule, incwadi kaJohn Stainer ethi The Music of the Bible yaze yathi: “Alikho ikhono namuhla elinethonya elinamandla kangaka ohlangeni lwesintu njengekhono loMculo.” Umculo uyaqhubeka unethonya elinamandla nanamuhla. Ngakho, uhlobo olungalungile lomculo lungabangela ingozi yangempela entsheni eyesaba uNkulunkulu.

Isidingo Sokuqapha

5. (a) Inkulu kangakanani indima umculo onayo ekuphileni kwabaningi abeve eshumini elinambili? (b) Uyini umbono kaNkulunkulu ngokuzijabulisa kwabantu abasha?

5 Uma ungumuntu osemusha, khona-ke wazi kahle ukuthi ubaluleke kangakanani umculo—ikakhulukazi izinhlobo ezihlukahlukene zomculo we-pop noma we-rock—kubantu abaningi abangontanga yakho. Umculo uye wabizwa ngisho nangokuthi “uyingxenye ebalulekile enqubweni yokukhula yabeve eshumini elinambili.” Kulinganiselwa ukuthi eminyakeni yakhe yesikole eyisithupha yokugcina, umuntu omusha ovamile e-United States uyolalela umculo we-rock amahora angaphezu kwamane ngosuku! Lokho ngokuqinisekile kubonisa ukuntula ukulinganisela. Akukhona ukuthi kukhona okungalungile ekujabuleleni okuthile okukwenza uzizwe ukahle noma ujabulile. Ngokuqinisekile uJehova, uMdali womculo ojabulisayo, akalindele ukuba intsha idumazeke futhi ibe lusizi. Eqinisweni, uyala abantu bakhe: “Jabulani kuJehova, nethabe nina-balungileyo, nethabe nina nonke-baqotho ngenhliziyo.” (IHubo 32:11) IZwi lakhe lithi kwabasha: “Thokoza, nsizwa, ebusheni bakho, inhliziyo yakho ikuphe ukwenama emihleni yobunsizwa bakho.”—UmShumayeli 11:9.

6. (a) Kungani intsha kudingeka iqaphele ekukhetheni kwayo umculo? (b) Kungani umculo omningi namuhla ungathandeki kunomculo wezizukulwane ezidlule?

6 Nakuba kunjalo, kunesizathu esihle sokuba uqaphele ekukhetheni kwakho umculo. Umphostoli uPawulu wathi kwabase-Efesu 5:15, 16: “Bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi-njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi.” Enye intsha ingase iphikise, njengoba kwenza enye intombazane esentsha: “Abazali bethu babelalela umculo abawuthandayo lapho besebasha. Kungani thina singenakuwulalela owethu?” Kungenzeka ukuthi omunye womculo abazali bakho abawujabulela lapho bengangawe nawo wawunezawo izici ezingathandeki. Lapho lihlolisiswa kahle, iningi lomculo othandwayo litholakala linamazwi amaningi ngokumangalisayo abhekisela ebulilini nezinkulumo ezisithekile ezibhekisela ekuziphatheni okubi. Kodwa lokho okwakuvame ukusikiselwa nje kuphela, namuhla kuchazwa ngokucacile. Omunye umlobi uyaphawula: “Abantwana namuhla bahlaselwa ngezigijimi ezicacile ngezinga elingakaze libonwe emasikweni ethu.”

Umculo We-rap—Umculo Wokuvukela

7, 8. (a) Uyini umculo we-rap, futhi yini ebangela ukuba uthandwe? (b) Yini engase ibonise umuntu njengolandela indlela yokuphila ye-rap?

7 Ngokwesibonelo, cabangela imfashini yamuva yomculo we-rap. Ngokukamagazini i-Time, i-rap isiye yaba “isigqi sokuvukela esamukelekayo, sembulunga yonke” futhi ithandwa kakhulu eBrazil, eYurophu, eJapane, eRussia, nase-United States. Njengoba ngokuvamile ungaculwa nhlobo, amagama awo ayakhulunywa, awaculwa, ahambisane nesigqi esinamandla. Ngakho, yilesosigqi esishukumisayo esibonakala siyisici esiyinhloko sokuphumelela okukhulu kokuthengiswa komculo we-rap. “Lapho ngilalela umculo we-rap,” kusho omunye osemusha waseJapane, “ngizizwa ngijabula, futhi lapho ngidansa, ngizizwa ngikhululekile.”

8 Amagama omculo we-rap—ngokuvamile ayinhlanganisela enokhahlo yenhlamba nolimi lwasemgwaqweni—abonakala engesinye sezizathu zokuthandwa kwe-rap. Ngokungafani namagama omculo we-rock ophathelene namasiko emvelo, iningi lawo eligxila endabeni yokuthandana kwentsha, amagama e-rap ngokuvamile anesigijimi esibi ngokwengeziwe. Omunye umculo we-rap ugxeka ukungabi nabulungisa, ubuhlanga, nonya lwamaphoyisa. Nokho, ngezinye izikhathi ukuphindaphindwa kwamagama afanayo kushiwo ngolimi olungcole kakhulu, nolwethusayo ongalucabanga. I-rap futhi ibonakala isekela ukuhlubuka ezindinganisweni zokugqoka, ukuzilungisa, nokuziphatha okuhle kobulili. Akumangalisi ukuthi i-rap isiye yazenza yamukeleka njengendlela yokuphila. Abalandeli bayo babonakala ngokunyakaza kwabo komzimba kokubukisa, ulimi lwasemgwaqweni, nezambatho—obhogadi abaxegayo, amateki afika emaqakaleni angaboshiwe, imigexo yegolide, amakepisi e-baseball, nezibuko ezimnyama.

9, 10. (a) Yiziphi izici intsha okufanele izicabangele ekuhloleni ukuthi umculo we-rap nendlela yawo yokuphila ‘kuyamukeleka yini eNkosini’? (b) Yini enye intsha engamaKristu okubonakala iyithatha kalula?

9 Kweyabase-Efesu 5:10, amaKristu atshelwa ukuba ‘ahlole ukuthi kuyini [okwamukeleka, NW] eNkosini.’ Lapho ucabangela idumela umculo we-rap oye wazenzela lona, ingabe ucabanga ukuthi ‘kuyokwamukeleka eNkosini’ ukuba uhileleke kuwo? Ingabe umKristu osemusha uyofuna ukuhlanganiswa nendlela yokuphila ebhekwa njengengamukeleki ngisho nakubantu abaningi bezwe? Phawula indlela omunye umbukezi wezincwadi achaza ngayo ikhonsathi lomculo we-rap: “Abaculi be-rap babencintisana ngokuba ngowethusa kunabo bonke ngenhlamba nangamagama obulili acacile. . . . Abadansi besilisa nabesifazane babelingisa izenzo zobulili esiteji.” Ngokuphathelene nesenzo esithile esiphawulekayo, omunye wabagqugquzeli bekhonsathi wathi: “Cishe igama ngalinye eliphuma emlonyeni wabo (liyinhlamba).”

10 Nakuba kunjalo, umculo owadlalwa ngalobobusuku kwakuwumculo ovamile we-rap. Umqondisi wehholo lekhonsathi wathi: “Lokho okuzwayo umculo ovamile we-rap—ofanayo nalowo intsha ewuthenga ezitolo.” Yeka ukuthi kudabukisa kanjani ukubika ukuthi phakathi kwentsha engu-4 000 nangaphezulu eyayikhona kulelokhonsathi kwakunenye eyayithi ingoFakazi BakaJehova! Abanye ngokusobala baye balithatha kalula iqiniso lokuthi uSathane ‘ungumbusi wamandla omkhathi.’ Ubusa ‘umoya [noma, isimo sengqondo esibusayo] osasebenza kubantwana bokungalaleli.’ (Efesu 2:2) Ubuyobe ukhonza izithakazelo zikabani uma uzihilela emculweni we-rap noma indlela ye-rap yokuphila? Kuyavunywa, kweminye imiculo ye-rap kungase kwamukeleke lokho ekuqukethe. Kodwa ingabe kunengqondo ukuhlakulela uthando ngohlobo lomculo ngokuyinhloko olungazihloniphi izindinganiso zobuKristu?

Umculo Onesigqi Esinamandla —Ubulili, Ubudlova, NobuSathane

11, 12. Uyini umculo onesigqi esinamandla, futhi yiziphi izici ezingathandeki ezikhona kuwo?

11 Olunye uhlobo lomculo othandwayo umculo onesigqi esinamandla. Lomculo onesigqi esinamandla ungaphezu komculo we-rock odlalwa ngesigqi esinamandla kakhulu nokhalela phezulu. Umbiko okuyi-Journal of the American Medical Association uthi: “Umculo onesigqi esinamandla . . . udlala isigqi esigqumayo esikhalela phezulu futhi ugcwele amagama adumisa inzondo, ukuhlukumeza, ukuziphatha kobulili okungavamile, kanye nenkolo yobusathane ngezinye izikhathi.” Phela, amagama nje ewodwa awamanye amaqembu omculo athandwa kakhulu afakazela ukonakala kwaloluhlobo lwe-rock. Ahlanganisa amagama anjengathi “ushevu,” “izibhamu,” nelithi “ukufa.” Nokho, umculo onesigqi esinamandla ubonakala uthambile uma uqhathaniswa nomculo obizwa ngokuthi i-thrash metal ne-death metal—izinhlobo eziseceleni zomculo ezivela emculweni onesigqi esinamandla. Amagama alamaqembu omculo asebenzisa amagama anjengokuthi “izimuzimu” nathi “umbiko wokufa komuntu.” Intsha emazweni amaningi ingase ingaqapheli ukuthi lamagama anyanyeka kanjani ngoba eyisiNgisi noma ewulimi engalwazi.

12 Umculo onesigqi esinamandla ngokuphindaphindiwe uye wahlanganiswa nokuzibulala kwentsha, ukucindezeleka, nokusetshenziswa kwezidakamizwa. Ukuhlangana kwawo nokuziphatha kobudlova kwabangela ukuba omunye umeluleki wasemsakazweni awubize ngokuthi “umculo ongabulala ngawo abazali bakho.” Uhlangene nenkolo yobusathane okuyinto esabisa abazali abaningi—nezikhulu zamaphoyisa. Omunye umhloli wathi enye intsha eyayihileleke ekukhulekeleni kobusathane yaqala ukwenza imilingo ngenxa yomculo. Uphetha ngokuthi, “ayazi ukuthi kuyiholelaphi.”

13. Iyini ingozi yokuhileleka emculweni onesigqi esinamandla?

13 Nokho, intsha engamaKristu akufanele ‘ingawazi amacebo [kaSathane].’ (2 Korinte 2:11) Phela, ‘sibambene nomoya bobubi emkhathini.’ (Efesu 6:12) Yeka indlela obekungaba ubuwula ngayo, ukuba umuntu azimemele amademoni ekuphileni kwakhe ngohlobo lomculo awukhethayo! (1 Korinte 10:20, 21) Nokho, intsha eningi engamaKristu ibonakala iwuthanda kakhulu lomculo. Enye ize yaphendukela ngisho nasezindleleni eziyimfihlo zokwanelisa uthando lwayo lomculo. Enye intombazane esentsha iyavuma: “Ngangivame ukulalela umculo onesigqi esinamandla, ngezinye izikhathi cishe ubusuku bonke. Ngangithenga omagazini [babalandeli] bomculo onesigqi esinamandla futhi ngibafihlele abazali bami ngibafake emabhokisini ezicathulo. Ngangiqamba amanga kubazali bami. Ngiyazi ukuthi uJehova wayengajabuli ngami.” Lentombazanyana yakushintsha ukucabanga kwayo ngemva kokufunda isihloko esikumagazini i-Phaphama! Ngabangaki abanye abasha okungenzeka basabanjwe ugibe lomculo onjalo?

Ukuvuna Lokho Okuhlwanyelayo

14, 15. Kungani singaqiniseka ukuthi ukulalela umculo owonakalisayo kungaba nethonya elibi? Bonisa.

14 Ungayibukeli phansi ingozi umculo onjalo ongayiletha. Yiqiniso, ungase ungathambekeli ekubulaleni othile noma ekuziphatheni kabi ngokobulili ngenxa nje yokuthi uye walalela ingoma ethile. Nakuba kunjalo, eyabaseGalathiya 6:8 ithi: “Ohlwanyelela inyama yakhe uyakuvuna ukubhubha kuyo inyama.” Ukulalela umculo wezwe, onobulwane, ngisho nowobudemoni kungaba nje nethonya elibi kuwe. (Qhathanisa noJakobe 3:15.) Uprofesa womculo uJoseph Stuessy ucashunwa ethi: “Noma yiluphi uhlobo lomculo luthonya izimo zethu zengqondo, imizwelo nokuziphatha kwethu okuba umphumela . . . Noma ubani othi, ‘Ngilalela umculo onesigqi esinamandla, kodwa awungithonyi,’ umane nje wenza iphutha. Uthonya nje kalula abantu abahlukahlukene ngamazinga ahlukahlukene nangezindlela ezihlukahlukene.”

15 Omunye umKristu osemusha uyavuma: “Ngahileleka kabi emculweni we-thrash metal kangangokuba bonke ubuntu bami bashintsha.” Ngokushesha waqala ukuba nezinkinga zamademoni. “Ekugcineni ngawalahla ama-albhamu ami futhi ngakhululeka emademonini.” Omunye omusha uyavuma: “Umculo engangivame ukuwulalela wawuphathelene nemimoya, izidakamizwa, noma ubulili. Intsha eningi ithi awuyithonyi, kodwa eqinisweni uyayithonya. Cishe ngase ngilishiyile iqiniso.” Isaga siyabuza: “Umuntu angaphatha umlilo esifubeni sakhe, izingubo zakhe zingashi, na?”—IzAga 6:27.

Hlala Uqaphile

16. Yini engase ishiwo ngababhali nabadlali bomculo omningi wanamuhla?

16 UPawulu wabhalela amaKristu ase-Efesu lasendulo: “Ngakho ngisho‚ ngifakaza eNkosini‚ ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo behlelwe emqondweni‚ behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo.” (Efesu 4:17, 18) Ingabe lokhu bekungeke kushiwo ngababhali nabadlali bomculo omningi wanamuhla? Kunanini ngaphambili, umculo wazo zonke izinhlobo ubonisa ithonya ‘likankulunkulu walelizwe,’ uSathane uDeveli.—2 Korinte 4:4.

17. Intsha ingawahlulela, noma iwuhlole, kanjani umculo?

17 Ngokuphathelene ‘nezinsuku zokugcina,’ iBhayibheli labikezela: “Abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini.” (2 Thimothewu 3:1, 13) Khona-ke, kunanini ngaphambili, kudingeka uqaphelisise umculo owukhethayo. Ngokuvamile, isihloko esibi siyokwenza i-albhamu ingafaneleki. UJobe 12:11 uyabuza: “Indlebe ayivivinyi yini amazwi, njengolwanga lunambitha ukudla, na?” Ngenjongo efanayo, ungahlola umculo ngokulalela isampula lawo ngendlela yokuthola amaphutha. Hlobo luni lwemizwa indlela ohlatshelelwa ngayo oyivusayo kuwe? Ingabe ukhuthaza ukuziphatha kobulwane, okuwohlokile—umoya wokuzitika okunokuxokozela? (Galathiya 5:19-21) Kuthiwani ngamagama? Ingabe akhuthaza ukuziphatha okubi kobulili, ukusebenzisa izidakamizwa, noma okunye okungalungile ‘okuyihlazo nokukhuluma ngakho’? (Efesu 5:12) IBhayibheli lithi izinto ezinjalo ‘akumelwe ziphathwe nangegama’ phakathi kwabantu bakaNkulunkulu, ingasaphathwa eyokuba khona kwazo esigqini somculo futhi ziphindaphindwe kaningi. (Efesu 5:3) Kuthiwani ngendlela isembozo se-albhamu esiklanywe ngayo? Ingabe siqukethe izihloko eziphathelene nemimoya noma imifanekiso evusa inkanuko yobulili?

18. (a) Yiziphi izinguquko okungadingeka enye intsha izenze lapho kuziwa emculweni? (b) Intsha ingaluhlakulela kanjani uthando lomculo omuhle ngokwengeziwe?

18 Mhlawumbe kudingeka wenze ushintsho ohlotsheni lomculo owukhethayo. Uma unamarekhodi, amakhasethi, nama-compact disc anezihloko zokuziphatha okubi nobudemoni, kufanele uwalahle ngokushesha. (Qhathanisa nezEnzo 19:19.) Lokhu akusho ukuthi ngeke uwujabulele umculo; akuwona wonke umculo odumile ongathandeki. Enye intsha ngokufanayo iye yafunda ukwandisa umculo ewuthandayo futhi manje ijabulela umculo othile we-classic, i-folk, i-jazz epholile, nezinye izinhlobo zomculo. Amakhasethi i-Kingdom Melodies aye asiza intsha eningi ukuba yakhe uthando lokuthuthukisa umculo we-orchestra.

19. Kungani kubalulekile ukugcina umculo usendaweni yawo?

19 Umculo uyisipho saphezulu. Nokho, kwabaningi uyinto yokuzilibazisa engenampilo. Laba banjengama-Israyeli asendulo ayejabulela ukudlala ‘ugubhu, isigubhu negenkle kepha [engayinakekeli] imisebenzi kaJehova, nezenzo zezandla zakhe engaziboni.’ (Isaya 5:12) Kwenze umgomo wakho ukugcina umculo usendaweni yawo futhi ukhathalele ngokuyinhloko umsebenzi kaJehova. Yiba ngokhethayo noqaphelayo emculweni owukhethayo. Kanjalo uyokwazi ukusisebenzisa kahle—hhayi kabi—lesisipho saphezulu.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 2 Ngokusobala isizwe sakwa-Israyeli sasiphuma phambili ekhonweni lomculo. Umfanekiso wetshe oqoshiwe wase-Asiriya wembula ukuthi iNkosi uSaneheribi yafuna ngenkani abaculi abangama-Israyeli njengenkokhelo evela eNkosini uHezekiya. I-Grove’s Dictionary of Music and Musicians iyaphawula: “Ukufuna ngenkani abaculi njengenkokhelo . . . kwakungavamile ngempela.”

Ingabe Uyakhumbula?

□ Kungani kungase kuthiwe umculo uyisipho saphezulu?

□ Kukanjani umculo wasetshenziswa kabi ezikhathini zasendulo?

□ Yiziphi izingozi umculo we-rap nonesigqi esinamandla ozilethela intsha engamaKristu?

□ Intsha engamaKristu ingakubonisa kanjani ukuqapha ekukhetheni kwayo umculo?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 23]

Ezikhathini zeBhayibheli, umculo ngokuvamile wawusetshenziswa njengendlela yokudumisa uJehova